Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Jabulela Isifundo Somuntu Siqu SeZwi LikaNkulunkulu

Jabulela Isifundo Somuntu Siqu SeZwi LikaNkulunkulu

Jabulela Isifundo Somuntu Siqu SeZwi LikaNkulunkulu

“Ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho.”—IHUBO 77:12.

1, 2. (a) Kungani kumelwe sibekele eceleni isikhathi sokuzindla? (b) Kusho ukuthini ukuzindla?

NJENGABAFUNDI bakaJesu Kristu, kufanele sikhathazeke kakhulu ngobuhlobo bethu noNkulunkulu nangezizathu zethu zokumkhonza. Nokho, namuhla iningi labantu liphila ukuphila okusheshayo okubenza bangaziniki isikhathi sokuzindla. Bamatasa kakhulu befuna izinto ezibonakalayo, bethenga futhi befuna injabulo ngokungenangqondo. Singakugwema kanjani lokho kuphishekela ize? Njengoba nje usuku ngalunye sibekela eceleni isikhathi sezinto ezibalulekile, njengokudla nokulala, kumelwe futhi usuku ngalunye sizinike isikhathi sokuzindla ngemisebenzi nezenzo zikaJehova.—Duteronomi 8:3; Mathewu 4:4.

2 Uke ume yini uzindle? Kusho ukuthini ukuzindla? Leli gama lisho ukugxilisa imicabango, ukucabangisisa, ukucabanga noma ukucubungula okuthile ikakhulu buthule, ngokuhluzekile nangokujulile. Kusho ukuthini lokhu kithi?

3. Ukuthuthuka ngokomoya kuhlobene nani kakhulu?

3 Kufanele kusikhumbuze lokho umphostoli uPawulu akubhalela inceku ayekanye nayo uThimothewu: “Lapho ngiseza, qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi, ekukhuthazeni, ekufundiseni. . . . Zindla ngalezizinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.” Yebo, kwakulindeleke intuthuko, futhi amazwi kaPawulu abonisa ukuthi ukuzindla ngezinto ezingokomoya nokuthuthuka kwakuhlobene kakhulu. Kusenjalo nanamuhla. Ukuze sithole ukwaneliseka kokuthuthuka ngokomoya, kusamelwe ‘sizindle’ futhi ‘sigxile’ ezintweni eziphathelene neZwi likaNkulunkulu.—1 Thimothewu 4:13-15.

4. Yiziphi izinto ongazisebenzisa ukuze zikusize uzindle njalo ngeZwi likaNkulunkulu?

4 Isikhathi esingcono kakhulu sokuba uzindle sixhomeke kuwe nasendleleni enihlela ngayo izinto njengomkhaya. Abaningi bazindla ngombhalo weBhayibheli ekuseni kakhulu lapho befunda incwajana Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Eqinisweni, izisebenzi zokuzithandela ezingaba ngu-20 000 emakhaya aseBethel emhlabeni wonke ziqala usuku ngengxoxo yemizuzu engu-15 yombhalo weBhayibheli walolo suku. Nakuba kuba abambalwa kuphela emkhayeni waseBethel abakhulumela itekisi ekuseni, bonke abanye bayazindla ngalokho okushiwoyo nokufundwayo. Abanye oFakazi bazindla ngeZwi likaJehova lapho besendleleni eya emsebenzini. Balalela amakhasethi eBhayibheli nawomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! atholakala ngezilimi ezithile. Omama abaningi abasemakhaya benza lokhu bebe besebenza endlini. Empeleni, balingisa umhubi u-Asafa, owathi: “Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova, yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo, ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho.”—IHubo 77:11, 12.

Isimo Sengqondo Esifanele Siletha Imiphumela Emihle

5. Kungani kufanele sibaluleke kithi isifundo somuntu siqu?

5 Kule nkathi yethu yesimanje yama-TV, ama-video nama-computer, ukufunda sekukhinyabezeke kakhulu. Akufanele neze kube njalo koFakazi BakaJehova. Empeleni, ukufunda iBhayibheli kunjengomzila osixhumanisa noJehova. Eminyakeni eyizinkulungwane edlule, uJoshuwa walandela uMose njengomholi wama-Israyeli. Ukuze athole isibusiso sikaJehova, uJoshuwa kwakudingeka azifundele ngokwakhe iZwi likaNkulunkulu. (Joshuwa 1:8; IHubo 1:1, 2) Kusenjalo nanamuhla. Nokho, ngenxa yemfundo elinganiselwe, abanye bangase bakuthole kunzima noma kukhathaza ukufunda. Ngakho, yini engasisiza ukuba sifune ukufunda nokutadisha iZwi likaNkulunkulu? Impendulo ingatholakala emazwini eNkosi uSolomoni akuzAga 2:1-6. Sicela uvule iBhayibheli lakho uwafunde la mavesi. Sizobe sesixoxa ngawo.

6. Yisiphi isimo sengqondo okufanele sisibonise ngolwazi ngoNkulunkulu?

6 Okokuqala, sithola lesi sikhuthazo: “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, . . . ” (IzAga 2:1, 2) Sifundani kula mazwi? Ukuthi kuwumthwalo wethu wemfanelo ngabanye ukutadisha iZwi likaNkulunkulu. Phawula umbandela othi “uma wamukela amazwi ami.” Kuthiwa “uma” ngoba iningi lesintu alilinaki iZwi likaNkulunkulu. Ukuze sikujabulele ukutadisha iZwi likaNkulunkulu, kumelwe sizimisele ukwamukela amazwi kaJehova futhi siwabheke njengengcebo esingafuni isilahlekele. Akufanele neze sivumele esikwenza nsuku zonke kusenze sibe matasa kakhulu noma siphazamiseke kangangokuba siqale ukungalinaki iZwi likaNkulunkulu, size silingabaze imbala.—Roma 3:3, 4.

7. Kungani kufanele sibe khona futhi silalele emihlanganweni yobuKristu noma nini lapho kungenzeka?

7 Ingabe ‘siyanaka’ ngempela futhi silalelisise lapho kuchazwa iZwi likaNkulunkulu emihlanganweni yethu yobuKristu? (Efesu 4:20, 21) ‘Siyayithobisa yini inhliziyo’ ukuze sithole ukuqonda? Mhlawumbe isikhulumi asinalo ikhono elitheni, kodwa njengoba sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu, kufanele sikunakisise lokho esikushoyo. Yiqiniso, ukuze sinake ukuhlakanipha kukaJehova, kumelwe sibe khona emihlanganweni yobuKristu noma nini lapho kungenzeka. (IzAga 18:1) Cabanga ukuthi badumala kanjani labo okungenzeka babengekho emhlanganweni owawusekamelweni eliphezulu eJerusalema ngePhentekoste lika-33 C.E.! Nakuba eyethu imihlangano ingamangalisi njengalowo, kuxoxwa ngeBhayibheli, incwadi yethu eyinhloko. Ngakho, umhlangano ngamunye ungaba isibusiso kithi uma silalelisisa futhi sihambisane nesikhulumi emaBhayibhelini ethu.—IzEnzo 2:1-4; Heberu 10:24, 25.

8, 9. (a) Isifundo somuntu siqu sifuna ukuba senzeni? (b) Ungakuqhathanisa kanjani ukubaluleka kwegolide nokuqonda ulwazi ngoNkulunkulu?

8 Amazwi alandelayo enkosi ehlakaniphile athi: “Uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, . . . ” (IzAga 2:3) La mazwi asivezela siphi isimo sengqondo noma umoya? Yebo, isifiso esiqotho sokuqonda iZwi likaJehova! Asikisela ukuzimisela ukutadisha ngenjongo yokuthola ukuqonda, ukuqonda ukuthi iyini intando kaJehova. Akubuzwa ukuthi lokhu kudinga umzamo, okusiletha emazwini alandelayo nasemfanekisweni kaSolomoni.—Efesu 5:15-17.

9 Uqhubeka athi: “Uma ukufuna [ukuqonda] njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, . . . ” (IzAga 2:4) Lokhu kusenza sicabange ngokumba kwabantu ezimayini okuye kwenziwa emakhulwini eminyaka kufunwa lokho okuthiwa amatshe ayigugu, isiliva negolide. Abantu baye babulala abanye befuna igolide. Abanye baye bachitha ukuphila kwabo konke befuna lona. Kodwa libaluleke ngani ngempela igolide? Uma ubusogwadule ulahlekile futhi usufa ngenxa yokoma, ubuyokhetha kuphi: isigaxa segolide noma ingilazi yamanzi? Kodwa, yeka intshiseko abantu abaye balifuna ngayo igolide, libe linokubaluleka okwenziwe abantu nokunqunywa izimo! * Yeka ukuthi kufanele sikufune ngentshiseko enkulu kangakanani-ke ukuhlakanipha nokuqonda uNkulunkulu nentando yakhe! Kodwa kuzuzisa ngani ukufuna okunjalo?—IHubo 19:7-10; IzAga 3:13-18.

10. Yini esingayithola uma sitadisha iZwi likaNkulunkulu?

10 USolomoni uyaqhubeka: “Khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane [“ulwazi ngoNkulunkulu,” NW].” (IzAga 2:5) Yeka ukuthi kumangalisa kanjani—ukucabanga ukuthi thina bantu abanesono singathola “ulwazi ngoNkulunkulu,” uJehova, iNkosi EnguMbusi wendawo yonke! (IHubo 73:28; IzEnzo 4:24) Sekuphele amakhulu eminyaka izazi zefilosofi nalabo okuthiwa izihlakaniphi zezwe bezama ukuqonda impicabadala yokuphila nomkhathi. Nokho bahlulekile ukuthola “ulwazi ngoNkulunkulu.” Ngani? Nakuba sekuyizinkulungwane zeminyaka ulwazi ngoNkulunkulu lukhona eZwini lakhe, iBhayibheli, bayalwenqaba bethi lulula kakhulu, kanjalo abalwamukeli futhi abaluqondi.—1 Korinte 1:18-21.

11. Yiziphi ezinye zezinzuzo zesifundo somuntu siqu?

11 Nansi enye inzuzo uSolomoni ayiqokomisayo: “UJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.” (IzAga 2:6) Noma ubani ozimisele ukufuna ukuhlakanipha, ulwazi, nokuqonda, uJehova umnika kona ngokuzithandela nangesandla esivulekile. Ngempela sinezizathu ezinhle zokwazisa isifundo somuntu siqu seZwi likaNkulunkulu, ngisho noma ukwenza kanjalo kudinga umzamo, ukuzithiba nokuzidela. Okungenani sinamakhophi anyathelisiwe eBhayibheli futhi akudingeki sizibhalele wona ngesandla njengoba abanye babenza endulo!—Duteronomi 17:18, 19.

Ukuze Sihambe Ngokufanele UJehova

12. Kufanele sibe yini isisusa sethu ekuphishekeleni ulwazi ngoNkulunkulu?

12 Kufanele sibe yini isisusa sokwenza isifundo somuntu siqu? Ukuze sibonakale singcono kunabanye? Ukuze sibonise ukuthi sinolwazi oluningi? Ukuze sibe izinqolobane zeBhayibheli? Cha. Umgomo wethu ukuba sibe amaKristu ngenkulumo nangezenzo, njalo silungele ukusiza abanye, ngomoya kaKristu oqabulayo. (Mathewu 11:28-30) Umphostoli uPawulu waxwayisa: “Ulwazi luyakhukhumeza, kodwa uthando luyakha.” (1 Korinte 8:1) Ngakho, kufanele sibe nokuthobeka uMose akubonisa lapho ethi kuJehova: “Ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho.” (Eksodusi 33:13) Yebo, kufanele sifise ukuba nolwazi ukuze sijabulise uNkulunkulu, hhayi ukuze sihlabe abantu umxhwele. Sifuna ukuba izinceku zikaNkulunkulu ezithobekile. Singawufinyelela kanjani lowo mgomo?

13. Yini edingekayo ukuze umuntu abe inceku kaNkulunkulu efanelekayo?

13 UPawulu weluleka uThimothewu mayelana nendlela yokujabulisa uNkulunkulu, wathi: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzethule wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi okungekho lutho esingaba namahloni ngakho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.” (2 Thimothewu 2:15) Amazwi athi “esiphatha . . . ngokufanele” asuselwa esenzweni sesiGreki ekuqaleni esasisho “ukusika uqondise.” (Kingdom Interlinear) Ngokwabathile, lokhu kusikisela umqondo womthungi osika indwangu elandela iphethini, umlimi ovula imisele ensimini, nokunye okunjalo. Noma ngabe ikuphi, umphumela kumelwe ube okuyiqiniso noma okuqondile. Iphuzu liwukuthi, ukuze abe inceku kaNkulunkulu efanelekayo neyamukelekayo, uThimothewu kwakudingeka ‘enze konke okusemandleni akhe’ ukuze aqiniseke ukuthi ukufundisa kwakhe nokuziphatha kwakhe kuyavumelana nezwi leqiniso.—1 Thimothewu 4:16.

14. Isifundo sethu somuntu siqu kufanele sikuthinte kanjani esikwenzayo nesikushoyo?

14 UPawulu washo okufanayo lapho enxusa amaKristu akanye nawo eKolose ukuba ‘ahambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele’ ‘ngokuthela isithelo kuyo yonke imisebenzi emihle futhi anda olwazini olunembile ngoNkulunkulu.’ (Kolose 1:10) Lapha uPawulu uhlobanisa ukufaneleka kuJehova ‘nokuthela isithelo kuyo yonke imisebenzi emihle’ ‘nanokwanda olwazini olunembile ngoNkulunkulu.’ Ngamanye amazwi, okubalulekile kuJehova akukhona nje kuphela ukuthi silwazisa kangakanani ulwazi kodwa nokuthi sinamathela ngokuseduze kangakanani eZwini lakhe kwesikwenzayo nesikushoyo. (Roma 2:21, 22) Lokhu kusho ukuthi isifundo sethu somuntu siqu kumelwe sithonye ukucabanga nokuziphatha kwethu uma sifuna ukujabulisa uNkulunkulu.

15. Singazivikela futhi sizilawule kanjani izingqondo nemicabango yethu?

15 Namuhla, uSathane uzimisele ukucekela phansi ingokomoya lethu ngokubasela impi engqondweni. (Roma 7:14-25) Ngakho kumelwe sivikele izingqondo nemicabango yethu futhi siyilawule ukuze sifaneleke kuNkulunkulu wethu, uJehova. Isikhali sethu “ulwazi ngoNkulunkulu,” olukwaziyo ‘ukuthumba yonke imicabango ukuze luyenze ilalele uKristu.’ Lesi isizathu esengeziwe sokuba sikuphaphamele ukutadisha iBhayibheli nsuku zonke, ngoba sifuna ukukhipha yonke imicabango yobugovu neyenyama ezingqondweni zethu.—2 Korinte 10:5.

Usizo Ekuqondeni

16. Singasizakala kanjani njengoba uJehova esifundisa?

16 Ukufundisa kukaJehova kuzuzisa ngokomoya nangokwenyama. Akuyona imfundiso eduma, emane iwulwazi nje. Ngakho siyafunda: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.” (Isaya 48:17) UJehova usihola kanjani endleleni yakhe esisizayo? Okokuqala, sineZwi lakhe eliphefumulelwe, iBhayibheli Elingcwele. Lena yincwadi yethu eyinhloko, esiyisebenzisa njalo. Yingakho kukuhle ukuvula amaBhayibheli ethu sihambisane nesikhulumi emihlanganweni yobuKristu. Izinzuzo zokwenza kanjalo zingabonakala endabeni yomthenwa ongumTopiya, ekuzEnzo isahluko 8.

17. Kwenzekani endabeni yomthenwa ongumTopiya, futhi lokhu kubonisani?

17 Lo mthenwa ongumTopiya wayephendukele ebuJudeni. Wayekholelwa ngobuqotho kuNkulunkulu, futhi wayeyitadisha imiBhalo. Ehamba ngenqola yakhe, wayefunda umbhalo ka-Isaya lapho uFiliphu egijima eceleni kwakhe futhi embuza: “Empeleni, ingabe uyakwazi lokho okufundayo?” Waphendula wathini umthenwa? “‘Ngingakwazi kanjani nje ngempela, ngaphandle kokuba othile angiqondise?’ Wabe esencenga uFiliphu ukuba agibele ahlale naye phansi.” Eqondiswa umoya ongcwele, uFiliphu wabe esemsiza lo mthenwa ukuba asiqonde isiprofetho sika-Isaya. (IzEnzo 8:27-35) Kubonisani lokhu? Ukuthi ukufunda kwethu iBhayibheli sisodwa akwanele. Ngomoya wakhe, uJehova usebenzisa isigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo ukuze asisize siqonde iZwi lakhe ngesikhathi esifanele. Kwenziwa kanjani lokhu?—Mathewu 24:45-47; Luka 12:42.

18. Isigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo sisisiza kanjani?

18 Nakuba isigaba sesigqila kuthiwa ‘sikholekile futhi siyaqonda,’ uJesu akashongo ukuthi ngeke siwenze amaphutha. Leli qembu labazalwane abagcotshiwe abathembekile lisalokhu lakhiwe amaKristu angaphelele. Ngisho noma enezinhloso ezinhle kakhulu angawenza amaphutha, njengoba namanye amadoda anjalo ayewenza ngezinye izikhathi ekhulwini lokuqala. (IzEnzo 10:9-15; Galathiya 2:8, 11-14) Nokho, izisusa zawo zimsulwa, futhi uJehova uwasebenzisela ukusinika izinsiza-kutadisha zeBhayibheli ukuze sakhe ukholo lwethu eZwini likaNkulunkulu nasezithembisweni zakhe. Ilungiselelo eliyisisekelo lokuzitadishela esilinikwe isigqila yi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele. Manje itholakala ngezilimi ezingu-42, iphelele noma iyingxenye, futhi sekunyatheliswe amakhophi ayizigidi ezingu-114 ezinhlelo eziningana. Singayisebenzisa kanjani ngokuphumelelayo esifundweni sethu somuntu siqu?—2 Thimothewu 3:14-17.

19. Yiziphi ezinye zezici ze-New World Translation—With References ezingaba usizo esifundweni somuntu siqu?

19 Thatha ngokwesibonelo i-New World Translation of the Holy Scriptures—With References. Inezinhlu zemibhalo ehlobene, imibhalo yaphansi, ikhonkodensi encane ethi “IZikhombo Zamagama AseBhayibhelini” nethi “Footnote Words Indexed [IZikhombo Zamagama Asemibhalweni Yaphansi],” neSithasiselo esixoxa kabanzi ngezihloko ezingu-43 futhi esinamabalazwe namashadi. Kukhona ne-“Introduction [ISethulo],” echaza imithombo eminingi esetshenziswe kule nguqulo yeBhayibheli eyingqayizivele. Uma itholakala ngolimi olwaziyo, yenza konke ongakwenza ukuze ujwayelane nalezi zici futhi uzisebenzise. Noma ngabe ikuphi, iBhayibheli liyithuluzi eliyinhloko esimisweni sethu sokutadisha, futhi INguqulo Yezwe Elisha, iyinguqulo eligcizelela kufanele igama likaNkulunkulu njengoba iqokomisa ukubusa koMbuso kaNkulunkulu.—IHubo 149:1-9; Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10.

20. Yimiphi imibuzo ephathelene nesifundo somuntu siqu manje edinga ukuphendulwa?

20 Singase sibuze-ke manje: ‘Yiluphi olunye usizo esiludingayo ukuze siqonde iBhayibheli? Singasakha kanjani isikhathi sesifundo somuntu siqu? Singasenza kanjani isifundo sethu sizuzise nakakhulu? Isifundo sethu kufanele sibathinte kanjani abanye?’ Isihloko esilandelayo sizobonisa izici ezimbili ezibalulekile zentuthuko yethu yobuKristu.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 9 Kusukela ngo-1979 inani legolide belilokhu lehla lenyuka phakathi kuka-$850,00 i-awunsi ngo-1980 no-$252,80 i-awunsi ngo-1999.

Uyakhumbula?

• Kusho ukuthini ukuzindla?

• Kufanele sibe nasiphi isimo sengqondo ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu?

• Kufanele sibe yini isisusa sethu sokwenza isifundo somuntu siqu?

• Sinaziphi izinsiza zokuqonda iBhayibheli?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Amalungu omkhaya waseBethel akuthola kuwaqinisa ngokomoya ukuqala usuku ngalunye ngokuhlola umbhalo weBhayibheli

[Izithombe ekhasini 15]

Singonga isikhathi esiyigugu ngokulalela amakhasethi eBhayibheli lapho sisendleleni

[Isithombe ekhasini 16]

Abantu babesebenza isikhathi eside nakanzima ukuze bathole igolide. Uzikhandla kangakanani wena utadisha iZwi likaNkulunkulu?

[Umthombo]

Courtesy of California State Parks, 2002

[Izithombe ekhasini 17]

IBhayibheli liyingcebo engaholela ekuphileni okuphakade