Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qhubekani Nikhonza Nganhliziyonye

Qhubekani Nikhonza Nganhliziyonye

Qhubekani Nikhonza Nganhliziyonye

“Ngiyakunika abantu [ulimi oluhlanzekile, NW], ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.”—ZEFANIYA 3:9.

1. Yini eyenzekayo egcwalisa uZefaniya 3:9?

KUWO wonke umhlaba manje kukhulunywa izilimi ezingaba ngu-6 000. Ngaphandle kwalezi kunemixhantela yazo ehlukahlukene noma izindlela zendawo zokukhuluma. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi abantu bakhuluma izilimi ezihlukene njengesi-Arabhu nesiZulu, uNkulunkulu wenze into emangalisa ngempela. Wenze abantu kuyo yonke indawo bakwazi ukufunda nokukhuluma okuwukuphela kolimi oluhlanzekile. Lokhu okwenzekayo kugcwalisa isithembiso esanikezwa ngomprofethi uZefaniya: “[Mina Jehova uNkulunkulu] ngiyakunika abantu [“ulimi oluhlanzekile,” NW], ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.”—Zefaniya 3:9.

2. Luyini “ulimi oluhlanzekile,” futhi yini eyenze lwaba khona?

2 “Ulimi oluhlanzekile” yiqiniso likaNkulunkulu eliseZwini lakhe, iBhayibheli. Ngokukhethekile yiqiniso eliphathelene noMbuso kaNkulunkulu, oyongcwelisa igama likaJehova, ulwele ubukhosi bakhe futhi ulethe izibusiso esintwini. (Mathewu 6:9, 10) Njengoba luwukuphela kolimi oluhlanzekile ngokomoya emhlabeni, lolu limi lukhulunywa abantu bazo zonke izizwe nezinhlanga. Lubenza bakwazi ukukhonza uJehova “nganhliziyonye.” Ngakho bamkhonza ngobunye, noma “ngokuvumelana.”—The New English Bible.

Ukukhetha Akunandawo

3. Yini esenza sikwazi ukukhonza uJehova ngobunye?

3 NjengamaKristu, siyakwazisa ukubambisana okukhona phakathi kwethu sibe sikhuluma izilimi ezihlukahlukene. Nakuba sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngezilimi eziningi zabantu, sikhonza uNkulunkulu ngobunye. (IHubo 133:1) Lokhu kungenzeka ngoba, nomaphi lapho sihlala khona emhlabeni, sikhuluma ulimi olulodwa oluhlanzekile kube udumo kuJehova.

4. Kungani kungamelwe kube nokukhetha phakathi kwabantu bakaNkulunkulu?

4 Akumelwe kube nokukhetha phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Umphostoli uPetru wakwenza kwacaca lokhu lapho eshumayela ekhaya lesikhulu sempi esingoweZizwe, uKorneliyu, ngo-36 C.E. futhi washukumiseleka ukuba athi: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Njengoba kunjalo, ibandla lobuKristu aliyona indawo yokukhetha, yamaqembuqembu noma yokubandlulula.

5. Kungani kungalungile ukuba nesandla ekwakhekeni kwamaqembuqembu ebandleni?

5 Ekhuluma ngokuvakashela kwakhe eHholo LoMbuso, omunye umfundi wasekolishi wathi: “Ngokuvamile, amasonto aba namalungu ohlanga noma isizwe esithile. . . . OFakazi BakaJehova babehlezi ndawonye bonke bengewona amaqembuqembu.” Nokho, amanye amalungu ebandla laseKorinte lasendulo ayakha amaqembu aphikisanayo. Ngokubangela ukuhlukana ngale ndlela, ayephikisana nokusebenza komoya ongcwele kaNkulunkulu, ngoba wona wakha ubunye nokuthula. (Galathiya 5:22) Uma singase sibangele ukwakheka kwamaqembuqembu ebandleni, siyobe silwisana nokuhola komoya. Ngakho-ke, masikhumbule amazwi umphostoli uPawulu awasho kwabaseKorinte: “Ngiyanikhuthaza, bafowethu, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nonke nikhulume ngokuvumelana, nokuba kungabi nakuhlukana phakathi kwenu, kodwa ukuba nihlangane ngokufanele emqondweni ofanayo nasendleleni efanayo yokucabanga.” (1 Korinte 1:10) UPawulu wabugcizelela ubunye nasencwadini ayeyibhalele abase-Efesu.—Efesu 4:1-6, 16.

6, 7. Yisiphi iseluleko uJakobe asinikeza ngokuqondene nokukhetha, futhi amazwi akhe asebenza kanjani?

6 Ukungakhethi bekulokhu kuyimfuneko kumaKristu. (Roma 2:11) Ngenxa yokuthi abanye ebandleni lekhulu lokuqala babekhetha, bethanda abantu abacebile, umfundi uJakobe wabhala: “Bafowethu, aniluphethe ukholo lweNkosi yethu uJesu Kristu, inkazimulo yethu, ngezenzo zokukhetha, akunjalo? Ngoba, uma umuntu onezindandatho zegolide eminweni yakhe futhi ogqoke izambatho eziwubukhazikhazi engena embuthanweni wenu, kodwa kungene futhi umuntu ompofu ogqoke izambatho ezingcolile, nokho nimbheka ngomusa lowo ogqoke izambatho eziwubukhazikhazi nithi: ‘Hlala lapha endaweni enhle,’ bese nithi kompofu: ‘Wena qhubeka umile,’ noma: ‘Hlala laphaya ngaphansi kwesenabelo sezinyawo zami,’ ninokuhlukana ngezigaba phakathi kwenu futhi senibe abahluleli abakhipha izinqumo ezimbi, akunjalo?”—Jakobe 2:1-4.

7 Uma kwakufika abangakholwa abacebile abanezindandatho zegolide nezingubo eziwubukhazikhazi emhlanganweni wobuKristu kanye nabampofu abangakholwa abagqoke izingubo ezingcolile, abacebile babetatanyiswa. Babenikwa izihlalo “endaweni enhle,” kuthi abampofu batshelwe ukuba bame noma bahlale phansi ngasezinyaweni zothile. Kodwa uNkulunkulu wanikeza abacebile nabampofu ngokungakhethi umhlatshelo wesihlengo sikaJesu. (Jobe 34:19; 2 Korinte 5:14) Ngakho uma sifuna ukujabulisa uJehova simkhonze nganhliziyonye, akumelwe sikhethe noma ‘sibabaze abantu ngenxa yenzuzo yethu siqu.’—Jude 4, 16.

Gwema Ukububula

8. Kwenzekani ngenxa yokububula kwama-Israyeli?

8 Ukuze silondoloze ubunye bethu futhi siqhubeke samukelwa uNkulunkulu, kumelwe silalele iseluleko sikaPawulu: “Qhubekani nenza zonke izinto ngaphandle kokububula.” (Filipi 2:14, 15) Ama-Israyeli angenalukholo ayekhululwe ebugqilini baseGibithe abubula ngoMose no-Aroni, ngaleyo ndlela abubula nangoJehova uNkulunkulu. Ngenxa yalokhu, wonke amadoda ayeneminyaka engu-20 nangaphezulu ubudala, ngaphandle kukaJoshuwa noKalebi ababethembekile namaLevi, awangenanga eZweni Lesithembiso kodwa afa phakathi nohambo lwama-Israyeli lweminyaka engu-40 ehlane. (Numeri 14:2, 3, 26-30; 1 Korinte 10:10) Yeka umvuzo wokububula kwawo!

9. Kwenzekani kuMiriyamu ngenxa yokububula kwakhe?

9 Lokhu kubonisa lokho okungenzeka kuso sonke isizwe esibubulayo. Kuthiwani uma kungabathile ababubulayo? Udadewabo kaMose uMiriyamu, benomfowabo u-Aroni babubula: “UJehova ukhulumile kuMose kuphela na? Akakhulumanga nakithi na?” Ukulandisa kuyanezela: “UJehova wakuzwa.” (Numeri 12:1, 2) Waba yini umphumela? UMiriyamu, ngokusobala owayehola kulokhu kukhononda, wathotshiswa uNkulunkulu. Kanjani? Ngokushaywa ngochoko aphoqeleke ukuhlala ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa aze abe ohlanzekile.—Numeri 12:9-15.

10, 11. Ukububula okungalawulwa kungaholelaphi? Fanekisa.

10 Ukububula akukhona nje ukukhononda ngokona okuthile. Abantu ababubula safuthi babheka imizwa noma isikhundla sabo njengesibaluleke kakhulu, benze kunakwe bona kunoNkulunkulu. Uma kungalawulwa, lokhu kubangela ukuhlukana phakathi kwabazalwane futhi kuthiya imizamo yabo yokukhonza uJehova nganhliziyonye. Lokhu kungenxa yokuthi njalo ababubulayo bayakuveza ukukhononda kwabo, ngokungangabazeki benethemba lokuthi abanye bazobona izinto njengabo.

11 Ngokwesibonelo, othile angase agxeke indlela omunye umdala anikeza ngayo izinkulumo zakhe ebandleni noma anakekela ngayo imithwalo yakhe. Uma simlalela lo muntu okhonondayo, singase siqale ukucabanga njengaye. Ngaphambi kokuba kuhlwanyelwe imbewu yokunganeliseki ezingqondweni zethu, kungenzeka okwenziwa yilo mdala bekungasihluphi, kodwa manje sekuyasihlupha. Ekugcineni, akukho okwenziwa yilo mdala okuyobonakala kulungile kithi, futhi nathi singase siqale ukukhononda ngaye. Ukuziphatha okunjena akufaneleki ebandleni labantu bakaJehova.

12. Ukububula kungabuthinta kanjani ubuhlobo bethu noNkulunkulu?

12 Ukububula ngamadoda anomsebenzi wokwalusa ibandla likaNkulunkulu kungase kuholele ekuthukeni. Ukububula okunjalo noma ukuwaqalekisa ngokuwanyundela kungalimaza ubuhlobo bethu noJehova. (Eksodusi 22:28) Izithuki ezingaphenduki ngeke ziwuzuze njengefa uMbuso kaNkulunkulu. (1 Korinte 5:11; 6:10) Umfundi uJude wabhala ngababubuli ‘ababengabunaki ubukhosi futhi bekhuluma ngokuchapha ngabakhazimulayo.’ (Jude 8) Labo babubuli babengamukeleki kuNkulunkulu, futhi kuwukuhlakanipha ukugwema inkambo yabo embi.

13. Kungani kungekhona konke ukukhononda okungalungile?

13 Kuyavunywa, akukhona konke ukukhononda okungamjabulisi uNkulunkulu. Akasishalazelanga “isikhalo” ngeSodoma neGomora kodwa wayibhubhisa leyo mizi emibi. (Genesise 18:20, 21; 19:24, 25) EJerusalema, ngemva nje kwePhentekoste lika-33 C.E., “kwavela ukububula kumaJuda akhuluma isiGreki ngamaJuda akhuluma isiHeberu, ngoba abafelokazi bawo babenganakwa ekwabiweni kwansuku zonke.” Ngenxa yalokho, “abayishumi nambili” basilungisa isimo ngokumisa “amadoda ayisikhombisa afakazelwayo” phezu “kwalomsebenzi odingekile” wokwaba ukudla. (IzEnzo 6:1-6) Abadala banamuhla akumelwe ‘bavale izindlebe zabo’ ezikhalazweni ezizwakalayo. (IzAga 21:13) Futhi kunokuba bagxeke abakholwa nabo, abadala kufanele bakhuthaze futhi bakhe.—1 Korinte 8:1.

14. Ukuze sigweme ukububula, iyiphi imfanelo edingeka ngokukhethekile?

14 Sonke kudingeka sikugweme ukububula, ngoba umoya wokukhononda uyalimaza ngokomoya. Isimo sengqondo esinjalo singaphazamisa ubunye bethu. Kunalokho, ngaso sonke isikhathi masivumele umoya ongcwele uveze uthando kithi. (Galathiya 5:22) Ukulalela ‘umthetho wobukhosi wothando’ kuyosisiza siqhubeke sikhonza uJehova nganhliziyonye.—Jakobe 2:8; 1 Korinte 13:4-8; 1 Petru 4:8.

Xwaya Ukunyundela

15. Ungahlukanisa kanjani phakathi kwenhlebo nokunyundela?

15 Njengoba ukububula kungaholela enhlebweni elimazayo, kumelwe sikuqaphe esikushoyo. Inhlebo yinkulumo engasho lutho ngabantu nezindaba zabo. Kodwa ukunyundela kuwumbiko ongamanga ohloselwe ukulimaza idumela lomunye umuntu. Inkulumo enjalo inesisusa esibi futhi ayimhloniphi uNkulunkulu. Ngakho-ke, uNkulunkulu watshela ama-Israyeli: “Akumelwe uzulazule phakathi kwabantu bakini ngenjongo yokunyundela.”—Levitikusi 19:16NW.

16. UPawulu wathini ngezinhlebi ezithile, futhi iseluleko sakhe kufanele sisithinte kanjani?

16 Njengoba inkulumo engasho lutho ingase iholele ekunyundeleni, uPawulu waxwayisa ngezinhlebi ezithile. Ngemva kokukhuluma ngabafelokazi ababefanelekela ukusizwa ibandla, wakhuluma ngabafelokazi ababefunde ‘ukungenzi lutho, bezulazula emizini; yebo, bengebona abangenzi lutho nje kuphela, kodwa futhi beyizinhlebi nabazigaxa ezindabeni zabanye abantu, bekhuluma ngezinto okungafanele bakhulume ngazo.’ (1 Thimothewu 5:11-15) Uma owesifazane ongumKristu eqaphela ukuthi unobuthakathaka bokuthanda inkulumo engase iholele ekunyundeleni, kuhle alalele iseluleko sikaPawulu sokuba ‘athathe izinto ngokungathi sína, angabi onyundelayo.’ (1 Thimothewu 3:11) Yebo, namadoda angamaKristu kumelwe ayixwaye inhlebo elimazayo.—IzAga 10:19.

Yeka Ukwahlulela!

17, 18. (a) UJesu wathini ngokwahlulela umfowethu? (b) Singawasebenzisa kanjani amazwi kaJesu aphathelene nokwahlulela?

17 Ngisho noma singanyundeli muntu, kungase kudingeke senze umzamo oqotho wokugwema ukwahlulela abanye. UJesu wawulahla umoya onjalo lapho ethi: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa; ngoba noma isiphi isahlulelo enahlulela ngaso, niyokwahlulelwa ngaso; nesilinganiso enilinganisa ngaso, bayonilinganisela ngaso. Khona-ke, kungani ubheka umucu wotshani osesweni lomfowenu, kodwa ungacabangi ngomshayo osesweni lakho siqu? Noma ungasho kanjani kumfowenu ukuthi, ‘Ngivumele ngikhiphe umucu wotshani esweni lakho’; kuyilapho, bheka! kunomshayo esweni lakho siqu? Mzenzisi! Khipha kuqala umshayo esweni lakho siqu, khona-ke uyobona ngokucacile ukuthi ungawukhipha kanjani umucu wotshani esweni lomfowenu.”—Mathewu 7:1-5.

18 Akufanele sigagamele sifune ukukhipha nje “umucu wotshani” esweni lomfowethu ukuze simsize, kwathina sibe singenakukwazi ukwahlulela kahle ngenxa ‘yomshayo’ ongokomfanekiso. Empeleni, uma siyiqonda ngempela indlela uNkulunkulu anesihe ngayo, ngeke sithambekele ekwahluleleni abafowethu nodadewethu abangokomoya. Singakwazi kanjani nje ukubaqonda kahle njengoba kwenza uBaba wethu osezulwini! Shono uJesu asixwayisa ukuba ‘siyeke ukwahlulela ukuze singahlulelwa.’ Ukuhlaziya ngobuqotho ukungapheleli kwethu kufanele kusinqande ekukhipheni izahlulelo uNkulunkulu angazibheka njengezingalungile.

Abuthaka Kodwa Ahloniphekile

19. Kufanele sibabheke kanjani esikholwa nabo?

19 Uma sizimisele ukukhonza uNkulunkulu nganhliziyonye nesikholwa nabo, ngeke sigcine ngokugwema ukwahlulela. Siyohola ekubaboniseni udumo. (Roma 12:10) Empeleni, siyofuna ukuzuzisa bona, hhayi ukuzizuzisa thina, futhi ngenjabulo siyobenzela imisebenzi ephansi. (Johane 13:12-17; 1 Korinte 10:24) Singawulondoloza kanjani umoya omuhle onjalo? Ngokukhumbula ukuthi ikholwa ngalinye liyigugu kuJehova nokuthi siyadingana, njengoba nje ilungu ngalinye lomzimba womuntu lixhomeke kwamanye.—1 Korinte 12:14-27.

20, 21. Amazwi eyesi-2 Thimothewu 2:20, 21 asho ukuthini kithi?

20 Kuyavunywa, amaKristu ayizitsha zobumba ezibuthakathaka eziphathiswe ingcebo ekhazimulayo eyinkonzo. (2 Korinte 4:7) Ukuze lo msebenzi obusisekile siwufeze kube udumo kuJehova, kumelwe silondoloze ukuma okudumisekayo phambi kwakhe neNdodana yakhe. Ukuhlala sihlanzekile ngokuziphatha nangokomoya ukuphela kwendlela esingahlala ngayo siyizitsha ezinodumo zokusetshenziswa uNkulunkulu. Mayelana nalokhu uPawulu wabhala: “Endlini enkulu kukhona izitsha ezingezona ezegolide nezesiliva kuphela kodwa futhi nezokhuni nezobumba, futhi ezinye ezenjongo enodumo kodwa ezinye ezenjongo entula udumo. Ngakho-ke, uma noma ubani ezigcina ekude nalezi zamuva, uyoba isitsha senjongo enodumo, esingcwelisiwe, esiwusizo kumnikazi wakhe, esilungiselelwe yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 2:20, 21.

21 Abantu abangaziphathi ngokuvumelana nezimfuneko zaphezulu ‘bayizitsha ezintula udumo.’ Nokho, ngokuphishekela inkambo yokuhlonipha uNkulunkulu, siyoba ‘izitsha zenjongo enodumo, ezingcwelisiwe, noma ezihlukaniselwe inkonzo kaJehova nezilungiselelwe yonke imisebenzi emihle.’ Ngakho singazibuza: ‘Ingabe mina “ngiyisitsha esinodumo”? Ingabe nginethonya elihle kwengikholwa nabo? Ingabe ngiyilungu lebandla elisebenza nganhliziyonye nabanye abakhulekeli?’

Qhubekani Nikhonza Nganhliziyonye

22. Ibandla lobuKristu lingafaniswa nani?

22 Ibandla lobuKristu liyilungiselelo elinjengelomkhaya. Lapho wonke amalungu omkhaya ekhulekela uJehova, kuba nesimo esinothando, sokusizana nesimnandi. Umkhaya ungase wakhiwe abantu abaningana abanobuntu obuhlukahlukene, kodwa wonke umuntu unendawo enodumo. Kuthi akufane ebandleni. Nakuba sonke sihlukile—futhi singaphelele—uNkulunkulu uye wasidonsela kuye ngoKristu. (Johane 6:44; 14:6) UJehova noJesu bayasithanda, futhi njengomkhaya onobunye, kudingeka nakanjani sibonisane uthando.—1 Johane 4:7-11.

23. Yini okufanele siyikhumbule futhi sizimisele ukuyenza?

23 Ibandla lobuKristu elinjengomkhaya liyindawo futhi esingalindela ukuthola kuyo ukwethembeka, kube kufanele. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngifisa ukuba ezindaweni zonke amadoda aqhubeke ethandaza, ephakamisela phezulu izandla ezithembekile, ngaphandle kolaka nezinkulumo-mpikiswano.” (1 Thimothewu 2:8) Ngakho uPawulu wahlobanisa ukwethembeka nomthandazo wasobala “ezindaweni zonke” lapho amaKristu ehlangana khona. Kufanele kube amadoda athembekile kuphela amelela ibandla ngomthandazo wasobala. Yebo, uNkulunkulu ulindele ukuba sonke sithembeke kuye nakomunye nomunye. (UmShumayeli 12:13, 14) Ngakho-ke masizimisele ukusebenza ndawonye ngokuzwana, njengamalungu omzimba womuntu. Kwangathi futhi singakhonza ngobunye njengengxenye yomkhaya wabakhulekeli bakaJehova. Ngaphezu kwakho konke, masikhumbule ukuthi siyadingana futhi siyokwamukelwa uNkulunkulu sithole nezibusiso uma siqhubeka sikhonza uJehova nganhliziyonye.

Ungaphendula Kanjani?

• Yini eyenza abantu bakaJehova bakwazi ukumkhonza nganhliziyonye?

• Kungani amaKristu ekugwema ukukhetha?

• Ungathi yini engalungile ngokububula?

• Kungani kufanele sibadumise esikholwa nabo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

UPetru waqonda ukuthi “uNkulunkulu akakhethi”

[Isithombe ekhasini 16]

Uyazi ukuthi kungani uNkulunkulu amthobisa uMiriyamu?

[Isithombe ekhasini 18]

AmaKristu athembekile akhonza uJehova nganhliziyonye ngenjabulo