Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sanamathela Esabelweni Sethu

Sanamathela Esabelweni Sethu

Indaba Yokuphila

Sanamathela Esabelweni Sethu

IXOXWA UHERMANN BRUDER

Kwakukubili kuphela engangingakukhetha: ukuba seButhweni Langaphandle LaseFrance noma ukugqunywa ejele laseMorocco. Ake ngichaze ukuthi ngangena kanjani kulesi simo esibucayi.

NGAZALELWA e-Oppenau eJalimane, ngo-1911, sekusele iminyaka emithathu nje ngaphambi kokuqala kweMpi Yezwe I. Abazali bami, uJoseph noFrida Bruder, babenabantwana abangu-17. Ngangiyingane yesi-13.

Ngikhumbula ngisemncane kakhulu ngibukele ibutho lempi limasha lehla ngomgwaqo omkhulu edolobhaneni lakithi. Ngihehwa umculo wentshiseko wabamashayo, ngalandela abaculi ababeya esiteshini ngafike ngabona ubaba namanye amadoda begqoke ezempi begibela isitimela. Njengoba isitimela sihamba, abanye besifazane ababemi phansi bakhihla isililo. Ngemva kwesikhashana, umpristi wethu wenza intshumayelo ende esontweni wayesefunda amagama amadoda amane ayefe evikela izwe lakithi. “Basezulwini manje,” echaza. Owesifazane owayemi eceleni kwami waquleka.

Ubaba wathola i-typhoid fever lapho esebuthweni elaliseRussia. Wafika ekhaya ewohloke ephelile, walaliswa esibhedlela sendawo ngokushesha. Umpristi wangicebisa wathi: “Yana endlwaneni yokukhuleka ngasemangcwabeni, ufike usho uBaba Wethu izikhathi ezingu-50 noMariya Ocwebileyo izikhathi ezingu-50. Uyihlo uzolulama.” Ngakwenza ayekushilo, kodwa ubaba washona ngakusasa. Ngisho nakumfana omncane, impi yayibangela ubuhlungu obukhulu.

Indlela Engalithola Ngayo Iqiniso

Kwakunzima ukuthola umsebenzi eJalimane kusukela ekupheleni kwempi yokuqala kuya ekuqaleni kweyesibili. Nokho, ngemva kokuba ngiqedile esikoleni ngo-1928, ngakwazi ukuthola umsebenzi wokulungisa izingadi eBasel, eSwitzerland.

Njengobaba, ngangiwumKatolika oqinile. Isifiso sami kwakuwukuba yindela yaseNdiya engumCapuchin. Lapho umfowethu uRichard, ngaleso sikhathi owayesengomunye woFakazi BakaJehova, ezwa ngalawo malungiselelo ami, wangivakashela ngokukhethekile eSwitzerland ezongishintsha umqondo. Wangixwayisa ngengozi yokuthembela kubantu, ikakhulu abefundisi, futhi wangikhuthaza ukuba ngifunde iBhayibheli ngethembele kulo kuphela. Yize ngangingabaza, ngathola iTestamente Elisha ngaqala ukulifunda. Kancane kancane kwangikhanyela ukuthi eziningi zezinkolelo zami zazingavumelani nezimfundiso zeBhayibheli.

Ngolunye usuku kuyiSonto ngo-1933, ngisemzini kaRichard eJalimane, wangethula embhangqwaneni oshadile owawungoFakazi BakaJehova. Lapho uzwa ukuthi ngifunda iBhayibheli, wanginika incwajana ethi The Crisis. * Ngaze ngayibeka phansi cishe phakathi kwamabili leyo ncwajana. Ngangiqiniseka ukuthi ngangithole iqiniso!

OFakazi BakaJehova eBasel banginika imiqulu emibili ye-Studies in the Scriptures * nomagazini nezinye izincwadi. Ngihlatshwe umxhwele yilokho engangikufunda, ngathintana nompristi wendawo ngacela ukuba asule igama lami ezincwadini zesonto. Umpristi wathukuthela wagan’ unwabu wangixwayisa ngokuthi ngizolahlekelwa ukholo lwami. Eqinisweni, wayeshaye phansi. Ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami, ngaba nokholo lweqiniso.

Abazalwane baseBasel babehlela uhambo lokuyoshumayela ngalé komngcele waseFrance ngaleyo mpelasonto. Omunye wabazalwane wangichazela ngomusa ukuthi ngeke ngiye ngoba ngisanda kuqala ukuhlanganyela nebandla. Ngizimisele, ngaveza isifiso sami esiqinile sokuqala ukushumayela. Ngemva kokubonisana nomunye umdala, wanginika insimu eSwitzerland. Ekuseni ngeSonto, ngagibela ibhayisekili lami ngalibangisa edolobhaneni eliseduze kwaseBasel, esikhwameni sami ngiphethe izincwadi ezine, omagazini abangu-28 nezincwajana ezingu-20. Iningi labantu bakule ndawo lalisesontweni ngesikhathi ngifika. Yize kunjalo, kwathi kushaya u-11, isikhwama sami sase singasenalutho.

Lapho ngitshela abazalwane ukuthi ngifuna ukubhapathizwa, bangihlalisa phansi bakhuluma nami bangibuza imibuzo ephenyisisayo ngeqiniso. Yangihlaba umxhwele intshiseko yabo nokuthembeka kwabo kuJehova nenhlangano yakhe. Njengoba kwakusebusika, umzalwane wangibhapathizela kubhavu ekhaya lomunye umdala. Ngikhumbula ngizwa injabulo engachazeki namandla amakhulu angaphakathi. Kwakungu-1934.

Ukusebenza EKingdom Farm

Ngo-1936, ngezwa ukuthi oFakazi BakaJehova babethenge isiqephu sendawo eSwitzerland. Ngacela ukwenza ingadi yakhona. Ngajabula lapho ngivunyelwa ukuyosebenza eKingdom Farm eseSteffisburg, eyayiqhelelene neBern ngamakhilomitha angu-30. Noma nini lapho kungenzeka ngangisiza nabanye emisebenzini yabo epulazini. IBethel yangifundisa ukubaluleka kokuba nomoya wokubambisana.

Isici esivelele seminyaka engayihlala eBethel kwakuwukuvakasha kukaMfoweth’ uRutherford epulazini ngo-1936. Lapho ebona ukuthi utamatisi wethu wawumkhulu kangakanani nokuthi izitshalo zethu zazizinhle kanjani, wamamatheka wazwakalisa ukwaneliseka. Wayengeve ethandeka lowo mzalwane!

Kwathi sengikhonze epulazini iminyaka engaphezudlwana nje kwemithathu, lapho sidla ekuseni kwafundwa incwadi evela endlunkulu yoFakazi BakaJehova e-United States. Leyo ncwadi yayigcizelela ukuphuthuma komsebenzi wokushumayela icela noma obani abathandayo ukuba bayokhonza njengamaphayona kwamanye amazwe. Ngavuma ngaphandle kokunqikaza. Isabelo sami safika ngo-May 1939—iBrazil!

Ngaleso sikhathi ngangihlanganyela neBandla LaseThun, eduze kweKingdom Farm. NgamaSonto, sasihamba njengeqembu siyoshumayela ezintabeni i-Alps, uhambo olwaluthatha amahora amabili ngamabhayisekili ukusuka eThun. UMargaritha Steiner wayekuleli qembu. Kwafika umcabango engqondweni yami: UJesu akabathumanga yini ngababili abafundi bakhe? Lapho ngisho ngokunganaki nje kuMargaritha ukuthi ngabelwe ukuyokhonza eBrazil, wangitshela ngesifiso sakhe sokuyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona. Sashada ngo-July 31, 1939.

Ukuma Okungalindelekile

Sasuka ngomkhumbi eLe Havre, eFrance ekupheleni kuka-August 1939, silibangise eSantos, eBrazil. Zase zithathwe zonke izindawo ezihlala abantu ababili, ngakho kwadingeka sihlale ngokwahlukana. Sisesendleleni, kwezwakala izindaba zokuthi iJalimane izohlaselwa iBrithani neFrance. Abagibeli abangu-30 baseJalimane bathi bangezwa lokho bahlabelela iculo lesizwe laseJalimane. Lokhu kwamthukuthelisa kakhulu ukaputeni kangangokuthi washintsha indlela wangenisa eSafi, eMorocco. Abagibeli ababenezincwadi zokungena kwamanye amazwe zaseJalimane banikwa imizuzu emihlanu ukuba behle. Lokho kwakuhlanganisa nathi.

Savalelwa usuku esiteshini samaphoyisa sase sihlohlwa ebhasini elidala eliwumkhehlekhehle sayiswa ejele eMarrakech, eqhele ngamakhilomitha angu-140. Kwalandela izinsuku ezinzima. Kwakuminyene futhi kumnyama ezitokisini zethu. Indawo yokuzithuma kawonk’ uwonke—umgodi ophansi—yayihlala ivalekile. Ngamunye sanikwa isaka elingcolile lokulala, ebusuku amagundane esidla izihluzu. Kabili ngosuku sasinikwa ubala lokudla ngekopi elithombile.

Isikhulu sebutho sathi kimi uma ngingavuma ukuba seButhweni Langaphandle LaseFrance iminyaka emihlanu ngizodedelwa. Ngenxa yokuthi ngenqaba, ngachitha amahora angu-24 ngisebunzimeni obukhulu. Esiningi salesi sikhathi ngangithandaza.

Ngemva kwezinsuku ezingu-8, izikhulu zasejele zangivumela ukuphinda ngibone uMargaritha. Wayonde engangothi lokuvungula, futhi ekhihla isililo esingapheli. Ngenza konke okusemandleni ami ukumkhuthaza. Saphenywa ngemibuzo sase sithuthelwa eCasablanca ngesitimela, lapho uMargaritha adedelwa khona. Mina ngathunyelwa ejele elalisePort Lyautey (manje eyiKenitra), eliqhele ngamakhilomitha angu-180. Inxusa laseSwitzerland lacebisa uMargaritha ukuba abuyele eSwitzerland, kodwa ngokwethembeka wenqaba ukuhamba angishiye. Kulezo zinyanga ezimbili ngisePort Lyautey, nsuku zonke wayesuka eCasablanca azongivakashela engiphathele nokudla.

Onyakeni owawandulele oFakazi BakaJehova babekhulule incwadi enesihloko esithi Kreuzzug gegen das Christentum (Impi Yokulwa NobuKristu) ukuze baqaphelise umphakathi ngokungabi nangxenye koFakazi embusweni wamaNazi. Lapho ngisejele, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eBern labhalela iziphathimandla zaseFrance, lafaka nale ncwadi ukuze libonise ukuthi asiwona amaNazi. UMargaritha wenza umsebenzi omuhle ngokuvakashela izikhulu zikahulumeni ezama ukuzibonisa ukuthi asinacala. Ekugcineni, ekupheleni kuka-1939, sathola imvume yokuhamba eMorocco.

Sathi sesiphinde sagibela umkhumbi oya eBrazil sezwa ukuthi imikhumbingwenya yaseJalimane yayihlasela imizila yemikhumbi kuyi-Atlantic nokuthi kwakuhlaselwa thina ngokuyinhloko. Nakuba umkhumbi wethu, i-Jamaique, kwakungowempahla ethengiswayo, wawuxhonywe izibhamu ngaphambili nangemuva. Emini ukaputeni wayewuhambisa ugwingcize umkhumbi futhi elokhu edubula. Ebusuku sasicisha zonke izibani ukuze amaJalimane angasiboni. Sakhululeka lapho ekugcineni sifika esikhumulweni saseSantos, eBrazil, ngo-February 6, 1940, ngemva kwezinyanga ezingaphezu kwezinhlanu sasuka eYurophu!

Ejele Futhi

Isabelo sethu sokuqala sokushumayela sasiseMontenegro, idolobhana eliseRio Grande do Sul, isifundazwe esiseningizimu yeBrazil. Kusobala ukuthi izikhulu zesonto zase zitsheliwe ngokufika kwethu. Sisashumayele amahora amabili nje, amaphoyisa asibopha asiphuca amarekhodi ethu egilamafoni anezintshumayelo zeBhayibheli, zonke izincwadi zethu, ngisho nezikhwama zethu zasensimini zesikhumba sekamela esasizithenge eMorocco. Esiteshini samaphoyisa sasilindwe umpristi nomfundisi okhuluma isiJalimane. Balalela lapho isikhulu samaphoyisa sidlala enye yezinkulumo zikaMfoweth’ uRutherford kuyigilamafoni, nalo ayesiphuce lona. UMfoweth’ uRutherford wayengaligudli iguma! Kwathi uma kufika lapho ekhuluma khona ngeVatican, umpristi washintsha waba bomvu wagqishazela waphuma.

Ngemva kwesicelo sombhishobhi waseSanta Maria, amaphoyisa asithuthela ePôrto Alegre, inhloko-dolobha. Ngokushesha uMargaritha wadedelwa wafuna usizo enxuseni laseSwitzerland. Inxusa lasikisela ukuba abuyele eSwitzerland. Waphinde wenqaba ukungishiya. UMargaritha ubelokhu engumngane othembekile. Ngemva kwezinsuku ezingu-30 ngaphenywa ngemibuzo ngase ngidedelwa. Amaphoyisa asikhethisa: ukuba siphume siphele kulesi sifundazwe zingakapheli izinsuku eziyishumi noma ukuba ‘sibhekane nemiphumela.’ Ngemva kokucetshiswa indlunkulu, sahamba saya eRio de Janeiro.

“Ngicela Ufunde Leli Khadi”

Nakuba sayiqala kabi kanje insimu yaseBrazil, sasingeve sijabule! Sasiphila; izikhwama zethu zase ziphinde zagcwala izincwadi, futhi sasizoshumayela kuyo yonke iRio de Janeiro. Kodwa sasizoshumayela kanjani singazi nasiPutukezi esitheni? Ngekhadi lobufakazi. Amazwi okuqala esiPutukezi esawafunda ukuze siwasebenzise ekushumayeleni ayethi, “Por favor, leia este cartão” (“Ngicela ufunde leli khadi”). Lalingeve lisebenza leli khadi! Ngenyanga eyodwa, sase sihambise izincwadi ezingaphezu kwenkulungwane. Abaningi abamukela izincwadi zethu zeBhayibheli kamuva balamukela iqiniso. Eqinisweni, izincwadi zethu zazishumayela kangcono kakhulu kunathi. Lokhu kwangenza ngaqaphela ukubaluleka kokunika abantu abanesithakazelo izincwadi zethu.

Ngaleso sikhathi iRio de Janeiro yayiyinhloko-dolobha yeBrazil, futhi isigijimi sethu sasamukelwa kahle ngokukhethekile ezakhiweni zikahulumeni. Ngaba nelungelo lokumshumayeza mathupha ungqongqoshe wezezimali nowamabutho. Kulezi zenzakalo, ngabona ubufakazi obucacile bokusebenza komoya kaJehova.

Kwake kwathi ngishumayela esigcawini enkabeni yeRio, ngangena eKomkhulu Lobulungisa. Ngandlela-thize ngazithola ngisegumbini elithile ngizungezwe amadoda agqoke ezimnyama, kubonakala sengathi kuqhutshwa inkonzo yomngcwabo. Ngasondela endodeni eyayibonakala ihloniphekile ngayinika ikhadi lami lobufakazi. Kwakungewona umngcwabo. Empeleni ngangiphazamise ukuqulwa kwecala, futhi ngangikhuluma nejaji. Lahleka, latshela onogada ukuthi bangethuki. Ngomusa lamukela incwadi ethi Children * langinika nomnikelo. Sengiphuma, omunye wonogada wangikhombisa isaziso esigqamile esasisemnyango esithi: Proibida a entrada de pessoas estranhas (Abangeni Abangaziwa).

Enye insimu ekhiqizayo kwakuyichweba. Ngesinye isikhathi, ngahlangana netilosi elamukela izincwadi ngaphambi kokuba liphindele olwandle. Kamuva, sahlangana nalo emhlanganweni. Umkhaya walo wonke wawulamukele iqiniso, nalo lithuthuka kahle. Kwasijabulisa kakhulu lokho.

Kodwa izinto zazingasheleli ngaso sonke isikhathi. Imvume yethu yezinyanga eziyisithupha yaphela, futhi sasingagoduswa noma nini. Ngemva kokubhalela indlunkulu ngesimo sethu, sathola incwadi enothando evela kuMfoweth’ uRutherford eyasikhuthaza ukuba sibekezele yasikisela nalokho esingakwenza. Isifiso sethu kwakuwukuhlala eBrazil, futhi ngosizo lommeli sagcina sithole imvume yokuhlala unomphela ngo-1945.

Isabelo Esathatha Isikhathi Eside

Nokho, ngaphambi kwalokho ngo-1941 sazibula ngendodana, uJonathan, ngo-1943 kwalandela uRuth, ngo-1945 kwaba ngu-Esther. Ukuze sinakekele umkhaya wethu owandayo, kwadingeka ngisebenze. UMargaritha waqhubeka eshumayela isikhathi esigcwele waze wabeletha ingane yethu yesithathu.

Kusukela ekuqaleni sasishumayela ndawonye njengomkhaya ezigcawini zedolobha, eziteshini zesitimela, emigwaqweni nasezindaweni zamabhizinisi. NgeMigqibelo kusihlwa sasihambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! sisonke, futhi lezo kwakuyizikhathi ezimnandi kakhulu.

Ekhaya, ingane ngayinye yayinemisebenzi yansuku zonke. UJonathan wayehlanza isitofu nekhishi. Amantombazane ayehlanza isiqandisi, ashanele igceke, apholishe nezicathulo zethu. Lokhu kwabasiza ukuba bafunde ukuhleleka nokuzenzela izinto. Namuhla, izingane zethu zikhuthele futhi ziyinakekela kahle imizi nempahla yazo, okusenza sijabule kakhulu mina noMargaritha.

Sasilindele nokuba izingane ziziphathe kahle emihlanganweni. Zaziphuza amanzi ziye endlini yangasese, ngaphambi kokuba isimiso siqale. Phakathi nomhlangano, uJonathan wayehlala kwesokunxele sami, uRuth kwesokudla sami, kulandele uMargaritha, kuthi ngakwesokudla sakhe kuhlale u-Esther. Lokhu kwakuzisiza ukuba zilalelisise futhi zithole ukudla okungokomoya zisezincane.

UJehova uyibusisile imizamo yethu. Zonke izingane zethu ziyaqhubeka zikhonza uJehova ngokwethembeka futhi zihlanganyela ngenjabulo emsebenzini wokushumayela. Kumanje, uJonathan ukhonza njengomdala eBandleni LaseNovo Méier, eRio de Janeiro.

Ngo-1970, zonke izingane zethu zase zishadile zahamba ekhaya, ngakho mina noMargaritha sanquma ukuthutha siyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona. Saqale sahlala ePoços de Caldas, eMinas Gerais State, ngaleso sikhathi eyayineqembu elincane labamemezeli boMbuso abangu-19. Ngadumala lapho ngiqala ukubona indawo ababehlanganyela kuyo—ikamelo elingaphansi kwesakhiwo elingenamafasitela futhi elalisesimweni esibi. Ngokushesha, saqala ukufuna iHholo LoMbuso elifaneleka kangcono, kungakabiphi sathola isakhiwo esihle esisendaweni ekahle kakhulu. Kwenza umahluko omkhulu kanjani! Eminyakeni emine nengxenye kamuva, inani labamemezeli lase lande lafika ku-155. Ngo-1989 sathuthela e-Araruama, eRio de Janeiro, lapho sakhonza khona iminyaka engu-9. Ngalesi sikhathi sabona kumiswa amabandla amabili amasha.

Savuzwa Ngokunamathela Esabelweni Sethu

Ngo-1998, izinkinga zempilo nesifiso sokuba seduze nezingane zethu kwasenza sathuthela eSão Gonçalo, eRio de Janeiro. Ngisewumdala kulelo bandla. Senza okusemandleni ethu ukuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela. UMargaritha uyakujabulela ukushumayela kubantu esitolo esiseduze, futhi ngomusa ibandla lisinike insimu eseduze nasekhaya, okwenza kube lula kithi ukushumayela ngenxa yempilo yethu.

Mina noMargaritha sesineminyaka engaphezu kwengu-60 siyizinceku zikaJehova ezizinikezele. Sizibonele ngawethu ukuthi ‘nahulumeni nazinto ezikhona manje nazinto ezizayo namandla nakuphakama nakujula nanoma iyiphi enye indalo ngeke kukwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.’ (Roma 8:38, 39) Futhi sikujabulele kakhulu ukubona ukuqoqwa ‘kwezinye izimvu,’ ezinethemba elimangalisayo lokuphila phakade emhlabeni ophelele, zizungezwe indalo enhle kaNkulunkulu! (Johane 10:16) Lapho sifika eRio de Janeiro ngo-1940, kwakunebandla elilodwa kuphela, elinabamemezeli abangu-28. Namuhla kunamabandla angaba ngu-250 nabamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-20 000.

Kunezikhathi lapho sasingase sibuyele emindenini yakithi eYurophu. Kodwa isabelo sethu esivela kuJehova silapha eBrazil. Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi siye sanamathela kuso!

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 11 Yanyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa ayisatholakali.

^ par. 12 Yanyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa ayisatholakali.

^ par. 33 Eyayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa engasatholakali.

[Isithombe ekhasini 21]

SiseKingdom Farm, eSteffisburg, eSwitzerland, ekupheleni kwawo-1930 (mina ngisekugcineni kwesokudla)

[Isithombe ekhasini 23]

Ngo-1939, ngaphambi nje komshado wethu

[Isithombe ekhasini 23]

ICasablanca ngawo-1940

[Isithombe ekhasini 23]

Sishumayela njengomkhaya

[Isithombe ekhasini 24]

Sisashumayela njalo nanamuhla