Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izindawo Zokukhulekela—Ingabe Siyazidinga?

Izindawo Zokukhulekela—Ingabe Siyazidinga?

Izindawo Zokukhulekela—Ingabe Siyazidinga?

‘Izinkulungwane zezihambeli zendawo engcwele ezigqoke izembatho ezimibalabala zivela ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe, amaqembu amaNdiya adansa ehambisana nezigubhu elingisa lokho okuthiwa umdanso owawudanswa ngaphambi kokufika kwabaseSpain, namakholwa agaqa ngamadolo kanzima echusha esiminyaminyeni sabantu eya endaweni engcwele, bonke laba bagcwele egcekeni elingaphambili lesakhiwo esikhulu sokukhulekela nasemigwaqweni esizungezile.’

IPHEPHANDABA i-Economista lasichaza kanjalo isinyokotho sabantu sango-December 2001. Ngaleso sikhathi abantu abangaba izigidi ezintathu bavakashela leso sakhiwo esikhulu sokukhulekela eMexico City ukuze babonise ukholo lwabo eNcasakazini YaseGuadalupe. Ezinye izakhiwo zenkolo, njengeSt. Peter’s Basilica eRome, nazo ziheha izinkumbi zezivakashi.

Iningi labantu abafisa ukukhonza uNkulunkulu lizazisa kakhulu izindawo zokukhulekela. “Kimi, isonto laliyindawo eyayingangisondeza kuNkulunkulu,” kusho uMaria waseBrazil. “Laliyindawo engcwele. Ngangikholelwa ukuthi ukuya esontweni kwakuhlanza umphefumulo nokuthi kwakuyisono ukungayi eMiseni nokungazivumi izono njalo ngamaSonto.” UConsuelo waseMexico uthi: “Isonto lalingivusa amadlingozi; ngangilazisa kakhulu. Uma ngikhona, ngangizwa sengathi ngisezulwini.”

Nakuba abanye bewabona ebaluleke kakhulu amasonto, abanye bayangabaza ukuthi adingekile ekukhulekeleni. Ekhuluma ngokwehla kwamanani abantu abaya emasontweni, umpristi ongumKatolika eNgilandi, uPeter Sibert uthi: “Abantu bakhetha lezo zici zenkolo abazithandayo. Iningi lasebekhulile lingamaKatolika futhi liphila ngokuvumelana nokholo lwalo—kodwa abasha abazizwa benaleso sibopho.” I-Daily Telegraph yaseLondon ka-November 20, 1998, yaphawula: “Kusukela ngo-1979 eNgilandi kuye kwavalwa amasonto alinganiselwa ku-1 500 uma kuqhathaniswa nangu-495 aye avulwa nangu-150 akhiwa kabusha.”

Ngo-1997 iphephandaba laseMunich, eJalimane, i-Süddeutsche Zeitung, labika: “Amasonto enziwa amabhayisikobho nezindawo zokuhlala: Amakholwa awezi esontweni, izindawo zokukhulekela zisetshenziselwa ezinye izinjongo. . . . Lokho osekuwumkhuba eNetherlands noma eNgilandi sekuyenziwa naseJalimane.” Lanezela: “Kule minyaka embalwa edlule eJalimane ungathola amasonto angu-30 noma angu-40 ethengiswa ngemali enhle.”

Ingabe ziyadingeka ngempela izakhiwo zenkolo ukuze sikhulekele uNkulunkulu? Ingabe kuyakhulunywa emiBhalweni ngezakhiwo ezinkulu zokukhulekela namasonto akhiwe ngobuciko? Hlobo luni lwezakhiwo oluhlanganiswa nokukhulekelwa kukaNkulunkulu weqiniso nophilayo? Yini esingayifunda kuzo ngesidingo sezindawo zokukhulekela nangalokho okumelwe kwenzeke kuzo?