Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qinisa Izandla Zakho

Qinisa Izandla Zakho

Qinisa Izandla Zakho

EBHAYIBHELINI kukhulunywa ngesandla izikhathi ezingaphezu kuka-1 800. Izaga ezikhuluma ngesandla zisetshenziswa ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, isandla esihlanzekile sisho ukungabi nacala. (2 Samuweli 22:21; IHubo 24:3, 4) Ukuvula isandla kusho ukupha abanye. (Duteronomi 15:11; IHubo 145:16) Obeka ukuphila kwakhe engozini kuthiwa ubeka umphefumulo wakhe esandleni sakhe. (1 Samuweli 19:5) Ukudangala kwezandla kusho ukudikibala. (2 IziKronike 15:7) Kanti ukuqinisa isandla kusho ukuqiniswa nokunikwa amandla okwenza okuthile.—1 Samuweli 23:16.

Namuhla kunesidingo esiphuthumayo sokuqinisa izandla zethu. Siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Lapho sidikibala, sithambekela ekuyekeni, ekudangaliseni izandla. Kuyinto evamile ukubona intsha iyeka isikole, amadoda eshiya imikhaya yayo, nomama beshiya izingane zabo. NjengamaKristu, kudingeka siqinise izandla zethu ukuze sikhuthazelele izilingo esibhekana nazo ekukhonzeni kwethu uNkulunkulu. (Mathewu 24:13) Ngokwenza kanjalo, sithokozisa inhliziyo kaJehova.—IzAga 27:11.

Indlela Izandla Eziqiniswa Ngayo

AmaJuda osuku luka-Ezra kwakudingeka aqinise izandla zawo ukuze aqede ukwakha kabusha ithempeli likaJehova eJerusalema. Zaqiniswa kanjani izandla zawo? Ukulandisa kuthi: “Bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yase-Asiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.” (Ezra 6:22) Ngokusobala, uJehova wayivusa ngamandla akhe asebenzayo ‘inkosi yase-Asiriya’ ukuba ivumele abantu bakaNkulunkulu babuyele emuva, futhi wafaka kubo intshiseko, bawuqeda umsebenzi ababewuqalile.

Kamuva, lapho izindonga zeJerusalema zidinga ukulungiswa, uNehemiya waqinisa izandla zabafowabo ukuze benze lo msebenzi. Siyafunda: “Ngabatshela ngesandla sikaNkulunkulu wami esasisihle phezu kwami, nangamazwi enkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: ‘Masisuke sakhe,’ beqinisela izandla zabo lowo msebenzi.” Izandla zabo ziqinisiwe, uNehemiya namaJuda akubo baqopha umlando bakwazi ukwakha kabusha izindonga zeJerusalema ngezinsuku ezingu-52!—Nehemiya 2:18; 6:9, 15.

Ngokufanayo, uJehova uqinisa izandla zethu ukuze sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso. (Mathewu 24:14) Lokho ukwenza ‘ngokusihlomisa ngazo zonke izinto ezinhle ukuba senze intando yakhe.’ (Heberu 13:21) Usinike amathuluzi asezingeni eliphezulu kakhulu. SineBhayibheli nezinto ezisekelwe kulo—izincwadi, omagazini, izincwajana, amapheshana, namakhasethi alalelwayo nabukwayo—ukuze sikusebenzise ekufinyeleleni abantu emhlabeni wonke. Eqinisweni, izincwadi zethu zitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-380. Ngaphezu kwalokho, ngemihlangano yebandla, eyesifunda neyesigodi, uJehova usinikeza imfundo nokuqeqeshwa kwaphezulu ukuze sikwazi ukusebenzisa la mathuluzi amahle ekufezeni inkonzo yethu.

Nakuba uJehova eqinisa izandla zethu ngezindlela eziningi kangaka, ulindele ukuba nathi sizikhandle. Khumbula lokho umprofethi u-Elisha akutshela iNkosi uJowashi, eyayizofuna ku-Elisha usizo lokulwa nabahlaseli base-Aramu. U-Elisha watshela le nkosi ukuba ithathe imicibisholo icibishele emhlabathini. Ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “Yashaya kathathu, yayeka. Lowo muntu kaNkulunkulu wayithukuthelela, wathi: ‘Uma ubushaye kahlanu noma kayisithupha, wawulahlulile i-Aramu waze waliqeda, kepha manje uyakulahlula i-Aramu kathathu kuphela.’” (2 AmaKhosi 13:18, 19) Ngokwehluleka ukuzikhandla ngentshiseko, uJowashi akanqobanga ngokuphelele lapho elwa nabase-Aramu.

Kuyafana nakithi uma sifuna ukufeza lokho uJehova asinikeze ukuba sikwenze. Kunokukhathazeka ngezithiyo ezisendleleni yethu noma ngokuthi singase sibe nzima kangakanani isabelo, kufanele sisenze ngentshiseko nangenhliziyo yonke. Kudingeka siqinise izandla zethu futhi sithembele kuJehova ukuze sithole usizo.—Isaya 35:3, 4.

UJehova Uyoziqinisa Izandla Zethu

UJehova ngeke ahluleke ukusisiza nokusiqinisa izandla ukuze senze intando yakhe. Yiqiniso, uNkulunkulu ngeke enze isimangaliso futhi asenzele konke. Ulindele ukuba senze ingxenye yethu—sifunde iBhayibheli nsuku zonke, silungiselele imihlangano futhi sibe khona njalo kuyo, sihlanganyele enkonzweni kaningi kangangokunokwenzeka, futhi sithandaze njalo kuye. Uma senza ingxenye yethu ngobuqotho nangenkuthalo sisenethuba, uJehova uyosinika amandla okwenza lokho akulindele kithi.—Filipi 4:13.

Cabanga ngomKristu owashonelwa yibo bobabili umkakhe nomama wakhe ngonyaka owodwa. Amanxeba ayengakapholi lapho umalokazana wakhe eshiya indodana yakhe futhi elahla nendlela yokuphila yobuKristu. “Ngafunda ukuthi asinakuzikhethela izilingo, isikhathi ezisehlela ngaso, nokuthi zisehlela kangaki,” kusho lo mzalwane. Uwathola kanjani amandla okuqhubeka? “Umthandazo nesifundo somuntu siqu yikho okwangisiza kakhulu. Nokusekela kwabafowethu nodadewethu abangokomoya kuye kwangiduduza kakhulu. Ngaphezu kwakho konke, ngiye ngaqaphela ukuthi kubalulekile ukuba nobuhlobo obuhle bomuntu siqu noJehova zingakaphakami izinkinga.”

Kungakhathaliseki ukuthi uhlangabezana nani ekuphileni, zimisele ukuthembela ngokugcwele kuJehova nokuwasebenzisa kahle wonke amalungiselelo awenzela ukuqinisa izandla zakho. Khona-ke uyokwazi ukunikela inkonzo esezingeni eliphezulu kakhulu kuJehova futhi ngaleyo ndlela ulethe udumo nenhlonipho egameni lakhe eliyigugu.—Heberu 13:15.

[Isithombe ekhasini 31]

Ngokwehluleka ukuzikhandla ngentshiseko, uJowashi akanqobanga ngokuphelele lapho elwa nabase-Aramu