Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AmaHholo OMbuso Avulekele Wonke Umuntu

AmaHholo OMbuso Avulekele Wonke Umuntu

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

AmaHholo OMbuso Avulekele Wonke Umuntu

LAPHO eqeqeshela abafundi bakhe inkonzo yasobala, uJesu Kristu wabakhuthaza ukuba ‘bashumayele phezu kwezindlu.’ (Mathewu 10:27) Yebo, kwakufanele bayenze obala inkonzo yabo yobuKristu, babonwe yiwo wonke umuntu. Belalela isimiso salesi seluleko, noFakazi BakaJehova bawenza obala umsebenzi wabo. Lokhu kufakaza obala kuye kwenza oFakazi bakwazi ukunqoba ukuphikiswa futhi bazuza ukuqashelwa kahle.

Nakuba imihlangano yebandla yoFakazi BakaJehova ivulekele wonke umuntu, imibono enganembile yenza abanye abantu babe madolo-nzima ukuya eHholo LoMbuso. Kunjalo eFinland. Abanye bamane nje abankamunkamu ngokuya ezindaweni abangazazi. Lapho kwakhiwa iHholo LoMbuso elisha noma kulungiswa elikhona kakade, ngokuvamile kwenziwa umzamo okhethekile wokumema umphakathi ukuba uzobona iHholo LoMbuso futhi uwazi kangcono umsebenzi woFakazi BakaJehova.

Kwenye indawo, oFakazi bahlela ukuba nomkhankaso wokuhambisa umagazini ngelanga abameme ngalo umphakathi ukuba uzobona iHholo labo LoMbuso elisha. OFakazi ababili bahlangana nendoda esikhulile eyathi yayikujabulela ukufunda INqabayokulinda ne-Phaphama! Abazalwane bayitshela ngalesi simemo base bethi bangayiyisa eHholo LoMbuso. Yathi ingakujabulela lokho. Umkayo, owayelalele, wathi, “Nami ngizohamba nawe!”

Lapho bengena eHholo LoMbuso, indoda yaqalaza yonke indawo yabe isithi: “Akumnyama neze. Kanti kuhle futhi kuyakhanya. Ngatshelwa ukuthi iHholo LoMbuso limnyama!” Lo mbhangqwana wahlala isikhashana wawusucela ezinye zezincwadi okwakukhangiswe ngazo.

Elinye ibandla lafuna ukusikhipha ephephandabeni lendawo isimemezelo sokubonwa kweHholo lalo LoMbuso ngosuku elinikezelwa ngalo. Lapho umhleli omkhulu ebikelwa ngalesi senzakalo, wasikisela ukuba kubhalwe isihloko ngale ndaba. Abazalwane bavuma. Ngemva kwesikhashana, kwaphuma ephephandabeni isihloko esiyisigamu sekhasi esibakhulumela kahle, silandisa ngalesi senzakalo nangemisebenzi yalelo bandla loFakazi BakaJehova.

Ngemva kokuba leso sihloko sikhishiwe, uFakazi osekhulile wahlangana nomakhelwane owathi: “Bekunesihloko esihle esikhuluma ngoFakazi BakaJehova ephepheni namuhla!” Udade wakwazi ukunikeza ubufakazi futhi kamuva wamhambisela incwajana ethi OFakazi BakaJehova Ekhulwini Lamashumi Amabili.

Ngaphandle kokulungisa eminye imibono eyiphutha ngoFakazi BakaJehova, amalungiselelo anjengokubonwa kwamaHholo OMbuso amasha nezinhlelo zokunikezelwa kwawo aye akhuthaza abamemezeli ukuba bamemele abantu abengeziwe emihlanganweni. Yebo, emazweni amaningi, kuhlanganise neFinland, abantu baye bafunda ukuthi amaHholo OMbuso oFakazi BakaJehova avulekele wonke umuntu.