Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukunikela Kuze Kuzwele

Ukunikela Kuze Kuzwele

Ukunikela Kuze Kuzwele

“UNGANGIBIZA ngesinxibi; akungikhathazi lokho. Nginxibela uJesu.” Lawo mazwi aveza lukhulu ashiwo umfundisi ongumProthestani agcizelela impikiswano mayelana nokuxhaswa kwenkolo ngezimali. Inkolo kubonakala ingaqhubeka kuphela ngokusekelwa ngezimali ezishisiwe. Kudingeka kukhokhwe amaholo, kwakhiwe amathempeli futhi anakekelwe, kuxhaswe nemikhankaso yokushumayela. Kufanele itholakale kanjani le mali edingekayo?

Emasontweni amaningi, impendulo okweshumi. * Umvangeli uNorman Robertson uthi: “Ukunikela okweshumi yindlela kaNkulunkulu yokusekela umbuso wakhe ngezimali emhlabeni. Yisimiso saKhe sezomnotho esenza iVangeli likwazi ukushunyayelwa.” Engenamahloni ukukhumbuza abalandeli bakhe ngomthwalo wabo wokuba banikele, uyagcizelela: ‘Ukunikela okweshumi akuyona nje into oyenza ngoba ukwazi. Kubonisa ukulalela. Ukunganikeli okweshumi kuwukuphula imiyalo kaNkulunkulu ingcaca. Kuwukukhwabanisa.’—Tithing—God’s Financial Plan.

Cishe uyavuma ukuthi ukunikela kufanele kube ingxenye yokukhulekela kobuKristu. Nokho, ingabe ukubeleselwa ngemali kuyakukhathaza, mhlawumbe kuyakucasula nokukucasula? Isazi semfundiso yenkolo saseBrazil u-Inácio Strieder sigxeka amasonto ngokusebenzisa ukunikela okweshumi ukuze “axazulule izinkinga zawo” futhi sithi lokho akwenzayo “akufanele, kuwukuxhaphaza futhi kuwukuphambuka.” Sithi umphumela ukuthi “abantu abangasebenzi, abafelokazi, abahlala emijondolo, nalabo abangakwazi ukuhlaziya izinto baphetha ngokuthi uNkulunkulu ubalahlile nangokuthi babophekile ukunikela ‘kumfundisi’ kuze kulambe nemikhaya yabo.”

Ungase uzibuze: ‘Ingabe amasonto aphoqelela ukunikela okweshumi ayisebenzisa ngokufanele imiBhalo? Noma, kungenzeka yini ukuthi ezinye izinkolo zesabisa ngoNkulunkulu ukuze ziphundle umhlambi? Ingabe uNkulunkulu ulindele ngempela ukuba sinikele kuze kuzwele, njengoba kusho abanye?’

[Umbhalo waphansi]

^ par. 3 Okweshumi kuye kwachazwa ngokuthi amaphesenti ayishumi omholo womuntu.