Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Esikufundayo Emkhayeni Wakubo KaJesu Wasemhlabeni

Esikufundayo Emkhayeni Wakubo KaJesu Wasemhlabeni

Esikufundayo Emkhayeni Wakubo KaJesu Wasemhlabeni

WAZINI ngomkhaya wakubo kaJesu, labo ayephila nabo kwaze kwaba yilapho ebhapathizwa, iminyaka engu-30 yokuqala yokuphila kwakhe emhlabeni? Kusitshelani ukulandisa kwamaVangeli? Yini esingayifunda ngokuhlola umkhaya wakubo? Zingakuzuzisa izimpendulo.

Ingabe uJesu wazalelwa phakathi komhlane nembeleko? UJosefa, usingayise, wayengumbazi. Lokho kwakusho ukusebenza kanzima, ngokuvamile ukugawula imithi yokubaza. Lapho abazali bakaJesu basemhlabeni beya eJerusalema ngemva kwezinsuku ezingaba ngu-40 ezelwe, baletha umnikelo ongumhlatshelo owawuyimfuneko yoMthetho. Ingabe banikela ngenqama kanye nehobhe noma nejuba, njengoba kwakusho uMthetho? Cha. Kubonakala sengathi babengenawo amandla eminikelo enjalo. Nokho, uMthetho wawubenzele ilungiselelo abampofu. Ngokuvumelana nalelo lungiselelo, uJosefa noMariya banikela ‘ngamahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.’ Ukunikela kwabo ngezilwane ezishibhile kubonisa ukuthi babengumkhaya ompofu.—Luka 2:22-24; Levitikusi 12:6, 8.

Ungabona ukuthi uJesu Kristu, uMbusi wesikhathi esizayo waso sonke isintu, wazalelwa phakathi kwabantu abaphansi, okwakumelwe basebenze kanzima ukuze baziphilise. Wakhula waba umbazi, njengosingayise. (Mathewu 13:55; Marku 6:3) ‘Nakuba uJesu ayecebile’ njengesidalwa somoya esinamandla ezulwini, iBhayibheli lithi ‘waba mpofu’ ngenxa yethu. Wathatha isimo esiphansi waba umuntu wakhulela emkhayeni wabantu abavamile. (2 Korinte 8:9; Filipi 2:5-9; Hebheru 2:9) UJesu akazalelwanga emkhayeni ocebile, futhi lokhu kungenzeka kwabasiza abanye abantu ukuba bazizwe bekhululekile kuye. Abaphazanyiswanga isikhundla sakhe. Bakwazi ukumazisa ngenxa yezimfundiso zakhe, izimfanelo zakhe ezikhangayo nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo. (Mathewu 7:28, 29; 9:19-33; 11:28, 29) Singakubona ukuhlakanipha kukaJehova uNkulunkulu ekuvumeleni kwakhe ukuba uJesu azalelwe emkhayeni ovamile.

Manje ake sihlole amalungu omkhaya wakubo kaJesu sibone ukuthi yini esingayifunda kuwo.

UJosefa—Indoda Elungile

Lapho uJosefa ethola ukuthi ingoduso yakhe ikhulelwe “bengakashadi,” kumelwe ukuthi akazanga ukuthi kumelwe enzeni ngoba wayemthanda uMariya kodwa futhi eyenyanya ngisho nento eyayingase ibhekwe njengokuziphatha okubi. Sonke lesi simo sabonakala simephuca ilungelo lokuba umyeni kaMariya esikhathini esizayo. Ngosuku lwakhe, owesifazane othenjiswe umshado kwakufana nokuthi useshadile naleyo ndoda. Ngemva kokucabangisisa ngale ndaba, uJosefa wanquma ukumlahla ngasese uMariya ukuze angakhandwa ngamatshe kuthiwa uyisiphingi.—Mathewu 1:18; Duteronomi 22:23, 24.

Ngemva kwalokho uJosefa wabona ingelosi ephusheni yathi: “Ungesabi ukuthatha uMariya umkakho umyise ekhaya, ngoba lokhu akukhulelwe kungomoya ongcwele. Uzozala indodana, futhi kumelwe uyiqambe ngokuthi uJesu, ngoba iyosindisa abantu bakubo ezonweni zabo.” Lapho ethola leso siqondiso esivela kuNkulunkulu, uJosefa wenza njengoba eyaliwe wathatha uMariya wamyisa ekhaya.—Mathewu 1:20-24.

Ngokwenza lesi sinqumo, leyo ndoda elungile futhi ethembekile yaba nengxenye ekugcwalisekeni kwalokho uJehova ayekukhulume ngomprofethi u-Isaya: “Bheka! Intombi empeleni iyokhulelwa, ibelethe indodana, ngokuqinisekile iyoyiqamba ngokuthi u-Imanuweli.” (Isaya 7:14) Ngokuqinisekile uJosefa wayeyindoda engokomoya eyayilazisa ilungelo lokuba usingayise kaMesiya, naphezu kokuthi izibulo likaMariya kwakungeke kube indodana yakhe.

UJosefa wakugwema ukuba nobuhlobo bobulili noMariya kwaze kwaba ilapho eseyibelethile indodana yakhe. (Mathewu 1:25) Kungenzeka ukuthi kwakunzima ngalaba bantu manje ababesanda kushada ukugwema ukuba nobuhlobo bobulili, kodwa kusobala ukuthi babengafuni kube nokudideka mayelana nokuthi ubani ngempela uYise womntwana. Yeka isibonelo esihle sokuzithiba! UJosefa wabeka izinto ezingokomoya ngaphambi kwezifiso zakhe zemvelo.

Kane, uJosefa wathola iziqondiso zengelosi ngokuphathelene nokukhulisa indodana yakhe yokutholwa. Ezintathu zazo zazimayelana nendawo okwakumelwe amkhulisele kuyo umfana. Ukulalela ngokushesha kwakubalulekile ukuze umntwana aphile. Kuzo zonke lezo zikhathi, uJosefa wathatha isinyathelo ngokushesha, ethatha umntwana okokuqala emyisa eGibhithe ebuye embuyisela kwa-Israyeli. Lokhu kwamvikela uJesu osemncane lapho uHerode ebulala izinsana. Futhi, ukulalela kukaJosefa kwenza ukuba kugcwaliseke iziprofetho eziphathelene noMesiya.—Mathewu 2:13-23.

UJosefa wafundisa uJesu umsebenzi wezandla ukuze akwazi ukuziphilisa. Ngakho, uJesu wayengaziwa nje kuphela ngokuthi “indodana yombazi” kodwa nangokuthi “ngumbazi.” (Mathewu 13:55; Marku 6:3) Umphostoli uPawulu wabhala wathi uJesu ‘wavivinywa ezicini zonke njengathi.’ Nakanjani lokhu kwakuyohlanganisa nokuba asebenze kanzima ukuze asize ekunakekeleni umkhaya.—Hebheru 4:15.

Ekugcineni, ubufakazi bokuzinikela kukaJosefa ekukhulekeleni kweqiniso sibubona ekulandiseni kokugcina avela kukho emiBhalweni YamaKristu YesiGreki. UJosefa wahamba nomkhaya wakhe waya ePhasikeni eJerusalema. Kwakudingeka kuye abesilisa kuphela, kodwa kwakungumkhuba kaJosefa ukuhamba nomkhaya wakhe wonke baye eJerusalema “unyaka nonyaka.” Wayedela okuningi, ngoba kwakudingeka bahambe amakhilomitha angaba yikhulu besuka eNazaretha beya eJerusalema. Nokho, esenzakalweni esibikwa emiBhalweni, uJesu wahlukana neqembu labakubo. Watholakala ethempelini, elalele abafundisi boMthetho futhi ebabuza imibuzo. Nakuba ayeneminyaka engu-12 kuphela ubudala, uJesu wabonisa ukuhlakanipha okukhulu nokuba nolwazi ngeZwi likaNkulunkulu. Kulesi senzakalo, siyabona ukuthi kumelwe ukuthi abazali bakaJesu babemfundise kahle, bemkhulise ngendlela yokuba abe umfana othambekele ezintweni ezingokomoya. (Luka 2:41-50) Kubonakala sengathi uJosefa washona ngemva kwalesi sikhathi, ngoba akube kusakhulunywa ngaye ekulandiseni kwemiBhalo kwakamuva.

Yebo, uJosefa wayeyindoda elungile eyayiwunakekela kahle umkhaya wayo, ngokomoya nangokwenyama. Ingabe nawe, njengoJosefa, uzibeka phambili izinto ezingokomoya ekuphileni kwakho lapho kukucacela ukuthi iyini intando kaNkulunkulu ngathi namuhla? (1 Thimothewu 2:4, 5) Ingabe ukulalela ngokuzithandela lokho uNkulunkulu akushoyo njengoba kutholakala eZwini lakhe, ngaleyo ndlela ubonise ukuthobeka okufana nokukaJosefa? Ingabe uyabafundisa abantwana bakho ukuze bakwazi ukuxoxa nabanye ngezinto ezingokomoya ngendlela enengqondo?

UMariya—Inceku KaNkulunkulu Engenabugovu

UMariya, unina kaJesu, wayeyinceku kaNkulunkulu enhle kakhulu. Lapho ingelosi uGabriyeli imemezela ukuthi wayezothola umntwana, wamangala. Njengoba ayeyintombi, ‘wayengayazi indoda.’ Lapho ezwa ukuthi wayezozala ngomoya ongcwele, wawamukela ngokuthobeka lo myalezo, ethi: “Bheka! Incekukazi kaJehova! Kwangathi kungenzeka kimi njengokwesimemezelo sakho.” (Luka 1:30-38) Walazisa kakhulu leli lungelo elingokomoya kangangokuthi wayezimisele ukukhuthazelela noma ibuphi ubunzima obabungase bulethwe isinqumo sakhe.

Ngempela, ukwamukela lesi sabelo kwakushintsha konke ukuphila kwakhe njengomuntu wesifazane. Lapho eya eJerusalema eyohlanzwa, ixhegu elinenhlonipho okuthiwa uSimeyoni lathi kuye: “Inkemba ende iyodatshuliswa emphefumulweni wakho.” (Luka 2:25-35) Kusobala ukuthi lalibhekisele endleleni uMariya ayeyozizwa ngayo lapho ebona uJesu aliwa abaningi futhi ekugcineni ebethelwa esigxotsheni sokuhlushwa.

Njengoba uJesu ekhula, uMariya wayekuphawula okwakwenzeka ekuphileni kwakhe, “efinyelela iziphetho enhliziyweni yakhe.” (Luka 2:19, 51) NjengoJosefa, naye wayengumuntu ongokomoya ezazisa izenzakalo namazwi agcwalisa iziprofetho. Kumelwe ukuthi lokho ingelosi uGabriyeli eyakusho kuye kwahlala engqondweni yakhe: “Iyoba umuntu omkhulu ibizwe ngokuthi yiNdodana YoPhezukonke; uJehova uNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, futhi iyobusa njengenkosi phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wayo ngeke uphele.” (Luka 1:32, 33) Yebo, wakubheka njengelungelo elikhulu ukuba unina kaMesiya wasemhlabeni.

Ingokomoya likaMariya laphinde labonakala lapho ehlangana no-Elizabethe, isihlobo sakhe naso esasikhulelwe ngokuyisimangaliso. Lapho embona, uMariya wadumisa uJehova waveza uthando analo ngeZwi likaNkulunkulu. Washo amazwi athi awafane nawomthandazo kaHana okweyoku-1 Samuweli isahluko 2 wahlanganisa namazwi akwezinye izincwadi zemiBhalo YesiHebheru. Ulwazi olunjalo lwemiBhalo lwabonisa ukuthi wayekufanelekele ukuba umama ozinikele futhi owesaba uNkulunkulu. Wayezobambisana noJosefa ekukhuliseni indodana yakhe ngokomoya.—Genesise 30:13; 1 Samuweli 2:1-10; Malaki 3:12; Luka 1:46-55.

UMariya wayenokholo oluqinile lokuthi indodana yakhe inguMesiya, futhi lolo kholo aluphelanga ngisho nangemva kokufa kukaJesu. Ngokushesha ngemva kokuvuka kwakhe, uMariya wayephakathi kwabafundi abathembekile ababebuthana nabaphostoli ukuze bakhuleke. (IzEnzo 1:13, 14) Wahlala ethembekile, naphezu kobuhlungu bokubona indodana yakhe ethandekayo ifa esigxotsheni sokuhlushwa.

Yini ongayizuza ngokufunda ngokuphila kukaMariya? Ingabe uyalamukela ilungelo lokukhonza uNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi yini okufanele uyidele? Ingabe kuyakuthinta ukubaluleka kwaleli lungelo namuhla? Ingabe uyakukhumbula lokho uJesu akubikezela bese ukuqhathanisa nalokho okwenzekayo namuhla, ‘ufinyelela iziphetho enhliziyweni yakho’? (Mathewu, izahluko 24 no-25; Marku, isahluko 13; Luka, isahluko 21) Ingabe uyamlingisa uMariya ngokulazi kahle iZwi likaNkulunkulu, ulisebenzise njalo ezingxoxweni zakho? Ungahlala yini unokholo kuJesu naphezu kosizi okungadingeka ubhekane nalo ngenxa yokuba umlandeli wakhe?

Abafowabo BakaJesu—Ushintsho Lungenzeka

Kubonakala sengathi abafowabo bakaJesu baze bakholelwa kuye ngemva kokufa kwakhe. Cishe yileso sizathu babengekho lapho efa esigxotsheni sokuhlushwa futhi kwadingeka awuphathise umphostoli uJohane umsebenzi wokunakekela unina. Amalungu omkhaya wakubo kaJesu ábonisa ukuthi ayengamazisi, kwesinye isikhathi eze ethi uJesu “uyahlanya.” (Marku 3:21) Njengoba uJesu ayenezihlobo ezingakholwa, labo namuhla abanamalungu omkhaya angakholwa bangaqiniseka ukuthi uJesu uyayiqonda indlela abazizwa ngayo uma izihlobo zabo zibabhinqa ngenxa yokholo lwabo.

Nokho, kusobala ukuthi ngemva kokuvuswa kukaJesu, abafowabo baqala ukukholelwa kuye. Babeseqenjini elalibuthene eJerusalema ngaphambi kwePhentekoste lika-33 C.E. futhi bathandaza ngentshiseko kanye nabaphostoli. (IzEnzo 1:14) Kusobala ukuthi ukuvuswa komfowabo ngomzali oyedwa kwababangela ukuba baguquke, baze baba abafundi bakhe. Akufanele sililahle ithemba ngezihlobo zethu ezingakholwa kanye nathi.

UJakobe, umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa, uJesu abonakala kuye, uvezwa emiBhalweni enendima ebalulekile ebandleni lobuKristu. Wabhalela amaKristu akanye nawo incwadi ephefumulelwe uNkulunkulu, ewayala ukuba alondoloze ukholo lwawo. (IzEnzo 15:6-29; 1 Korinte 15:7; Galathiya 1:18, 19; 2:9; Jakobe 1:1) Omunye umfowabo ngomzali oyedwa, uJude, wabhala incwadi ephefumulelwe ekhuthaza akholwa nabo ukuba balulwele kanzima ukholo. (Jude 1) Kuyaphawuleka ukuthi bobabili uJakobe noJude abazange bayithinte ezincwadini zabo indaba yokuhlobana kwabo noJesu ukuze bahlabe amanye amaKristu umxhwele. Yeka isifundo esihle sokuthobeka esingasifunda kubo!

Ngakho, iziphi ezinye zezinto esizifunda emkhayeni wakubo kaJesu? Ngokuqinisekile sifunda izifundo ngokuzinikela okungaboniswa ngezindlela ezinjengalezi: (1) Yithobele ngokwethembeka intando kaNkulunkulu ecacile futhi ubhekane nazo zonke izilingo ezihambisana nokwenza kanjalo. (2) Zibeke phambili izindinganiso ezingokomoya, ngisho noma lokho kusho ukuzidela. (3) Qeqesha abantwana bakho ngokuvumelana nemiBhalo. (4) Ungalilahli ithemba ngamalungu omkhaya angakholwa kanye nawe. (5) Ungaqhoshi ngobuhlobo okungenzeka ukuthi unabo nabathile abavelele ebandleni lobuKristu. Yebo ukufunda ngomkhaya wakubo kaJesu wasemhlabeni kusisondeza kuye futhi kukhulisa ukwazisa kwethu ngokuthi uJehova wakhetha umkhaya ovamile ukuba ukhulise uJesu lapho esengumntwana.

[Izithombe ekhasini 4, 5]

UJosefa wathatha uMariya waba umkakhe kanjalo waba nengxenye ekugcwalisekeni kweziprofetho eziphathelene noMesiya

[Izithombe ekhasini 6]

UJosefa noMariya bafundisa abantwana babo izindinganiso ezingokomoya nokubaluleka kokusebenza

[Izithombe ekhasini 7]

Nakuba bakhulela emkhayeni ongokomoya, abafowabo bakaJesu baze bakholelwa kuye ngemva kokufa kwakhe

[Izithombe ekhasini 8]

UJakobe noJude, abafowabo bakaJesu ngomzali oyedwa, bakhuthaza amaKristu ababekanye nawo