Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isizathu Esifanele Sokukholelwa KuNkulunkulu

Isizathu Esifanele Sokukholelwa KuNkulunkulu

Isizathu Esifanele Sokukholelwa KuNkulunkulu

INCWADI yesiKorea ethi 31 Reasons Why Young People Leave the Church igomela ngokuthi abantu abaningi bayayeka ukuya esontweni ngoba abazitholi izimpendulo ezigculisayo zemibuzo yabo. Ngokwesibonelo, bayabuza, ‘Kungani abantu abakholelwa kuNkulunkulu behlupheka?’ babuza nokuthi ‘Kungani kumelwe samukele konke okufundiswa emasontweni kuyilapho eziningi zezimfundiso zawo zidida futhi ziphikisana?’

Bedunyazwe izimpendulo abazinikwa abefundisi babo, abaningi baphetha ngokuthi ayikho impendulo eBhayibhelini. Lapho umfundisi enikeza incazelo esekelwe embonweni wakhe nje kuphela, ngokuvamile umphumela uba ukungamqondi kahle uNkulunkulu kanye neBhayibheli, futhi abantu baze bamenqabe nokumenqaba yena kanye nalo.

Yilokho okwenzeka ku-Abel, owakhula engumLuthela eNingizimu Afrika. Uyakhumbula: “Isonto lifundisa ukuthi wonke umuntu ofayo ‘uthathwe’ uNkulunkulu. Kodwa ngangingaqondi ukuthi kungani uNkulunkulu onothando ephuca izingane abazali bazo. Emaphandleni ase-Afrika lapho ngakhulela khona, sasingasihlabi isikhukhukazi kuze kube yilapho amatshwele aso esekhulile. Uma sithola ukuthi inkomazi imithi, sasilinda singayihlabi kuze kube yilapho inkonyane selizelwe futhi seliphusile. Ngangingaqondi ukuthi kungani uNkulunkulu onothando engabacabangeli ngendlela efanayo abantu.”

U-Aram, ongowaseCanada, wayenokungabaza okufanayo. Uyalandisa: “Lapho ngineminyaka engu-13 ubudala, ubaba washona. Enkonzweni yomngcwabo, umfundisi ohlonishwayo wachaza ukuthi uNkulunkulu wayefuna ukuba ubaba afe ukuze akwazi ukuba seduze naye ezulwini. Wathi: ‘UNkulunkulu uthatha abantu abalungile ngoba uthanda abantu abaqotho.’ Ngangingaqondi ukuthi kungani uNkulunkulu ezicabangela yena yedwa kanje.”

Ekugcineni, bobabili o-Abel no-Aram bahlangana noFakazi BakaJehova, batadisha iBhayibheli nabo, futhi bagcina sebezitholile izimpendulo zemibuzo yabo. Baqala ukuba nothando ngoNkulunkulu nokukholelwa kuye ngokuqinile. Ekugcineni, banikezela ukuphila kwabo kuJehova baba yizinceku zakhe ezithembekile.

Ulwazi Olunembile—Isihluthulelo Sokukholelwa KuNkulunkulu

Yini esingayifunda kulokhu kulandisa? Kusitshela ukuthi kubalulekile ukuba nolwazi olunembile ngeBhayibheli, uma kuziwa endabeni yokukholelwa kuNkulunkulu. Umphostoli uPawulu watshela amaKristu aseFilipi, umuzi wasendulo, wathi: “Yilokhu engiqhubeka ngikuthandazela, ukuthi sengathi uthando lwenu lungavama kakhulu ulwazi olunembile nokuqonda okuphelele.” (Filipi 1:9) UPawulu lapha ugcizelela ukuthi ukuthanda uNkulunkulu kanye namanye amakholwa kuhlobene kakhulu nolwazi olunembile ngoNkulunkulu nokuqonda ukuthi iyini intando yakhe.

Lokhu kuyaqondakala, ngoba ngaphambi kokuba umuntu simethembe kudingeka simazi—njengoba siya simazi kahle nangokugcwele, simethemba nakakhulu. Ngokufanayo, nawe udinga ulwazi olunembile ukuze ushukumiseleke ukuba ukholelwe kuNkulunkulu. UPawulu wathi: “Ukholo luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonakali.” (Hebheru 11:1) Ukukholelwa kuNkulunkulu ngaphandle kolwazi olunembile lweBhayibheli kufana nokwakha indlu esihlabathini. Iwa kalula.

Ukutadisha iBhayibheli kungakusiza nawe ukuba uthole izimpendulo zemibuzo enjengalowo owawusunesikhathi udida o-Abel no-Aram othi, Kungani abantu befa? IBhayibheli liyachaza ukuthi “ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Abantu bayaguga bafe, kungengenxa yokuthi uNkulunkulu uyabathatha ukuze babe naye, kodwa ngenxa yokuthi u-Adamu wona. (Genesise 2:16, 17; 3:6, 17-19) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lembula ithemba langempela uJehova uNkulunkulu asinika lona. NgeNdodana yakhe, uJesu Kristu, unika isintu esinesono ithemba lovuko.—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.

Ukuze usisize siqonde iqiniso mayelana novuko, umlando weBhayibheli unezibonelo eziningana zabantu uJesu abavusa. (Luka 7:11-17; 8:40-56; Johane 11:17-45) Njengoba ufunda lokhu kulandisa kweBhayibheli, phawula injabulo nentokozo ababa nayo abangane nezihlobo zalabo abavusiwe. Phawula futhi ukuthi bashukumiseleka ukuba badumise uNkulunkulu nokuba bakholelwe kuJesu.

Ulwazi olunembile ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe lungaba nomphumela ofanayo kubantu namuhla. Abaningi ngaphambili yayibadida, ibacindezele, ize ibakhathaze nokubakhathaza imibuzo yabo ebalulekile ababengazitholi izimpendulo zayo ezigculisayo. Kodwa njengoba babetadisha iBhayibheli, bazithola izimpendulo, futhi lokho kwakushintsha ngokuphelele ukuphila kwabo.

Uthando NgoNkulunkulu—Isizathu Esiyinhloko Sokumkhonza

Nakuba ulwazi olunembile lubalulekile ukuze umuntu akholelwe kuNkulunkulu, kudingeka okwengeziwe ukuze amlalele futhi amkhonze. Lapho ebuzwa ukuthi yimuphi umthetho omkhulu kunayo yonke evela kuNkulunkulu, uJesu wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo onke amandla akho.” (Marku 12:30) Uma umuntu ethanda uNkulunkulu ngale ndlela uJesu ayibonisa, uyofuna ngokuzithandela ukulalela uNkulunkulu nokumkhonza. Ingabe kunjalo ngawe?

URachel, osekhonzé njengesithunywa sevangeli eKorea amashumi amaningi eminyaka, uthi isizathu sakhe sokuba abe nokholo yilesi: “Ngiye ngicabange ngendlela uJehova aphana ngayo ezidalweni zakhe, indlela athethelela ngayo lapho esebenzelana nabantu bakhe, nangesifiso sakhe sokuba sizizuzise thina ngokwethu ngokusazisa ukuthi yini ayifunayo kithi. Zonke lezi zinto zikhulisa uthando lwami ngoNkulunkulu. Futhi lolo thando lungenza ngifune ukumkhonza.”

UMartha, umfelokazi waseJalimane, usekhonzé uJehova iminyaka engu-48. Uthi: “Kungani ngikhonza uJehova? Yingoba ngiyamthanda. Njalo kusihlwa ngiye ngikhulume noJehova ngomthandazo ngimtshele indlela engimbonga ngayo ngokujulile ngenxa yazo zonke izinto asibusisa ngazo, ikakhulukazi umhlatshelo wesihlengo.”

Yebo, uthando ngoNkulunkulu lusenza sifune ukumkhonza ngokusuka enhliziyweni. Kodwa umuntu uba nalo kanjani lolu thando? Into enamandla ekusishukumiseleni ukuba sihlakulele uthando ngoNkulunkulu ukwazisa okujulile ngothando aye wasibonisa lona. Phawula lesi sikhumbuzo esinothando esivela eBhayibhelini: “Lowo ongenalo uthando akamazi uNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uluthando. Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwaboniswa kithi, ngoba uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ezweni ukuze sizuze ukuphila ngayo. Uthando lukulesi sici, akukhona ukuthi thina siye samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda futhi wathumela iNdodana yakhe njengomhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.”—1 Johane 4:8-10.

Ingabe uyaqonda ukuthi lukhulu kangakanani lolu thando? Ake sithi ubucwila emfuleni onamandla, umuntu othile wayesefaka ukuphila kwakhe engozini ukuze akusindise. Ingabe ubuyomkhohlwa, noma kunalokho, ubungeke yini ungawuvali umlomo umbonga? Ubungeke yini ufune ukumenzela konke okusemandleni akho? Uthando ásibonisa lona uNkulunkulu lapho elungiselela ukuba iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ibe umhlatshelo wesihlengo lukhulu ngendlela engenakuqhathaniswa. (Johane 3:16; Roma 8:38, 39 ) Lapho uthando lukaNkulunkulu luthinta inhliziyo yakho, uyoshukumiseleka ukuba umthande futhi umkhonze ngayo yonke inhliziyo yakho.

Izibusiso Manje Nasesikhathini Esizayo

Nakuba uthando lwethu ngoNkulunkulu kufanele kube yisona sizathu esiyinhloko sokwenza intando yakhe, kuyajabulisa ukwazi ukuthi uNkulunkulu uyabavuza labo abamkhonzayo. Umphostoli uPawulu uveza leli phuzu: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa ngoba lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—Hebheru 11:6.

Labo abathanda uNkulunkulu futhi abamlalelayo uyababusisa ngempela. Abaningi bajabulela impilo engcono ngenxa yokulandela izimiso zeBhayibheli. (IzAga 23:20, 21; 2 Korinte 7:1) Labo abasebenzisa izimiso zeBhayibheli ngokuqondene nokwethembeka nokukhuthala ngokuvamile abaqashi babo bayabethemba futhi ngenxa yalokho bajabulela ukulondeka okukhudlwana kwezomnotho. (Kolose 3:23) Ngokubeka ithemba lazo kuJehova, izinceku zikaNkulunkulu zibusiswa ngokuthula kwengqondo ngisho noma zingaphansi kwezimo ezivivinyayo. (IzAga 28:25; Filipi 4:6, 7) Ngaphezu kwalokho, zilindele ngokulangazela nangokuqiniseka isibusiso sokuphila okuphakade ePharadesi elizayo emhlabeni.—IHubo 37:11, 29.

Labo abathola lezi zibusiso ezivela kuJehova bazizwa kanjani ngaye? UJacqueline, umKristu waseCanada, uyiveza kanje indlela amazisa ngayo uNkulunkulu: “Njalo nje usipha izipho ezinhle kakhulu, futhi usinikeza ithemba eliqinisekile lokuphila okuphakade.” U-Abel, esifunde indaba yakhe ngaphambili kulesi sihloko, uchaza imizwa yakhe ngale ndlela: “Ngangiqala ngqa ukuzwa ngethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi, futhi ngikulindele ngokulangazela. Nokho, ngisho noma bekungekho Pharadesi esithenjiswe lona, bekusayokungijabulisa ukukhonza uNkulunkulu ngibonakalisa uthando lwami ngaye.”

Nawe Ungaba Nalo Ukholo Lwangempela

IBhayibheli lithi: “UJehova wamabutho wahlulela ngokulunga; uhlola izinso nenhliziyo.” (Jeremiya 11:20) Yebo, uJehova uhlola lokho okusekujuleni komuntu. Ngamunye kufanele ahlole isisusa sakhe siqu sokukholelwa kuNkulunkulu. Kungenzeka ukuthi izinkolelo nemiqondo eyiphutha ngoNkulunkulu kwakwenza wenza izenzo ezimbi esikhathini esidlule. Kodwa ulwazi olunembile ngeBhayibheli lungakuholela ekubeni ube nobuhlobo obuhle noMdali, uJehova uNkulunkulu.—1 Thimothewu 2:3, 4.

Ngelungiselelo labo lokuqhuba izifundo zeBhayibheli mahhala emakhaya, oFakazi BakaJehova basiza abantu ukuba bathole ulwazi olunembile ngoNkulunkulu. (Mathewu 28:20) Abaningi abaye bamukela lolu sizo sebeyamthanda manje uNkulunkulu futhi sebeyakholelwa kuye ngempela. Ngesifundo seBhayibheli baye bathola “ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga,” okuye kwabasiza ukuba ‘bahambe ngokulondeka’ kulezi zinsuku ezigcwele izingozi. (IzAga 3:21-23) Ngaphezu kwakho konke, manje sebenethemba ‘eliqinisekile futhi eliqinile’ lesikhathi esizayo. (Hebheru 6:19) Nawe ungaba nalo ukholo lwangempela ujabulele lezi zibusiso.

[Ibhokisi ekhasini 6]

Imibuzo Edidayo Eyayidinga Izimpendulo

“Lapho ngisaqeqeshwa esibhedlela njengomfundi wezokwelapha, ngabona abantu abalungile bebubula ngenxa yezinhlungu ezibangelwa izifo nezinhlekelele. Uma uNkulunkulu ekhona, kungani lezi zinto zenzeka? Ingabe inkolo imane nje iyindlela yokuthola ukuthula kwengqondo?”—Owayesonta eHabe eKorea.

“Ngangivame ukuzibuza ukuthi ubaba, owayengumlutha wotshwala, wayeye esihogweni yini noma ezulwini. Yayingesabisa kabi indaba yabantu abafile neyesihogo. Ngangingaqondi ukuthi uNkulunkulu onothando wayengamyisa kanjani umuntu esihogweni ayohlupheka phakade.”—OwayengumKatolika eBrazil.

“Ikusasa liwuphatheleni umhlaba nesintu? Isintu siyokwazi kanjani ukuphila phakade? Isintu siyokuthola kanjani ukuthula kweqiniso?”—OwayengumKatolika eJalimane.

“Imfundiso yokuphindukuzalwa yayingenangqondo kimi. Izilwane azimkhulekeli uNkulunkulu, ngakho uma ngasizathu simbe uphenduka isilwane lapho uphinda uzalwa ukuze ukhokhele izono zakho zangaphambili, uzilungisa kanjani izindaba bese uthuthuka kusuka kuleso simo?”—OwayengumHindu eNingizimu Afrika.

“Ngakhulela emkhayeni owawusenkolweni yobuConfucian, futhi ngangihlanganyela emikhosini yokunxusela abaphansi ukuthula. Njengoba ngangiye ngilungise itafula lomhlatshelo futhi ngikhothame, ngangiye ngizibuze ukuthi abaphansi babeza yini bezokudla loku kudla nokuthi bayasibona yini njengoba sibakhothamela.”—Owayesenkolweni yobuConfucian eKorea.

Bonke laba bantu bathola izimpendulo zemibuzo yabo lapho betadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova.