Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abathweswe Iziqu EGileyadi Bakhuthazwa Ukuba Bakhulume ‘Izinto Ezinhle Kakhulu’

Abathweswe Iziqu EGileyadi Bakhuthazwa Ukuba Bakhulume ‘Izinto Ezinhle Kakhulu’

Abathweswe Iziqu EGileyadi Bakhuthazwa Ukuba Bakhulume ‘Izinto Ezinhle Kakhulu’

KWAKUNOQUQABA lwabangu-6 635 olwaluvela emazweni angu-52 esimisweni sokuthweswa iziqu kwekilasi le-115 le-Watchtower Bible School of Gilead ngo-September 13, 2003.

Lolo quqaba lwasizwa isikhuthazo esisekelwe eBhayibhelini, esanikwa abafundi abangu-48 balelo kilasi, sokuba bayise ‘izinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu’ kubantu emazweni angu-17. (IzEnzo 2:11) Kulapho lapho abathweswe iziqu sebezokwenza khona umsebenzi wabo wezithunywa zevangeli.

Emazwini akhe okuvula, uStephen Lett, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova futhi owayengusihlalo wesimiso, wakhumbuza abafundi: “Lapho niya ezabelweni zenu, kungakhathaliseki ukuthi niyaphi noma zimo zini enibhekana nazo, baningi abanani kunalabo abamelene nani.” Esebenzisa amaKhosi Esibili isahluko 6, uMfoweth’ uLett wakhumbuza abafundi ukuthi bangathembela ekusekelweni uJehova uNkulunkulu nezigidigidi zezingelosi njengoba bezenza zaziwe ‘izinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.’ (2 AmaKhosi 6:15, 16) AmaKristu ekhulu lokuqala aphikiswa futhi anganakwa emsebenzini wawo wokushumayela nokufundisa, nezithunywa zevangeli ezingamaKristu namuhla zibhekana nezimo ezifanayo. Nokho, zingathembela osizweni oluvela ezulwini nasenhlanganweni kaJehova yasemhlabeni.—IHubo 34:7; Mathewu 24:45.

Nikhulume ‘Izinto Ezinhle Kakhulu ZikaNkulunkulu’

Ngemva kwamaphuzu kasihlalo okuvula, uHarold Corkern, weKomiti YeGatsha Lase-United States wakhuluma ngesihloko esithi “Amathemba Anesisekelo Esizwakalayo—Isihluthulelo Senkonzo Ejabulisayo Nephumelelayo.” UMfoweth’ uCorkern waveza ukuthi amathemba angagcwalisekanga angaholela ekudumazekeni, njengoba izAga 13:12 zibonisa. Nokho, ngokuvamile ukudumazeka kubangelwa ukuba namathemba angenaso isisekelo esizwakalayo, angagcwaliseki. Laba bafundi kudingeka babe nombono olinganiselayo nongokoqobo ngabo ngokwabo nangabanye abantu. Kufanele bakulindele ukwenza amaphutha, kodwa lokho akumelwe kubadumaze ngokweqile njengoba bezama kanzima ukusiza abanye ukuba baqonde ‘izinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.’ UMfoweth’ uCorkern wakhuthaza izithunywa zevangeli ezintsha ukuba zithembele kuJehova, “umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—Hebheru 11:6.

Kwabe sekulandela uDaniel Sydlik, ilungu leNdikimba Ebusayo, owakhuluma ngesihloko esithi “Ithemba LobuKristu—Liyini?” Wathi: “Ithemba liyimfanelo enhle yamaKristu. Liyindinganiso yokulunga eholela umuntu ebuhlotsheni obufanele noNkulunkulu. Umuntu ongeyena umKristu akakwazi ukuba nethemba njengathi.” UMfoweth’ uSydlik waqhubeka echaza izici ezihlukahlukene zethemba lobuKristu ezingasiza umuntu ukuba ahlale ethembeni naphezu kwezimo zokuphila ezinzima. “Uma sinethemba, singabhekana nokuphila kwansuku zonke ngenkuthalo evuselelwe nangomoya wokunqoba.” Ithemba liyamsiza umKristu ukuba abheke uJehova njengoNkulunkulu wenjongo futhi akujabulele ukumkhonza.—Roma 12:12.

UWallace Liverance, obhalisayo eSikoleni SaseGileyadi, wakhuthaza abafundi ethi “Qhubekani Nihamba Ngomoya.” (Galathiya 5:16) Wabonisa indlela uBharuki, unobhala kaJeremiya, acishe aphambuka ngayo ekuhambeni ngomoya. Ngesinye isikhathi, uBharuki wadinwa wabe eseqala ukuzifunela izinto ezinkulu. (Jeremiya 45:3, 5) UMfoweth’ uLiverance wabe eseveza ukuthi abanye bayeka ukulandela uJesu, benqaba neqiniso elingokomoya, okuyilona elidingekayo ukuze umuntu asindiswe. Lokho kwabangelwa ukuthi babengakuqondi ayekufundisa, futhi kwabacasula ukungagcwaliseki kwamathemba abo ngaleso sikhathi. (Johane 6:26, 27, 51, 66) Yini izithunywa zevangeli, ezimsebenzi wazo ukuqondisa ukuqashelwa kuMdali nenjongo yakhe, ezingayifunda kulokhu kulandisa? Abafundi bakhuthazwa ukuba bangazihluphi ngokuthola isikhundla, ukuqashelwa abantu, noma basebenzise isabelo esingokwasezulwini ukuze bazizuzise bona.

UMark Noumair, ofundisa eGileyadi, waphakamisa umbuzo othi, “Uyoba Umuphi Noma Umamukeli?” Inkulumo yakhe wayisekela kubaHluleli 5:2, lapho ama-Israyeli ngamanye anconywa khona ngokuzinikela kwawo ngokungenabugovu ebuthweni likaBharaki. Abafundi baseGileyadi batuswa ngomoya abasabela ngawo obizweni lukaBharaki Omkhulu, uJesu Kristu, lokuba bahileleke kakhudlwana empini engokomoya. Amasosha kaKristu kufanele abe nesithakazelo ekutholeni ukuvunyelwa yilowo owawabutha. UMfoweth’ uNoumair wakhumbuza abafundi: “Lapho sesiqala ukugxila ekuzijabuliseni thina ngokwethu, siyayeka ukulwa nesitha. . . . Inkonzo yezithunywa zevangeli ayiphathelene nawe. Iphathelene noJehova, ubukhosi bakhe, nokufezeka kwenjongo yakhe. Asikhonzi njengezithunywa zevangeli ngoba sifuna ukuba uJehova asijabulise, simkhonza ngoba simthanda.”—2 Thimothewu 2:4.

ULawrence Bowen, ofundisa eGileyadi, walandela nenkulumo ethi “Bangcwelise Ngeqiniso,” eyayihlanganisa izingxoxo nabanye. (Johane 17:17) Waphawula ukuthi abafundi bekilasi le-115 bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezingcwelisiwe. Ngesikhathi besesikoleni, babeya nasenkonzweni yasensimini, befuna abathandi beqiniso abanhliziyo ziqotho. NjengoJesu nabafundi bakhe bokuqala, laba bafundi abazange bakhulume okusuka ‘kubo siqu.’ (Johane 12:49, 50) Ngentshiseko babekhuluma izwi leqiniso eliphefumulelwe nelinika ukuphila. Izenzakalo ezingokoqobo zabafundi ezaziphindwa nezazilandiswa zabonisa umphumela onamandla iBhayibheli elaba nawo kulabo ababebatholile.

Amacebiso Nokuhlangenwe Nakho Kuyakhuthaza

U-Anthony Pérez no-Anthony Griffin, bo-Mnyango Wenkonzo egatsheni lase-United States, baxoxa namalungu amaKomiti Amagatsha ayevela kwamanye amazwe. La madoda axoxa ngezinselele izithunywa zevangeli ezintsha ezibhekana nazo, anikeza neseluleko esisebenzayo esisekelwe kokuhlangenwe nakho kwawo siqu. Ezinye zezinselele ziwukungafani kwamasiko, isimo sezulu esishisayo nesinezimvula unyaka wonke, noma isimo senkolo nesezombusazwe esihlukile kuleso abafundi abasijwayele. Yini engasiza izithunywa zevangeli ezintsha ukuba zikwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nezimo ezintsha? Uthando ngoJehova, uthando ngabantu, ukungabheki emuva, nokungaphamazeli. Elinye ilungu lekomiti yegatsha lathi: “Abantu basesabelweni sethu base behlale khona amakhulu ngamakhulu eminyaka ngaphambi kokufika kwethu. Ngokuqinisekile sasingahlala lapho futhi sijwayele. Njalo lapho sinqwamana nobunzima, sasibheka kubo njengabalolongi bobuntu bethu. Uthembela emthandazweni nasemoyeni kaJehova, futhi ubona ukuba yiqiniso kwamazwi kaJesu athi, ‘nginani.’”—Mathewu 28:20.

USamuel Herd, ilungu leNdikimba Ebusayo, waletha isimiso emvuthwandaba ngenkulumo yakhe ethi, “Qhubekani Nikhuluma Ngezinto Ezinhle Kakhulu ZikaNkulunkulu.” Ukuthululwa komoya ongcwele ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., kwafaka abafundi bakaJesu umfutho wokukhuluma “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.” Yini namuhla engasiza izithunywa zevangeli ezintsha ukuba zikhulume ngentshiseko efanayo ngoMbuso kaNkulunkulu? Kuseyilowo moya ongcwele. UMfoweth’ uHerd wakhuthaza abafundi ababethweswa iziqu ukuba ‘bavuthe emoyeni,’ bazijabulele izabelo zabo, bangalokothi bakhohlwe ukuqeqeshwa okulondolozwe kubo. (Roma 12:11) UMfoweth’ uHerd wathi: “IBhayibheli liyinto enhle kakhulu kaNkulunkulu. Ningalokothi nilithathe kalula. Isigijimi salo siyaphila. Lifinyelela emnyombweni wezinto. Lisebenziseni ekuqondiseni ukuphila kwenu. Livumeleni lishintshe indlela yenu yokucabanga. Qaphani ikhono lenu lokucabanga ngokutadisha, ngokufunda, nangokuzindla ngemiBhalo . . . Kwenzeni umgomo futhi nizimisele ukusebenzisa ukuqeqeshwa kwaseGileyadi ukuba niqhubeke nikhuluma ‘izinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.’”

Ngemva kokufundwa kwemikhonzo evela emhlabeni wonke nokukhishwa kwama-diploma, omunye umfundi wafunda incwadi yekilasi eyayiveza ukwazisa kwalo ngokuqeqeshwa elikutholile. UMfoweth’ uLett wabe esewuvala kamnandi lowo mcimbi ojabulisayo ngeziKronike 32:7 noDuteronomi 20:1, 4. Ehlanganisa amazwi akhe okuvala namazwi okuvula, waphetha: “Ngakho-ke, bafundi abathandekayo, nikhumbule njengoba niya phambili, nimashela empini engokomoya ezabelweni zenu ezintsha, ukuthi uJehova uzobe emasha kanye nani. Ningalokothi nikhohlwe iqiniso lokuthi baningi abanani kunalabo abamelene nani.”

[Ibhokisi ekhasini 25]

IMINININGWANE YEKILASI

Inani lamazwe amelelwe: 7

Inani lamazwe ababelwe kuwo: 17

Inani labafundi: 48

Isilinganiso seminyaka yobudala: 33.7

Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 17.8

Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 13.5

[Isithombe ekhasini 26]

Ikilasi Le-115 Elithweswe Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead

Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla.

(1) Brown, T.; Goller, C.; Hoffman, A.; Bruzzese, J.; Trahan, S. (2) Smart, N.; Cashman, F.; Garcia, K.; Lojan, M.; Seyfert, S.; Gray, K. (3) Beckett, M.; Nichols, S.; Smith, K.; Gugliara, A.; Rappenecker, A. (4) Gray, S.; Vacek, K.; Fleming, M.; Bethel, L.; Hermansson, T.; Hermansson, P. (5) Rappenecker, G.; Lojan, D.; Dickey, S.; Kim, C.; Trahan, A.; Washington, A.; Smart, S. (6) Goller, L.; Burghoffer, T.; Gugliara, D.; Nichols, R.; Washington, S.; Kim, J. (7) Beckett, M.; Dickey, J.; Smith, R.; Garcia, R.; Hoffman, A.; Seyfert, R.; Brown, H. (8) Fleming, S.; Bruzzese, P.; Burghoffer, W.; Bethel, T.; Cashman, J.; Vacek, K.