Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Ukuyilungela Yonke Imisebenzi Emihle’

‘Ukuyilungela Yonke Imisebenzi Emihle’

‘Ukuyilungela Yonke Imisebenzi Emihle’

“QHUBEKA ubakhumbuza ukuba bazithobe futhi balalele ohulumeni neziphathimandla njengababusi, ukuba balungele yonke imisebenzi emihle.” (Thithu 3:1) Imiphi le misebenzi emihle umphostoli uPawulu ayenayo engqondweni lapho ebhalela ayekholwa nabo la mazwi? Isazi seBhayibheli u-E. F. Scott saphawula ngohlobo olulodwa lwalo msebenzi, sathi: “AmaKristu kwakungalindelwe nje kuphela ukuba alalele iziphathimandla, kodwa kwakumelwe alungele ukwenza noma imuphi umsebenzi omuhle. . . . Lapho isimo sifuna kanjalo, amaKristu kwakufanele abe phakathi kwabokuqala ababonisa umoya wokukhathalela umphakathi. Kwakuyohlala kuhlale kube namaqubula emililo, ubhubhane, nosizi oluyizinhlobonhlobo, lapho zonke izakhamuzi ezikahle zaziyofuna ukusiza omakhelwane bazo.”

AmaKristu ayayenza imisebenzi ethile yokukhathalela umphakathi, inqobo nje uma ingangqubuzani nemithetho kaNkulunkulu. (IzEnzo 5:29) Ngokwesibonelo, lilandela isiqondiso somnyango wabacishi-mlilo wendawo, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eJapane, elakhiwe e-Ebina, minyaka yonke liba nenqubo yokuprakthiza ukucisha nokubalekela umlilo. Kuleso senzakalo, wonke amalungu omkhaya waseBethel abuthana ndawonye ukuze alalele iziqondiso ezinikezwa omelele umnyango wezokucisha umlilo.

Ngaphezu kwalokho, sekungaphezu kweminyaka eyishumi leli hhovisi legatsha libambisana nezikhulu zendawo embukisweni oxhaselwe ukufundisa abantu ngokuvinjelwa komlilo. Kulowo mbukiso, izinkampani zedolobha zibonisa izindlela zazo zokulwa nomlilo nokuwulawula. Igatsha liye lanconywa kaningi ngamakhono nokubambisana kwezisebenzi zalo nabacishi-mlilo. Ngo-2001, lakhethwa njengeliphume phambili kulo mbukiso. Bakulungele ukwenza umsebenzi omuhle ongasindisa ukuphila uma kwenzeka kuqubuka umlilo.

Inkonzo Eyigugu

Nokho, oFakazi BakaJehova banesithakazelo kolunye uhlobo lomsebenzi othé ukubaluleka, nawo osindisa ukuphila. Bavame ukuvakashela omakhelwane babo ukuze babatshele ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) OFakazi bakhuthaza abantu ukuba bafunde futhi basebenzise izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo ukuze bathuthukise izinga lokuphila kwabo manje, futhi babe nethemba lokuphila okuphakade ezweni lapho ukuthula kweqiniso nokulondeka kuyochuma khona.

Abanye bangase bangakuboni ukubaluleka kwenkonzo eyenziwa oFakazi BakaJehova, bababheke njengamaphela endlebeni. Nokho, uMahluleli uJean Crepeau weNkantolo Ephakeme YaseQuebec, eCanada, wayenombono ohlukile. OFakazi BakaJehova kuleyo ndawo babenqabe umthetho kamasipala wedolobha laseBlainville, eQuebec, owawufuna ukuba lapho beyoshumayela endlini ngendlu babe nencwadi yemvume. Esinqumweni esakhishwa inkantolo, uMahluleli uCrepeau wathi: “Ukushumayela koFakazi BakaJehova kuyinkonzo yobuKristu yomphakathi futhi . . . izincwadi ezihanjiswa oFakazi bezihambisela izakhamuzi ezinesithakazelo ziyizincwadi ezibalulekile, ezikhuluma ngezindaba ezinjengenkolo, iBhayibheli, izidakamizwa, ukuba umlutha wotshwala, imfundo yentsha, izinkinga zomshado nezehlukaniso.” Leso sinqumo saqhubeka sathi: “Inkantolo iphetha ngokuthi ukuqhathanisa oFakazi BakaJehova nabathengisi kuyisethuko, ukubehlisa isithunzi, kuyathunaza futhi kuyahlambalaza.”

OFakazi BakaJehova nabo bayaphonsa esivivaneni ukuze kuthuthuke inhlalakahle yomphakathi abahlala kuwo ngokusiza abantu banqobe izinkinga ekuphileni kwabo kwansuku zonke futhi babalethele ithemba ngekusasa. IBhayibheli libahlomisela ukuba bawufeze lowo msebenzi. “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 3:16, 17.

Ungathanda yini ukwazi ukuthi oFakazi BakaJehova ‘bayilungela kanjani yonke imisebenzi emihle’? Sikumema ukuba wamukele usizo lwabo ukuze ufunde okwengeziwe ngeBhayibheli futhi ngaleyo ndlela uzibeke esimweni sokuzuza kulo msebenzi womphakathi obalulekile abawenza endaweni yakini nasemhlabeni wonkana.

[Izithombe ekhasini 30, 31]

OFakazi BakaJehova bafuna ukubambisana neziphathimandla

[Isithombe ekhasini 31]

OFakazi baziwa ngokusiza omakhelwane babo