Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thembela Emoyeni KaNkulunkulu Ekubhekaneni Nezinguquko Ekuphileni

Thembela Emoyeni KaNkulunkulu Ekubhekaneni Nezinguquko Ekuphileni

Thembela Emoyeni KaNkulunkulu Ekubhekaneni Nezinguquko Ekuphileni

“Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzinikele wamukeleka kuNkulunkulu.”—2 THIMOTHEWU 2:15.

1. Iziphi izinguquko ezibekela ingokomoya lethu inselele?

 IZWE elisizungezile lishintsha njalo. Sibona intuthuko ehlaba umxhwele kwezesayensi nakwezobuchwepheshe ehambisana nokuwohloka okukhulu kwezimiso zokuziphatha. Njengoba sibonile esihlokweni esandulele, amaKristu kumelwe amelane nomoya wezwe omelene noNkulunkulu. Nokho, njengoba izwe lishintsha nathi siyashintsha ngezindlela eziningi. Siyasuka ebuntwaneni sibe abantu abadala. Singase sithole ingcebo noma isilahlekele, sithole izihlobo noma zishone, impilo yethu ingase ithuthuke noma iwohloke. Akukho esingakwenza ngeziningi zezinguquko ezinjalo, futhi zingabekela ingokomoya lethu izinselele ezintsha nezinzima.

2. Kwashintsha kanjani ukuphila kukaDavide?

2 Bambalwa abantu ababhekana nezinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo njengoDavide, indodana kaJese. UDavide wasuka ngokushesha ekubeni umalusi ongaziwa waba iqhawe lesizwe elinodumo. Kamuva waba umbaleki, ezingelwa kuhle kwenyamazane yinkosi enomona. Ngemva kwalokho, uDavide waba inkosi nomnqobi. Wabhekana nemiphumela ebuhlungu yesono esibi. Wehlelwa inhlekelele nokuhlukana komkhaya wakhe. Waceba, waguga, wezwa ubuthaka bokuguga. Nokho, naphezu kwalezi zinguquko eziningi ekuphileni kwakhe, uDavide wathembela kuJehova nasemoyeni waKhe kukho konke ukuphila kwakhe. Wenza konke okusemandleni akhe ukuba azinikele ‘amukeleka kuNkulunkulu,’ futhi uNkulunkulu wambusisa. (2 Thimothewu 2:15) Nakuba izimo zethu zingafani nezikaDavide, singafunda endleleni azisingatha ngayo izimo ekuphileni kwakhe. Isibonelo sakhe singasisiza siqonde indlela esingaqhubeka ngayo sithola usizo lomoya kaNkulunkulu njengoba sibhekana nezinguquko ekuphileni kwethu.

Ukuthobeka KukaDavide—Isibonelo Esihle

3, 4. Kwenzeka kanjani ukuba uDavide asuke ekubeni umalusi ongaziwa abe nodumo esizweni?

3 Esengumfana, uDavide wayengavelele ngisho nasemkhayeni wakubo. Lapho umprofethi uSamuweli efika eBhetlehema, uyise kaDavide waletha amadodana akhe ayisikhombisa kwayisishiyagalombili. UDavide, okunguye owayemncane, wayekwa welusa izimvu. Nokho, uJehova wayekhethe uDavide ukuba abe yinkosi yakwa-Israyeli yesikhathi esizayo. UDavide walandwa emadlelweni. Ngemva kwalokho, iBhayibheli lithi: “USamuweli wathatha uphondo lwamafutha wamgcoba phakathi kwabafowabo. Umoya kaJehova waqala ukusebenza phezu kukaDavide kusukela ngalolo suku kuqhubeke.” (1 Samuweli 16:12, 13) UDavide wathembela kulowo moya kukho konke ukuphila kwakhe.

4 Lo malusi wayezoba nodumo esizweni kungakabi sikhathi. Wabizwa ukuba ayoba isikhonzi senkosi futhi ayidlalele umculo. Wabulala iqhawe uGoliyati, umdondoshiya owawunonya kangangokuthi ngisho namabutho akwa-Israyeli amnkantsh’ ubomvu ayesaba ukubhekana nawo. Lapho esebekwe ukuba abe umholi wamadoda empi, uDavide wawanqoba amaFilisti. Abantu bamthanda. Baqamba izingoma zokumdumisa. Ngaphambili, lapho umeluleki weNkosi uSawule echaza uDavide esemusha akagcinanga ngokuthi ‘unekhono ekubetheni’ ihabhu kodwa futhi wathi ‘uyindoda enamandla, eyiqhawe nendoda yempi futhi uyisikhulumi esikhaliphile nendoda eyakheke kahle.’—1 Samuweli 16:18; 17:23, 24, 45-51; 18:5-7.

5. Yini eyayingenza uDavide azikhukhumeze, futhi sazi ngani ukuthi akazikhukhumezanga?

5 Udumo, ubuhle, ubusha, ubuqaphuqaphu, ikhono emculweni nakwezempi, ukuthandwa uNkulunkulu—kubonakala sengathi uDavide wayenakho konke. Noma iyiphi kulezi zinto yayingamenza azikhukhumeze, kodwa ayikho eyamenza wazikhukhumeza. Phawula impendulo kaDavide eNkosini uSawule, eyayithembisa ukumganisela indodakazi yayo. Ngokuthobeka kweqiniso, uDavide wathi: “Ngingubani mina futhi zingobani izihlobo zami, umndeni kababa, kwa-Israyeli, ukuba ngibe umkhwenyana wenkosi?” (1 Samuweli 18:18) Esinye isazi, sikhuluma ngaleli vesi, sabhala: “Ayekusho uDavide ukuthi, kwakungekho lutho kuye ngokwakhe, noma esikhundleni sakhe emphakathini, noma ozalweni lwakubo olwalumenza azibone efanelwe udumo lokuba umkhwenyana wenkosi.”

6. Kungani kufanele sihlakulele ukuthobeka?

6 Ukuthobeka kukaDavide kwakusekelwe ekuqapheleni kwakhe ukuthi ngazo zonke izindlela uJehova uphakeme kakhulu kunabantu abangaphelele. Kwakummangalisa uDavide ukuthi uNkulunkulu uyamqaphela nokumqaphela umuntu. (IHubo 144:3) UDavide wayazi futhi ukuthi noma ibuphi ubukhulu angaba nabo babungenxa nje yokuthi uJehova wayezithoba, ezehlisa ukuze amsekele, amvikele futhi amnakekele. (IHubo 18:35) Yeka isifundo esihle okumelwe sisifunde! Amakhono ethu, lokho esikufezile namalungelo esinawo akufanele neze kusenze siqhoshe. “Ngempela, yini onayo ongazange uyamukele?” kubhala umphostoli uPawulu. “Uma ngempela uyamukele, kungani uziqhayisa njengokungathi awuzange uyamukele?” (1 Korinte 4:7) Ukuze sithole umoya kaNkulunkulu ongcwele futhi asamukele, kumelwe sihlakulele ukuthobeka futhi sikulondoloze.—Jakobe 4:6.

‘Ungaziphindiseleli’

7. Iliphi ithuba elaziveza lokuba uDavide abulale iNkosi uSawule?

7 Nakuba udumo lwakhe uDavide lungazange lumenze aqhoshe, nokho lwabangela umona omubi eNkosini uSawule, owawususukile kuyo umoya kaNkulunkulu. Nakuba uDavide ayengenzanga lutho olubi, wabaleka ukuze asindise ukuphila kwakhe wahlala ehlane. Ngesinye isikhathi iNkosi uSawule, ilokhu isezithendeni zikaDavide, yangena emgedeni ingazi ukuthi uDavide nabangane bakhe babecashe lapho. Amadoda ayenoDavide amgqugquzela ukuba alisebenzise leli thuba lokubulala uSawule okwakubonakala sengathi ulinikwa uNkulunkulu. Singawabona ngeso lengqondo esebumnyameni, ehlebela uDavide, ethi: “Nantu usuku uJehova athi ngalo kuwe, ‘Bheka! Nginikela isitha sakho esandleni sakho, futhi kumelwe wenze kuso njengoba nje kungase kubonakale kukuhle emehlweni akho.’”—1 Samuweli 24:2-6.

8. Kungani uDavide azinqanda wangaziphindiselela?

8 UDavide wala ukumlimaza uSawule. Ebonisa ukholo nokubekezela, waneliswa ukushiya izinto ezandleni zikaJehova. Ngemva kokuba inkosi isiphumile emgedeni, uDavide wayimemeza wathi: “Kwangathi uJehova angahlulela phakathi kwami nawe; uJehova uzongiphindiselela kuwe, kodwa esami isandla ngeke sibe phezu kwakho.” (1 Samuweli 24:12) Nakuba ayazi ukuthi nguSawule owayesephutheni, uDavide akazange aziphindiselele; futhi akazange akhulume kabi noSawule noma ngaye. Nangezinye izikhathi eziningi, uDavide wazinqanda wangazibambela izinto mathupha. Esikhundleni salokho, wathembela kuJehova ukuba alungise izinto.—1 Samuweli 25:32-34; 26:10, 11.

9. Kungani kungafanele siphindisele uma siphikiswa noma sishushiswa?

9 NjengoDavide, nawe ungazithola usezimweni ezivivinyayo. Mhlawumbe ofunda nabo, osebenza nabo, amalungu omkhaya, noma abanye abangakholwa kanye nawe bayakuphikisa noma bayakushushisa. Ungaphindiseli. Lindela uJehova, ucele ukuba umoya wakhe ukusize. Mhlawumbe labo bantu abangakholwa bayohlatshwa umxhwele ukuziphatha kwakho babe amakholwa. (1 Petru 3:1) Noma ngabe kwenzekani, qiniseka ngokuthi uJehova uyasibona isimo sakho futhi uyokwenza okuthile ngaso ngesikhathi sakhe esifanele. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’”—Roma 12:19.

‘Lalela Isiyalo’

10. UDavide wawela kanjani esonweni, futhi wazama kanjani ukusigqiba?

10 Yadlula iminyaka. UDavide waba inkosi ethandekayo enodumo olukhulu. Uma ucabangela ukuphila kwayo kokwethembeka okuvelele, kanye namahubo amnandi eyawabhala idumisa uJehova, kungaba lula ukuba ucabange ukuthi le ndoda yayingasoze isenze isono esibi. Kodwa yasenza. Ngelinye ilanga isophahleni lwayo, le nkosi yabona owesifazane omuhle egeza. Yabuza ngaye. Lapho ithola ukuthi kwakunguBhati-sheba nokuthi umyeni wakhe, u-Uriya, wayengekho esempini, uDavide wathumela ukuba alandwe lo wesifazane walala naye. Kamuva, wathola ukuthi ukhulelwe. Yeka ihlazo okwakungaba yilo uma yayingavela le ndaba! Ngaphansi koMthetho KaMose, ukuphinga kwakunesigwebo sokufa. Kungenzeka ukuthi inkosi yacabanga ukuthi lesi sono singagqitshwa. Ngakho yathumela izwi empini, iyala ukuba u-Uriya abuye eze eJerusalema. UDavide wayethemba ukuthi u-Uriya uzochitha lobo busuku noBhati-sheba, kodwa akwenzekanga lokho. Engasazi ukuthi uzokwenzenjani, uDavide wathumela u-Uriya emuva empini emphathise incwadi eya kuJowabe, umlawuli wempi. Le ncwadi yayiyala ukuba u-Uriya abekwe esimweni azofa kuso empini. UJowabe wenza njengoba eyaliwe, u-Uriya wabulawa. Ngemva kokuba uBhati-sheba eseyiqedile inkathi yokuzila, uDavide wamthatha waba umkakhe.—2 Samuweli 11:1-27.

11. Iyiphi indaba uNathani ayilandisa uDavide, uDavide wazizwa kanjani?

11 Kwabonakala sengathi icebo lisebenzile, nakuba uDavide kwakufanele azi ukuthi yonke le ndaba yayisobala kuJehova. (Hebheru 4:13) Zadlula izinyanga, ingane yazalwa. Khona-ke, eqondiswa uNkulunkulu, uNathani umprofethi waya kuDavide. Umprofethi walandisa inkosi indaba yendoda ecebile enezimvu eziningi eyathatha imvu ethandekayo okuwukuphela kwayo yomuntu ompofu, yayihlaba. Le ndaba yavusa umuzwa kaDavide wobulungisa kodwa akayisolanga incazelo yayo ecashile. UDavide wayikhiphela isahlulelo esisheshayo leyo ndoda ecebile. Ethukuthele, wathi kuNathani: “Umuntu owenza lokhu ufanelwe ngukufa!”—2 Samuweli 12:1-6.

12. Isiphi isahlulelo uJehova asikhiphela uDavide?

12 Umprofethi waphendula wathi: “Nguwe lowo muntu!” UDavide wayezahlulele yena. Akungabazeki ukuthi ngokushesha intukuthelo kaDavide yaphenduka amahloni nokudabuka okujulile. Eshaqekile, walalela lapho uNathani ekhipha isahlulelo sikaJehova esingenakugwenywa. Kwakungekho mazwi enduduzo. UDavide wayedelele izwi likaJehova ngokwenza into embi. Wayengambulalanga yini u-Uriya ngenkemba yesitha? Ngakho inkemba yayingeke isuke endlini kaDavide. Wayengamthathanga yini umka-Uriya ekusithekeni? Ngakho wayezokwehlelwa ububi obufanayo, hhayi ekusithekeni, kodwa obala.—2 Samuweli 12:7-12.

13. UDavide wazizwa kanjani ngesiyalo sikaJehova?

13 Okuhle ngoDavide ukuthi akazange asiphike isono sakhe. Akazange ambhokele ngolaka umprofethi uNathani. Akazange alibeke kwabanye icala noma abeke izaba ngalokho ayekwenzile. Lapho izono zakhe zenekwa phambi kwakhe, uDavide wazivuma, ethi: “Ngonile kuJehova.” (2 Samuweli 12:13) IHubo 51 libonisa ukudabuka akuzwa kanye nokujula kokuphenduka kwakhe. Wancenga uJehova wathi: “Ungangintshingi ungisuse phambi kobuso bakho; O, umoya wakho ongcwele ungawususi kimi.” Wayekholelwa ukuthi uJehova, ngomusa wakhe, wayengeke ayidelele ‘inhliziyo ephukile futhi echotshozwe’ isono. (IHubo 51:11, 17) UDavide waqhubeka ethembela emoyeni kaNkulunkulu. Nakuba uJehova engazange amvikele uDavide emiphumeleni ebuhlungu yesono sakhe, nokho wamthethelela.

14. Kufanele sizizwe kanjani ngesiyalo sikaJehova?

14 Sonke asiphelele, futhi sonke siyona. (Roma 3:23) Ngezinye izikhathi singase senze isono esibi, njengoDavide. Njengoba nje ubaba onothando ebayala abantwana bakhe, noJehova uyabaqondisa labo abaphishekela ukumkhonza. Nokho, nakuba isiyalo siwusizo akulula ukusamukela. Eqinisweni, ngezinye izikhathi “sibanga usizi.” (Hebheru 12:6, 11) Nokho, uma ‘sisilalela isiyalo,’ singabuyisana noJehova. (IzAga 8:33) Ukuze sijabulele isibusiso somoya kaJehova esiqhubekayo, kumelwe sikwamukele ukuqondiswa futhi sisebenzele ukwamukelwa uNkulunkulu.

Ungathembeli Engcebweni Engaqinisekile

15. (a) Abanye abantu bayisebenzisa kanjani ingcebo yabo? (b) UDavide wayefisa ukuyisebenzisa kanjani ingcebo yakhe?

15 Akukho lutho olubonisa ukuthi uDavide wayevela emkhayeni odumile noma ocebile. Nokho lapho eseyinkosi, waceba kakhulu. Njengoba wazi, abaningi bayayiqongelela ingcebo yabo, ngokuhaha bafuna ukuyandisa, noma bayisebenzisa ngobugovu. Abanye imali yabo bayisebenzisela ukuzikhazimulisa bona. (Mathewu 6:2) UDavide wayisebenzisa ngendlela ehlukile ingcebo yakhe. Wayefisa ukudumisa uJehova. Wazisa uNathani ngesifiso sakhe sokwakhela uJehova ithempeli elalizohlalisa umphongolo wesivumelwano, ngaleso sikhathi owawuseJerusalema “uhlala phakathi kwezindwangu zamatende.” Samjabulisa uJehova isifiso sikaDavide kodwa ngoNathani uJehova wamtshela ukuthi indodana yakhe uSolomoni yiyo eyayizokwakha ithempeli.—2 Samuweli 7:1, 2, 12, 13.

16. Imaphi amalungiselelo uDavide awenzela ukwakhiwa kwethempeli?

16 UDavide waqongelela izinto ezazizosetshenziswa kulo msebenzi omkhulu wokwakha. Ekhuluma noSolomoni, uDavide wathi: “Ngiye ngalungiselela indlu kaJehova amathalenta egolide ayizinkulungwane eziyikhulu namathalenta esiliva ayisigidi, kanti ithusi nensimbi ayikho indlela yokukukala ngoba kuye kwaba kuningi kakhulu; ngizilungiselele nezingodo namatshe, kodwa uzonezela kukho.” Engcebweni yakhe siqu wanikela ngamathalenta egolide angu-3 000 nangamathalenta esiliva angu-7 000. * (1 IziKronike 22:14; 29:3, 4) Ukunikela kukaDavide ngesandla esivulekile kwakungekona okokubukisa, kodwa kwakuwuphawu lokholo nokuzinikela kuJehova uNkulunkulu. Eqaphela ukuthi ubani owayenguMthombo wengcebo yakhe, wathi kuJehova: “Konke kuvela kuwe, sikuniké esikuthathe esandleni sakho siqu.” (1 IziKronike 29:14) Inhliziyo kaDavide ephanayo yamenza wenza konke okwakusemandleni akhe ukuze athuthukise ukukhulekela kweqiniso.

17. Iseluleko esikweyoku-1 Thimothewu 6:17-19 sisebenza kanjani kwabacebile nabampofu?

17 Ngokufanayo, kwangathi nathi singasebenzisa izinto zethu ezibonakalayo ekwenzeni okuhle. Kunokuba siphile ukuphila kokufuna izinto ezibonakalayo, kungcono sifune ukuvunyelwa uNkulunkulu—yileyo indlela yokuhlakanipha kwangempela nenjabulo. UPawulu wabhala: “Yala labo abacebile esimisweni samanje sezinto ukuba bangaqhoshi, futhi bangabeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu, osinika zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele; benze okuhle, bacebe emisebenzini emihle, babe nesandla esivulekile, belungele ukwabelana izinto nabanye, bezibekelela ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambisise ukuphila kwangempela.” (1 Thimothewu 6:17-19) Noma ngabe sinjani isimo sethu sezomnotho, masithembele emoyeni kaNkulunkulu siphile ngendlela eyosenza ‘sicebe kuNkulunkulu.’ (Luka 12:21) Ayikho into eyigugu ngaphezu kokwamukelwa uBaba wethu wasezulwini onothando.

Zinikele Wamukeleka KuNkulunkulu

18. UDavide wawabekela kanjani isibonelo esihle amaKristu?

18 Kukho konke ukuphila kwakhe, uDavide wafuna ukwamukelwa uJehova. Ehlabelela, wathi: “Ngibonise umusa, Nkulunkulu, ngibonise umusa, ngoba umphefumulo wami uphephelé kuwe.” (IHubo 57:1) Ukuthembela kwakhe kuJehova akubanga ngeze. UDavide waguga, “anelisekile yizinsuku.” (1 IziKronike 23:1) Nakuba uDavide enza amaphutha amakhulu, ukhunjulwa njengomunye wofakazi bakaNkulunkulu ababonisa ukholo oluvelele.—Hebheru 11:32.

19. Singazinikela kanjani samukeleka kuNkulunkulu?

19 Njengoba ubhekana nezimo ezishintshayo ekuphileni, khumbula ukuthi njengoba nje uJehova amsekela uDavide, wamqinisa futhi wamqondisa, angenza okufanayo nakuwe. NjengoDavide, umphostoli uPawulu wabhekana nezinguquko eziningi ekuphileni. Nokho, naye wahlala ethembekile ngokuthembela emoyeni kaNkulunkulu. Wabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Filipi 4:12, 13) Uma sithembela kuJehova, uyosisiza siphumelele. Ufuna siphumelele. Uma simlalela futhi sisondela kuye, uyosinika amandla okwenza intando yakhe. Uma siqhubeka sithembela emoyeni kaNkulunkulu, siyokwazi ‘ukuzinikela samukeleka kuNkulunkulu’ manje nakulo lonke iphakade.—2 Thimothewu 2:15.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 16 Ngokwemali yanamuhla, inani lomnikelo kaDavide lalingaphezu kwamaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-8,3.

Ungaphendula Uthini?

• Singakuqaphela kanjani ukuqhosha?

• Kungani kungafanele siziphindiselele?

• Kufanele sisibheke kanjani isiyalo?

• Kungani kufanele sithembele kuNkulunkulu hhayi engcebweni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 16, 17]

UDavide wathembela emoyeni kaNkulunkulu wafuna ukwamukelwa nguye. Ingabe nawe wenza okufanayo?

[Isithombe ekhasini 18]

“Konke kuvela kuwe, sikuniké esikuthathe esandleni sakho siqu”