Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungayiyekeleli Inhliziyo Yengane Yakho Izibumbekele!

Ungayiyekeleli Inhliziyo Yengane Yakho Izibumbekele!

Ungayiyekeleli Inhliziyo Yengane Yakho Izibumbekele!

EZANDLENI zombumbi onekhono, isigaxa sobumba esiyize singashintsha sibe isitsha esikhangayo. Zimbalwa izingcweti zomsebenzi wezandla ezenza okukhulu kangaka ngento eyize kangaka. Sekuyizinkulungwane zeminyaka umphakathi uthembele kubabumbi ukuze uthole izinkomishi, amapuleti, amabhodwe okupheka, izitsha zokugcina izinto, namavazi okuhlobisa.

Abazali nabo banikela ngendlela ebalulekile emphakathini ngokubumba isimilo nobuntu bezingane zabo. IBhayibheli lifanisa ngamunye wethu nobumba, futhi uNkulunkulu wabele abazali umsebenzi obalulekile wokubumba “ubumba” oluyizingane zabo. (Jobe 33:6; Genesise 18:19) Njengokwakha isitsha esihle sobumba, ukwenza ingane ibe umuntu omdala onokwethenjelwa nolinganiselayo akuwona umsebenzi olula. Ushintsho olunjalo aluzenzakaleli.

Maningi amathonya abumba izinhliziyo zezingane zethu. Ngeshwa, amanye awo acekela phansi. Ngakho kunokuba ayiyekelele inhliziyo yengane izibumbekele, umzali ohlakaniphile uqeqesha ingane ‘ngokwendlela eyifanele,’ enethemba lokuthi ‘lapho ikhula ngeke iphambuke kuyo.’—IzAga 22:6.

Phakathi nenqubo ende nethakazelisayo yokukhulisa ingane, abazali abahlakaniphile abangamaKristu bayozinika isikhathi sokuphebeza amathonya amabi asongela inhliziyo yengane yabo. Uthando lwabo luyovivinyeka kakhulu njengoba bezama ngesineke ukunika ingane “ukuyala nesiqondiso, okungokwendlela yokukhuliswa yamaKristu.” (Efesu 6:4, The New English Bible) Yiqiniso, umsebenzi wabazali uyoba lula kakhulu uma beshesha ukuqala.

Ukusheshe Uqale

Ababumbi bathanda ukusebenzisa ubumba oluthambe ngokwanele ukuba lubumbeke kodwa futhi oluqine ngokwanele ukuba luhlale luyilokho olubunjwe lwaba yikho. Ngemva kokululungisa ubumba, bathanda ukulusebenzisa zingakapheli izinyanga eziyisithupha. Ngokufanayo, isikhathi esingcono kakhulu sokuba abazali baqale ukubumba inhliziyo yengane yabo yilapho isathambe kakhulu futhi ibumbeka kalula.

Ochwepheshe bezingane bathi lapho ingane isinezinyanga ezingu-8, isuke isikufundile ukuzwa imisindo yolimi lwakubo, yaba nobuhlobo obuseduze nabazali bayo, amakhono okuqonda, futhi yaqala ukuhlola izinto eziyizungezile. Isikhathi esikahle kakhulu sokuqala ukubumba inhliziyo yayo yilapho isencane. Ayive iyosizakala ingane yakho uma njengoThimothewu, ‘iye yazi imibhalo engcwele kusukela isewusana’!—2 Thimothewu 3:15. *

Ngokwemvelo izingane zilingisa abazali bazo. Ngaphezu kokulingisa imisindo, inkulumo nokulinganisa, zifunda ngothando, umusa nesihawu lapho zibona abazali bazo bebonisa lezi zimfanelo. Uma sifuna ukuqeqesha ingane yethu ngemithetho kaJehova, kumelwe imiyalo kaNkulunkulu ibe sezinhliziyweni zethu kuqala. Ukwazisa okunjalo okusuka enhliziyweni kuyoshukumisela abazali ukuba bakhulume njalo nezingane zabo ngoJehova nangeZwi lakhe. IBhayibheli liyakhuthaza: “Ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.” (Duteronomi 6:6, 7) UFrancisco noRosa bayachaza ukuthi bakwenza kanjani lokhu nezingane zabo ezimbili ezincane. *

“Ngaphandle kwezingxoxo zansuku zonke, sizama ukukhuluma nengane ngayinye okungenani imizuzu engu-15 usuku ngalunye. Lapho sibona inkinga, sizinika isikhathi esengeziwe—futhi asive sihlangana nazo izinkinga! Ngokwesibonelo, indodana yethu eneminyaka emihlanu ubudala muva nje ifike ekhaya ivela esikoleni yasitshela ukuthi ayikholelwa kuJehova. Ngokusobala, omunye wabafunda nayo wayehlekise ngayo futhi wathi uNkulunkulu akekho.”

Laba bazali baqaphela ukuthi izingane kudingeka zibe nokholo kuMdali wazo. Ukholo olunjalo lungase lwakhelwe ekukhangweni kwazo ngokwemvelo yindalo kaNkulunkulu. Izingane azive zikuthanda ukuthinta isilwane, ukukha izimbali, noma ukudlala esihlabathini ogwini lolwandle! Abazali bangazisiza zihlobanise indalo noMdali. (IHubo 100:3; 104:24, 25) Ukwesaba nenhlonipho eziba nakho ngendalo kaJehova kungahlala kukhona ukuphila kwazo konke. (IHubo 111:2, 10) Kanye nalokho kwazisa, ingane ingakha isifiso sokujabulisa uNkulunkulu nokwesaba ukumdumaza. Lokhu kuyoyibangela ukuba ‘ifulathele okubi.’—IzAga 16:6.

Nakuba izingane eziningi zifuna ukwazi futhi zishesha ukufunda izinto, ukulalela kungase kungabi lula. (IHubo 51:5) Ngezinye izikhathi zingase zifune ukuba izinto zenziwe ngendlela yazo noma ukuba zithole konke ezikufunayo. Abazali kudingeka baqine, babe nesineke, banikeze nesiyalo ukuze bavimbele lezi zimo zengqondo zingagxili. (Efesu 6:4) Yilokho kanye okwenzeka koPhyllis noPaul, abazikhulisa kahle izingane zabo ezinhlanu.

UPhyllis uyakhumbula: “Nakuba ubuntu bengane ngayinye babuhlukile, yilowo nalowo wayefuna izinto zenziwe ngendlela yakhe. Kwakunzima, nokho ekugcineni bafunda ukuthi kusho ukuthini ukuthi ‘cha.’” UPaul, umyeni wakhe, wathi: “Sasivamile ukubatshela ukuthi kungani sinqume ngendlela esinqume ngayo uma bebadala ngokwanele ukuthi bangaqonda. Nakuba sasizama njalo ukuba nomusa, sabafundisa ukuhlonipha igunya lethu esilinikwe uNkulunkulu.”

Nakuba iminyaka yobuntwana ingase iyilethele izinkinga ingane, iningi labazali lithola ukuthi inkinga enkulu kakhulu iba lapho ingane isanda kweva eshumini nambili lapho inhliziyo yayo engakavuthwa ibhekana nezinselele ezintsha.

Ukufinyelela Inhliziyo Yomuntu Omusha

Umbumbi kumelwe alusebenzise lungakomi ubumba. Ukuze lungaqini engakaqedi, angase alufake amanzi ukuze luhlale luswakeme futhi lubumbeka. Ngokufanayo, abazali kumelwe bazikhandle ukuze inhliziyo yosemusha ingabi engabumbeki. Yebo, ithuluzi labo eliyinhloko yiBhayibheli, ‘abangasola’ ngalo ‘baqondise izinto, bayihlomise ngokuphelele ingane yabo kuyo yonke imisebenzi emihle.’—2 Thimothewu 3:15-17.

Nokho, umuntu omusha angase angasamukeli kalula iseluleko sabazali njengoba ayenza esemncane. Abantu abasha bangase baqale ukulalela ontanga yabo kakhulu, ngakho bangase bangabe besakhulumisana ngokukhululekile nangokuzenzakalelayo nabazali babo. Leso yisikhathi sesineke nekhono elengeziwe, njengoba indima yabazali nezingane ithatha igxathu elisha. Osemusha kufanele amukele izinguquko ezingokomzimba nezingokomzwelo. Kumelwe aqale ukwenza izinqumo nokubeka imigomo engakuthinta konke ukuphila kwakhe. (2 Thimothewu 2:22) Kuso sonke lesi sikhathi esinzima, kumelwe abhekane nethonya elingase liyicekele phansi inhliziyo yakhe—ithonya lontanga.

Lelo thonya alivamile ukuzwakala ngesenzakalo esisodwa esisobala. Kunalokho, livame ukuzwakala ngamazwi noma izenzakalo eziningana ezilulazayo. Lokhu kubabamba lapho bebancane khona—ukwesaba kakhulu ukungamukelwa ngenye intsha. Ngenxa yokuthi ulwisana nokuzinyeza futhi ufuna ukwamukelwa, osemusha angase aqale ukwamukela “izinto ezisezweni” ezikhuthazwa enye intsha.—1 Johane 2:15-17; Roma 12:2.

Okwenza izinto zibe zimbi nakakhulu ukuthi izifiso zemvelo zenhliziyo engaphelele zingase zikwenze kuzwakale kuyiqiniso okushiwo ontanga yakhe. Izinkulumo ezinjengokuthi “Zijabulise” “Yenza okuthandayo” zingezwakala kamnandi kakhulu. UMaría ukhumbula okwenzeka kuye: “Ngalalela intsha engangami eyayikholelwa ukuthi intsha inelungelo lokuzijabulisa ngokugcwele, kungakhathaliseki ukuthi iba yini imiphumela. Njengoba ngangifuna ukwenza lokho abangane bami basesikoleni ababekwenza, ngacishe ngangena enkingeni enkulu.” Njengomzali, ufuna ukusiza ingane yakho esanda kweva eshumini nambili ukuba inqobe lelo thonya, kodwa ungakwenza kanjani lokho?

Ngamazwi nangezenzo, yiqinisekise ukuthi uyayikhathalela. Lwela ukuthola ukuthi izizwa kanjani ngezinto, futhi uzame ukuqonda izinkinga zayo, okungenzeka ukuthi zinzima kakhulu kunalezo wena owabhekana nazo usesesikoleni. Ikakhulukazi ngalesi sikhathi, ingane yakho kudingeka ikwazi ukukubheka njengomuntu engathululela kuye isifuba. (IzAga 20:5) Ngendlela eyenza ngayo ngomzimba noma ngezimo zayo zomzwelo, ungase uqaphele ukucindezeleka noma ukudideka enako. Kunake ukukhala kwayo buthule, ‘ududuze inhliziyo’ yayo.—Kolose 2:2.

Yiqiniso, kubalulekile ukuma uqine kokulungile. Abazali abaningi baye bathola ukuthi ngezinye izikhathi bayadonsisana nezingane zabo, kodwa akufanele bahoxe uma isinqumo sabo sinezisekelo eziqinile. Ngakolunye uhlangothi, qiniseka ukuthi usiqonda ngokucacile isimo ngaphambi kokunquma ukuthi kufanele yini unikeze isiyalo sothando nokuthi uzosinikeza kanjani uma sidingeka.—IzAga 18:13.

Lukhona Ngisho Nasebandleni

Isitsha sobumba singase sibonakale siphelile, kodwa uma singashiswanga eziko, singase sonakaliswe yilo kanye uketshezi esibunjelwe ukuluphatha. IBhayibheli lifanisa uvivinyo kanye nobunzima naleyo nqubo yokushisa, ngoba luveza ukuthi siluhlobo luni lwabantu ngempela. Yiqiniso, iBhayibheli likhuluma ikakhulukazi ngovivinyo lokholo lwethu, kodwa elikushoyo kunjalo nangolunye uvivinyo. (Jakobe 1:2-4) Kuyamangalisa ukuthi olunye uvivinyo olunzima abasha ababhekana nalo lungavela ebandleni.

Nakuba ingane yakho ingase ibonakale iphila kahle ngokomoya, kungenzeka ukuthi ngaphakathi ilwisana nokungabaza. (1 AmaKhosi 18:21) Ngokwesibonelo, uMegan wabhekana nemibono yezwe eyayivela kwenye intsha eHholo LoMbuso:

“Ngathonywa yiqembu lentsha eyayibheka ubuKristu njengento eyisidina nevimba injabulo yayo. Yayisho izinto ezinjengokuthi: ‘Ngaba neminyaka engu-18 nje, ngiyalishiya iqiniso,’ noma ‘Angazi nje ukuthi ngiyophuma nini.’ Yayibagwema abasha ababekhuluma okuhlukile, ibabiza ngokuthi ongcwelengcwele.”

Umuntu oyedwa nje noma ababili abanesimo sengqondo esibi bangathelela bonke abanye. Ngokuvamile abantu eqenjini benza lokho okwenziwa yiningi. Ubuwula nokuzishaya onesibindi kungase kwenze umuntu akushaye indiva ukuhlakanipha nokuziphatha okuhle. Emazweni amaningi, kuye kwaba nezenzakalo ezidabukisayo zentsha engamaKristu engene enkingeni ngoba iye yalandela iningi.

Kuyiqiniso ukuthi intsha iyasidinga isilinganiso esithile sobudlelwane obujabulisayo. Njengomzali ungenzenjani ukuze ibuthole? Cabangisisa ngezinto ezilibazisa ngazo, uhlele izinto ezijabulisayo ezingenziwa nomkhaya noma nenye intsha kanye nabantu abadala. Bazi abangane bengane yakho. Bameme bazokudla nani, noma ube ndawonye nabo ngesikhathi sakusihlwa. (Roma 12:13) Khuthaza ingane yakho ukuba yenze okuthile okuhlanzekile, njengokufunda ukudlala insimbi yomculo, olunye ulimi noma ubuciko obuthile. Ngokuvamile, ingase ikwazi ukukwenzela ekhaya lokhu, okuyindawo ephephile.

Isikole Singaba Isivikelo

Isikole naso singamsiza osemusha ukuba agcine ukuzijabulisa kusendaweni yako. ULoli, oseneminyaka engu-20 engumphathi esikoleni esikhulu, uthi: “Iningi intsha engoFakazi engiyibone kulesi sikole. Eningi kwakutuseka ukuziphatha kwayo, kodwa enye yayingahlukaniseki kwabanye abafundi. Ngaso sonke isikhathi eyayiyizibonelo ezinhle kwakuyileyo eyayizithanda izifundo zayo. Ngingabacebisa ngokunamandla abazali ukuba bazihluphe ngokuthi ziqhuba kanjani izingane zabo ezifundweni, bazi othisha bazo, nokuba bazenze zibone ukuthi kubalulekile ukuthi zaziwa njengabafundi abakahle. Ezinye ziyokwenza kahle kakhulu, kodwa zonke zingalifinyelela izinga elanelisayo zihlonishwe othisha.”

Lokho kufunda kungayisiza futhi intsha ukuba ithuthuke ngokomoya. Kungayifundisa imikhuba emihle yokutadisha, ukulawula ingqondo nokukwazi ukuthwala imithwalo yemfanelo. Akungabazeki ukuthi ikhono layo lokufunda kahle nokuqonda liyoyikhuthaza ukuba ibe abafundi nabafundisi abangcono beZwi likaNkulunkulu. (Nehemiya 8:8) Isidingo sokwenza umsebenzi wesikole nesokutadisha izinto ezingokomoya singayisiza ukuba igcine ukuzijabulisa kusendaweni yako efanele.

Kuyoba Udumo Kini NakuJehova

EGrisi yasendulo amavazi amaningi ayeba nesignesha yombumbi neyomhlobisi. Ngokufanayo, emkhayeni kuvame ukuba kube abantu ababili abalolonga izingane. Bobabili ubaba nomama bayahlanganyela ekubumbeni inhliziyo yengane, futhi kunjengokungathi ingane yenu inawo womabili “amasignesha.” Njengombumbi nomhlobisi onekhono, ungaziqhenya ngomsebenzi wakho wokulolonga osemusha oyigugu futhi omuhle.—IzAga 23:24, 25.

Ukuthi uba yimpumelelo kangakanani lo msebenzi omkhulu kuyoxhomeka kakhulu ezingeni oyibumbe ngalo inhliziyo yengane yakho. Sethemba ukuthi uyokwazi ukuthi: “Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; izinyathelo zakhe ngeke zixegezele.” (IHubo 37:31) Isimo senhliziyo yengane sibaluleke kakhulu ukuba ungayiyekelela izibumbekele.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 8 Abanye abazali bazifundela iBhayibheli izingane zabo ezisanda kuzalwa. Izwi elilolozelayo nobumnandi balokhu kungase kwenze ingane ikuthande konke ukuphila kwayo ukufunda.

^ par. 9 Amanye amagama ashintshiwe.