Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Emthandazweni wakhe oyisibonelo, ingabe uJesu wayesho ukuthi intando kaNkulunkulu yayenziwa ezulwini ngisho nangesikhathi izingelosi ezimbi zingakaxoshwa?

Njengoba kulotshwe kuMathewu 6:10, uJesu wathi: “Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” Lesi sicelo sasingase siqondwe ngezindlela ezimbili. Okokuqala, njengesicelo sokuba intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni njengoba yase yenziwa kakade ezulwini, noma, okwesibili, njengesicelo sokuba yenziwe ngokugcwele ezulwini nasemhlabeni. * Okushiwo amazwi kaJesu andulelayo athi, “umbuso wakho mawuze,” kubonisa ukuthi umbono wesibili uvumelana kakhudlwana nemiBhalo. Futhi kubonisa indlela isimo esasiyiyo lapho uJesu esemhlabeni nalapho esahamba kudala. Kanjani?

Incwadi yesAmbulo iveza imiphumela emibili ephawulekayo yokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ezulwini. Owokuqala uthinta izulu uqobo, owesibili uthinta umhlaba. IsAmbulo 12:7-9, 12 sithi: “Kwagqashuka impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako, nodrako nezingelosi zakhe balwa kodwa akazange anqobe, nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini. Ngakho waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye. Ngenxa yalokhu, thokozani nina mazulu nani enihlala kuwo! Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.”

Ukuxoshwa kukaSathane namademoni ezulwini ngemva kuka-1914 kwahlanza leyo ndawo yangabe isaba nazo lezo zihlubuki eziyizidalwa zomoya. Lokho kwaletha injabulo enkulu emadodaneni kaJehova ayizingelosi athembekile, ayeyinani elikhulu kakhulu endalweni yaKhe engokomoya. (Jobe 1:6-12; 2:1-7; IsAmbulo 12:10) Ngaleyo ndlela, isicelo somthandazo kaJesu oyisibonelo sagcwaliseka ngokuqondene namazulu. Bonke abasala ezulwini babethembekile kuJehova futhi bezithoba ngokuphelele ekubuseni kwakhe kwendawo yonke.

Kumelwe kugcizelelwe ukuthi ngisho nangaphambi kwalokho, ngesikhathi izingelosi ezimbi zisakwazi ukuphuma zingene ezulwini, zase zikhishiwe emkhayeni kaNkulunkulu futhi zibekelwe imingcele ecacile. Ngokwesibonelo, uJude 6 wembula ukuthi ekhulwini lokuqala C.E., lezi zingelosi kakade zase ‘zigcinwe ngezibopho ezingunaphakade ngaphansi kwesigayegaye [esingokomoya], zigcinelwe ukwahlulelwa kosuku olukhulu.’ Ngokufanayo, eyesi-2 Petru 2:4 ithi: ‘UNkulunkulu akayekanga ukujezisa izingelosi ezona, kodwa, ngokuziphonsa eThartharusi, [isimo sokuthotshiswa ngokuphelele], wazinikela emigodini yesigayegaye [esingokomoya] ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa.’ *

Ngokungafani neze nalapho zikhishelwe ngaphandle komkhaya kaJehova ngesikhathi zisesezulwini, izingelozi ezimbi ziye zaba negunya elikhulu emhlabeni. Empeleni, iZwi likaNkulunkulu libiza uSathane ngokuthi “umbusi waleli zwe,” libize amademoni ngokuthi “ababusi bezwe balobu bumnyama.” (Johane 12:31; Efesu 6:11, 12; 1 Johane 5:19) Ngenxa yegunya analo, uDeveli wayengapha uJesu “yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo” uma nje uJesu ayengenza isenzo esisodwa sokumkhulekela. (Mathewu 4:8, 9) Kusobala-ke ukuthi lapho uMbuso kaNkulunkulu ‘ufika’ ngokuphathelene nomhlaba, uyoba nemiphumela emikhulu.

Lapha emhlabeni ‘ukufika’ koMbuso kaNkulunkulu kuyoholela esimisweni sezinto esisha ngokuphelele. Lowo Mbuso uyochoboza konke ukubusa komuntu futhi wona kuphela ube uhulumeni wasemhlabeni. Ngesikhathi esifanayo, izikhonzi zawo ezingabantu ezesaba uNkulunkulu ziyoba ‘umhlaba omusha.’ (2 Petru 3:13; Daniyeli 2:44) Lowo Mbuso uyoqeda nesono esintwini esilalelayo futhi ngokuhamba kwesikhathi, wenze wonke umhlaba ube ipharadesi, ngaleyo ndlela uqede ngisho nomnonjana wokubusa kukaSathane.—Roma 8:20, 21; IsAmbulo 19:17-21.

Ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane, lapho uMbuso KaMesiya usuyifezile intando kaNkulunkulu, “neNdodana ngokwayo iyozithoba kuLowo owabeka zonke izinto ngaphansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kuwo wonke umuntu.” (1 Korinte 15:28) Ngemva kwalokho, kuyoba khona ukuvivinywa kokugcina, okuyothi ngemva kwako, uSathane, amademoni akhe nanoma iziphi izihlubuki ezidukisiwe baqedwe unomphela ‘ekufeni kwesibili.’ (IsAmbulo 20:7-15) Ngemva kwalokho, yonke indalo ehlakaniphile ezulwini nasemhlabeni iyozithoba njalo ngenjabulo ekubuseni kukaJehova kothando. Ngazo zonke izindlela, lokho kuyoba ukugcwaliseka okuphelele kwamazwi omthandazo kaJesu oyisibonelo.—1 Johane 4:8.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 3 Inguqulo ethi The Bible—An American Translation, ihumusha le ngxenye yomthandazo kaJesu oyisibonelo ngokuthi, “Umbuso wakho mawufike! Intando yakho yenziwe emhlabeni kanye nasezulwini!”—Mathewu 6:10.

^ par. 6 Umphostoli uPetru wafanisa lesi simo sokulahlwa ngokomoya nokuba “setilongweni.” Nokho, wayengakhulumi ngendawo ‘yakwalasha’ yesikhathi esizayo lapho amademoni eyophonswa khona iminyaka eyinkulungwane.—1 Petru 3:19, 20; Luka 8:30, 31; IsAmbulo 20:1-3.