Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ngizombuyisela Ngani UJehova?”

“Ngizombuyisela Ngani UJehova?”

Indaba Yokuphila

“Ngizombuyisela Ngani UJehova?”

ILANDISWA UMARIA KERASINIS

Lapho ngineminyaka engu-18 ubudala, ngangiyisiphoxo kubazali bami, umndeni wakithi ungikhiphe inyumbazane, futhi ngiyinhlekisa endaweni yakithi. Babengincenga, bengiphoqa, futhi bengesabisa ukuze bazame ukuphula ubuqotho bami kuNkulunkulu—kube hlanga zimuka nomoya. Ngangiqiniseka ukuthi ukunamathela ngobuqotho eqinisweni leBhayibheli kwakuzoletha izinzuzo zikaNkulunkulu. Uma ngibheka emuva eminyakeni engaphezu kwengu-50 ngikhonza uJehova, angikwazi ukungavumelani namazwi omhubi: “Ngizombuyisela ngani uJehova ngazo zonke izinzuzo zakhe kimi?”—IHubo 116:12.

NGAZALWA ngo-1930, e-Aggelokastro, indawo eqhele ngamakhilomitha athi awabe ngu-20 ukusuka echwebeni laseCenchreae, empumalanga ye-Isthmus of Corinth, lapho kwamiswa khona ibandla lamaKristu eqiniso ngekhulu lokuqala.—IzEnzo 18:18; Roma 16:1.

Umkhaya wakithi wawunokuthula. Ubaba wayeyinduna yomphakathi futhi ehlonishwa kakhulu. Ngangingumntwana wesithathu kwabayisihlanu. Abazali bethu basikhulisa njengamalungu azinikele eSonto LamaGreki Lobu-Orthodox. Njalo ngeSonto ngangiya eMiseni. Ngangivuma izono phambi kwezithombe, ngikhanyisa amakhandlela ezindlwaneni zesonto zendawo, futhi ngikwenza konke ukuzila. Ngangivamile ukucabanga ngokuba indelakazi. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaba ngowokuqala ekhaya ukudumaza abazali bami.

Langihlaba Umxhwele Iqiniso LeBhayibheli

Lapho ngineminyaka ethi ayibe ngu-18 ubudala, ngathola ukuthi uKatina, udadewabo womunye wabalamu bami, owayehlala esigodini esingumakhelwane, wayefunda izincwadi zoFakazi BakaJehova, nokuthi wayengasalubhadi esontweni. Lokhu kwangikhathaza kakhulu, ngakho nganquma ukumsiza ukuba abuyele kulokho enganginomuzwa wokuthi kuyindlela elungile. Ngakho, lapho esivakashele, ngahlela ukuba sithi ukulula izinyawo, nginenjongo yokudlula kwamfundisi. Umfundisi waqala ingxoxo ngokubanikiza oFakazi BakaJehova, ebabiza ngezihlubuki ezidukise uKatina. Le ngxoxo yaqhubeka ubusuku obuthathu bulandelana. Ngezimpendulo ezilungiselelwe kahle ezisekelwe eBhayibhelini, uKatina wazichitha zonke izinto ezazishiwo umfundisi. Ekugcineni, umfundisi watshela uKatina ukuthi ngenxa yokuthi uyintokazi enhle, ehlakaniphile, kufanele ajabulele ubusha bakhe esengakwazi abese eba nesithakazelo kuNkulunkulu lapho esemdala.

Angizange ngithi vú kubazali bami ngaleyo ngxoxo, kodwa angiyanga esontweni ngeSonto elilandelayo. Emini, umfundisi weza ngqó esitolo sakithi. Ngabeka isaba sokuthi bekumelwe ngihlale ngisize ubaba esitolo.

“Isona sizathu sangempela leso, noma uthonywe yileya ntombazane?” ngibuzwa umfundisi.

“Laba bantu banezinkolelo ezingcono kunezethu,” ngisho ngokungagwegwesi.

Ephendukela kubaba, umfundisi wathi: “Mnu. Economos, xosha isihlobo sakho ngokushesha; sesiwuthungele ngomlilo umuzi wakho.”

Umndeni Wakithi Uyangijikela

Lokhu kwenzeka ngasekupheleni kwawo-1940 ngesikhathi iGreece ibhekene neziqubu zodlame lwezimpi zombango. Esaba ukuthi abashokobezi bangase bangihlwithe, ubaba wahlela ukuba ngihambe kule ndawo ngiye kwadadewethu esigodini uKatina ayehlala kuso. Izinyanga ezimbili engazihlala lapho, ngasizwa ukuba ngiqonde lokho iBhayibheli elikushoyo ngezinto eziningana. Ngadumala lapho ngibona ukuthi izimfundiso eziningi zeSonto Lobu-Orthodox azivumelani nemiBhalo. Ngaqonda ukuthi uNkulunkulu akakwamukeli ukukhulekela okwenziwa ngezithombe, ngaqonda ukuthi amasiko enkolo ahlukahlukene—njengokuhlonishwa kwesiphambano—awasuki ebuKristwini, nokuthi umuntu kumelwe akhulekele uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso” ukuze amjabulise. (Johane 4:23; Eksodusi 20:4, 5) Ngaphezu kwakho konke, ngafunda ukuthi iBhayibheli linikeza ithemba eliqhakazile lokuphila okuphakade emhlabeni! Lawo maqiniso eBhayibheli ayigugu ayengezinye zezinzuzo zokuqala engazithola kuJehova.

Phakathi naleso sikhathi, udadewethu nomyeni wakhe baqaphela ukuthi ngangingalwenzi uphawu lwesiphambano ngezikhathi zokudla, futhi ngingathandazi ezithombeni zenkolo. Ngobunye ubusuku bangishaya bobabili. Ngosuku olulandelayo nganquma ukubashiya, ngaya kwamam’ncane. Umlamu wami wabikela ubaba. Ngokushesha ngemva kwalokho ubaba wafika egcwele izinyembezi, wazama ukungishintsha umqondo. Umlamu wami waguqa phansi ngamadolo phambi kwami, engincenga ukuba ngimxolele, futhi ngamxolela. Ukuze bayiqede yonke le nto, bangicela ukuba ngibuyele esontweni, kodwa ngama ngaqina.

Lapho ngibuyela esigodini sikababa, izingcindezi zaqhubeka. Ngangingenandlela yokuxhumana noKatina, futhi ngangingenancwadi engangingayifunda, ngingenalo ngisho neBhayibheli. Ngajabula kakhulu lapho omunye wodadewethu ozalwa ubaba omdala ezama ukungisiza. Lapho eya eCorinth, wahlangana nomunye uFakazi, wabe esebuya nencwadi ethi “UNkulunkulu Makabe Oneqiniso” kanye nekhophi yemiBhalo YamaKristu YesiGreki, engaqala ukuyifunda esithe.

Ukuphila Kushintsha Ngokungalindelekile

Ukuphikiswa ngonya kwaqhubeka iminyaka emithathu. Abekho oFakazi engangixhumana nabo, ngingatholi nancwadi. Nokho, ngingazi, kwakuzokwenzeka izinguquko ezinkulu ngokuphila kwami.

Ubaba wangitshela ukuthi kumelwe ngiye kumalume eThessalonica. Ngaphambi kokuba ngiye eThessalonica, ngaya esitolo somthungikazi eCorinth ukuze angithungele ijazi. Yeka indlela engamangala ngayo lapho ngithola ukuthi uKatina wayesebenza khona! Sajabula kakhulu ukubonana ngemva kwesikhathi eside kangaka. Njengoba sobabili sasiphuma esitolo, sahlangana nensizwa enomusa ngempela iphuma emsebenzini igoduka, igibele ibhayisekili. Igama layo kwakunguCharalambos. Ngemva kokwazana kangcono, sanquma ukuthi sizoshada. Cishe futhi kwakungalesi sikhathi, ngo-January 9, 1952, lapho ngabonakalisa khona ukuzinikezela kwami kuJehova ngokubhapathizwa.

UCharalambos wayebhapathizwe ngaphambili. Naye waphikiswa abakubo. UCharalambos wayeshiseka kakhulu. Wayekhonza njengomsizi wenceku yebandla, eqhuba nezifundo zeBhayibheli eziningi. Ngokushesha, abafowabo balamukela iqiniso, futhi namuhla amalungu amaningi emikhaya yabo nawo akhonza uJehova.

Ubaba wayemthanda ngempela uCharalambos, ngakho wavuma ukuba sishade, kodwa kumama kwakuthanda ukuba nzima. Naphezu kwakho konke lokhu, mina noCharalambos sashada ngo-March 29, 1952. Emshadweni kweza nje kuphela umfowethu omdala kanye nomunye wabafowethu ozalwa ubaba omdala. Ngangingazi ngaleso sikhathi ukuthi kanti uCharalambos wayezoba isibusiso esingenakuqhathaniswa—isipho sangempela esivela kuJehova! Njengomngane wakhe, ngakwazi ukwakhela ukuphila kwami enkonzweni kaJehova.

Ukuqinisa Abafowethu

Ngo-1953, mina noCharalambos sanquma ukuthuthela e-Athens. Efuna ukwenza okwengeziwe emsebenzini wokushumayela, uCharalambos wasula ebhizinisini lakubo, wathola itoho. Sasiba ndawonye ngezikhathi zantambama enkonzweni yobuKristu, siqhuba nezifundo zeBhayibheli eziningi.

Ngenxa yemigoqo engokomthetho enkonzweni yethu, kwakumelwe sibe namasu. Ngokwesibonelo, sanquma ukubeka umagazini INqabayokulinda efasiteleni lesitodlwana, enkabeni ye-Athens, lapho umyeni wami ayebambe khona itoho. Isikhulu esiphakeme samaphoyisa sasitshela ukuthi lo magazini awuvunyelwe. Nokho, lesi sikhulu sacela owodwa sabe sesiya kobuzisiza ngawo ehhovisi lokulondeka. Lapho ehhovisi lokulondeka besiqinisekisa lesi sikhulu ukuthi lowo magazini usemthethweni, sabuya sazositshela. Ngokushesha nje lapho abanye abazalwane ababenezitodlwana bezwa ngalokhu, nabo baqala ukubeka amakhophi e-Nqabayokulinda emafasiteleni ezitodlwana zabo. Enye indoda yathatha INqabayokulinda esitodlwaneni sethu, yaba uFakazi, futhi manje ikhonza njengomdala.

Kwasijabulisa futhi ukubona umfowethu onguthunjana efunda iqiniso. Wayeze e-Athens ukuzofunda ekolishi lokuqeqesha amatilosi angabahwebi, futhi saya naye emhlanganweni omkhulu. Imihlangano yethu emikhulu yayiqhutshwa ngasese emahlathini. Wakuthanda akuzwa lapho, kodwa ngokushesha ngemva kwalokho waqala ukuhambela amazwe njengomhwebi. Olunye uhambo lwakhe lwamyisa echwebeni lase-Argentina. Lapho, isithunywa sevangeli sagibela umkhumbi ukuze sishumayele, umfowethu wabe esecela omagazini bethu. Sajabula kakhulu lapho sithola incwadi yakhe ethi: “Ngilitholile iqiniso. Ngenzeleni isikhokhelo.” Namuhla, yena nomkhaya wakhe bakhonza uJehova ngokwethembeka.

Ngo-1958 umyeni wami wacelwa ukuba akhonze njengombonisi ojikelezayo. Njengoba umsebenzi wethu wawuvinjelwe, nezimo zinzima kakhulu, ababonisi abajikelezayo ngokuvamile babekhonza ngaphandle komkabo. Ngo-October 1959, sacela kubazalwane abanomthwalo wemfanelo ehhovisi legatsha ukuba ngihambe naye. Bavuma. Kwakumelwe sihambele futhi siqinise amabandla asenkabeni nasenyakatho yeGreece.

Lokho kuhamba kwakungelula. Imigwaqo egandayiwe yayimbalwa futhi igqagqene. Njengoba sasingenayo imoto, sasivame ukuhamba ngezinto zomphakathi noma ngamaveni, sigibele kanye nezinkukhu nezinye izimpahla. Sasifaka amabhuzu enjoloba ukuze sikwazi ukuhamba emigwaqweni enodaka. Njengoba esigodini ngasinye kwakunamabutho athathwe emphakathini, kwakudingeka singene ngesinyenyela ebusuku ukuze sigweme ukuphenywa.

Abazalwane babekwazisa ngokujulile lokhu kuhambela. Nakuba abaningi babo babesebenza kanzima emasimini abo belima, babenza wonke umzamo wokuba khona emihlanganweni eyayiba sebusuku emizini ehlukahlukene. Laba bazalwane babenanomoya ophawulekayo wokungenisa izihambi futhi besinika okungcono kakhulu kulokho ababenakho, yize babenokuncane kakhulu. Ngezinye izikhathi sasilala nomkhaya wonke ekamelweni elilodwa. Ukholo lwabazalwane, ukukhuthazela nokushiseka kwabo kwaba enye futhi inzuzo eyigugu kithina.

Ukwandisa Inkonzo Yethu

Ngo-February 1961, ngesikhathi sivakashele ehhovisi legatsha e-Athens, sabuzwa ukuthi besingathanda yini ukukhonza eBethel. Saphendula ngamazwi ka-Isaya: “Nangu mina! Thuma mina.” (Isaya 6:8) Ezinyangeni ezimbili kamuva, sathola incwadi esiyala ukuba size eBethel ngokushesha kangangokunokwenzeka. Ngakho, ngo-May 27, 1961, saqala ukukhonza eBethel.

Sasithanda isabelo sethu esisha, futhi ngokushesha sase sizizwa sisekhaya. Umyeni wami wasebenza emnyangweni weNkonzo noweZikhokhelo, kamuva wakhonza isikhathi esithile eKomitini Yegatsha. Ngaba nezabelo ezihlukahlukene kuleli khaya. Kwakunamalungu angu-18 emkhayeni waseBethel ngaleso sikhathi, kodwa iminyaka ecishe ibe mihlanu, kwakunabantu abangaba ngu-40 ngenxa yokuthi isikole sabadala sasiqhutshelwa eBethel. Ekuseni, ngangigeza izitsha, ngisiza umpheki, ngendlula imibhede engu-12, ngideke namatafula ngaphambi kokudla kwasemini. Ntambama, ngangi-ayina izingubo, ngihlanze nezindlu zangasese namakamelo. Ngangisebenza naselondolo kanye ngesonto. Kwakunomsebenzi omningi, kodwa kwakungijabulisa ukusiza.

Sasimatasa kakhulu ezabelweni zethu zaseBethel nasenkozweni yasensimini. Izikhathi eziningi sasiqhuba izifundo zeBhayibheli ezifinyelela kweziyisikhombisa. Ngezimpelasonto, ngangihamba noCharalambos njengoba ayehamba ebeka izinkulumo emabandleni ahlukahlukene. Sasingamathe nolimi.

Saqhuba isifundo seBhayibheli nombhangqwana oshadile owawusondelene kakhulu neSonto LamaGreki Lobu-Orthodox futhi ungabangane nomfundisi owayehola amanxusa esonto ayelwa nezihlubuki. Endlini yalo mbhangqwana kwakunekamelo elaligcwele izithombe, okwakushiselwa kulo impepho ngokuqhubekayo futhi kudlalelwa khona amaculo obu-Byzantine usuku lonke. Isikhathi esithile, sasibavakashela njalo ngoLwesine ukuze sitadishe nabo iBhayibheli, bese umngane wabo ongumfundisi abavakashele njalo ngoLwesihlanu. Ngolunye usuku, lo mbhangqwana wasicela ukuba nakanjani sifike emzini wabo, ngoba kunento eyisimanga abafuna ukusibonisa yona. Into yokuqala abasibonisa yona kwakuyilelo kamelo. Babezilahle zonke izithombe futhi balilungisa kabusha. Lo mbhangqwana waqhubeka uthuthuka waze wabhapathizwa. Sekukonke, siye sajabula ukubona abantu abangaba ngu-50 esasibaqhubela izifundo zeBhayibheli benikezela ukuphila kwabo kuJehova futhi bebhapathizwa.

Ukuba nobuhlobo nabazalwane abagcotshiwe kwakuyinzuzo ekhethekile engayijabulela. Ukuhambela kwamalungu eNdikimba Ebusayo, afana noMfoweth’ uKnorr, uFranz, noHenschel, kwakukhuthaza ngokujulile. Ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-40, ngisenomuzwa wokuthi ukukhonza eBethel kuyilungelo elikhulu.

Ukubhekana Ngokuphumelelayo Nokugulelwa Nokushonelwa

Ngo-1982, umyeni wami waqala ukubonisa izimpawu zesifo i-Alzheimer’s. Ngo-1990 impilo yakhe yayisiwohlokile, wagcina esedinga ukuhlale eqashiwe. Phakathi neminyaka yokugcina engu-8 yokuphila kwakhe, sasingakwazi nhlobo ukuphumela ngaphandle kwaseBethel. Abazalwane abaningi abathandekayo emkhayeni waseBethel, kanye nababonisi abanomthwalo wemfanelo, benza amalungiselelo okusisiza. Nokho, naphezu kosizo lwabo lomusa, kwakudingeka ngihlale naye amahora amaningi ebusuku nasemini ngimnakekela. Ngezinye izikhathi izinto zaziba nzima kakhulu, futhi izikhathi eziningi ngangingalali.

Ngo-July 1998, umyeni wami othandekayo washona. Nakuba ngimkhumbula kakhulu, iqiniso lokuthi uJehova akamkhohliwe liyangiduduza, futhi ngiyazi ukuthi uJehova uyomkhumbula kanye nezigidi zabanye ovukweni.—Johane 5:28, 29.

Ukubonga Izinzuzo ZikaJehova

Nakuba ngalahlekelwa umyeni wami, angingedwa. Ngisenelungelo lokukhonza eBethel, futhi ngijabulela uthando nokunakekela kwawo wonke umkhaya waseBethel. Umndeni wami uhlanganisa nabafowethu nodadewethu abangokomoya abakulo lonke elaseGreece. Yize manje ngineminyaka engaphezu kwengu-70 ubudala, ngisakwazi ukusebenza izinsuku ezigcwele ekhishini nasendaweni yokudlela.

Ngo-1999 kwafezeka iphupho lokuphila kwami lapho ngivakashela endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eNew York. Anginawo awokuyichaza indlela engazizwa ngayo. Kwakuyisenzakalo esakhayo nengingasoze ngasikhohlwa.

Uma ngibheka emuva, ngikholelwa ngempela ukuthi ayikho enye indlela engcono engangingakusebenzisa ngayo ukuphila kwami. Inkambo engcono kakhulu engathathwa yinoma ubani iwukukhonza uJehova isikhathi esigcwele. Ngingasho kugcwale umlomo ukuthi angikaze ngishiywe dengwane. Ngothando, uJehova uye wanginakekela mina nomyeni wami ngokomoya nangokwenyama. Ngokwalokho engikubone ekuphileni kwami, ngiyaqonda ukuthi kungani umhubi abuza: “Ngizombuyisela ngani uJehova ngazo zonke izinzuzo zakhe kimi?”—IHubo 116:12.

[Isithombe ekhasini 26]

Mina noCharalambos sasingamathe nolimi

[Isithombe ekhasini 27]

Umyeni wami esehhovisi lakhe egatsheni

[Isithombe ekhasini 28]

Nginomuzwa wokuthi inkonzo yaseBethel iyilungelo elikhulu