Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Yalusani Umhlambi KaNkulunkulu”

“Yalusani Umhlambi KaNkulunkulu”

“Wozani Kimi, . . . Ngizonenza Niqabuleke”

“Yalusani Umhlambi KaNkulunkulu”

“Nihlale nikulungele ukulalela nokusikhuthaza ngamazwi avela eBhayibhelini.”—uPamela.

“Siyabonga ngakho konke enisenzela kona. Kwenza lukhulu ngempela.”—uRobert.

UPAMELA noRobert bashukumiseleka ukuba babhalele abadala abangamaKristu la mazwi okubonga emabandleni abo. Nabanye phakathi kwezinceku zikaNkulunkulu emhlabeni wonke bayabonga ngokusekelwa nokunakekelwa okuqhubekayo abakuthola kulabo ‘abelusa umhlambi kaNkulunkulu.’ (1 Petru 5:2) Ngempela, abantu bakaJehova bayabonga ngezinto eziningi abadala ababenzela zona nangendlela abazenza ngayo.

‘Banokuningi Kokukwenza’

Abadala abangamaKristu baphathiswe imithwalo eminingi. (Luka 12:48) Balungiselela izinkulumo zemihlangano yebandla futhi bahlanganyele ekushumayeleni obala izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Imisebenzi yabo ihlanganisa ukuhambela kokwalusa labo abakholwa nabo. Abadala bazinika isikhathi sokuba nalabo abadinga ukunakekelwa okukhethekile—asebekhulile nabanye—bebe bengayidebeseleli inhlalakahle engokomoya nengokwenyama yemikhaya yabo. (Jobe 29:12-15; 1 Thimothewu 3:4, 5; 5:8) Abanye abadala basiza ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso. Abanye bakhonza emaKomitini Okubonisana Nezibhedlela noma bangamalungu amaQembu Avakashela Iziguli. Abaningi babo baba izisebenzi zokuzithandela emihlanganweni yesifunda neyesigodi. Yebo, abadala ‘banokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Korinte 15:58) Shono abadala abazikhandla kangaka baziswa kakhulu yilabo ababanakekelayo!—1 Thesalonika 5:12, 13.

Abadala abawavakashela njalo amaKristu abakanye nawo ekhaya noma kwezinye izindawo ukuze bawaqinise ngokomoya bawumthombo wesikhuthazo. “Ukube kwakungengenxa yokusekela kothando nesikhuthazo sabadala,” kusho uThomas, owakhula engenayise ekhaya, “angicabangi ukuthi ngabe ngikhonza uJehova njengesikhonzi sesikhathi esigcwele namuhla.” Intsha eningi eyakhulela emikhayeni enomzali oyedwa iyavuma ukuthi ukunakekelwa abadala kwayisiza yaba nobuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu.

Nasebekhulile ebandleni bayakwazisa kakhulu ukuhanjelwa kokwalusa. Ngemva kokuba uvakashelwe abadala ababili, umbhangqwana oyizithunywa zevangeli oseminyakeni yawo-80 ubudala wabhala: “Sifuna ukunibonga ngokusivakashela kwenu esakujabulela kakhulu. Ngemva kokuba senihambile, saphinde sayifunda imibhalo enanixoxe nathi ngayo. Asisoze sawakhohlwa amazwi enu ayisikhuthazo.” Umfelokazi oneminyaka engu-70 wabhalela abadala: “Bengilokhu ngithandaza kuJehova ngicela usizo, wathumela nina nobabili kwami. Ukuvakasha kwenu kube isibusiso esivela kuJehova!” Ingabe usanda kuzuza ekuhambeleni kwabadala bebandla lenu? Ngokuqinisekile, sonke siyayazisa imizamo yabo yokwalusa umhlambi abawuphathisiwe!

Abelusi Abalingisa UNkulunkulu NoKristu

UJehova unguMalusi onothando. (IHubo 23:1-4; Jeremiya 31:10; 1 Petru 2:25) UJesu Kristu naye unguMalusi ovelele ongokomoya. Eqinisweni, ubizwa ngokuthi “umalusi omuhle” nangokuthi “umalusi omkhulu.” (Johane 10:11; Heberu 13:20; 1 Petru 5:4) UJesu wabaphatha kanjani labo ababefisa ukuba abafundi bakhe? Wabamema ngokufudumele: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.”—Mathewu 11:28.

Abadala namuhla nabo bazama ukuba umthombo wokuqabuleka nesivikelo emhlambini. Amadoda anjalo ‘aba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.’ (Isaya 32:2) Abavikeli abanjalo abanomusa baletha ukuqabuleka, bahlonishwe umhlambi, futhi bamukelwe uNkulunkulu.—Filipi 2:29; 1 Thimothewu 5:17.

Ukusekela Okuyigugu Kwamakhosikazi Abo

Abantu bakaNkulunkulu bayabazisa abadala abangamaKristu nokusekela la madoda akuthola emakhosikazini awo. Ukusekela okunjalo ngokuvamile kudinga ukuzidela kulabo besifazane. Ngezinye izikhathi, baba sekhaya ngenkathi abayeni benakekela izindaba zebandla noma benza ukuhambela kokwalusa. Ngezinye izikhathi, kuhlehliswa izinto ebesezihlelwe ngokucophelela ngenxa yokuphakama kwenkinga ethile ephuthumayo ebandleni. UMichelle wathi: “Noma kunjalo, lapho ngibona indlela umyeni wami amatasa ngayo elungiselela imihlangano noma enza ukuhambela kokwalusa, ngikhumbula njalo ukuthi wenza umsebenzi kaJehova, ngizame ukumsekela ngokusemandleni ami.”

UCheryl, naye oshade nomdala, wathi: “Ngiyazi ukuthi abazalwane nodade ebandleni bayabadinga abadala ukuze bakhulume nabo, futhi ngifuna bazi ukuthi bangeza noma nini kumyeni wami uma bemdinga.” Abesifazane abasekelayo njengoMichelle noCheryl, ngokuzithandela badela okuthile ukuze abayeni babo bakwazi ukunakekela izimvu zikaNkulunkulu. Amakhosikazi abadala ayaziswa ngomoya wawo wokusekela.

Nokho, umdala omatasa akumelwe angazinaki izidingo ezingokomoya nezinye, ezomkakhe nezezingane. Umdala oshadile kumelwe ‘kungabi nacala abekwa lona, abe indoda enomfazi oyedwa, enabantwana abakholwayo abangekho ngaphansi kwecala lokuzitika ngamanyala noma abangalawuleki.’ (Thithu 1:6) Kumelwe anakekele umkhaya wakhe ngendlela enokwesaba uNkulunkulu, efunwa imiBhalo kubabonisi abangamaKristu.—1 Thimothewu 3:1-7.

Kumdala omatasa, inkosikazi esekelayo iyigugu elikhulu! Bazizwa kanjalo abadala abashadile abakhathalelayo. Kunjengoba nje iBhayibheli lisho: “Ingabe umuntu uthole umfazi omuhle? Uthole into enhle.” (IzAga 18:22, NW) Ngamazwi nangezenzo, abadala abanjalo bawabonisa ngokusuka enhliziyweni amakhosikazi abo ukuthi bayawazisa. Ngaphezu kokuthandaza ngobuqotho nokutadisha kamnandi ndawonye, le mibhangqwana eshadile engamaKristu ibekela eceleni isikhathi sokujabulela izinto ezinjengokuhambahamba ebhishi, ukushaywa umoya phandle, noma ukungcebeleka epaki. Yebo, abadala bayakujabulela ukunakekela omkabo ngothando.—1 Petru 3:7.

Abadala abelusa umhlambi kaNkulunkulu ngokungenabugovu bawumthombo wokuqabuleka okungokomoya kubantu bakaJehova. Ngempela ‘bayizipho ezingabantu,’ isibusiso ebandleni!—Efesu 4:8, 11-13.