Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuzalwa KukaJesu Indlela Okwenzeka Ngayo Nesizathu Sako

Ukuzalwa KukaJesu Indlela Okwenzeka Ngayo Nesizathu Sako

Ukuzalwa KukaJesu Indlela Okwenzeka Ngayo Nesizathu Sako

“INKOMO ingazal’ umuntu!” Bangasho kanjalo abaningi abangewona amaKristu lapho bezwa indaba yokuzalwa kukaJesu. Bathi akuvumelani nesayensi ukukholelwa ukuthi umuntu oyintombi ntó wayengakhulelwa azale indodana engazange ahlangane ngokobulili nendoda. Wena uthini?

Ngo-1984, i-Times yaseLondon yakhipha incwadi eyayikhuluma ngale ndaba, ithi: “Akukhona okunengqondo ukusebenzisa isayensi njengephuzu lokuphikisa izimangaliso. Ukukholelwa ukuthi izimangaliso azinakwenzeka kuyindaba yokholo njengokukholelwa ukuthi zingenzeka.” Le ncwadi yasayinwa oprofesa besayensi abangu-14 basemayunivesithi aseBrithani. Bathi: “Sikwamukela ngokwaneliseka ukuthola umntwana kwentombazane eyintombi, izimangaliso zamaVangeli, nokuvuka kukaKristu njengokuyizehlakalo ezenzeka ngempela.”

Nokho, kuyaqondakala ukuthi kungani umuntu edideka lapho eyizwa okokuqala ngqa indaba yokuzalwa kukaJesu yintombi. Kwayena unina kaJesu owayeseyintombi wadideka lapho ingelosi kaNkulunkulu ithi: “Bheka! uzokhulelwa esibelethweni sakho futhi ubelethe indodana, kumelwe uyiqambe igama lokuthi uJesu.” Ephendula, uMariya wabuza: “Lokhu kuyokwenzeka kanjani, njengoba ngingabi nabuhlobo bobulili nendoda?” Ingelosi yabe isichaza ukuthi uNkulunkulu wayezokwenza lesi simangaliso ngomoya waKhe ongcwele, yanezela yathi: “KuNkulunkulu akukho simemezelo esiyoba into engenakwenzeka.” (Luka 1:31, 34-37) Ngokuqinisekile, Lowo owasungula inqubo emangalisayo yokuzalana kwabantu wayengenza futhi ukuba owesifazane oyintombi ntó akhulelwe azale uJesu. Uma uNkulunkulu adala indawo yonke nemithetho yayo enembile, wayengakwazi nokusebenzisa iqanda eliphuma esibelethweni sikaMariya ukuba enze iNdodana engumuntu ophelele.

Isizathu Esenza Kwadingeka

Indoda ehlonipha uNkulunkulu uJosefa yayithembise uMariya umshado ngesikhathi ekhulelwa. Ephusheni, ingelosi kaNkulunkulu yachazela uJosefa isizathu esihle sokukhulelwa kwengoduso yakhe eseyintombi. Ingelosi yathi: “Ungesabi ukuthatha uMariya umkakho umyise ekhaya, ngoba lokho akukhulelwe kungomoya ongcwele. Uzobeletha indodana, futhi kumelwe uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngoba izosindisa abantu bakubo ezonweni zabo.” (Mathewu 1:20, 21) NgesiHeberu igama elithi Jesu lisho ukuthi “UJehova Uyinsindiso.” Lisikhumbuza ngesidingo sokusindiswa esonweni nasekufeni nangelungiselelo likaJehova uNkulunkulu lokuthola leyo nsindiso ngoJesu.

Ngenxa yokuthi umuntu wokuqala, u-Adamu, wona, yonke inzalo yakhe yazalwa ingaphelele, ithambekele ekwephuleni imithetho kaNkulunkulu. (Roma 5:12) Yayingasindiswa kanjani inzalo ka-Adamu esonweni futhi izuze ukuphelela? Kwakudingeka okunye ukuphila komuntu okuphelele, okunenani elilingana nelokuka-Adamu, ukuze kuvunyelwane nobulungisa. Yingakho uNkulunkulu abangela ukuba umuntu ophelele, uJesu, azalwe ngokuyisimangaliso, yingakho futhi uJesu avumela izitha zakhe ukuba zimbulale. (Johane 10:17, 18; 1 Thimothewu 2:5, 6) Ngemva kokuvuka kukaJesu nokunyukela kwakhe ekuphileni kwasezulwini, wayengasho ngokuqiniseka athi: “Ngafa, kodwa, bheka! ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese [ithuna laso sonke isintu].”—IsAmbulo 1:18.

Ngezihluthulelo ezingokomfanekiso zokufa neHayidese, uJesu uvulela isintu esinesono indlela yokuphinde sithole lokho u-Adamu akulahla. UJesu wachaza: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila; futhi wonke umuntu ophilayo futhi abonise ukholo kimi akasoze afa.” (Johane 11:25, 26) Isithembiso esihle ngempela! Nokho, kukhona isizathu esikhulu nakakhulu sokuzalwa kukaJesu.

Isizathu Esibaluleke Kunazo Zonke

UJesu wayengaqali ukuphila lapho eba sesibelethweni sikaMariya. Washo ngokucacile wathi: “Ngehlé ezulwini.” (Johane 6:38, IBhayibheli lesiZulu elivamile) UJesu wayephile endaweni yomoya noYise wasezulwini kusukela ekuqaleni kwendalo. Eqinisweni, iBhayibheli limchaza ngokuthi “isiqalo sendalo kaNkulunkulu.” (IsAmbulo 3:14) Esezulwini, uJesu wazibonela ngawakhe ukuhlubuka kwengelosi embi eyenza abantu bokuqala bamelana nokubusa kukaNkulunkulu. Lokhu kwanikeza uJesu isizathu esibaluleke kunazo zonke sokuba afune ukuzalwa njengeNdodana kaNkulunkulu engumuntu ophelele. Sasiyini leso sizathu?

Sasiwukufakazela ukuthi uYise wasezulwini unelungelo lokubusa indawo yonke. Ngokuhlala ethembekile kusukela ekuzalweni kuze kube sekufeni emhlabeni, uJesu wabonisa ukuzimisela kwakhe ukuzithoba endleleni kaJehova yokubusa izidalwa zaKhe. Ngaphambi kokuba abulawe yizitha zikaNkulunkulu, uJesu wasisho ngokucacile isizathu sokuzimisela kwakhe ukufa njengomhlatshelo. Wathi lokhu wakwenzela ukuba izwe lazi ukuthi uyamthanda uYise. (Johane 14:31) Ukube abantu ababili bokuqala, u-Adamu no-Eva, babehlakulele uthando olunjalo, ngabe bathembeka lapho bebhekene nokulingwa kwabo okwakulula nakakhulu.—Genesise 2:15-17.

Ukuthembeka kukaJesu futhi kwadalula ingelosi embi, uSathane, njengomqambimanga. USathane wayenyundele uNkulunkulu nabantu phambi kwezingelosi ezulwini ngokuthi: “Konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.” (Jobe 2:1, 4) USathane waqamba amanga wathi bonke abantu babengeke bamlalele uNkulunkulu lapho ukuphila kwabo kusengozini.

Lezi zimpikiswano osekukhulunywe ngazo zakubekela inselele ukulunga nokufaneleka kokubusa kukaNkulunkulu. Ukuze zixazululwe, uJesu wayezimisele ukuzalwa njengomuntu futhi athembeke kuze kube sekufeni.

Ngakho, isizathu esiyinhloko sokuzalwa kukaJesu emhlabeni sinjengoba asho, ukuba ‘afakazele iqiniso.’ (Johane 18:37) Lokho wakwenza ngokubonisa ngamazwi nangezenzo ukuthi ukubusa kukaNkulunkulu kulunge ngokuphelele nokuthi umphumela wokuzithoba kukho yinjabulo engapheli. UJesu wachaza nokuthi wayeze emhlabeni ukuzonikela ngokuphila kwakhe kobuntu kube “isihlengo esenana abaningi,” evulela isintu esinesono indlela yokuthola ukuphelela nokuphila okuphakade. (Marku 10:45) Ukuze isintu siziqonde lezi zindaba ezibalulekile, kwakudingeka ukuba ukuzalwa kukaJesu kulotshwe phansi. Ngaphezu kwalokho, izenzakalo ezenzeka ekuzalweni kukaJesu ziqukethe ezinye izifundo ezibalulekile, njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa.

[Izithombe ekhasini 4]

Yayingasindiswa kanjani inzalo ka-Adamu esonweni?