Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Amehlo Akho Agxile Emvuzweni?

Ingabe Amehlo Akho Agxile Emvuzweni?

Ingabe Amehlo Akho Agxile Emvuzweni?

LESI sifo sanda kancane kancane. Ekuqaleni, senza umuntu angakuboni okuzungeze lokho amehlo akhe akubhekile. Uma siyekwa singelashwa, singasabalala neso umuntu angaboni kahle lapho ebheke khona. Ekugcineni, umuntu angaba impumputhe ngokuphelele. Sifo sini lesi? I-glaucoma—imbangela ehamba phambili yobumpumputhe.

Njengoba nje singaba izimpumputhe ngokoqobo kancane kancane futhi singanakile, lingasilahlekela ngendlela efanayo ikhono lethu lokubona eliyigugu nakakhulu—ukubona ngokomoya. Ngakho, kubalulekile ukugcina izinto ezingokomoya ziphambi kwethu futhi sizibona ngokucacile.

Ukugcina Umvuzo Ucacile Phambi Kwethu

Phakathi ‘kwezinto ezingabonwayo’ emehlweni ethu ngumvuzo omangalisayo wokuphila okuphakade, uJehova awubekele abaqotho kuye. (2 Korinte 4:18) Yiqiniso, isizathu esiyinhloko sokukhonza kwamaKristu uNkulunkulu ukuthi ayamthanda. (Mathewu 22:37) Noma kunjalo, uJehova ufuna siwulindele ngokulangazela umvuzo wethu. Ufuna simbone njengoBaba ophanayo ‘ongumvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.’ (Hebheru 11:6) Ngakho, kulabo abamazi kahle futhi abamthandayo uNkulunkulu ziyigugu izibusiso azithembisile futhi balangazelela ukufika kwazo.—Roma 8:19, 24, 25.

Abafundi abaningi balo magazini kanye nomngane wawo i-Phaphama!, bayazijabulela izithombe ezibonisa umhlaba ozayo oyiPharadesi. Yiqiniso, asazi ngokunembile ukuthi umhlaba oyiPharadesi uyobukeka kanjani, futhi izithombe ezikulab’ omagazini zimane nje ziyimidwebo esekelwe ezindimeni zeBhayibheli ezinjengo-Isaya 11:6-9. Noma kunjalo, omunye owesifazane ongumKristu wathi: “Uma ngibona izithombe zePharadesi elizayo kuyi-Nqabayokulinda nakuyi-Phaphama!, ngiyazibukisisa, ngendlela umuntu abuka ngayo izithombe zebhuku lokuvakasha. Ngizama ukuzibona ngilapho ngoba ngempela yilapho ngithemba ukuba khona ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe.”

Umphostoli uPawulu wayezizwa ngendlela efanayo ‘ngobizo’ lwakhe ‘lwaphezulu.’ Wayengazibheki njengoselubambile kakade, ngoba kwakusadingeka athembeke kuze kube sekugcineni. Kodwa waqhubeka ‘elulekela phambili ezintweni ezingaphambili.’ (Filipi 3:13, 14) Ngokufanayo, noJesu wabekezelela ukufa esigxotsheni sokuhlushwa “ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe.”—Hebheru 12:2.

Ingabe wake wazizwa ungabaza ukuthi uyongena ezweni elisha? Ngempela kuhle ukungazethembi ngokweqile, ngoba ukuthola kwethu umvuzo kuxhomeke ekuhlaleni kwethu sithembekile kuze kube sekugcineni. (Mathewu 24:13) Nokho, uma sizama ngakho konke okusemandleni ethu ukuba sihlangabezane nezimfuneko zikaNkulunkulu, kufanele siqiniseke ngokuthi siyowuthola umvuzo. Khumbula ukuthi uJehova “akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Petru 3:9) Uma sithembela kuJehova, uyosisiza siwufinyelele umgomo wethu. Ngempela, kuphambene nobuntu bakhe ukufuna izizathu zokubenza bangafaneleki labo abazama ngobuqotho ukumjabulisa.—IHubo 103:8-11; 130:3, 4; Hezekeli 18:32.

Ukwazi indlela uJehova azizwa ngayo ngabantu bakhe kusinika ithemba—okuyimfanelo ebaluleke ngokulinganayo nokholo. (1 Korinte 13:13) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ithemba” eBhayibhelini linomqondo “wokulindela okuhle” ngokulangazela. Ecabanga ngethemba elinjalo, umphostoli uPawulu wabhala: “Sifisa ukuba yilowo nalowo kini abonise inkuthalo efanayo ukuze abe nesiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni, ukuze ningabi abavilaphayo, kodwa nibe abalingisi balabo okuthi ngokholo nangokubekezela bazuze izithembiso njengefa.” (Hebheru 6:11, 12) Phawula ukuthi uma siqhubeka sikhonza uJehova ngokwethembeka, singaqiniseka ukuthi liyogcwaliseka ithemba lethu. Ngokungafani namathemba amaningi aleli zwe, leli themba “aliholeli ekudumazekeni.” (Roma 5:5) Ngakho singaligcina kanjani ithemba lethu ligqamile futhi licacile?

Indlela Yokuhlala Sibona Ngokucacile Ngokomoya

Amehlo ethu enyama awakwazi ukugxila ezintweni ezimbili ngasikhathi sinye. Kunjalo nangamehlo ethu angokomoya. Nakanjani, ukugxila ezintweni zesimiso samanje kuyokwenza ukuba izwe elisha uNkulunkulu alithembisile lingacaci kahle ezingqondweni zethu. Ngokuhamba kwesikhathi, lo mbono ofiphele, ongasacacile ngeke usakhanga futhi siyomane nje singabe sisawubona. Akuve kungaba inhlekelele lokho. (Luke 21:34) Ngakho, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukulondoloza ‘iso elihle’—elihlala ligxile eMbusweni kaNkulunkulu nasemvuzweni wokuphila okuphakade!—Mathewu 6:22.

Ukugcina iso lilihle akulula ngaso sonke isikhathi. Izinkinga zansuku zonke zifuna sizinake, futhi kungase kuvele iziphazamiso—ngisho nezilingo. Ezimweni ezinje, singahlala kanjani sigxile eMbusweni nasezweni elisha uNkulunkulu alithembisile sibe singayidebeseleli eminye imisebenzi okumelwe siyenze? Ake sibheke izindlela ezintathu.

Tadisha iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke. Ukufunda iBhayibheli njalo nokutadisha izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini kusisiza sigcine izingqondo zethu zigxile ezintweni ezingokomoya. Yiqiniso, kungenzeka sekuyiminyaka sitadisha iZwi likaNkulunkulu, kodwa kumelwe siqhubeke silitadisha, njengoba nje kudingeka siqhubeke sidla ukudla okungokwenyama ukuze sisekele ukuphila kwethu. Asiyeki ukudla ngenxa nje yokuthi sesidle kaningi esikhathini esidlule. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi silijwayele kangakanani iBhayibheli, kudingeka siqhubeke sizondla njalo ngokomoya ngokulitadisha ukuze sigcine ithemba lethu liphila futhi ukholo nothando lwethu kuqinile.—IHubo 1:1-3.

Zindla ngokwazisa ngeZwi likaNkulunkulu. Kungani kubalulekile ukuzindla? Izizathu zimbili. Okokuqala, ukuzindla kusenza sikwazi ukukwetshisa lokho esikufundayo futhi sakhe ukwazisa okujulile ngakho. Okwesibili, ukuzindla kwenza singamkhohlwa uJehova, imisebenzi yakhe emangalisayo nethemba alibeke phambi kwethu. Ngokwesibonelo: Ama-Israyeli aphuma noMose eGibhithe azibonela ngawawo izenzo zikaJehova zamandla amakhulu. Abona futhi ewavikela ngothando njengoba ewahola ewayisa efeni lawo. Nokho, ama-Israyeli athi efika nje ehlane endleleni eya eZweni Lesithembiso aqala ukukhonona, ebonisa ukuntula ukholo okukhulu. (IHubo 78:11-17) Yayiyini inkinga yawo?

Abantu bazisusa izingqondo zabo kuJehova nasethembeni elihle ayelibeke phambi kwabo bagxila ekuthokomaleni kwangaleso sikhathi nasezidingweni zenyama yabo. Naphezu kwezibonakaliso nezimangaliso ayezibonile, ama-Israyeli amaningi aba izikhononi ezingenalukholo. “Ngokushesha bayikhohlwa imisebenzi [kaJehova],” kusho iHubo 106:13. Ukunganaki okungako okungathetheleleki kwalahlekisela leso sizukulwane ithuba lokungena eZweni Lesithembiso.

Ngakho, lapho ufunda imiBhalo noma izinsiza kufunda iBhayibheli, zinike isikhathi sokuzindla ngalokho okufundayo. Ukuzindla okunjalo kubalulekile empilweni nasekukhuleni kwakho ngokomoya. Ngokwesibonelo, lapho ufunda iHubo 106, ingxenye yalo ecashunwe ngenhla, zindla ngezimfanelo zikaJehova. Qaphela indlela aba nesineke nomusa ngayo kuma-Israyeli. Bona indlela enza ngayo konke ayengakwenza ukuze awasize afike eZweni Lesithembiso. Phawula indlela ayelokhu ekhonona ngayo ngaye. Yizwa ubuhlungu bukaJehova njengoba isizwe esingenakwazisa sivivinya umusa wakhe nokubekezela kwakhe. Ngaphezu kwalokho, ngokuzindla ngamavesi 30 no-31, achaza ukumela kukaFinehasi ukulunga ngesibindi, siqinisekiswa ngokuthi uJehova akabakhohlwa abaqotho bakhe nangokuthi ubavuza ngokucebile.

Sebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwakho. Njengoba sizilandela izimiso zeBhayibheli, siyazibonela ukuthi iseluleko sikaJehova siyasebenza. IzAga 3:5, 6 zithi: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” Cabanga ngendlela ukuziphatha okubi kwabantu abaningi okuye kwabangela ngayo izinkinga engqondweni, emizwelweni nasemzimbeni. Ngokuzitika ngenjabulo yesikhashana, abantu abanjalo bavuna izinsizi ezihlala iminyaka eminingi—ngisho nokuphila konke. Ngokuphambene nalokho, labo abahamba ‘endleleni enyinyekile’ bathola amazwibela okuphila kwasesimisweni esisha, futhi lokho kubakhuthaza ukuba baqhubeke behamba kuleyo ndlela yokuphila.—Mathewu 7:13, 14; IHubo 34:8.

Kungaba nzima ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Ngezinye izikhathi kungabonakala sengathi isixazululo esingavumelani nemiBhalo singasheshe sisikhulule esimweni esinzima. Ngokwesibonelo, lapho sinenkinga yezimali singabhekana nesilingo sokwenza izithakazelo zoMbuso zize kamuva. Nokho, labo ababonisa ukholo futhi bahlale begxilise amehlo ezintweni ezingokomoya bayaqinisekiswa ukuthi ekugcineni “kuyobahambela kahle labo abesaba uNkulunkulu weqiniso.” (UmShumayeli 8:12) Kungenzeka kudingeke ukuba ngezikhathi ezithile umKristu asebenze amahora engeziwe, kodwa ngeke azivumele afane no-Esawu, owadelela izinto ezingokomoya, ezibheka njengezingabalulekile.—Genesise 25:34; Hebheru 12:16.

UJesu wayichaza ngokucacile imithwalo yethu yemfanelo njengamaKristu. Kumelwe ‘siqhubeke sifuna kuqala umbuso nokulunga kukaNkulunkulu.’ (Mathewu 6:33) Uma senza kanjalo, uJehova uyosibonisa uthando njengobaba ngokuqinisekisa ukuthi sinazo izidingo ezingokwenyama. Ngokuqinisekile akafuni sizithwese umthwalo wokukhathazeka ngezinto athi zinakekelwa nguye. Ukukhathazeka okunjalo okweqile kungafana ne-glaucoma engokomoya—uma kuyekwa kungelashwa, kancane kancane siyobona izinto ezingokwenyama kuphela ekugcineni sibe izimpumputhe ngokomoya. Uma sihlala kuleso simo, usuku lukaJehova luyosifica “njengogibe.” Yeka inhlekelele okungaba yiyo!—Luke 21:34-36.

Amehlo Akho Mawahlale Egxilile NjengakaJoshuwa

Masigcine ithemba lethu loMbuso elikhazimulayo licacile phambi kwethu, eminye imithwalo yemfanelo siyibeke endaweni yayo efanele. Ngokuphikelela esimisweni sokutadisha, ukuzindla, nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, singahlala siqiniseka ngethemba lethu njengoJoshuwa. Esemngenisile u-Israyeli eZweni Lesithembiso, wathi: “Nazi kahle ngazo zonke izinhliziyo zenu nangayo yonke imiphefumulo yenu ukuthi akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha. Agcwaliseke wonke kini. Akuphuthanga nezwi elilodwa kuwo.”—Joshuwa 23:14.

Kwangathi ithemba loMbuso lingakunika amandla, futhi kwangathi lingakunika injabulo ebonakala emicabangweni nasemizwelweni yakho, ezinqumweni zakho nasezintweni ozenzayo.—IzAga 15:15; Roma 12:12.

[Isithombe ekhasini 21]

Ingabe wake wangabaza ukuthi uyongena ezweni elisha?

[Isithombe ekhasini 22]

Ukuzindla kuyingxenye ebalulekile yokutadisha iBhayibheli

[Izithombe ekhasini 23]

Hlala ugxile ezintweni eziphathelene noMbuso