Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kunzima Kangaka Ukuxolisa?

Kungani Kunzima Kangaka Ukuxolisa?

Kungani Kunzima Kangaka Ukuxolisa?

NGO-JULY 2000, iSishaya-mthetho Sesifundazwe SaseCalifornia e-United States sagunyaza umthetho-sivivinywa ohloselwe ukukhulula umuntu ecaleni uma ebonisa ukuzwelana nomuntu olimale engozini naye abehileleke kuyo. Kungani kwakhishwa umthetho onjalo? Kwaphawulwa ukuthi lapho ingozi ibangela ukulimala noma umonakalo, ngokuvamile abantu bayanqikaza ukuxolisa funa enkantolo kuthathwe ngokuthi bayalivuma icala. Kanti labo abanomuzwa wokuthi kufanele kuxoliswe kubo ngokushesha bangase bathukuthele, bese ingozi engatheni iphenduka impikiswano enkulu.

Yiqiniso, akudingekile ukuxolisa ngengozi engelona iphutha lakho. Futhi zingaba khona izikhathi lapho kuwukuhlakanipha ukubala amazwi akho. Isaga sasendulo sithi: “Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.” (IzAga 10:19; 27:12) Noma kunjalo, usengaba nomusa futhi ube usizo.

Kodwa akulona yini iqiniso ukuthi abantu abaningi sebayeka ukuxolisa, ngisho noma kungezukuyiswana enkantolo? Ekhaya unkosikazi angase akhalaze, ‘Umyeni wami akalokothi nje axolise.’ Emsebenzini induna ingase ikhononde, ‘Abantu engisebenza nabo abawavumi amaphutha abo, akuyona into yabo ukuxolisa.’ Uthisha esikoleni angase abike, ‘Izingane azifundisiwe ukuba zithi ngicela uxolo.’

Esinye isizathu esingenza umuntu abe madolo-nzima ukuxolisa kungaba ukwesaba ukungamukelwa. Angase angayivezi indlela azizwa ngayo ngempela ngoba ekhathazwa ukucabanga ukuthi angase anganakwa. Eqinisweni umuntu ophathwe kabi angase amgweme ngokuphelele lowo omonile, enze ukubuyisana kube nzima kakhulu.

Ukungayikhathaleli imizwa yabanye abantu kungaba esinye isizathu esenza abanye banqikaze ukuxolisa. Bangase bathi, ‘Ukuxolisa ngeke kuwulungise umonakalo engiwenzile.’ Kanti abanye bayanqikaza ukuxolisa ngenxa yalokho okungase kulandele. Bayazibuza, ‘Ngeke yini kuthiwe nginecala bese ngihlawuliswa?’ Nokho, isithiyo esikhulu ekuvumeni iphutha ukuzazisa. Umuntu ozazisa kakhulu ukuba athi “Ngiyaxolisa” angase empeleni azitshele ukuthi, ‘Angifuni ukuzehlisa ngokuvuma iphutha lami. Lokho kuzongenza ngideleleke.’

Ngezizathu ezihlukahlukene, abaningi bakuthola kunzima ukusho ukuthi bayaxolisa. Kodwa kuyadingeka ngempela yini ukuxolisa? Kuzuzisa ngani ukuxolisa?

[Isithombe ekhasini 3]

“Izingane azifundisiwe ukuba zithi ngicela uxolo”

[Isithombe ekhasini 3]

“Abantu engisebenza nabo abawavumi amaphutha abo”

[Isithombe ekhasini 3]

“Umyeni wami akalokothi nje axolise”