Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe akulungile ukugembula ngisho noma kuhilela imadlana encane?

IZwi likaNkulunkulu aliningilizi ngokugembula, kodwa elikushoyo kwenza kucace ukuthi zonke izinhlobo zokugembula ziyangqubuzana nezimiso zeBhayibheli. * Ngokwesibonelo, abantu abaningi bayavuma ukuthi ukugembula kubangela ukuhaha. Lelo qiniso lilodwa, liyinto eyinhloko amaKristu ayicabangelayo, ngoba iBhayibheli lithi “abantu abahahayo” ngeke balidle ifa lombuso kaNkulunkulu, futhi libopha ukukhanuka ngabhande linye nokukhonza izithombe.—1 Korinte 6:9, 10; Kolose 3:5.

Ukugembula futhi kubangela ukuzazisa nomoya omubi wokuncintisana, isifiso esinamandla sokuwina. Umphostoli uPawulu waxwayisa ngezinto ezinjalo lapho ebhala ethi: “Masingabi abazazisayo, sibhebhezela ukuncintisana, sifelana umona.” (Galathiya 5:26) Futhi kwabanye, ukugembula kukhuthaza ukuthembela enhlanhleni, okuyinkolelo-ze. Abagembuli bakholelwa kuzo zonke izinhlobo zezinkolelo-ze, bese benza ngokuvumelana nazo ngethemba lokuthi bazothola inhlanhla. Basikhumbuza ama-Israyeli angathembekile ‘ayehlelela iNhlanhla itafula, egcwalisa isiMiselo iwayini elixutshanisiweyo.’—Isaya 65:11.

Abanye bangase bathi ukubheja ngemadlana encane nje emdlalweni wamaphepha noma umlabalaba nezihlobo noma abangane abaseduze kuwukuzilibazisa okungenacala. Yiqiniso, umuntu ogembula ngemali encane angase angazibheki njengohahayo, ozazisayo, oncintisanayo noma okholelwa ezeni. Noma kunjalo, iliphi ithonya okungaba nalo kulabo agembula nabo? Abaningi abayimilutha yokugembula baqala ngokubheja ngezimali ezincane bethi ‘bayazilibazisa.’ (Luka 16:10) Esimweni sabo, ukuzijabulisa okwakubonakala kungenasici kwaphenduka into embi kakhulu.

Lokho kunjalo ikakhulukazi ezinganeni. Izingane eziningi ziye zanambitha injabulo yokuwina imali encane zase ziyengekela ekufuneni ethé xaxa. (1 Thimothewu 6:10) Imiphumela yokuhlola okwenziwa isikhathi eside eyanyatheliswa e-United States yi-Arizona Council on Compulsive Gambling iqinisekisa ukuthi abaningi abayimilutha yokugembula baqala besebancane kakhulu “ngokubheja ngemali encane emidlalweni yokuqhudelana noma lapho bedlala amaphepha nabangane noma izihlobo.” Omunye umbiko uthi “ngokuvamile izingane ziqala ukugembula ekhaya lapho kudlalwa amaphepha nomkhaya nabangane.” Lo mbiko unezela ngokuthi “amaphesenti angamashumi amathathu ezingane ezigembulayo aqala engakabi neminyaka eyishumi nanye.” Ngokokuhlola okubizwa ngokuthi Why Do People Gamble Too Much—Pathological and Problem Gambling, intsha eningi egembulayo ithola imali yokwenza lo mkhuba wayo ngobugebengu noma ngokuziphatha kabi. Yeka umphumela odabukisayo walokho ekuqaleni obekubonakala kungenangozi!

Njengoba siphila ezweni kakade elinezingibe nezilingo eziningi, kungani sizichaya kwezinye ngokungadingekile? (IzAga 27:12) Ukugembula—zikhona noma zingekho izingane, ngemali encane noma enkulu—kubeka ingokomoya engozini futhi kufanele kugwenywe. AmaKristu athanda ukudlala umlabalaba noma amaphepha njengendlela yokuzilibazisa kungaba ukuhlakanipha ukumane ayibhale phansi imiphumela noma angayibhali, azidlalele-nje. AmaKristu ahlakaniphile alikhathalelayo ingokomoya lawo, elabangane nelemikhaya yawo ayawugwema umkhuba wokugembula—ngisho nangemali encane.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 3 I-World Book Encyclopedia ichaza ukugembula ngokuthi “ukubhejela umphumela womdlalo, isenzakalo, noma okuthile okwenzeka ngenhlanhla.” Ithi futhi “ngokuvamile abagembuli noma abadlali babheja ngemali . . . emidlalweni yenhlanhla njengama-Lotto, imidlalo yamaphepha namadayisi.”