Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Manje, ake ubone ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:

Incwadi kaMika inezahluko ezingaki, yabhalwa nini futhi isimo sasinjani ngaleso sikhathi?

Incwadi kaMika inezahluko ezingu-7. Umprofethi uMika wabhala le ncwadi ekhulwini lesi-8 B.C.E., lapho abantu bakaNkulunkulu besivumelwano babehlukene khona beyizizwe ezimbili—u-Israyeli noJuda.—8/15, ikhasi 9.

NgokukaMika 6:8, yini uNkulunkulu ayifunayo kithi?

Kumelwe ‘sibonise ubulungisa.’ Indlela kaNkulunkulu yokwenza izinto iyindinganiso yobulungisa, ngakho kumelwe silondoloze izimiso zakhe zokwethembeka nezobuqotho. Usitshela ukuba ‘sithande umusa.’ Ngokwesibonelo, ngemva kwezinhlekelele amaKristu aye abonisa umusa wothando ngokusukumela phezulu ukuze anakekele izidingo zabanye. Ukuze ‘sibe nesizotha ekuhambeni’ noJehova, kumelwe siqaphele ukulinganiselwa kwethu futhi sincike kuye.—8/15, amakhasi 20-2.

Uma umKristu elahlekelwe umsebenzi, yini angase ayenze?

Kungaba ukuhlakanipha ukuba umuntu ayihlole kabusha indlela yakhe yokuphila. Mhlawumbe angase akwazi ukwenza ukuphila kwakhe kube lula ngokuthuthela endlini encanyana noma ngokunciphisa impahla anayo angayidingi ngempela. Ngokuqinisekile, kubalulekile ukuba ayeke ukukhathazeka ngezidingo zansuku zonke, enethemba lokuthi uNkulunkulu uyokwenza akwazi ukuthola izinto azidingayo. (Mathewu 6:33, 34)—9/1, amakhasi 14-15.

Yini okufanele siyikhumbule lapho sipha noma samukela izipho zomshado?

Izipho ezimba eqolo azidingekile, futhi akufanele umuntu azilindele. Isimo senhliziyo yomuntu ophayo yisona esiyigugu kakhulu. (Luka 21:1-4) Akubonisi umusa ukumemezela ukuthi isipho sivela kubani. Ukwenza lokho kungambangela amahloni ophayo. (Mathewu 6:3)—9/1, ikhasi 29.

Kungani kufanele sithandaze singaphezi?

Ukuthandaza njalo kungasiza kuqinise ubuhlobo bethu noNkulunkulu kusihlomisele nokuba sikwazi ukubhekana nezilingo ezinzima. Imithandazo yethu ingaba mifushane noma ibe mide, kuye ngokwesidingo nangezimo. Umthandazo wakha ukholo futhi uyasisiza ekusingatheni izinkinga.—9/15, amakhasi 15-18.

Kufanele siyiqonde kanjani eyoku-1 Korinte 15:29, leyo kwezinye izinguqulo ehunyushwe ngokuthi “ababhapathizelwa abafileyo”?

Umphostoli uPawulu wayesho ukuthi amaKristu agcotshiwe abhapathizelwa, noma acwiliselwa, ukuba aphile ukuphila okuyogcina ngokuthi afe egcine ubuqotho njengoKristu. Ngemva kwalokho, avuselwa ekuphileni komoya njengoKristu.—10/1, ikhasi 29.

Sazi kanjani ukuthi ukuba ngumKristu kuhilela okungaphezu kokugwema izenzo ezimbi okukhulunywe ngazo kweyoku-1 Korinte 6:9-11?

Umphostoli uPawulu akazange athi umKristu kufanele agweme izenzo ezimbi ezinjengobufebe, ukukhonza izithombe nokudakwa agcine lapho. Ebonisa ukuthi kungase kudingeke enze nezinye izinguquko, waqhubeka evesini elilandelayo: “Zonke izinto zingokomthetho kimi; kodwa akuzona zonke izinto ezisizayo.”—10/15, amakhasi 18-19.

Babengobani abanye besifazane bangezikhathi zasendulo abajabulisa inhliziyo kaNkulunkulu?

Bahlanganisa nababelethisi oShifira noPhuwa, abenqaba ukulalela umyalo kaFaro wokuba babulale izinsana zabafana ezingama-Israyeli. (Eksodusi 1:15-20) Isifebe saseKhanani uRahabi savikela izinhloli ezimbili zama-Israyeli. (Joshuwa 2:1-13; 6:22, 23) Ebonisa ukuba nengqondo, u-Abhigayili wasiza ekusindiseni ukuphila kwabantu wavimbela noDavide ekubeni necala legazi. (1 Samuweli 25:2-35) Bayizibonelo kwabesifazane namuhla.—11/1, amakhasi 8-11.

“Izinkanyezi zalwa” kanjani noSisera “zisezulwini,” njengoba kushiwo encwadini yabaHluleli 5:20?

Abanye bacabanga ukuthi lokhu kubhekisela osizweni oluvela kuNkulunkulu. Abanye bathi kubhekisela osizweni lwezingelosi, ekuneni kwemvula yezinkanyezi ezinomsila, noma ekuthembeleni kukaSisera emabikeni ezinkanyezi. Njengoba iBhayibheli linganikezi mininingwane, singase siqonde le nkulumo njengebhekisela ohlotsheni oluthile lokungenela kukaNkulunkulu esiza ibutho lakwa-Israyeli.—11/15, ikhasi 30.

Njengoba ukunganaki nokungabi nandaba nenkolo kwande kangaka emhlabeni, kungani abantu abaningi kangaka besathi bayakholelwa kuNkulunkulu?

Abanye baya esontweni ngoba befuna ukuthula kwengqondo. Abanye banethemba lokuthola ukuphila okuphakade ngemva kokufa, noma baya ngoba befuna ukuthola impilo, ingcebo nempumelelo. Kwezinye izindawo, abantu bafuna ukuvala isikhala esingokomoya esavuleka lapho imigomo yokufuna umcebo ithatha indawo yomqondo wobuKhomanisi. Ukwazi ngezizathu ezinjengalezi kungamsiza umKristu ukuba akwazi ukuqalisa izingxoxo ezinenjongo.—12/1, ikhasi 3.