Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uhlelo Lwethelevishini Lwamenza Wakhazimulisa UNkulunkulu

Uhlelo Lwethelevishini Lwamenza Wakhazimulisa UNkulunkulu

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Uhlelo Lwethelevishini Lwamenza Wakhazimulisa UNkulunkulu

UMPHOSTOLI UPAWULU wathi “abanye bashumayela uKristu ngomona nangombango, kodwa abanye futhi ngokuzithandela.” (Filipi 1:15) Bengahlosile, ngezinye izikhathi ngisho nalabo abazama ukujivaza abantu bakaJehova baye babangela abanhliziyo ziqotho ukuba bafunde iqiniso.

Ngo-November 1998, ithelevishini yezwe lonke laseFrance yasakaza uhlelo olwalubonisa izithombe zeBethel, izakhiwo zegatsha loFakazi BakaJehova eLouviers, eFrance. Naphezu kwezindlela ezihlukahlukene abantu abasabela ngazo, lolu hlelo lwaba nemiphumela emihle ngendlela engalindelekile.

Omunye walabo abábukela lolu hlelo kwakungu-Anna-Paula, owayehlala endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-60 nje kuphela ukusuka eBethel. U-Anna-Paula, umama ohlukanisile onezingane ezimbili, wayefuna umsebenzi. Ngakho ngakusasa ekuseni, washayela iBethel ucingo ebuza ukuthi angawuthola yini umsebenzi khona. Wathi: “Uhlelo lwethelevishini lungenze ngaba nombono wokuthi iyindawo ekahle nokuthi umsebenzi owenziwa khona uwusizo.” Yeka ukuthi kwammangaza kanjani ukuzwa ukuthi bonke labo abakhonza eBethel bayizikhonzi ezinikela ngesikhathi sazo! Ngemva kwengxoxo emfushane mayelana nezinto ezenziwa oFakazi BakaJehova, wavuma ukuba avakashelwe uFakazi.

Lapho uLéna, isikhonzi sesikhathi esigcwele ebandleni lalapho, emvakashela, baxoxa isikhathi eside futhi u-Anna-Paula wamukela incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. * Lapho uLéna ebuyela, u-Anna-Paula wayeseyifunde yonke incwadi futhi enemibuzo eminingi. Wasamukela ngokungathandabuzi isifundo seBhayibheli. U-Anna-Paula wathi: “Kimi, kwakuyithuba lokufunda iZwi likaNkulunkulu. Ngangingakaze ngiliphathe ngezandla zami iBhayibheli.”

Ngo-January, u-Anna-Paula wavakasha eBethel, kwathi ngesonto elilandelayo waya emhlanganweni wobuKristu okukuqala ngqá. Ngokushesha ngemva kwalokho, waqala ukufunda iBhayibheli nezingane zakhe nokufakaza kubangane bakhe. Uthi: “Ngangingakwazi ukuwuvala umlomo ngalokho engangikufunda. Ngangifuna ukwazisa abantu amaqiniso eBhayibheli futhi ngibaduduze.” Ngemva kokuzama ukunqoba izinkinga zakhe eziningana, u-Anna-Paula waqala ukuya emihlanganweni njalo. Wathuthuka ngokushesha futhi wabhapathizwa ngo-May 5, 2002.

Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuba isibonelo esihle kuka-Anna-Paula nokushumayela ngentshiseko, umama wakhe waqala ukufunda iBhayibheli futhi uzobhapathizwa maduzane nje. U-Anna-Paula uthi: “Anginawo amazwi okuchaza injabulo engiyizwayo. Nsuku zonke ngiyambonga uJehova ngokumazi nangazo zonke izibusiso anginikeze zona.”

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Ikhishwa oFakazi BakaJehova.

[Izithombe ekhasini 8]

Ngenhla: U-Anna-Paula

Ngezansi: Indawo yokungena ehhovisi legatsha laseFrance