Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isifundo Somuntu Siqu Esisihlomisela Ukuba Abafundisi

Isifundo Somuntu Siqu Esisihlomisela Ukuba Abafundisi

Isifundo Somuntu Siqu Esisihlomisela Ukuba Abafundisi

“Zindla ngalezizinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu. Zinake njalo wena nokufundisa kwakho.”—1 THIMOTHEWU 4:15, 16.

1. Yini engashiwo ngesikhathi nangesifundo somuntu siqu?

“KONKE kunesikhathi sakho,” kusho iBhayibheli kumShumayeli 3:1. Kuyiqiniso ngempela lokho ngesifundo somuntu siqu. Abaningi bakuthola kunzima ukuzindla ngezinto ezingokomoya uma kungesona isikhathi nendawo efanele. Ngokwesibonelo, ngemva kosuku olunzima emsebenzini, usudle wasutha kusihlwa, ubungazizwa yini uthanda ukutadisha, ikakhulukazi lapho uhlezi wenebe esihlalweni sakho esithokomele phambi kwe-TV? Akubonakali kanjalo. Pho, liyini ikhambi? Kusobala ukuthi kufanele sikhethe isikhathi nendawo esingatadishela kuyo ukuze sizuze ngokugcwele kangangokunokwenzeka emizamweni yethu.

2. Ngokuvamile yisiphi isikhathi esingcono kakhulu sesifundo somuntu siqu?

2 Abaningi bathola ukuthi isikhathi esingcono kakhulu kubo sokutadisha kusekuseni kakhulu besaqabulekile. Abanye basebenzisa ikhefu lasemini ukuze batadishe isikhashana. Phawula isikhathi ezenziwa ngaso izinto ezingokomoya ezibalulekile ezibonelweni ezilandelayo. INkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo yabhala: “Ngizwise umusa wakho ekuseni, ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.” (IHubo 143:8) Umprofethi u-Isaya wabonisa ukwazisa okufanayo lapho ethi: “INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.” Iphuzu liwukuthi kudingeka sitadishe futhi sixhumane noJehova lapho izingqondo zethu ziphapheme, kungakhathaliseki ukuthi isikhathi sini sosuku.—Isaya 50:4, 5; IHubo 5:3; 88:13.

3. Kufuneka izimo ezinjani ukuze ukutadisha kube okuphumelelayo?

3 Esinye isici ekutadisheni ngokuphumelelayo ukuthi akufanele sikhethe ukuhlala esihlalweni esithokomele kakhulu noma kusofa. Lokhu ngeke kusenze sihlale siphapheme. Lapho sitadisha, izingqondo zethu kumelwe zisebenze, kanti ukuthokomala ngokweqile kwenza okuphambene. Okunye okufunekayo ekutadisheni nasekuzindleni indawo ethulile nengenaziphazamiso. Ukuzama ukutadisha kudlala umsakazo, i-TV, noma uphazanyiswa izingane ngeke kube nemiphumela ekahle kakhulu. Lapho uJesu efuna ukuzindla, waya endaweni ethulile. Wakhuluma nangokubaluleka kokuthola indawo engenamuntu ukuze uthandaze.—Mathewu 6:6; 14:13; Marku 6:30-32.

Isifundo Somuntu Siqu Esisihlomisela Ukuphendula

4, 5. Isiza ngaziphi izindlela incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?

4 Isifundo somuntu siqu siyanelisa uma sisebenzisa izinsiza-kutadisha zeBhayibheli ukuze simbe ngokujulile endabeni ethile, ikakhulukazi lapho sifuna ukuphendula imibuzo yomuntu eqotho. (1 Thimothewu 1:4; 2 Thimothewu 2:23) Abaningi abasaqala ukuhlanganyela baqala ngokutadisha incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?, * manje etholakala ngezilimi ezingu-261. Le ncwajana ilula kakhulu kodwa ishaya emhloleni futhi isekelwe ngokuphelele eBhayibhelini. Isiza abafundi bayo ukuba baqonde ngokushesha ukuthi ziyini izimfuneko zikaNkulunkulu ekukhulekeleni kweqiniso. Nokho, indlela ehlelwe ngayo ayikuvumeli ukutadishwa kwendaba ngayinye ngokuningiliziwe. Uma umuntu omfundelayo ebuza imibuzo ejulile ngezindaba ezithile zeBhayibheli enixoxa ngazo, ungakuthola kanjani ukwaziswa okwengeziwe kweBhayibheli okungamsiza aphenduleke leyo mibuzo?

5 Kulabo abane-Watchtower Library kuyi-CD-ROM ngezilimi zabo, kulula ukuthola imithombo eminingi yokwaziswa kuyi-computer. Kodwa kuthiwani ngalabo abangenayo? Ake sihlole izindaba ezimbili encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ukuze sibone ukuthi singakwandisa kanjani ukuqonda kwethu futhi sikwazi ukunikeza impendulo eningiliziwe—ikakhulukazi uma umuntu ebuza imibuzo enjengokuthi Ungubani uNkulunkulu, nokuthi wayenjani ngempela uJesu?—Eksodusi 5:2; Luka 9:18-20; 1 Petru 3:15.

Ungubani UNkulunkulu?

6, 7. (a) Imuphi umbuzo ovelayo mayelana noNkulunkulu? (b) Iyiphi into ebalulekile omunye umfundisi angayishongo enkulumweni yakhe?

6 ISifundo 2 encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? siphendula umbuzo obalulekile othi, Ungubani uNkulunkulu? Leli iphuzu elibalulekile ngoba umuntu akanakukwazi ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso uma engamazi noma mhlawumbe engabaza ukuthi ukhona. (Roma 1:19, 20; Heberu 11:6) Nokho, abantu emhlabeni wonke banezinkolelo eziningi ngokuthi ungubani uNkulunkulu. (1 Korinte 8:4-6) Yileyo naleyo filosofi yenkolo inempendulo ehlukile yokuthi ungubani uNkulunkulu. KweLobukholwa izinkolo eziningi zibheka uNkulunkulu njengoZiqu-zintathu. Omunye umfundisi ovelele wase-United States wanikeza inkulumo enesihloko esithi “Ingabe Uyamazi UNkulunkulu?” kodwa akazange nakanye enkulumweni yakhe aliphathe igama likaNkulunkulu, ngisho noma acaphuna kaningi emiBhalweni YesiHeberu. Kwakufanele, ingani wayefunda inguqulo yeBhayibheli esebenzisa isiqu esingacacile nesingagaguli gama esithi “Nkosi” esikhundleni segama elithi Jehova noma Yahweh.

7 Yeka iphuzu elibalulekile lowo mfundisi angalitholanga lapho efunda uJeremiya 31:33, 34: “‘Ngeke besafundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, nalowo nalowo umfowabo, bathi: “Yazi iNkosi” [ngesiHeberu, “Yazi uJehova”], ngoba bonke bayongazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,’ isho iNkosi [ngesiHeberu, usho uJehova].” Le nguqulo ayisebenzisa yayingenalo igama likaNkulunkulu, elithi Jehova.—IHubo 103:1, 2.

8. Yini ebonisa ukubaluleka kokusebenzisa igama likaNkulunkulu?

8 IHubo 8:9 liyabonisa ukuthi kungani kubaluleke kangaka ukusebenzisa igama likaJehova: “Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!” Qhathanisa lokhu nokuthi: “O NKOSI, Nkosi yethu, liyababazeka igama lakho emhlabeni wonke!” (I-King James Version; bheka ne-New American Bible, ne-Holy Bible—New International Version, ne-Tanakh—The Holy Scriptures) Nokho, njengoba kushiwo esihlokweni esandulele, singaluthola “ulwazi ngoNkulunkulu” uma sivumela iZwi lakhe lisikhanyisele. Kodwa iyiphi insiza-kutadisha yeBhayibheli engasiphendulela ngokushesha imibuzo mayelana nokubaluleka kwegama likaNkulunkulu?—IzAga 2:1-6.

9. (a) Iyiphi incwadi engasisiza sichaze ukubaluleka kokusebenzisa igama likaNkulunkulu? (b) Abahumushi abaningi bahluleke kanjani ukubonisa ukuhlonipha igama likaNkulunkulu?

9 Singasebenzisa incwajana ethi Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade, ehunyushelwe ezilimini ezingu-69. * Ingxenye enesihloko esithi “Igama LikaNkulunkulu—Elikushoyo Nokuphinyiselwa Kwalo” (emakhasini 6-11) ibonisa ngokucacile ukuthi i-Tetragrammaton yesiHeberu (okususelwa esiGrekini esisho ukuthi “izinhlamvu ezine”) ivela izikhathi ezingu-7 000 emibhalweni yasendulo yesiHeberu. Kodwa, abefundisi nabahumushi benkolo yobuJuda nabeLobukholwa balikhiphe ngamabomu ezinguqulweni zabo eziningi zeBhayibheli. * Bangasho kanjani ukuthi bayamazi uNkulunkulu futhi banobuhlobo obamukelekayo naye uma benqaba ukumbiza ngegama lakhe? Igama lakhe langempela lenza siqonde ukuthi ziyini izinjongo zakhe nokuthi ungubani. Ngaphezu kwalokho, inanzuzoni ingxenye yomthandazo kaJesu oyisibonelo ethi “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho” uma igama likaNkulunkulu lingasetshenziswa nokusetshenziswa?—Mathewu 6:9; Johane 5:43; 17:6.

Ungubani UJesu Kristu?

10. Yiziphi izindlela esingathola ngazo umbono ophelele wokuphila nenkonzo kaJesu?

10 ISifundo 3 kwethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? sinesihloko esithi “Ungubani UJesu Kristu?” Ezigabeni eziyisithupha nje, sinikeza incazelo emfushane ngoJesu, imvelaphi yakhe nangenjongo yokuza kwakhe emhlabeni. Nokho, uma ufuna indaba ephelele yokuphila kwakhe, ngaphandle kokulandisa kwamaVangeli ngokwako ayikho incwadi engcono kunethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, etholakala ngezilimi ezingu-111. * Le ncwadi izilandisa ngokulandelana kwazo zonke izenzakalo zokuphila kukaKristu nezimfundiso zakhe, ngokusekelwe emaVangelini womane. Izahluko zayo ezingu-133 zihlanganisa izenzakalo zokuphila kukaJesu nenkonzo yakhe. Ukuze uthole ingxoxo ehlukile, ehlaziyayo, ungabheka i-Insight, Umqulu 2, ngaphansi kwesihloko esithi “Jesus Christ.”

11. (a) Yini eyenza oFakazi BakaJehova bahluke kwabakukholelwayo ngoJesu? (b) Yimiphi eminye yemibhalo yeBhayibheli eyiphikisa ngokucacile imfundiso kaZiqu-zintathu, futhi iyiphi incwadi esizayo kulokhu?

11 KweLobukholwa impikiswano ngoJesu igxile ekutheni ingabe “uyiNdodana kaNkulunkulu” ebe futhi “enguNkulunkulu iNdodana”—ngamanye amazwi, kuphikiswana ngalokho i-Catechism of the Catholic Church ekubiza ngokuthi “indida eyinhloko yenkolo yobuKristu,” uZiqu-zintathu. OFakazi BakaJehova, ngokungafani nezinkolo zeLobukholwa, bakholelwa ukuthi uJesu uvela kuNkulunkulu kodwa akayena uNkulunkulu. Ingxoxo ekahle kakhulu yale ndaba itholakala encwajaneni ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, ehunyushelwe ezilimini ezingu-95. * Phakathi kwemibhalo eminingana eyisebenzisayo ekuphikiseni imfundiso kaZiqu-zintathu uMarku 13:32 neyoku-1 Korinte 15:24, 28.

12. Imuphi omunye umbuzo okudingeka siwuphendule?

12 Izingxoxo ezingenhla mayelana noNkulunkulu noJesu Kristu zibonisa izindlela esingasenza ngayo isifundo somuntu siqu ukuze sisize abangajwayelene neqiniso leBhayibheli ukuba bathole ulwazi olunembile. (Johane 17:3) Nokho, kuthiwani ngalabo asebeneminyaka eminingi behlanganyela nebandla lobuKristu? Njengoba sebeqongelele ulwazi lweBhayibheli, kusadingeka yini benze isifundo somuntu siqu seZwi likaJehova?

Kungani Kumelwe ‘Uzinake Njalo’?

13. Imuphi umbono oyiphutha abanye abangaba nawo ngesifundo somuntu siqu?

13 Abanye asebeneminyaka eminingi bengamalungu ebandla bangase babe nomkhuba wokuthembela olwazini lweBhayibheli abaluthola besaqala ukuba oFakazi BakaJehova. Kulula ukuzitshela ukuthi: “Akudingeki ngitadishe kakhulu njengabasanda kuhlanganyela. Bheka nje ukuthi sengilifunde kangaki iBhayibheli nezinye izincwadi zalo eminyakeni edlule.” Lokhu kungafana nokuthi: “Akusadingeki nginake kakhulu ukuthi ngidlani, ngoba kade kwasa ngidla.” Siyazi ukuthi umzimba udinga ukondliwa njalo ngokudla okunempilo, okulungiswe kahle, ukuze uhlale unempilo namandla. Kakhulu kanganani-ke ngokunakekela impilo namandla ethu angokomoya!—Heberu 5:12-14.

14. Kungani kudingeka sizinake njalo?

14 Ngakho, sonke kungakhathaliseki ukuthi sesinesikhathi eside singabafundi beBhayibheli noma cha, kudingeka silalele lesi seluleko sikaPawulu kuThimothewu, ngaleso sikhathi owayesengumbonisi ovuthiwe, onemithwalo yemfanelo: “Zinake njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezizinto, ngoba ngokwenza lokhu uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.” (1 Thimothewu 4:15, 16) Kungani kufanele silalele iseluleko sikaPawulu? Khumbula, uPawulu wathi futhi silwa “namaqhinga kaDeveli” “nendikimba yomoya ababi esezindaweni zasezulwini.” Futhi umphostoli uPetru waxwayisa wathi uDeveli ‘ufuna ukushwabadela othile,’ futhi lowo “othile” kungaba inoma ubani kithi. Ukunganaki kwethu kungaba ilona thuba alifunayo.—Efesu 6:11, 12; 1 Petru 5:8.

15. Sinasiphi isivikelo esingokomoya, futhi singasinakekela kanjani?

15 Ngakho, sinasiphi isivikelo? Umphostoli uPawulu uyasikhumbuza: “Thathani sonke isambatho sokuzivikela esivela kuNkulunkulu, ukuze nikwazi ukuzabalaza ngosuku olubi, nokuba, ngemva kokuba senenze zonke izinto ngokuphelele, nime niqinile.” (Efesu 6:13) Ukusebenza kwaleso sambatho sokuzivikela esingokomoya akuxhomekile nje kuphela esimweni saso ekuqaleni kodwa futhi nasekusinakekeleni njalo. Ngakho, leso sambatho esiphelele esivela kuNkulunkulu kumelwe sihlanganise nolwazi lwamuva lweZwi likaNkulunkulu. Lokhu kubonisa ukuthi kubalulekile ukuhambisana nokuqonda kwethu iqiniso njengoba lambulwa uJehova ngeZwi lakhe nangesigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo. Isifundo somuntu siqu esenziwa njalo seBhayibheli nezincwadi zalo sibalulekile ekunakekeleni isambatho sethu esingokomoya.—Mathewu 24:45-47; Efesu 6:14, 15.

16. Yini esingayenza ukuze siqiniseke ukuthi ‘isihlangu sethu esikhulu sokholo’ sisesimweni esihle?

16 UPawulu usiveza njengesiyingxenye ebalulekile yesambatho sethu sokuzivikela “isihlangu esikhulu sokholo,” esingavika futhi sicime ngaso izikhali ezijikijelwayo ezivuthayo zikaSathane eziwukuqanjelwa amanga nezimfundiso zezihlubuki. (Efesu 6:16) Ngakho kubalulekile ukuba sihlole ukuthi siqine kangakanani isihlangu sethu sokholo nokuthi yini esingayenza ukuze sisinakekele futhi sisiqinise. Ngokwesibonelo, ungabuza: ‘Ngisilungiselela kanjani isifundo seBhayibheli samasonto onke se-Nqabayokulinda? Ingabe ngilungiselele kahle ngokwanele ukuze sikwazi ‘ukuvuselela abanye othandweni nasemisebenzini emihle’ ngokunikeza izimpendulo ezicatshangwe kahle esifundweni? Ingabe ngiyalivula iBhayibheli sifunde imibhalo ekhonjiwe kodwa yangacashunwa? Ingabe ngiyabakhuthaza abanye ngokuhlanganyela ngentshiseko esifundweni?’ Ukudla kwethu okungokomoya kuqinile, futhi kudingeka sikugayisise ukuze sizuze ngokugcwele.—Heberu 5:14; 10:24.

17. (a) USathane usebenzisa muphi ushevu ukuze azame ukwenza buthaka ingokomoya lethu? (b) Liyini ikhambi likashevu kaSathane?

17 USathane uyabazi ubuthakathaka benyama enesono, futhi amaqhinga akhe acashile. Enye yezindlela andisa ngazo ithonya lakhe ukwenza izithombe ezingcolile zitholakale kalula kuyi-TV, kuyi-Internet, kuma-video nasezincwadini. Amanye amaKristu aye avumela lo shevu wangena esivikelweni sawo esesibuthaka, alahlekelwa amalungelo ebandleni noma kwaba nemiphumela emibi nakakhulu. (Efesu 4:17-19) Liyini ikhambi lalo shevu kaSathane ongokomoya? Akumelwe sidebeselele isifundo somuntu siqu seBhayibheli esenziwa njalo, imihlangano yobuKristu nesambatho esiphelele sokuzivikela esivela kuNkulunkulu. Zizonke, lezi zinto zisenza sikwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi nokuzonda lokho uNkulunkulu akuzondayo.—IHubo 97:10; Roma 12:9.

18. ‘Inkemba yomoya’ ingasisiza kanjani empini yethu engokomoya?

18 Uma sihlala sitadisha njalo iBhayibheli, ngeke nje sibe nesivikelo esiqinile esisithola ngokwazi iZwi likaNkulunkulu ngokunembile kodwa siyoba nesikhali sokuhlasela esiphumelelayo ‘esiyinkemba yomoya, okuwukuthi, izwi likaNkulunkulu.’ Izwi likaNkulunkulu “libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili futhi lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Efesu 6:17; Heberu 4:12) Uma siba ochwepheshe ekusebenziseni leyo “nkemba,” kuyothi lapho sibhekana nezilingo, sikwazi ukuhlahlela lokho okungase kubonakale kungenangozi, noma kukhanga imbala, sikudalule njengogibe lomubi olubulalayo. Inqolobane yethu yolwazi lweBhayibheli nokuliqonda iyosisiza senqabe okubi senze okuhle. Ngakho sonke kudingeka sizibuze: ‘Ingabe inkemba yami ibukhali noma ibuthuntu? Ingabe ngikuthola kunzima ukukhumbula amavesi aseBhayibhelini anginika amandla okuhlasela?’ Masilondoloze imikhuba yethu emihle yesifundo somuntu siqu seBhayibheli kanjalo simelane noDeveli.—Efesu 4:22-24.

19. Iziphi izinzuzo esingazithola uma sizikhandla esifundweni somuntu siqu?

19 UPawulu wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.” Uma siwalalela la mazwi uPawulu awasho kuThimothewu, singaliqinisa ingokomoya lethu senze nenkonzo yethu iphumelele kakhudlwana. Abadala nezinceku ezikhonzayo abangokomoya bangaba usizo olukhulu ebandleni, futhi sonke singahlala siqinile okholweni.—2 Thimothewu 3:16, 17; Mathewu 7:24-27.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Ngokuvamile, umuntu othakazelayo ofunda incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? uqhubekela encwadini ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, zombili ezikhishwa oFakazi BakaJehova. Ukusikisela okunikezwa lapha kuyosiza ekususeni izithiyo entuthukweni yakhe engokomoya.

^ par. 9 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova. Labo abane-Insight on the Scriptures ngolimi lwabo bangabheka Umqulu 2, ngaphansi kwesihloko esithi “Jehovah.”

^ par. 9 Izinguqulo eziningana zeSpanishi nesiCatalonia ziyaphawuleka ngokuhluka kwazo lapho zihumusha i-Tetragrammaton yesiHeberu ngokuthi “Yavé,” “Yahveh,” “Jahvè,” nangokuthi “Jehová.”

^ par. 10 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 11 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Uyakhumbula?

• Iziphi izimo ezenza isifundo somuntu siqu siphumelele?

• Iliphi iphutha izinguqulo eziningi zeBhayibheli ezilenzayo mayelana negama likaNkulunkulu?

• Imiphi imibhalo yeBhayibheli ongayisebenzisa ekuphikiseni imfundiso kaZiqu-zintathu?

• Yini okumelwe siyenze ukuze sizivikele emaqhingeni kaSathane, ngisho noma sekuyiminyaka eminingi singamaKristu eqiniso?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 19]

Ukuze isifundo somuntu siqu siphumelele, udinga indawo ekahle nenge-naziphazamiso

[Izithombe ekhasini 23]

Ingabe ‘inkemba’ yakho ibukhali noma ibuthuntu?