Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izifundo Ezitholakala Emlandweni Wokuzalwa KukaJesu

Izifundo Ezitholakala Emlandweni Wokuzalwa KukaJesu

Izifundo Ezitholakala Emlandweni Wokuzalwa KukaJesu

IZENZAKALO ezihlobene nokuzalwa kukaJesu zikhanga izigidi zabantu. Lokhu kubonakala ngobuningi bemidwebo yokuZalwa KukaJesu nemidlalo yako yaseshashalazini edlalwa emhlabeni wonke ngoKhisimusi. Nakuba zikhanga, izenzakalo ezihlobene nokuzalwa kukaJesu azilotshwanga eBhayibhelini ukuze zijabulise abantu. Kunalokho, ziyingxenye yayo yonke imiBhalo uNkulunkulu ayiphefumulela ukuze ifundise futhi iqondise izinto.—2 Thimothewu 3:16.

Ukube uNkulunkulu wayefuna amaKristu agubhe usuku lokuzalwa kukaJesu, iBhayibheli lalizolunikeza usuku oluqondile. Ingabe liyalunikeza? Ngemva kokusho ukuthi uJesu wazalwa ngesikhathi abelusi bengaphandle ebusuku beqaphe imihlambi yabo, isazi seBhayibheli sekhulu le-19 u-Albert Barnes saphetha ngokuthi: “Lokhu kwenza kucace ukuthi uMsindisi wethu wazalwa ngaphambi kuka-December 25 . . . Ngaleso sikhathi kuyabanda, ikakhulukazi ezindaweni eziphakeme nezinezintaba eziseduze kwaseBetlehema. UNkulunkulu usifihlile isikhathi sokuzalwa [kukaJesu]. . . . Futhi kwakungabalulekile ukwazi isikhathi; ukube kwakubalulekile, uNkulunkulu wayeyokwenza ukuba silotshwe.”

Ngokuphambene, abalobi bamaVangeli abane basitshela ngokucacile usuku uJesu afa ngalo. Kwakuwusuku lwePhasika, elaliba ngomhla ka-14 wenyanga yamaJuda u-Nisan, entwasahlobo. Ngaphezu kwalokho, uJesu wabayala ngokukhethekile abalandeli bakhe ukuba balugubhe lolo suku ukuze bamkhumbule. (Luka 22:19) IBhayibheli alinawo umyalo onjalo wokuba kugujwe usuku lokuzalwa kukaJesu, nanoma-ke olukabani omunye. Ngokudabukisayo, izimpikiswano ngosuku lokuzalwa kukaJesu zingase zigqibe izenzakalo ezibaluleke ngokwengeziwe ezenzeka ngaleso sikhathi.

Abazali UNkulunkulu Abakhetha

Ezinkulungwaneni zemikhaya yakwa-Israyeli, hlobo luni lwabazali uNkulunkulu alukhetha ukuba lukhulise iNdodana yakhe? Ingabe wabheka izici ezinjengokuvelela nomnotho njengezibalulekile? Cha. Kunalokho, uJehova wabheka izimfanelo ezingokomoya zabazali. Hlola ingoma kaMariya yokudumisa ayihlabelela ngemva kokuzwa ngelungelo lokuba unina kaMesiya, njengoba ilotshwe kuLuka 1:46-55. Phakathi kwezinye izinto azisho, wathi: “Umphefumulo wami uyambabaza uJehova . . . ngoba uye wabheka isikhundla esiphansi sentombazane yakhe eyisigqila.” Ngokuthobeka wayezibheka ‘njengosesikhundleni esiphansi,’ intombazane eyisigqila sikaJehova. Okubaluleke nakakhulu, amazwi amahle okudumisa asengomeni kaMariya abonisa ukuthi wayengumuntu ongokomoya owayenolwazi oluhle lwemiBhalo. Nakuba ayeyinzalo ka-Adamu enesono, wayekufanelekela ukukhethwa njengomama wasemhlabeni weNdodana kaNkulunkulu.

Kuthiwani ngomyeni kaMariya, owaba usingayise kaJesu? UJosefa wayeyindoda eyayinekhono lokubaza. Ngenxa yokuzimisela kwakhe ukusebenza kanzima ngezandla zakhe, wakwazi ukunakekela umkhaya owagcina usunamadodana amahlanu namadodakazi okungenani amabili. (Mathewu 13:55, 56) UJosefa wayengacebile. Ngesikhathi sokuba uMariya alethe indodana yakhe eyizibulo ethempelini likaNkulunkulu, kungenzeka uJosefa wayezizwa edumele ngokuthi wayengakwazi ukuletha umnikelo wemvu. Kunalokho, kwadingeka asebenzise ilungiselelo labampofu. Maqondana nonina wendodana esanda kuzalwa, umthetho kaNkulunkulu wawuthi: “Uma amandla akhe enganeli imvu, khona uyakuthatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke.”—Levitikusi 12:8; Luka 2:22-24.

IBhayibheli lithi uJosefa “wayelungile.” (Mathewu 1:19) Ngokwesibonelo, akazange abe nobuhlobo bobulili nomkakhe owayeseyintombi kwaze kwaba ngemva kokuzalwa kukaJesu. Lokhu kwavimbela noma ikuphi ukungaqondi kokuthi wayengubani ngempela uYise kaJesu. Kwakungelula ngombhangqwana osanda kushada ukuzithiba ekubeni nobuhlobo bobulili ube uhlala ndawonye, kodwa kwabonisa ukuthi bobabili babelazisa ilungelo lokukhethwa ukuba bakhulise iNdodana kaNkulunkulu.—Mathewu 1:24, 25.

NjengoMariya, uJosefa wayengumuntu ongokomoya. Minyaka yonke wayeyeka ukusebenza athathe uhambo lwezinsuku ezintathu nomkhaya wakhe olusuka eNazaretha luya eJerusalema beyogubha umkhosi wePhasika waminyaka yonke. (Luka 2:41) Kumelwe futhi ukuthi uJosefa wamqeqesha uJesu omncane enkambisweni yamasonto onke yokuhlanganyela ekukhulekeleni esinagogeni lendawo, lapho kwakufundwa khona iZwi likaNkulunkulu bese lichazwa. (Luka 2:51; 4:16) Ngakho, akungatshazwa ukuthi uNkulunkulu wakhethela iNdodana yakhe unina nosingayise basemhlabeni abakahle.

Isibusiso Esihle Sabelusi Abaphansi

Naphezu kokuba kwakuzoba nzima kumkakhe, manje owayenezinyanga ezingu-9 ekhulelwe, uJosefa waya ezweni lokhokho bakhe ukuze abalwe, ngokuvumelana nomyalo kaKesari. Lapho lo mbhangqwana ufika eBetlehema, awuyitholanga indawo yokuhlala kulelo dolobha elaligcwele. Ngakho izimo zabaphoqa ukuba bahlale esitebeleni, lapho uJesu azalelwa khona futhi walaliswa emkhombeni. Ukuze aqinise ukholo lwabo, uJehova wanikeza laba bazali abathobekile isiqiniseko sokuthi ngempela ukuzalwa kukaJesu kwakuyintando kaNkulunkulu. Ingabe wathuma ithimba lamadoda amadala avelele aseBetlehema ukuze liqinisekise lo mbhangqwana? Cha. Kunalokho, le ndaba uJehova uNkulunkulu wayivezela abelusi abasebenza kanzima ababechitha ubusuku bonke bengaphandle beqaphe imihlambi yabo.

Ingelosi kaNkulunkulu yabonakala kubo yabatshela ukuba baye eBetlehema, lapho babeyothola khona uMesiya osanda kuzalwa ‘elele emkhombeni.’ Ingabe la madoda athobekile ashaqeka noma aba namahloni lapho ezwa ukuthi uMesiya osanda kuzalwa wayesesitebeleni? Lutho neze! Ngaphandle kokupholisa amaseko, ashiya imihlambi yawo abhekisa amabombo eBetlehema. Lapho emthola uJesu, axoxela uJosefa noMariya lokho ingelosi kaNkulunkulu eyayikushilo. Akungatshazwa ukuthi lokhu kwaluqinisa ukholo lwalo mbhangqwana lokuthi zonke izinto zazihamba ngendlela uNkulunkulu ayeyihlosile. “Abelusi” bona, “baphindela emuva, bekhazimulisa futhi bedumisa uNkulunkulu ngazo zonke izinto ababezizwile nababezibonile.” (Luka 2:8-20) Yebo, uJehova wayenze kahle ngokwambula lezi zindaba kubelusi abesaba uNkulunkulu.

Kulokhu okungenhla, sifunda ukuthi kufanele sibe uhlobo olunjani lwabantu ukuze sithole umusa kaJehova. Akudingeki sifune ukuvelela noma ingcebo. Kunalokho, njengoJosefa noMariya kanye nabelusi, kudingeka silalele uNkulunkulu futhi sibonise uthando lwethu ngaye ngokwenza izinto ezingokomoya zize ngaphambi kwezibonakalayo. Ngempela, kunezifundo ezinhle ezingafundwa ngokuzindla ngomlando wezenzakalo ezenzeka ngesikhathi sokuzalwa kukaJesu.

[Isithombe ekhasini 7]

Kubonisani ukunikela kukaMariya ngamahobhe amabili?

[Isithombe ekhasini 7]

UNkulunkulu wakhetha ukuveza indaba yokuzalwa kukaJesu kubelusi abambalwa abaphansi