Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Melana Nomoya Wezwe Elishintshayo

Melana Nomoya Wezwe Elishintshayo

Melana Nomoya Wezwe Elishintshayo

“Asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu.”—1 KORINTE 2:12.

1. U-Eva wakhohliswa ngaziphi izindlela?

 “INYOKA—ingikhohlisile.” (Genesise 3:13) Ngalawo mazwi ambalwa, owesifazane wokuqala, u-Eva, wazama ukuchaza ukuthi kungani ayenze isenzo sokuhlubuka kuJehova uNkulunkulu. Lokho ayekusho kwakuyiqiniso, nakuba kungakuthethelelanga ukona kwakhe. Kamuva umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale: “[U-Eva] wakhohliswa ngokuphelele.” (1 Thimothewu 2:14) Wakhohliswa wakholelwa ukuthi isenzo sokungalaleli—ukudla isithelo esenqatshelwe—sasizomzuzisa, simenze afane noNkulunkulu. Wakhohliswa futhi ngokuphathelene nokuthi ubani lowo owayemdukisa. Wayengazi ukuthi inyoka yayimane nje isetshenziswa uSathane uDeveli.—Genesise 3:1-6.

2. (a) USathane ubadukisa kanjani abantu namuhla? (b) Uyini “umoya wezwe,” futhi imiphi imibuzo manje esizoyiphendula?

2 Kusukela ngaleso sikhathi sika-Adamu no-Eva, uSathane uye waqhubeka ekhohlisa abantu. Eqinisweni, ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9) Amacebo akhe awashintshanga. Nakuba engasasebenzisi inyoka engokoqobo, usaqhubeka ezifihla. Esebenzisa izingxenye ezithile zezokuzijabulisa, ezokusakaza nezinye izindlela, uSathane udukisa abantu abenze bakholelwe ukuthi abasidingi isiqondiso sikaNkulunkulu sothando futhi ngeke bazuze kuso. Umkhankaso kaDeveli wokukhohlisa uveze kubantu kuyo yonke indawo isimo sokuvukela imithetho nezimiso zeBhayibheli. Lesi simo iBhayibheli lisibiza ngokuthi “umoya wezwe.” (1 Korinte 2:12) Lo moya unethonya elikhulu ezinkolelweni, ezimweni zengqondo nasekuziphatheni kwalabo abangamazi uNkulunkulu. Ubonakala kanjani lowo moya, futhi singamelana kanjani nethonya lawo elonakalisayo? Ake sibone.

Izimiso Zokuziphatha Ziyawohloka

3. Kungani “umoya wezwe” uya ngokuya ubonakala kakhulu ezikhathini zanamuhla?

3 Ezikhathini zanamuhla “umoya wezwe” uye waya ngokuya ubonakala kakhulu. (2 Thimothewu 3:1-5) Kungenzeka uye wakuqaphela ukuthi izimiso zokuziphatha ziyawohloka. ImiBhalo iyachaza ukuthi kungani kunjalo. Ngemva kokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ngo-1914, kwasuka impi ezulwini. USathane nezingelosi zakhe ezingamademoni banqotshwa balahlelwa emhlabeni. Ethukuthele, uSathane uye waqinisa umkhankaso wakhe wokukhohlisa umhlaba wonke. (IsAmbulo 12:1-9, 12, 17) Uzama ngazo zonke izindlela ‘ukudukisa ngisho nabakhethiweyo, uma kungenzeka.’ (Mathewu 24:24) Ngenxa yokuthi singabantu bakaNkulunkulu, ujonge thina ngokukhethekile. Ulwela ukulimaza ingokomoya lethu ukuze silahlekelwe umusa kaJehova nayithuba lokuthola ukuphila okuphakade.

4. Izinceku zikaJehova zilibheka kanjani iBhayibheli kanti izwe lona lilibheka kanjani?

4 USathane uzama ukuliveza lingamanga iBhayibheli, incwadi eyigugu esifundisa ngoMdali wethu onothando. Izinceku zikaJehova ziyalithanda futhi ziyalazisa iBhayibheli. Siyazi ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, alilona izwi lomuntu. (1 Thesalonika 2:13; 2 Thimothewu 3:16) Nokho, izwe likaSathane lingathanda sikholelwe okuhlukile. Ngokwesibonelo, isandulela sencwadi ehlasela iBhayibheli sithi: “Akukho lutho ‘olungcwele’ ngeBhayibheli, futhi alilona ‘izwi likaNkulunkulu.’ Labhalwa abapristi ababezifunela izikhundla, alibhalwanga osanta ababephefumulelwe uNkulunkulu.” Kulula ukuba abantu abakholelwa izinkulumo ezinjalo badukiswe umbono wokuthi bakhululekile ukuba bakhulekele uNkulunkulu nganoma iyiphi indlela abayithandayo—noma bangamkhulekeli nhlobo.—IzAga 14:12.

5. (a) Wathini omunye umbhali ngezinkolo ezihlobene neBhayibheli? (b) Eminye imibono yezwe evamile ihluka kanjani kulokho okushiwo yiBhayibheli? (Bheka nebhokisi ekhasini elilandelayo.)

5 Umphumela wokuhlaselwa kweBhayibheli ngokuqondile nangezinye izindlela, kanye nobuzenzisi bamakholwa athi ayalisekela, ubé ukungafunwa kwenkolo okukhulayo, kuhlanganise nenkolo ehlobene neBhayibheli. Ezindabeni naphakathi kwabantu abafundile, inkolo iyahlaselwa. Omunye umbhali uthi: “UbuJuda nobuKristu bubhekwa kabi abantu abaningi. Abangenanxa nabo babubona buyisidala esithandekayo; ababuzondayo, babubona buyimibono ephuphile evimbela ukukhula kwengqondo nethiya intuthuko kwezesayensi. Eminyakeni yamuva ukuzeya lezi zinkolo sekukhule kwaze kwaba ukuhleka usulu nenzondo esobala.” Ngokuvamile le nzondo isuka kulabo abaphikayo ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi abaye baba “abangenangqondo emicabangweni yabo.”—Roma 1:20-22.

6. Imuphi umbono izwe elinawo ngemikhuba yobulili uNkulunkulu ayilahlayo?

6 Ngakho akumangalisi ukuthi abantu bayaqhubeka beqhela nakakhulu ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokuziphatha. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi ubungqingili ‘buyichilo.’ (Roma 1:26, 27) Lithi futhi izifebe neziphingi ngeke zilidle ifa loMbuso kaNkulunkulu. (1 Korinte 6:9) Nokho, emazweni amaningi akugcini nje ngokuba kuthiwe yamukelekile imikhuba yobulili enjalo kodwa futhi iyatuswa ezincwadini, komagazini, ezingomeni, kumabhayisikobho nasezinhlelweni zethelevishini. Ababuvezayo ububi bemikhuba enjalo babhekwa njengabantu abangayamukeli imibono yabanye, abagxekayo futhi abangakhanyiselekile. Kunokuba izwe libheke izindinganiso zikaNkulunkulu njengophawu lokukhathalela kwakhe kothando, lizibheka njengezithiyo ezincisha abantu inkululeko nokwaneliseka.—IzAga 17:15; Jude 4.

7. Imiphi imibuzo okufanele sizibuze yona?

7 Kuleli zwe eliya ngokuya limelana kakhulu noNkulunkulu, kuwukuhlakanipha ukuba sihlole esethu isimo sengqondo nezindinganiso. Kufanele sidamane sizihlola ngokwethembeka futhi sithandaze ngako ukuze siqiniseke ukuthi asikhukhuleki kancane kancane siqhele endleleni kaJehova yokucabanga nasezindinganisweni zakhe. Ngokwesibonelo, singase sizibuze: ‘Ingabe ngizijabulisa ngezinto engangiyozixwaya eminyakeni edlule? Ingabe sengiyayibekezelela imikhuba uNkulunkulu ayilahlayo? Ingabe izinto ezingokomoya angisazibheki njengezibalulekile njengakuqala? Ingabe indlela engiphila ngayo iyabonisa ukuthi izinto ezingokomoya ziza kuqala ekuphileni kwami?’ (Mathewu 6:33) Ukuzindla ngaleyo ndlela kuyosisiza simelane nomoya wezwe.

‘Ungalokothi Ukhukhuleke’

8. Umuntu angakhukhuleka kanjani aqhele kuJehova?

8 Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu ayekanye nawo wathi: “Kudingekile ukuba sizinake ngaphezu kokujwayelekile izinto esizizwile, ukuze singalokothi sikhukhuleke.” (Hebheru 2:1) Umkhumbi okhukhulekayo awufiki lapho uya khona. Uma ukaputeni engawunakile umoya nomsinga, kalula nje umkhumbi ungadlula echwebeni eliphephile ubhajwe ogwini olunamadwala. Ngokufanayo, uma singawanaki amaqiniso ayigugu eZwi likaNkulunkulu, singakhukhuleka kalula siqhele kuJehova sifelwe umkhumbi ngokomoya. Ngeke kudingeke sililahle ngokuqondile iqiniso ukuze silimale ngaleyo ndlela. Eqinisweni, ababaningi abamlahla kungazelelwe nangenhloso uJehova. Ngokuvamile, bahileleka kancane kancane entweni ebaphazamisayo ekunakeni iZwi likaNkulunkulu. Kunganakekile, bakhukhulekela esonweni. Njengokaputeni ozunywe ubuthongo, abantu abanjalo baphaphama sekwephuzile.

9. UJehova wambusisa ngaziphi izindlela uSolomoni?

9 Cabanga ngokuphila kukaSolomoni. UJehova wamnika ubukhosi phezu kuka-Israyeli. UNkulunkulu wavumela uSolomoni ukuba akhe ithempeli wamqondisa nokuba abhale izingxenye ezithile zeBhayibheli. Kabili uJehova wakhuluma naye wamnika ingcebo, udumo, nokubusa okunokuthula. Ngaphezu kwakho konke, uJehova wabusisa uSolomoni ngokuhlakanipha okukhulu. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu waqhubeka enika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda ngesilinganiso esikhulu kakhulu nobubanzi benhliziyo, ngangesihlabathi esisogwini lolwandle. Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakukukhulu kunokuhlakanipha kwabo bonke abaseMpumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe.” (1 AmaKhosi 4:21, 29, 30; 11:9) Umuntu angase athi, kubo bonke abantu, impela uSolomoni kwakufanele ahlale ethembekile kuNkulunkulu. Nokho, uSolomoni wakhukhuleka wahlubuka. Kwenzeka kanjani lokho?

10. Isiphi isiqondiso uSolomoni angasilalelanga, umphumela waba yini?

10 USolomoni wayewazi futhi ewuqonda kahle uMthetho kaNkulunkulu. Ngokuqinisekile wayeyoba nesithakazelo esikhulu emiyalweni eyayibekelwe labo ababeba amakhosi kwa-Israyeli. Kuleyo miyalo kukhona owawuthi: “[Inkosi] akufanele futhi izandisele abafazi, ukuze inhliziyo yayo ingaphambuki.” (Duteronomi 17:14, 17) Naphezu kwaleso siqondiso esicacile, uSolomoni wathatha abafazi abangamakhulu ayisikhombisa nezancinza ezingamakhulu amathathu. Abaningi balaba bantu besifazane babekhulekela onkulunkulu bezizwe. Asazi ukuthi kungani uSolomoni athatha abafazi abaningi kangaka, futhi asazi ukuthi wayezithethelela ngaliphi. Esikwaziyo ukuthi akasilalelanga isiqondiso sikaNkulunkulu esicacile. Umphumela waba yilokho kanye uJehova ayethe kuyokwenzeka. Siyafunda: “Kancane kancane abafazi [bakaSolomoni] bayichezukisa . . . inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu.” (1 AmaKhosi 11:3, 4) “Kancane kancane” kwaphela ukuhlakanipha kwakhe ayekunikwe uNkulunkulu. Wakhukhuleka. Ngemva kwesikhathi, esikhundleni sokufisa ukulalela nokujabulisa uNkulunkulu, uSolomoni wafisa ukujabulisa abafazi bakhe abangamaqaba. Yeka inhlekelele, ngoba ngaphambili uSolomoni nguye owayebhale amazwi athi: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo”!—IzAga 27:11.

Umoya Wezwe Unamandla

11. Esikufaka ezingqondweni zethu kukuthonya kanjani ukucabanga kwethu?

11 Isibonelo sikaSolomoni sisifundisa ukuthi kuyingozi ukuzitshela ukuthi ngenxa yokuthi siyalazi iqiniso, amathonya ezwe ngeke akuthonye ukucabanga kwethu. Njengoba nje ukudla kwenyama kuwuthonya umzimba wethu, nokudla kwengqondo kuyawuthonya umqondo wethu. Lokho esondla ngakho izingqondo zethu kulolonga ukucabanga nesimo sethu sengqondo. Ngokubona leli qiniso, izinkampani zichitha izinkulungwane zezigidi zamaRandi unyaka ngamunye zikhangisa ngemikhiqizo yazo. Ezikhangisweni eziphumelelayo kusetshenziswa amazwi obuhlakani nezithombe ezikhangayo ukuze kuhehwe umthengi. Abakhangisi bayazi futhi ukuthi ngokuvamile ukubona isikhangiso kanye noma kabili ngeke kubenze abantu bagijime bayothenga lowo mkhiqizo. Nokho, uma abathengi besibona kaningi isikhangiso ngokuvamile bagcina sebewubheka njengofanele lowo mkhiqizo. Ukukhangisa kuyaphumelela—ngale kwalokho akekho obengafaka izimali zakhe kuko. Kunethonya elinamandla ekucabangeni nasesimweni sengqondo sabantu.

12. (a) USathane ukuthonya kanjani ukucabanga kwabantu? (b) Yini ebonisa ukuthi namaKristu angathonyeka?

12 Njengomkhangisi, uSathane usakaza imibono yakhe ngokuyenza ikhange, azi ukuthi ngokuhamba kwesikhathi angabenza abantu bacabange njengaye. Ngezokuzijabulisa nangezinye izindlela, uSathane ukhohlisa abantu abenze bakholelwe ukuthi okuhle kubi nokuthi okubi kuhle. (Isaya 5:20) Ngisho namaKristu eqiniso aye aba izisulu zomkhankaso kaSathane wokusakaza amanga. IBhayibheli liyaxwayisa: “Izwi eliphefumulelwe lisho ngokuqinisekile ukuthi ezinkathini zakamuva zesikhathi abanye bayokuwa okholweni, benaka amazwi aphefumulelwe adukisayo nezimfundiso zamademoni, ngobuzenzisi babantu abakhuluma amanga, abashiswe onembeza njengokungathi ngensimbi yokubeka uphawu.”—1 Thimothewu 4:1, 2; Jeremiya 6:15.

13. Bangobani ababi, futhi abantu esizihlanganisa nabo basithinta kanjani?

13 Akekho kithi ogonyelwe umoya wezwe. Imimoya nemisinga yesimiso sikaSathane inamandla. Ngokuhlakanipha iBhayibheli liyasiyala: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) Ababi kungaba yinoma yini nanoma ubani—ngisho nakhona ebandleni—obonisa umoya wezwe. Uma besingazitshela ukuthi ukuzihlanganisa nababi akunakusilimaza, bekungeke yini kudingeke siphethe ngokuthi ukuzihlanganisa nabantu abahle akunakusisiza? Akuve kungaba yiphutha lokho. IBhayibheli liyibeka ngokucacile le ndaba lapho lithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IzAga 13:20.

14. Iziphi izindlela esingamelana ngazo nomoya wezwe?

14 Ukuze simelane nomoya wezwe, kumelwe sizihlanganise nabantu abahlakaniphile—labo abakhonza uJehova. Kumelwe sigcwalise izingqondo zethu ngezinto ezakha ukholo lwethu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungileyo, noma yiziphi izinto ezihlanzekile, noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto.” (Filipi 4:8) Njengezidalwa ezinelungelo lokuzikhethela, singakhetha ukuthi yikuphi esizocabanga ngakho. Kwasengathi njalo singakhetha ukucabanga ngezinto eziyosisondeza kuJehova.

Umoya KaNkulunkulu Unamandla Kakhulu

15. AmaKristu aseKorinte lasendulo ayehluke kanjani kwezinye izakhamuzi zakhona?

15 Ngokungafani nalabo abadukiswa umoya wezwe, amaKristu eqiniso aholwa umoya kaNkulunkulu ongcwele. UPawulu wayebhalela ibandla laseKorinte lapho ethi: “Asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sazi izinto esizinikwe uNkulunkulu ngomusa.” (1 Korinte 2:12) IKorinte lasendulo laliwumuzi owembozwe umoya wezwe. Iningi lezakhamuzi zakhona lalingenasimilo kangangokuthi inkulumo ethi “ukwenza ubuKorinte” yagcina isisho ukuthi “ukuqhuba ukuziphatha okubi.” USathane wayephuphuthekise izingqondo zabantu. Ngenxa yalokho, kwakukuncane noma kungekho ababekuqonda ngoNkulunkulu weqiniso. (2 Korinte 4:4) Nokho, ngomoya wakhe ongcwele, uJehova wawavula amehlo abanye babantu baseKorinte, wabenza bakwazi ukungenisa ulwazi lweqiniso. Umoya wakhe wabashukumisa futhi wabahola ukuba benze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo ukuze bavunyelwe nguye futhi bathole isibusiso sakhe. (1 Korinte 6:9-11) Nakuba umoya wezwe wawunamandla, umoya kaJehova wawunamandla kakhulu.

16. Singawuthola futhi siwulondoloze kanjani umoya kaNkulunkulu?

16 Kunjalo nanamuhla. Umoya ongcwele kaJehova ungamandla amakhulu kunawo wonke endaweni yonke, futhi ubapha ngesihle nangesandla esivulekile bonke abawucela kuye ngokholo. (Luka 11:13) Nokho, ukuze sithole umoya kaNkulunkulu, kumelwe singagcini ngokumelana nomoya wezwe. Kumelwe futhi sitadishe iZwi likaNkulunkulu njalo futhi silisebenzise ekuphileni kwethu ukuze umoya wethu—isimo sethu sengqondo—sivumelane nokucabanga kwakhe. Uma senza lokho, uJehova uyosiqinisa sikwazi ukumelana nanoma imaphi amaqhinga uSathane angawasebenzisa ukuze abulale ingokomoya lethu.

17. Kungasiqinisa kanjani idolo okwenzeka kuLoti?

17 Nakuba amaKristu engeyona ingxenye yezwe, nokho asezweni. (Johane 17:11, 16) Akekho kithi ongakwazi ukuwugwema ngokuphelele umoya wezwe, ngoba kungenzeka ukuthi sisebenza noma sihlala nabantu abangamthandi uNkulunkulu noma izindlela zakhe. Ingabe sizizwa njengoLoti, “owayecindezeleke kakhulu,” ehlushwa ngisho nayizenzo zokungabi namthetho zabantu baseSodoma ayephila phakathi kwabo? (2 Petru 2:7, 8) Uma kunjalo, singaqina idolo. UJehova wamvikela futhi wamkhulula uLoti. Angenza okufanayo nakithi. UBaba wethu onothando uyazibona futhi uyazazi izimo zethu, futhi angasinika usizo namandla esiwadingayo ukuze silondoloze ingokomoya lethu. (IHubo 33:18, 19) Uma sencika kuye, sithembela kuye futhi simbiza, uyosisiza simelane nomoya wezwe, kungakhathaliseki ukuthi isimo sethu sinzima kangakanani.—Isaya 41:10.

18. Kungani kufanele sibazise ubuhlobo esinabo noJehova?

18 Kuleli zwe elihlukanisiwe noNkulunkulu futhi elikhohliswe uSathane, thina njengabantu bakaJehova sibusiswe ngokwazi iqiniso. Ngakho sinenjabulo nokuthula izwe elingenakho. (Isaya 57:20, 21; Galathiya 5:22) Liyigugu kithi ithemba elimangalisayo lokuphila phakade ePharadesi, lapho uyobe ungasekho khona umoya waleli zwe elifayo. Ngakho kwangathi singabazisa ubuhlobo obuyigugu esinabo noNkulunkulu futhi sikuphaphamele ukulungisa noma imuphi umkhuba owukukhukhuleka ngokomoya. Masiqhubeke sisondela kuJehova, uyosisiza simelane nomoya wezwe.—Jakobe 4:7, 8.

Ungachaza?

• USathane ubakhohlise futhi wabadukisa ngaziphi izindlela abantu?

• Singakugwema kanjani ukukhukhuleka siqhele kuJehova?

• Yini ebonisa ukuthi umoya wezwe unamandla?

• Singawuthola futhi siwulondoloze kanjani umoya ovela kuNkulunkulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ishadi ekhasini 11]

UKUHLAKANIPHA KWEZWE KUQHATHANISWA NOKUHLAKANIPHA OKUVELA KUNKULUNKULU

Iqiniso liya ngezimo—abantu bazakhelaelabo iqiniso.

“Izwi [likaNkulunkulu] liyiqiniso.”—Johane 17:17.

Ukuze uthole ukuthi yini elungile nengalungile, themba imizwa yakho.

“Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba.”—Jeremiya 17:9.

Yenza okuthandayo.

“Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.”—Jeremiya 10:23.

Ingcebo yiyo elethainjabulo.

“Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo.”—1 Thimothewu 6:10.

[Isithombe ekhasini 10]

USolomoni wakhukhuleka waqhela ekukhulekeleni kweqiniso wakhulekela onkulunkulu bamanga

[Isithombe ekhasini 12]

Njengomkhangisi, uSathane ukhuthaza umoya wezwe. Ingabe uyamelana nawo?