Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ELiberia—Ukushumayela Kuthela Izithelo Naphezu Kwempi

ELiberia—Ukushumayela Kuthela Izithelo Naphezu Kwempi

ELiberia—Ukushumayela Kuthela Izithelo Naphezu Kwempi

SEKUYIMINYAKA engaphezu kweyishumi impi yombango idlangile eLiberia. Phakathi no-2003, amavukela-mbuso ayesezabalaze aze angena enhlokodolobha, eMonrovia. OFakazi BakaJehova abaningi baphoqeleka ukuba babaleke emizini yabo, ngezinye izikhathi bebaleka ngokuphindaphindiwe. Izimpahla zaziphangwa ngokuphindaphindiwe.

Okudabukisayo ukuthi kwabulawa abantu abaningi njengoba kwakuliwa enhlokodolobha. Phakathi kwabo kwakunoFakazi ababili, umzalwane nodade. Abanye abazalwane babhekana kanjani nalobu bunzima, futhi yini eyenziwa ukuze basizwe?

Usizo Kwabaswele

Kuso sonke lesi khathi senhlekelele, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eLiberia lahlela ukuba lisize labo abaswele. Kwalungiselelwa ukudla, izinto zasendlini ezibalulekile nezinto zokwelapha. Ngesikhathi ichweba lisaphethwe amavukela-mbuso, ukudla kwaba indlala. Igatsha lalikubone kusengaphambili lokhu, ngakho lalungiselela izinto ezibalulekile ukuze lisize oFakazi abayizinkulungwane ezimbili ababebalekele emaHholo OMbuso kulo lonke idolobha. Abazalwane bába loko kudla ngendlela yokuthi kubaqhube kuze kube yilapho ichweba selivuliwe futhi. Igatsha laseBelgium nelaseSierra Leone athumela izinto zokwelapha ngendiza, kwathi elaseBrithani nelaseFrance wona athumela izingubo zokugqoka.

Naphezu kwesimo esibucayi, abazalwane bethu bayaqhubeka benesimo sengqondo esiqondile futhi bejabule. Okwashiwo omunye owabaleka kathathu emzini wakhe kubonisa indlela abazizwa ngayo abaningi. Wathi: “Lezi yizimo esishumayela ngazo, siphila ezinsukwini zokugcina.”

Ukusabela Ezindabeni Ezinhle

Naphezu kwaso sonke lesi siphithiphithi esikhungethe izwe lonke, oFakazi bayaqhubeka bethola imiphumela emihle ensimini. Kuye kwaba nenani eliphakeme kunawo wonke ake aba khona labamemezeli boMbuso abangu-3 879 ngo-January 2003, futhi ngo-February baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-15 227.

Abantu basabela ngokushesha ezindabeni ezinhle. Isibonelo salokhu yilokho okwenzeka emzaneni oseningizimu-mpumalanga yaleli zwe. Ibandla elithile lahlela ukuba ligubhe iSikhumbuzo sokufa kukaKristu emzini omkhulu waseBewahn, osebangeni eliqhele ngamahora amahlanu uma uhamba ngezinyawo usuka lapho lalivame ukuhlangana khona. Ngaphambi kokuba abazalwane baye kulowo muzi beyomema abantu ukuba babe khona eSikhumbuzweni, imeya yaseBewahn yanikwa isimemo. Lapho isithola, yathatha iBhayibheli layo, yaya kubantu bakulo muzi, yabafundela umBhalo obhalwe esimemweni, ibakhuthaza ukuba baye eSikhumbuzweni. Ngakho lapho abamemezeli befika, bathola ukuthi base bewenzelwe kakade umsebenzi wabo! Imeya yeza eSikhumbuzweni ihamba nezingane kanye namakhosikazi ayo amabili. Abantu ababa khona sebebonke babengu-27. Kusukela ngaleso sikhathi, imeya iye yalishiya iSonto LaseWeseli, yaqala ukufunda noFakazi, futhi iye yanikela ngendawo yokwakha iHholo LoMbuso.

Isimo Sengqondo Esishintshile

Ukuziphatha kwabafowethu nakho kuye kwasiza ekushintsheni indlela abanye abaphikisi ababelibheka ngayo iqiniso. Cabangela indaba yendoda egama layo lingu-Opoku. Iphayona elikhethekile lahlangana nayo ensimini layihambisela umagazini INqabayokulinda. U-Opoku wayethanda esinye isihloko esasikulo magazini kodwa engenamali. Leli phayona lachaza ukuthi lo magazini awudayiswa lase liwushiya, futhi lahlela ukuba liphinde libuye. Lapho liphinde libuyela, u-Opoku wabuza leli phayona: “Ingabe uyangazi? Abantu abaningi besonto lenu edolobheni laseHarper bayangazi. Ngangivame ukuxosha izingane zenu esikoleni!” Wabe esechaza ukuthi wayenguthish’ omkhulu esikoleni esiphakeme sakulelo dolobha nokuthi wayeshushisa izingane zoFakazi BakaJehova ngenxa yokungalikhulekeli ifulege.

Nokho, okwabangela u-Opoku ukuba aphinde ahlole isimo sakhe sengqondo yizenzo ezintathu zoFakazi BakaJehova zokubonakalisa uthando lobuKristu. Okokuqala, wabona oFakazi benakekela umfowabo ongokomoya owayebangwa nezibi. Baze bahlela nokuba athole ukwelashwa ezweni elingumakhelwane. U-Opoku wayecabanga ukuthi lo mzalwane ogulayo ‘wayeyisikhulu’ soFakazi kodwa wathola ukuthi wayenguFakazi nje ovamile. Okwesibili, ngawo-1990, u-Opoku wayebalekele eCôte d’Ivoire. Ngelinye ilanga omile, wahamba wayothenga amanzi kwenye insizwa. U-Opoku wayephethe imali ehlangene, futhi le nsizwa yayingenawo ushintshi, ngakho yamnika amanzi ngaphandle kokumkhokhisa. Lapho imnika amanzi, le nsizwa yabuza: “Ingabe ucabanga ukuthi siyoke sibe khona isikhathi lapho abantu abafana nami nawe beyonikana khona izinto ngaphandle kokufuna imali?” U-Opoku wacabanga ukuthi le nsizwa kungenzeka ukuthi inguFakazi KaJehova, futhi nangempela yavuma ukuthi inguFakazi. Ukuphana kwalo mzalwane nomusa wakhe kwamhlaba umxhwele u-Opoku. Ekugcineni, ukuzimisela kwephayona elikhethekile ukumnikeza umagazini ngaphandle kokuwukhokhela kwamenza wabona ngempela ukuthi indlela ayebabheka ngayo oFakazi yayingalungile nokuthi kwakudingeka ashintshe. Wathuthuka ngokomoya futhi manje ungummemezeli ongabhapathiziwe.

Nakuba abazalwane eLiberia besabhekene nezimo ezinzima kakhulu, bathembela kuNkulunkulu futhi bamemezela ngokwethembeka izindaba ezinhle zezimo ezingcono ngaphansi kokubusa okulungile koMbuso kaNkulunkulu. UJehova ngeke neze awukhohlwe umsebenzi wabo wokuzikhandla nothando abalubonisayo kulo igama lakhe.—Hebheru 6:10.

[Amabalazwe ekhasini 30]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

MONROVIA

[Izithombe ekhasini 31]

Phakathi nezikhathi zenhlekelele, abantu bakaJehova banikeza abantu abaswele usizo olungokomoya nolungokwenyama