Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe izifungo (vows) ezenziwa kuNkulunkulu zibopha ngaso sonke isikhathi?

NgokwemiBhalo, isifungo yisithembiso esenziwa kuNkulunkulu sokwenza isenzo esithile, umnikelo, ukungena enkonzweni noma esimweni esithile, noma ukuzithiba ezintweni ezingangqubuzani nomthetho. IBhayibheli liqukethe ukulandisa ngezifungo ezinemibandela ngoba zazihilela isithembiso sokwenza okuthile uma uNkulunkulu enza okuthile kuqala. Ngokwesibonelo, uHana, unina womprofethi uSamuweli, ‘wenza isithembiso wathi: “O Jehova wamabutho uma . . . ungeke uyikhohlwe incekukazi yakho kodwa empeleni ungayipha inzalo yesilisa, ngiyoyinika uJehova zonke izinsuku zokuphila kwayo, akukho nsingo eyothinta ikhanda layo.”’ (1 Samuweli 1:11, NW) IBhayibheli lithi futhi izifungo zenziwa ngokuzithandela. Zibopha kangakanani izifungo ezenziwa kuNkulunkulu?

“Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu,” kusho inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, “ungalibali ukusifeza.” Iyanezela: “Feza lokhu okwethembisayo. Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembise ungafezi.” (UmShumayeli 5:4, 5) UMthetho owanikezwa ama-Israyeli ngoMose uthi: “Nxa wenza isithembiso kuJehova uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusigcwalisa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakusibiza nokusibiza kuwe, kube yisono kuwe.” (Duteronomi 23:21) Kusobala ukuthi akuyona into encane ukwenza isifungo kuNkulunkulu. Kufanele kube nesizathu esihle, futhi osenzayo kufanele aqiniseke ukuthi uzokwazi ukufeza noma yini ayithembisayo kuleso sifungo. Kungenjalo kungcono angafungi. Kodwa-ke, ingabe noma isiphi isifungo, uma usuze wasenza, ubophekile ukusifeza?

Kuthiwani uma isifungo sidinga ukuba umuntu enze into kamuva okutholakala ukuthi ayivumelani nentando kaNkulunkulu? Ake sithi bekuyisifungo esingahlanganisa ngandlela-thile ukuziphatha okubi nokukhulekela kweqiniso? (Duteronomi 23:18) Kusobala ukuthi isifungo esinjalo asibophi. Ngaphezu kwalokho, ngaphansi koMthetho KaMose, isifungo esenziwe owesifazane sasingase sichithwe uyise noma umyeni wakhe.—Numeri 30:3-15.

Cabanga futhi ngomuntu ofunge kuNkulunkulu ukuthi ngeke ashade kodwa manje osezithola ebhekene nenkinga enkulu. Ubona sengathi ukunamathela kuleso sifungo sakhe sekumbeka engcupheni yokuphula izindinganiso zaphezulu zokuziphatha. Ingabe kufanele alwele ukusifeza? Akungcono yini ukuba azivikele ecaleni lokuziphatha okubi ngokungabe esasifeza leso sifungo, kunalokho acele umusa kaNkulunkulu nentethelelo? Uyena kuphela onganquma kule ndaba. Akekho omunye umuntu ongamnqumela.

Kuthiwani uma umuntu enza isifungo bese kamuva eqaphela ukuthi usenze ngokuphamazela? Ingabe kufanele aqhubeke efuna ukufeza leso sifungo? Kwakungelula ngoJefta ukufeza isifungo ayesenze kuNkulunkulu, kodwa wasifeza ngobuqotho. (AbAhluleli 11:30-40) Ukwehluleka ukufeza isifungo kungabangela ukuba uNkulunkulu ‘athukuthele’ futhi akwenze ize konke umuntu akufezile. (UmShumayeli 5:6) Ukukuthatha kalula ukufeza isifungo kungaholela ekulahlekelweni umusa kaNkulunkulu.

UJesu Kristu wathi: “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, uCha; ngoba okweqa kulokhu kuvela komubi.” (Mathewu 5:37) UmKristu akumelwe akhathalele kuphela ukufeza izifungo azenza kuNkulunkulu kodwa futhi nokuzibonakalisa ethembekile emazwini akhe onke—awasho kuNkulunkulu nakubantu. Kuthiwani uma ezithola esotakwini lokwenza nomuntu isivumelwano ebesibonakala sikahle ekuqaleni kodwa lapho esesibhekisisa athole ukuthi siwubuwula? Akumelwe ayithathe kancane into enjalo. Kodwa ngemva kokuxoxa ngakho ngobuqotho, lona omunye umuntu angase anqume ukumkhulula kuleso sibopho.—IHubo 15:4; IzAga 6:2, 3.

Yini okufanele siyikhathalele ngokuyinhloko ngokuqondene nezifungo nakho konke okunye? Ukugcina ubuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu bubuhle njalo.

[Izithombe ekhasini 30, 31]

UHana akanqikazanga ukufeza isifungo sakhe

[Izithombe ekhasini 30, 31]

Nakuba kwakungelula, uJefta wasifeza isifungo sakhe