Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Singazenza Kanjani Izinsuku Zethu Zamukeleke KuJehova?

Singazenza Kanjani Izinsuku Zethu Zamukeleke KuJehova?

Singazenza Kanjani Izinsuku Zethu Zamukeleke KuJehova?

“Izolo, phakathi kwempumalanga nentshonalanga, kulahleke amahora amabili egolide, ngalinye lihlotshiswe ngemizuzu yedayimane engamashumi ayisithupha. Awukho umvuzo wokutholwa kwawo ngoba alahleke unomphela!”—ULydia H. Sigourney, umbhali waseMelika (1791-1865).

IZINSUKU zokuphila kwethu zibonakala zimbalwa futhi zidlula ngokushesha. Umhubi uDavide wazindla ngobufushane bokuphila washukumiseleka ukuba athandaze athi: “Jehova, ngazise ukuphela kwami, nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini; mangazi ukuthi ngingodlulayo. Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe.” UDavide wayekhathalela ukuphila ngendlela eyayiyojabulisa uNkulunkulu, ngenkulumo nangezenzo. Ezwakalisa ukwethembela kwakhe kuNkulunkulu, wathi: “Ithemba lami likuwe.” (IHubo 39:4, 5, 7) UJehova walalela. Ngempela wazilinganisa izenzo zikaDavide wayesemvuza ngokufanele.

Kulula ukuba matasa umzuzu ngamunye wosuku nokuxinwa ukuphila okusheshayo nokumatasa. Lokhu kungasenza sikhathazeke, ikakhulu njengoba sinokuningi kangaka okumelwe sikwenze kodwa sisincane kangaka isikhathi sokukwenza. Ingabe nathi sikhathalela into efanayo neyayikhathalelwa uDavide—ukwenza ukuphila kwethu kwamukeleke kuNkulunkulu? Akukho kungabaza ngokuthi uJehova usibhekile futhi uhlolisisa ngamunye wethu. UJobe, indoda eyayimesaba uNkulunkulu, wavuma eminyakeni engaba u-3 600 edlule ukuthi uJehova wayezibona izindlela zakhe futhi ebala zonke izinyathelo zakhe. UJobe wabuza: “Lapho engiphenya, ngingaphendula ngokuthini na?” (Jobe 31:4-6, 14) Singakwazi ukwenza izinsuku zethu zamukeleke kuNkulunkulu ngokwenza izinto ezingokomoya zize kuqala, ngokulalela imiyalo yakhe nangokusebenzisa isikhathi sethu ngokuhlakanipha. Ake sizihlolisise lezi zinto.

Masikhathalele Izinto Ezingokomoya Kuqala

ImiBhalo ephefumulelwe isiyala kufanele ukuba senze izinto ezingokomoya zize kuqala lapho ithi: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe.” Yiziphi lezi zinto ezibalulekile? Ezinye zazo “ulwazi olunembile nokuqonda okugcwele.” (Filipi 1:9, 10) Ukuthola ulwazi lwezinjongo zikaJehova kufuna ukuba sisisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi sethu. Nokho, ukukhathalela izinto ezingokomoya kuqala kuyosenza siphile ukuphila okunemivuzo nokwanelisayo.

Umphostoli uPawulu usikhumbuza ukuba ‘siqhubeke siqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.’ Ukuqinisekisa kwethu kumelwe kuhilele ukuhlola izisusa zethu nezifiso zenhliziyo. Umphostoli uqhubeka athi: “Qhubekani niqonda ukuthi iyini intando kaJehova.” (Efesu 5:10, 17) Yini-ke eyamukelekayo kuJehova? Isaga seBhayibheli siyaphendula: “Ukuhlakanipha kuyinto eyinhloko. Zuza ukuhlakanipha; kanye nakho konke okuzuzayo, zuza ukuqonda. Kwazise kakhulu, kuyokuphakamisa.” (IzAga 4:7, 8, NW) UJehova uyajabula ngomuntu ozuza futhi asebenzise ukuhlakanipha kokumhlonipha. (IzAga 23:15) Into enhle ngalokho kuhlakanipha ukuthi ngeke wephucwe kona noma konakaliswe. Empeleni, kuba yisivikelo futhi kukulonde “endleleni yobubi nakubantu abakhuluma okuphambeneyo.”—IzAga 2:10-15.

Khona-ke, kuwukuhlakanipha ukumelana nanoma ikuphi ukuthambekela ekubeni singazinaki izinto ezingokomoya! Kudingeka sihlakulele isimo sengqondo sokwazisa amazwi kaJehova nokumesaba okunempilo. (IzAga 23:17, 18) Nakuba umuntu engasizuza noma nini ekuphileni isimo sengqondo esinjalo, kungcono kakhulu ukuba sibe nalo mkhuba omuhle futhi sigxilise izimiso zeBhayibheli ebuntwini bethu sisebasha. “Khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho,” kusho inkosi ehlakaniphile uSolomoni.—UmShumayeli 12:1.

Indlela ejule kunazo zonke yokuhlakulela ukwazisa ngoJehova iwukuba umuntu athandaze kuye nsuku zonke. UDavide wakuqaphela ukubaluleka kokuthulula isifuba sakhe kuJehova, ngoba wacela: “Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ulalele ukumemeza kwami; ungathuli ngezinyembezi zami.” (IHubo 39:12) Ingabe ukujula kobuhlobo bethu noNkulunkulu kuke kusithinte imizwelo size sifikelwe izinyembezi? Ngempela, lapho sivama ukukhuluma noJehova ngezinto ezisekujuleni kwenhliziyo futhi sizindla ngeZwi lakhe, kuba yilapho esondela kakhulu kithi.—Jakobe 4:8.

Funda Ukulalela

UMose ngenye indoda yokholo eyakuqaphela ukuthi yencike kuNkulunkulu. NjengoDavide, uMose wayebona ukuthi ukuphila kugcwele izinkathazo. Ngakho wacela uNkulunkulu ukuba ambonise ukuthi ‘angazibala kanjani izinsuku zakhe, azuze inhliziyo enokuhlakanipha.’ (IHubo 90:10-12) Inhliziyo enokuhlakanipha ingatholakala kuphela ngokufunda imithetho nezimiso zikaJehova nangokuphila ngazo. UMose wayekwazi lokhu, ngakho walwela ukugxilisa lelo qiniso elibalulekile esizweni sakwa-Israyeli ngokuphinda imithetho nezimiso zikaNkulunkulu ngaphambi kokuba lesi sizwe sidle iZwe Lesithembiso. Noma iyiphi inkosi engumuntu uJehova ayeyoyikhetha ukuba ibuse u-Israyeli kwakufanele izibhalele ikhophi yoMthetho iyifunde zonke izinsuku zokuphila kwayo. Ngani? Ukuze ifunde ukumesaba uNkulunkulu. Lokhu kwakuyovivinya ukulalela kwenkosi. Kwakuyoyivikela, inhliziyo yayo ingaphakami ngaphezu kwabafowabo futhi kwakuyokwandisa izinsuku zayo zokubusa. (Duteronomi 17:18-20) Lesi sithembiso saphindwa lapho uJehova ethi kuSolomoni indodana kaDavide: “Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho.”—1 AmaKhosi 3:10-14.

Ukulalela kuyinto ebaluleke kakhulu kuNkulunkulu. Uma singazithatha kalula izici ezithile zezimfuneko nemiyalo kaJehova njengokungathi azibalulekile, nakanjani uyosiphawula isimo sengqondo esinjalo. (IzAga 15:3) Ukwazi lokhu kufanele kusenze sihlale sizihlonipha kakhulu zonke iziqondiso zikaJehova, ngisho noma ukwenza kanjalo kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi. USathane wenza konke angakwenza ukuze ‘avimbe indlela yethu’ njengoba silwela ukugcina imithetho nemiyalo kaNkulunkulu.—1 Thesalonika 2:18.

Kubaluleke ngokukhethekile ukulalela iseluleko semiBhalo sokuba sihlangane ndawonye ukuze sikhulekele futhi sijabulele ubudlelwane. (Duteronomi 31:12, 13; Heberu 10:24, 25) Ngakho kuhle sizibuze: ‘Ingabe nginakho ukuzimisela nokuphikelela okudingekayo ukuze ngenze izinto ezinenzuzo ngempela?’ Ukudebeselela ukuhlangana nabanye emihlanganweni yobuKristu nemfundo etholakala khona ngoba sizama ukuthola ukulondeka ngokwezimali kungabenza buthaka ubuhlobo bethu noJehova. Umphostoli uPawulu wabhala: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, kuyilapho naneliswa izinto ezikhona. Ngoba [uJehova] uthe: ‘Angisoze ngakushiya noma ngakulahla nganoma iyiphi indlela.’” (Heberu 13:5) Ukuyilalela ngokuzithandela imiyalo kaJehova kubonisa ukuthi simethemba ngokuphelele ukuthi uyosinakekela.

UJesu wafunda ukulalela, wazuza. Nathi singenza kanjalo. (Heberu 5:8) Lapho siqhubeka sihlakulela ukulalela, kuyoba lula ngokwengeziwe, ngisho nasezintweni ezincane. Yiqiniso, ngenxa yobuqotho bethu, kungase kudingeke sibekezelele ukuphathwa kabi ngisho nangonya. Lokhu kungenzeka ikakhulukazi emsebenzini, esikoleni, noma emkhayeni ohlukene phakathi ngokwenkolo. Nokho, ayasiduduza amazwi ashiwo kuma-Israyeli okuthi uma ‘emthanda uJehova ngokulalela izwi lakhe nangokunamathela kuye, wayeyoba ngukuphila kwawo nobude bezinsuku zawo.’ (Duteronomi 30:20) Nathi sithenjiswe okufanayo.

Sisebenzise Ngokuhlakanipha Isikhathi

Ukusebenzisa isikhathi sethu ngokuhlakanipha nakho kuyosisiza senze izinsuku zethu zamukeleke kuJehova. Ngokungafani nemali engaqongeleleka, isikhathi kumelwe sisetshenziswe, kungenjalo siyolahleka. Ihora ngalinye elidlulayo lihamba unomphela. Njengoba okumelwe kwenziwe kuhlale kukuningi kunalokho esingakwenza, ingabe isikhathi sethu sisisebenzisa ngokuvumelana nemigomo yethu ekuphileni? Umgomo oyinhloko wawo wonke amaKristu kufanele kube ukuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.

Siyokwazi ukusebenzisa isikhathi sethu ngokuhlakanipha kuphela uma sikuqaphela ngokujulile ukubaluleka kwaso. Ngokufanelekayo, eyabase-Efesu 5:16 isikhuthaza ukuba ‘sizithengisisele ithuba,’ futhi lokhu kusikisela ukudela izinto ezingabalulekile kangako. Kusho ukunciphisa iminako echitha isikhathi. Ukweqisa ekubukeleni ithelevishini noma ekubhekabhekeni i-Internet, ekufundeni izincwadi zezwe ezingenanzuzo, noma ukukufuna ngokweqile ukuzilibazisa nokuzijabulisa kungasishiya sikhathele. Ngaphezu kwalokho, ukubutha izinto ezibonakalayo ngokweqile kungadla isikhathi esisidingela ukuzuza inhliziyo enokuhlakanipha.

Abantu abagqugquzela ukusetshenziswa kahle kwesikhathi bathi: “Ngeke ukwazi ukusisebenzisa kahle isikhathi sakho uma ungenayo imigomo ecacile.” Basikisela izici ezinhlanu ezidingekayo ekubekeni imigomo: mayibe ecacile, elinganisekayo, efinyelelekayo, engokoqobo futhi enqunyelwe isikhathi.

Omunye umgomo onenzuzo ukuthuthukisa ukufunda kwethu iBhayibheli. Isinyathelo sokuqala siwukwenza umgomo wethu ucace—ukufunda lonke iBhayibheli. Esilandelayo ukwenza umgomo wethu ulinganiseke. Ngokwenza lokhu, singakwazi ukubona ukuthi sithuthuka kanjani. Imigomo kufanele isenze senze umzamo owengeziwe futhi sikhule. Kumelwe ifinyeleleke futhi ibe ngokoqobo. Kumelwe sicabangele amakhono, ulwazi, nesikhathi esinaso. Abanye bangase badinge isikhathi esengeziwe ukufinyelela umgomo othile. Okokugcina, umgomo wethu kudingeka unqunyelwe isikhathi. Ukubeka usuku lokufeza okuthile kungenza sizimisele nakakhulu ukukwenza.

Wonke amalungu omkhaya waseBethel, akhonza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova noma kwelinye lamagatsha ayo emhlabeni wonke, anomgomo ocacile wokulifunda lonke iBhayibheli ngonyaka wawo wokuqala eseBethel. Ayaqaphela ukuthi ukufunda iBhayibheli okunenzuzo kuthuthukisa ukukhula kwawo okungokomoya futhi kuwenze abe nobuhlobo obuseduze nakakhulu noJehova, owafundisa okuwasizayo. (Isaya 48:17) Singakwenza yini nathi ukufunda iBhayibheli njalo kube umgomo wethu?

Izinzuzo Zokwenza Izinsuku Zethu Zibe Nenjongo

Ukunaka izinto ezingokomoya kuqala kuyoletha izibusiso eziningi. Ngokwesibonelo, kunikeza umuzwa wokuthi sifeze okuthile kwenze nokuphila kwethu kube nenjongo. Ukukhuluma njalo noJehova ngomthandazo osuka enhliziyweni kusenza sisondelane naye nakakhulu. Kona kanye ukuthandaza kubonisa ukuthi sithembele kuye. Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke nezincwadi ezisekelwe kulo ezivela ‘esigqileni esikholekile nesiqondayo’ kubonisa ukuzimisela kwethu ukulalela uNkulunkulu njengoba ekhuluma nathi. (Mathewu 24:45-47) Lokhu kusisiza ukuba sizuze inhliziyo enokuhlakanipha ukuze senze izinqumo ezifanele futhi sikhethe ngokufanele ekuphileni.—IHubo 1:1-3.

Siyakujabulela ukulalela imiyalo kaJehova, ngoba akuwona umthwalo. (1 Johane 5:3) Njengoba senza usuku ngalunye lube olwamukelekayo kuJehova, siqinisa ubuhlobo bethu naye. Futhi siba yinsika yangempela engokomoya kumaKristu esikanye nawo. Izenzo ezinjalo zenza uJehova uNkulunkulu ajabule. (IzAga 27:11) Awukho umvuzo omkhulu kunokwamukelwa uJehova manje naphakade!

[Isithombe ekhasini 21]

AmaKristu azibheka njengezibalulekile izinto ezingokomoya

[Izithombe ekhasini 22]

Ingabe usisebenzisa ngokuhlakanipha isikhathi sakho?

[Isithombe ekhasini 23]

Njengoba senza usuku ngalunye lwamukeleke kuJehova siqinisa ubuhlobo bethu naye