Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Jabula Kakhulu NgoJehova”

“Jabula Kakhulu NgoJehova”

“Jabula Kakhulu NgoJehova”

“Jabula kakhulu ngoJehova, uyokunika izicelo zenhliziyo yakho.”—IHUBO 37:4.

1, 2. Ubani onguMthombo wenjabulo yangempela, futhi iNkosi uDavide yaliveza kanjani leli qiniso?

“BAYAJABULA abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, . . . bayajabula abanesihe, . . . bayajabula abanokuthula.” Lezi zinkulumo, kanye nezinye eziyisithupha ezichaza abantu abajabulayo, zakha isingeniso esimangalisayo sentshumayelo kaJesu edumile, iNtshumayelo yaseNtabeni, njengoba yabhalwa umlobi weVangeli uMathewu. (Mathewu 5:3-11) La mazwi kaJesu aqinisekisa ngokuthi injabulo ingatholakala.

2 Ingoma engcwele eyabhalwa iNkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo iveza lowo onguMthombo wenjabulo yangempela, uJehova. UDavide wathi: “Jabula kakhulu ngoJehova, uyokunika izicelo zenhliziyo yakho.” (IHubo 37:4) Kodwa yini engenza ukwazi uJehova nezici eziningi zobuntu bakhe kube ‘injabulo enkulu’? Ukucabangela lokho akwenzile nasazokwenza efeza injongo yakhe kukunika kanjani ithemba lokuthola “izicelo zenhliziyo yakho”? Ukuhlolisisa iHubo 37, amavesi 1 kuya ku-11, kunikeza izimpendulo.

“Ungabi Nomona”

3, 4. Njengoba kulotshwe kumaHubo 37:1, isiphi iseluleko uDavide asinikezayo, futhi kungani kufanelekile ukusilalela namuhla?

3 Siphila “ezinsukwini zokugcina . . . okunzima ukubhekana nazo,” futhi ububi bandile. Sibonile kugcwaliseka amazwi omphostoli uPawulu: “Abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu, bedukisa futhi bedukiswa.” (2 Thimothewu 3:1, 13) Yeka ukuthi kulula kanjani ukukhathazwa impumelelo nokuchuma kwabantu ababi! Konke lokho kungasiphazamisa, kusenze sifiphalelwe umbono ongokomoya. Qaphela indlela amazwi okuqala eHubo 37 asixwayisa ngayo ngale ngozi: “Ungafuthelani ngenxa yabenzi bokubi. Ungabi nomona ngabenza ukungalungi.”

4 Nsuku zonke imithombo yezwe yezindaba isibelesela ngohide lwemibiko yezenzo zokungabi nabulungisa. Osomabhizinisi abangathembekile bakhwabanisa kungabi ndaba zalutho. Izelelesi zixhaphaza abangenamandla. Ababulali ababanjwa noma abajeziswa. Zonke izibonelo ezinjalo zokuhlanekezelwa kobulungisa zingasivusela ulaka futhi ziphazamise ukuthula kwethu kwengqondo. Okubonakala sengathi kuyimpumelelo yabenzi bokubi kungase kubangele ngisho nomona. Kodwa ukuthukuthela kwethu kuyosilungisa yini isimo? Ingabe ukuba nomona ngalokho okubonakala sengathi kungcono okujatshulelwa ababi kuyosishintsha yini isiphetho sabo? Ngeke neze! Futhi asikho ngempela isidingo sokuba ‘sifuthelane.’ Ngani?

5. Kungani ababi befaniswa notshani?

5 Umhubi uyaphendula: “Ngoba bayosheshe babune njengotshani, bayobuna njengotshani obusha obuluhlaza.” (IHubo 37:2) Utshani obusha obuluhlaza bungase bube buhle, kodwa ngokushesha izindwani zabo ziyabuna zife. Kunjalo nangabenzi bokubi. Lokho okubonakala kuwukuchuma kwabo akuhlali phakade. Lapho befa, inzuzo yabo embi ayibe isabasiza. Ekugcineni wonke umuntu ubhekana nesahlulelo. UPawulu wabhala: “Inkokhelo yesono ukufa.” (Roma 6:23) Ekugcineni abenzi bokubi nabo bonke abangalungile bayothola “inkokhelo” yabo kugcine lapho. Yeka ukuphila okungenanzuzo!—IHubo 37:35, 36; 49:16, 17.

6. Yini esingayifunda kumaHubo 37:1, 2?

6 Ngakho-ke, ingabe kufanele sivumele ukuchuma kwabenzi bokubi okudlulayo kusiphazamise? Isifundo esisemavesini amabili okuqala eHubo 37 yilesi: Ungayivumeli impumelelo yabo ikuchezukise endleleni oyikhethile yokukhonza uJehova. Kunalokho, gcina amehlo akho esezibusisweni nasemigomweni engokomoya.—IzAga 23:17.

“Thembela KuJehova Wenze Okuhle”

7. Kungani kufanele sithembele kuJehova?

7 Umhubi uyasinxusa: “Thembela kuJehova wenze okuhle.” (IHubo 37:3a) Lapho sihlaselwa ukukhathazeka, ngisho nawukungabaza, kudingeka sithembele ngokuqinile kuJehova. NguYe onikeza ukulondeka okuphelele okungokomoya. UMose wabhala: “Noma ubani ohlala endaweni esithekile yoPhezukonke uyozitholela indawo yokungenisa khona impela phansi komthunzi woMninimandla onke.” (IHubo 91:1) Lapho sikhathazwa ukwanda kokungabi namthetho kulesi simiso sezinto, yilapho kudingeka sencike nakakhulu kuJehova. Uma senyela iqakala, siyajabula ukuba nomngane esingeyama engalweni yakhe. Ngokufanayo, lapho silwela ukuhamba ngokwethembeka, sidinga ukweyama kuJehova.—Isaya 50:10.

8. Ukuhlanganyela enkonzweni yobuKristu kungasisiza kanjani sigweme ukuphazanyiswa ngokungadingekile ukuchuma kwababi?

8 Okunye okungasisiza singakhathazwa ukuchuma kwababi ukuba matasa sifuna futhi sisiza abanjengezimvu ukuba bathole ulwazi olunembile ngenjongo kaJehova. Njengoba ububi banda, kudingeka sibe matasa ngokugcwele sisiza abanye. Umphostoli uPawulu wathi: “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye izinto, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.” “Okuhle” kunakho konke esingakwenza ukwazisa abanye izindaba ezinhle ezikhazimulayo zoMbuso kaNkulunkulu. Ukushumayela kwethu kwasobala ngempela ‘kungumhlatshelo wokudumisa.’—Hebheru 13:15, 16; Galathiya 6:10.

9. Chaza isiyalo sikaDavide esithi “hlala emhlabeni.”

9 UDavide uqhubeka athi: “Hlala emhlabeni, wenze ngokwethembeka.” (IHubo 37:3b) ‘Umhlaba’ wangosuku lukaDavide kwakuyindawo uJehova ayeyinike u-Israyeli, iZwe Lesithembiso. Ngesikhathi sokubusa kukaSolomoni umngcele wale ndawo wawusuka kwaDani enyakatho ufike eBheri-sheba eningizimu. Lena kwakuyindawo ka-Israyeli. (1 AmaKhosi 4:25) Namuhla, noma ngabe sihlalaphi emhlabeni, sisilindele ngabomvu isikhathi lapho yonke imbulunga iyoba ipharadesi ezweni elisha lokulunga. Okwamanje, silondeke ngokomoya.—Isaya 65:13, 14.

10. Uba yini umphumela uma ‘senza ngokwethembeka’?

10 Uyoba yini umphumela uma ‘senza ngokwethembeka’? Isaga esiphefumulelwe siyasikhumbuza: “Umuntu wezenzo zokuthembeka uyothola izibusiso eziningi.” (IzAga 28:20) Ukukhuthazela kwethu ngokwethembeka ekushumayeleni izindaba ezinhle nomaphi lapho sihlala khona nakunoma ubani esingashumayela kuye ngokuqinisekile kuletha imivuzo evela kuJehova. Ngokwesibonelo, uFrank nomkakhe, uRose, baqala isabelo sokuphayona eminyakeni engu-40 edlule edolobheni elithile enyakatho yeScotland. Abambalwa ababebonise isithakazelo kuleyo ndawo base behlehlile. Ungathenekile amandla, lo mbhanqwana ongamaphayona waqala umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi. Manje kukhona ibandla elichumayo kulelo dolobha. Ngempela, uJehova ukubusisile ukuthembeka kwalo mbhanqwana. “Isibusiso esikhulu kunazo zonke,” kuchaza uFrank ngokuthobeka, “ukuthi nje siseseqinisweni futhi uJehova usasisebenzisa.” Yebo, uma ‘senza ngokwethembeka,’ sithola futhi sazise izibusiso eziningi.

“Jabula Kakhulu NgoJehova”

11, 12. (a) Kungenzeka kanjani ukuba ‘sijabule kakhulu ngoJehova’? (b) Imuphi umgomo ongazibekela wona ngokuqondene nesifundo somuntu siqu, futhi yini engaba umphumela?

11 Ukuze siqinise ubuhlobo bethu noJehova futhi sihlale sithembekile kuye, kumelwe ‘sijabule kakhulu ngoJehova.’ (IHubo 37:4a) Sikwenza kanjani lokho? Kunokuba sigxile esimweni sethu, ngisho noma sinzima, sigxila kuJehova. Enye indlela esingakwenza ngayo lokhu ukuzinika isikhathi sokufunda iZwi lakhe. (IHubo 1:1, 2) Ingabe kuyakujabulisa ukufunda kwakho iBhayibheli? Kuyokujabulisa uma ufunda ngomgomo wokwazi okwengeziwe ngoJehova. Kunganjani uke ume kancane ngemva kokufunda ingxenyana uzibuze, ‘Le ndima ingifundiseni ngoJehova?’ Ungase ukuthole kusiza ukuba nencwajana yokubhalela noma ipheshana eduze ngesikhathi ufunda iBhayibheli. Isikhathi ngasinye lapho uma uzindla ngalokho okufundile, bhala umushwana okukhumbuza ngenye yezimfanelo zikaNkulunkulu ezimenza athandeke. Kwelinye ihubo, uDavide wahlabelela: “Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makujabulise phambi kwakho, Jehova Dwala lami noMkhululi wami.” (IHubo 19:14) Ukulinakisisa kwethu kanje iZwi likaNkulunkulu ‘kuyamjabulisa’ uJehova, nathi kuyasijabulisa.

12 Singayithola kanjani injabulo ekutadisheni nasekuzindleni kwethu? Singakwenza umgomo wethu ukufunda okuningi ngangokunokwenzeka ngoJehova nangezindlela zakhe. Izincwadi ezinjengethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila nethi Sondela KuJehova * zisinika okuningi esingazindla ngakho ngokwazisa. UDavide uqinisekisa abalungile ngokuthi uJehova naye ‘uyobanika izicelo zenhliziyo yabo.’ (IHubo 37:4b) Kumelwe ukuthi ukuqiniseka okunje yiko okwenza ukuba umphostoli uJohane abhale la mazwi: “Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa. Futhi, uma sazi ukuthi uyasizwa nganoma yini esiyicelayo, siyazi ukuthi siyozithola izinto esizicelile ngoba sizicele kuye.”—1 Johane 5:14, 15.

13. Ikuphi ukwanda komsebenzi wokushumayela ngoMbuso okubonakale emazweni amaningi eminyakeni yamuva?

13 Njengabagcini bobuqotho okusijabulisa kakhulu ukubona kulwelwa ubukhosi bukaJehova. (IzAga 27:11) Izinhliziyo zethu azichichimi yini injabulo lapho sizwa ngomsebenzi omkhulu wokushumayela owenziwa abafowethu emazweni ayebuswa omashiqela? Silangazelela ukubona ukuthi iyiphi enye inkululeko esazotholakala ngaphambi kokuba kuphele lesi simiso. Eziningi zezinceku zikaJehova ezihlala emazweni asentshonalanga zishumayela ngentshiseko kubafundi besikole, kubabaleki abavela kwamanye amazwe, nakwabanye abahlala okwesikhashana emazweni asentshonalanga futhi zinenkululeko yokukhulekela. Kuyisifiso sethu esiqotho ukuthi lapho laba bephindela emakhaya, baqhubeke benza ukukhanya kweqiniso kukhanye ngisho nakulokho okubonakala kuyisigayegaye sobumnyama.—Mathewu 5:14-16.

“Gingqela Indlela Yakho KuJehova”

14. Kunabuphi ubufakazi bokuthi singathembela kuJehova?

14 Akuve kujabulisa ukwazi ukuthi izinkathazo zethu nalokho okungase kuzwakale kusesinda kakhulu kungasuswa. Kanjani? Uthi uDavide: “Gingqela indlela yakho kuJehova, wethembele kuye,” anezele athi, “yena uyothatha isinyathelo.” (IHubo 37:5) Emabandleni ethu, sinobufakazi obuningi bokuthi uJehova uwuzime oluthembekile. (IHubo 55:22) Bonke abasenkonzweni yesikhathi esigcwele, kungakhathaliseki ukuthi bangamaphayona, ababonisi abajikelezayo, izithunywa zevangeli, noma izisebenzi zokuzithandela ezikhonza eBethel, bangakufakazela ukuthi uJehova unakekela ngokwethembeka. Kunganjani ukhulume nalabo obaziyo ubabuze ukuthi uJehova ubasize kanjani? Akungabazeki ukuthi uyozwa okuningi okwenzekile okubonisa ukuthi ngisho nasezikhathini ezinzima, ingalo kaJehova ayimfushane. Ngaso sonke isikhathi ukwenza kutholakale okudingekayo ekuphileni.—IHubo 37:25; Mathewu 6:25-34.

15. Ukulunga kwabantu bakaNkulunkulu kukhanya kanjani?

15 Uma sithembela kuJehova ngokuphelele, kungenzeka kithi lokhu okushiwo amazwi omhubi alandelayo: “Ngokuqinisekile uyoveza ukulunga kwakho njengokukhanya, nobulungisa bakho njengemini.” (IHubo 37:6) NjengoFakazi BakaJehova, kuvamile ukuba amaqiniso ngathi ahlanekezelwe. Kodwa uJehova uyawavula amehlo abanhliziyo ziqotho abasize babone ukuthi inkonzo yethu yasobala ishukunyiswa uthando ngoJehova nomakhelwane. Ngesikhathi esifanayo, ukuziphatha kwethu okuqotho, nakuba abaningi bekuhlanekezela, ngeke kusitheke. UJehova usisekela kuzo zonke izinhlobo zokuphikiswa nokushushiswa. Ngenxa yalokho, ukulunga kwabantu bakaNkulunkulu kukhanya njengelanga emini.—1 Petru 2:12.

‘Thula Ulinde Ngokulangazela’

16, 17. Ngokuvumelana neHubo 37:7, yisikhathi sani manje, futhi ngani?

16 Amazwi omhubi alandelayo athi: “Thula phambi kukaJehova umlinde ngokulangazela. Ungafuthelani ngenxa yomuntu owenza indlela yakhe iphumelele, umuntu ofeza imicabango yakhe.” (IHubo 37:7) Lapha uDavide ugcizelela isidingo sokulindela ngesineke ukuba uJehova athathe isinyathelo. Nakuba isiphelo salesi simiso singakafiki, lokho akusona isizathu sokukhonona. Asibonanga yini ukuthi isihe nokubekezela kukaJehova kukhulu kakhulu kunalokho esasikucabanga? Singabonisa yini manje ukuthi nathi silindele ngesineke simatasa sishumayela izindaba ezinhle ngaphambi kokufika kwesiphelo? (Marku 13:10) Manje yisikhathi sokuba sigweme ukwenza ngamawala okungasiphuca injabulo nokulondeka okungokomoya. Manje yisikhathi sokumelana ngisho nakakhulu nethonya elonakalisayo lezwe likaSathane. Futhi manje yisikhathi sokuzigcina simsulwa ngokokuziphatha singalokothi sikubeke engozini ukuma kwethu okulungile phambi kukaJehova. Masiqhubeke sisusa imicabango yokuziphatha okubi futhi sigwema izenzo ezingafanele kwabobulili obuhlukile, ngisho nakwabobulili obufanayo.—Kolose 3:5.

17 UDavide uyaseluleka: “Hlukana nentukuthelo uyeke ukufutheka; ungafuthelani ukuba nje wenze okubi. Ngoba abenzi bokubi bazonqunywa, kodwa abathemba uJehova yibo abayodla ifa lomhlaba.” (IHubo 37:8, 9) Yebo, singasilindela ngokuqiniseka isikhathi—manje esesiseduze kangaka—lapho uJehova ezosusa emhlabeni konke ukonakala nalabo abakwenzayo.

“Sekuyisikhashana Nje”

18, 19. Isiphi isikhuthazo osithola kumaHubo 37:10?

18 “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho.” (IHubo 37:10) Yeka ukuthi asikhuthaza kanjani la mazwi njengoba sisondela ekupheleni kwalesi simiso sezinto nasekupheleni kokungafuni ukubuswa uJehova okubangele inhlekelele! Noma iluphi uhlobo lukahulumeni noma umbuso oluqanjwe umuntu luhluleke kabuhlungu. Futhi manje sisondela esikhathini sokubuyela ekubuseni kukaNkulunkulu, uMbuso kaJehova ophethwe uJesu Kristu. Uzozilawula ngokuphelele izindaba zomhlaba ususe bonke abamelana noMbuso kaNkulunkulu.—Daniyeli 2:44.

19 Ezweni elisha ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, ngeke umthole “omubi,” ngisho noma ungathungatha kangakanani. Ngempela, noma ubani oyobe esevukela uJehova uyosuswa masinyane. Ngeke abe khona lapho ohlasela ubukhosi bakhe noma owenqaba ukuzithoba egunyeni lakhe. Bonke omakhelwane bakho bayoba mqondo-munye ekufuneni kwabo ukujabulisa uJehova. Yeka ukulondeka okuyolethwa yileso simo—kungasekho zihluthulelo, namigoqo, nalutho oluyophazamisa ukwethemba nenjabulo ephelele!—Isaya 65:20; Mika 4:4; 2 Petru 3:13.

20, 21. (a) Obani “abamnene” abashiwo iHubo 37:11, futhi bakutholaphi ‘ukuchichima kokuthula’? (b) Iziphi izibusiso esiyozithola uma silingisa uDavide Omkhulu?

20 Khona-ke, “abamnene bayodla ifa lomhlaba.” (IHubo 37:11a) Kodwa obani laba “abamnene”? Igama elihunyushwe ngokuthi ‘-mnene’ livela emsukeni osho ukuthi “hlupha, ehlisa, thobisa.” Yebo, “abamnene” yilabo abalindela uJehova ngokuthobeka ukuba alungise konke ukungabi nabulungisa okwenziwe kubo. “Ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” (IHubo 37:11b) Ngisho namanje sithola ukuthula okukhulu epharadesi elingokomoya elisebandleni lobuKristu beqiniso.

21 Nakuba singakakhululwa ekuhluphekeni, siyasekelana futhi siduduze abacindezelekile. Ngenxa yalokho, abantu bakaJehova baba nokwaneliseka kwangempela kwangaphakathi. Ngothando, abazalwane abamiswe njengabelusi bakhonza izidingo zethu ezingokomoya—ngezinye izikhathi ngisho nezingokwenyama—okusenza sikwazi ukukhuthazelela ukuhlushwa ngenxa yokulunga. (1 Thesalonika 2:7, 11; 1 Petru 5:2, 3) Akuve kuyigugu lokhu kuthula. Sinanethemba lokuphila phakade ePharadesi elinokuthula eseliseduze. Ngakho, kwangathi singalingisa uDavide Omkhulu, uKristu Jesu, ontshiseko yakhe ngoJehova yamshukumisela ukuba akhonze ngokwethembeka kuze kube sekugcineni. (1 Petru 2:21) Ngokwenza kanjalo, siyoqhubeka sijabula, sidumisa lowo esijabula kakhulu ngaye, uNkulunkulu wethu, uJehova.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 12 Zikhishwa oFakazi BakaJehova.

Ungaphendula?

• Iziphi izifundo ozifunde kumaHubo 37:1, 2?

• Ungenza kanjani ukuba ‘ujabule kakhulu ngoJehova’?

• Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi singathembela kuJehova?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 9]

AmaKristu ‘awanamona ngabenza ukungalungi’

[Isithombe ekhasini 10]

“Thembela kuJehova wenze okuhle”

[Isithombe ekhasini 11]

Jabula kakhulu ngoJehova ngokufunda okuningi ngangokunokwenzeka ngaye

[Isithombe ekhasini 12]

“Abamnene bayodla ifa lomhlaba”