Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe isAmbulo 20:8 kufanele sisenze siphethe ngokuthi liyoba likhulu kakhulu inani labantu abadukiswa uSathane ovivinyweni lokugcina?

IsAmbulo 20:8 sikhuluma ngoSathane ehlasela okokugcina abantu abasemhlabeni ekupheleni kokubusa kweminyaka eyinkulungwane koMbuso kaMesiya. Likhuluma ngoSathane, leli vesi lithi: “Uyophumela ukudukisa lezozizwe ezisemagumbini amane omhlaba, oGogi noMagogi, ukuze azibuthele ndawonye empini. Isibalo sazo singangesihlabathi solwandle.”

Naphezu kwentuthuko yezindlela namathuluzi esayensi, ubungako nenani ‘lesihlabathi solwandle’ akukaziwa namanje. Ngakho, kungashiwo ukuthi le nkulumo imelela inani elingaziwa, elinganqunyiwe. Kodwa ingabe isho intilibathwa, inani elikhulu kakhulu, noma imane isho inani elingaziwa kodwa eliwumthamo?

EBhayibhelini, inkulumo ethi “ngangesihlabathi solwandle” isetshenziswa ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, kuGenesise 41:49, siyafunda: “UJosefa waqongelela amabele angangesihlabathi solwandle, okuningi kakhulu, waze wayeka ukubala, ngokuba kwakungenakubalwa.” Lapha kugcizelelwa ukuthi amabele ayengenakubalwa. Ngokufanayo, uJehova wathi: “Njengebandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami.” Njengoba nje kuqinisekile ukuthi izinkanyezi ezisemkhathini nesihlabathi solwandle akunakubalwa, uJehova uyosigcwalisa ngokuqiniseke kanjalo isithembiso sakhe kuDavide.—Jeremiya 33:22.

Ngokuvamile inkulumo ethi ‘isihlabathi solwandle’ ibhekisela entweni eningi noma enkulu ngokumangalisayo. EGiligali, ama-Israyeli akhathazeka kakhulu ngenxa yebutho lamaFilisti elalibuthene eMikimashi, ‘elalingangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.’ (1 Samuweli 13:5, 6; AbAhluleli 7:12) Futhi “uNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle.” (1 AmaKhosi 4:29) Nakuba ngakunye okwakukhulunywa ngakho lapha kwakukukhulu, kwakusengalinganiseka.

‘Isihlabathi solwandle’ singasho nenani elingaziwa, kungekhona ukuthi likhulu kakhulu. UJehova watshela u-Abrahama: “[Ngiyakwandisa] nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle.” (Genesise 22:17) Lapho esiphinda kumzukulu ka-Abrahama uJakobe lesi sithembiso, uJehova wasebenzisa inkulumo ethi ‘uthuli lomhlabathi,’ uJakobe ayibeka ngokuthi ‘isihlabathi solwandle.’ (Genesise 28:14; 32:12) Kwagcina kuvelile ukuthi “inzalo” ka-Abrahama, ngaphandle kukaJesu Kristu, iyinani labangu-144 000, uJesu ababiza ngokuthi ‘umhlambi omncane.’—Luka 12:32; Galathiya 3:16, 29; IsAmbulo 7:4; 14:1, 3.

Sifundani kulezi zibonelo? Ukuthi inkulumo ethi “ngangesihlabathi solwandle” ayisho ngaso sonke isikhathi inani noma ubungako obukhulu kakhulu. Ngokuvamile imelela inani elingaziwa kodwa elilinganisekayo. Ngakho, kunengqondo ukukholelwa ukuthi isixuku esiyohlubuka sisekele uSathane lapho ehlasela abantu bakaNkulunkulu okokugcina ngeke sibe sikhulu kakhulu, kodwa siyoba umthamo sibe sikhulu ngokwanele ukuba sibe usongo. Nokho, okwamanje inani laso alaziwa.