Imizamo Ethuthukisa Izindinganiso Ezinhle Zokuziphatha
Imizamo Ethuthukisa Izindinganiso Ezinhle Zokuziphatha
Ngasekupheleni kuka-2001, ababevulele iRadio Mozambique esakazela izwe lonke bezwa lo mbiko:
“Umongameli wakuleli ubevakashele izakhiwo zegatsha zoFakazi BakaJehova eMaputo. Ukhuthaze leli bandla ukuba liqinise imizamo yalo yokuthuthukisa izindinganiso ezinhle zokuziphatha emikhayeni neyokufundisa abantu abadala ngezinhlelo zalo zokufundisa ukufunda nokubhala. Kakade sekuzuze abantu abangaba ngu-10 000 kulezi zinhlelo. NgokukaMongameli Chissano, izinhlelo ezinjengalezi kumelwe zishayelwe ihlombe, ngoba zinegalelo elikhulu emphakathini ekuxazululeni izinkinga zemfundo leli zwe elisabhekene nazo.”
Lo mbiko waqhutshwa ngokwethula emoyeni la mazwi aqoshiwe acashunwe enkulumweni kamongameli: “Kuyasikhuthaza kakhulu ukubona abantu abaningi bebonisa uthando lokufunda ukufunda nokubhala. Kusibonisa ukuthi abantu abavamile bazoba nesandla ekwandiseni inani labantu abakwaziyo ukufunda nokubhala. Ngakho, ngithanda ukukhuthaza oFakazi BakaJehova ukuba baqinise izinhlelo zabo zokufundisa ukufunda nokubhala, nganoma iluphi ulimi. Okubaluleke ngempela ukuba abantu bakwazi ukufunda nokubhala futhi bakwazi ukuxhumana kalula bese kuthi esikhathini esizayo babambe iqhaza elikhudlwana kwezemfundo.”
OFakazi BakaJehova eMozambique banamakilasi okufundisa ukufunda nokubhala ezindaweni ezingu-850 kulo lonke elaseMozambique ukuze abantu bakwazi ukuzifundela iZwi likaNkulunkulu ngokwabo. Ngaphezu kwalokho, baqhuba izifundo ezingu-50 000 zeBhayibheli zasekhaya zamahhala isonto ngalinye. Konke lokhu kuyingxenye yohlelo lwemfundo yeBhayibheli oluqhutshwa emhlabeni wonke manje oselufinyelele emazweni angu-235. (Mathewu 24:14) Nawe ungazuza kulolu hlelo. Sicela uzizwe ukhululekile ukuthintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini.