Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuthola Ukuthi Siyini Isilo Sasendle Nophawu Lwaso

Ukuthola Ukuthi Siyini Isilo Sasendle Nophawu Lwaso

Ukuthola Ukuthi Siyini Isilo Sasendle Nophawu Lwaso

UYAKUTHANDA yini ukusombulula isiphico? Ukuze wenze kanjalo, kudingeka ubheke izinkomba ezikusiza ukuba ubone ukuthi sisombululwa kanjani. EZwini lakhe eliphefumulelwe, uNkulunkulu unikeza izinkomba ezidingekayo ngokuphathelene nesibalo u-666, igama, noma uphawu lwesilo sasendle esikusAmbulo isahluko 13.

Kulesi sihloko, sizobheka izindlela ezine eziyinhloko zokuqonda le ndaba—izinkomba ezibalulekile—ezizombula incazelo yophawu lwesilo. Sizohlola (1) indlela amagama eBhayibheli akhethwa ngayo ngezinye izikhathi, (2) ukuthi siyini isilo sasendle, (3) ukuthi kusho ukuthini ukuthi u-666 ‘uyisibalo somuntu,’ nokuthi (4) usho ukuthini u-6 futhi kungani ephindwe kathathu, okungukuthi, u-600 ehlanganiswa no-60 ehlanganiswa no-6, noma u-666.—IsAmbulo 13:18.

Amagama EBhayibheli—Awawona Amagama Nje

Ngokuvamile amagama eBhayibheli anencazelo ekhethekile, ikakhulukazi uma enikezwa nguNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ngenxa yokuthi u-Abrama wayezoba uyise wezizwe, uNkulunkulu walishintsha igama lakhe laba u-Abrahama, okusho ukuthi “uyise wesixuku sezizwe.” (Genesise 17:5) UNkulunkulu watshela uJosefa noMariya ukuba baqambe ingane yabo ababezoyithola ngokuthi uJesu, okusho ukuthi “UJehova Uyinsindiso.” (Mathewu 1:21, umbhalo waphansi we-NW; Luka 1:31) Ngokuvumelana nalelo gama elinencazelo, uJehova wenza ukuba sikwazi ukusindiswa ngenkonzo kaJesu nangokufa kwakhe okuwumhlatshelo.—Johane 3:16.

Ngakho, igama eliyisibalo elanikezwa nguNkulunkulu u-666 kumelwe lifanekisele lokho uNkulunkulu athi kuyizimfanelo ezichaza isilo. Ukuze sikwazi ukuqonda lezo zimfanelo, kudingeka sazi ukuthi siyini isilo futhi sifunde nangemisebenzi yaso.

Isilo Siyembulwa

Incwadi yeBhayibheli kaDaniyeli yembula lukhulu ngencazelo yezilo ezingokomfanekiso. Isahluko 7 sinikeza isithombe esicacile ‘sezilo ezine ezinkulu’—ingonyama, ibhere, ingwe nesilo esisabekayo esinamazinyo amakhulu ensimbi. (Daniyeli 7:2-7) UDaniyeli usitshela ukuthi lezi zilo zifanekisela “imibuso,” noma imibuso yezombusazwe, ebusa ngokushiyelana emibusweni emikhulu.—Daniyeli 7:17, 23.

Ngokuphathelene nesilo esikusAmbulo 13:1, 2, i-Interpreter’s Dictionary of the Bible ithi isilo “sinazo zonke izimfanelo zezilo ezine zombono kaDaniyeli . . . Ngakho, lesi silo sokuqala [sesAmbulo] sifanekisela yonke imibuso yaso sonke isimiso sezombusazwe emelene noNkulunkulu emhlabeni.” Lokhu kufakazelwa isAmbulo 13:7, esithi ngesilo: “Sanikwa igunya phezu kwazo zonke izinhlanga nabantu nezilimi nezizwe.” *

Kungani iBhayibheli lifanisa ukubusa kwabantu nezilo? Kungenxa yezizathu ezimbili. Okokuqala, kungenxa yomlando wokuchitha igazi njengezilo ohulumeni abaye bazenzela wona emakhulwini eminyaka adlule. “Impi ibilokhu ikhona emlandweni futhi impucuko noma ukubusa ngentando yeningi akuzange kuyiqede,” kubhala izazimlando oWill no-Ariel Durant. Yeka ukuthi kuyiqiniso kanjani ukuthi ‘umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe’! (UmShumayeli 8:9) Isizathu sesibili ukuthi “udrako [uSathane] wanika isilo amandla aso nesihlalo saso sobukhosi negunya elikhulu.” (IsAmbulo 12:9; 13:2) Ngakho, imibuso yabantu isungulwe nguDeveli, ngakho ibonisa isimo sakhe sengqondo sobulwane, esinjengodrako.—Johane 8:44; Efesu 6:12.

Nokho, lokhu akusho ukuthi bonke ababusi abangabantu bayithuluzi likaSathane. Eqinisweni, ngomunye umqondo, ohulumeni babantu ‘bayizikhonzi zikaNkulunkulu,’ ngoba benza kube nokuhleleka emphakathini, obekuyothi ngaphandle kwako kube nesiyaluyalu. Futhi abanye abaholi baye bavikela amalungelo abantu abalulekile, njengelungelo lokwenza izenzo zokukhulekela uNkulunkulu ngeqiniso—okuyinto uSathane angayifuni. (Roma 13:3, 4; Ezra 7:11-27; IzEnzo 13:7) Noma kunjalo, ngenxa yethonya likaDeveli, akukho muntu, noma inhlangano yabantu eyake yakwazi ukuletha ukuthula noma ukulondeka okuhlala njalo kubantu. *Johane 12:31.

‘Isibalo Somuntu’

Ukubizwa kuka-666 ngokuthi ‘isibalo somuntu’ kuyinkomba yesithathu yokuqonda incazelo yakhe. Akunakwenzeka ukuthi le nkulumo ibhekisela kumuntu oyedwa, ngoba nguSathane—akuyena umuntu—onegunya phezu kwesilo. (Luka 4:5, 6; 1 Johane 5:19; IsAmbulo 13:2, 18) Kunalokho, ukuba kwesilo ‘nesibalo somuntu,’ noma uphawu, kusikisela ukuthi singumuntu, hhayi umoya noma idemoni, futhi ngenxa yalokho sinezimfanelo ezithile zomuntu. Ziyini lezo zimfanelo? IBhayibheli liyaphendula, lithi: “Bonke [abantu] bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Ngakho, ukuba kwesilo ‘nesibalo somuntu,’ kubonisa ukuthi ohulumeni babonisa isimo somuntu sokuba nesono, uphawu lwesono nokungapheleli.

Umlando uyakufakazela lokhu. OwayengunoBhala Wombuso Wase-United States uHenry Kissinger wathi: “Yonke impucuko eyake yaba khona yagcina iphelile. Umlando uyindaba yemizamo eyabhuntsha, yemigomo engafinyelelwanga . . . Ngakho, njengesazimlando, umuntu kufanele akwamukele ukuthi inhlekelele ayinakunqandeka.” Indlela eqotho uKissinger asibheka ngayo isimo ifakazela leli qiniso leBhayibheli eliyisisekelo: “Indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.”—Jeremiya 10:23.

Njengoba sesitholile ukuthi isilo siyini futhi sesiyiqonda nendlela uNkulunkulu asibheka ngayo, sesingayihlola ingxenye yokugcina yesiphico sethu—inombolo u-6 nokuthi kungani iphindwe kathathu—okungukuthi, u-666, noma u-600 ehlanganiswa no-60 ehlanganiswa no-6.

U-6 Ophindwe Kathathu—Kungani?

EmiBhalweni, ezinye izinombolo zinezincazelo ezingokomfanekiso. Ngokwesibonelo, u-7 uvame ukusetshenziselwa ukufanekisa into ephelele ngokubheka kukaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, isonto lokudala kukaNkulunkulu ‘liyizinsuku’ ezingu-7, noma izinkathi zesikhathi ezinde, uNkulunkulu afeza ngazo ngokuphelele injongo yakhe yokudala umhlaba. (Genesise 1:3–2:3) “Amazwi” kaNkulunkulu afana nesiliva “elicwengwé kasikhombisa,” ngenxa yalokho licwengwé ngokuphelele. (IHubo 12:6; IzAga 30:5, 6) UNahamani owayenochoko watshelwa ukuba ageze izikhathi ezingu-7 eMfuleni iJordani, futhi ngemva kwalokho welapheka ngokuphelele.2 AmaKhosi 5:10, 14.

U-6 ungaphansi kuka-7. Ubengeke yini aba uphawu olufanelekayo lwento engaphelele, noma enephutha, emehlweni kaNkulunkulu? Yebo, ubengaba yilo! (1 IziKronike 20:6, 7) Ngaphezu kwalokho, ukuphinda u-6 kathathu, abe u-666, kuyakugcizelela impela lokho kungapheleli. Ukuthi lokhu kuyiqiniso kufakazelwa ukuthi u-666 ‘uyisibalo somuntu,’ njengoba sesibonile. Ngakho, umlando wesilo, ‘isibalo saso somuntu,’ kanye nesibalo u-666 ngokwaso konke kusenza sifinyelele isiphetho esisodwa esiyiqiniso—ukushiyeka ngokuphelele nokuhluleka ngokubheka kukaJehova.

Ukwembulwa kokushiyeka kwesilo kusikhumbuza lokho okwashiwo ngenkosi yaseBhabhiloni lasendulo, uBhelishazari. NgoDaniyeli, uJehova wathi kulowo mbusi: “Wena ukalwé ezilinganisweni futhi utholakalé untula.” Ngabo kanye lobo busuku uBhelishazari wabulawa, uMbuso onamandla waseBhabhiloni wawa. (Daniyeli 5:27, 30) Ngokufanayo, ukwahlulela kukaNkulunkulu isilo sezombusazwe nalabo abanophawu lwaso kusho ukupheliswa kwaso kanye nabasekeli baso. Nokho, ngalesi senzakalo uNkulunkulu ngeke asuse isimiso esisodwa nje kuphela sezombusazwe kodwa uyokuqeda konke ukubusa kwabantu. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 19:19, 20) Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sigweme ukuba nophawu lwesilo olubulalayo!

Uphawu Luyachazwa

Ngemva nje kokwambula isibalo u-666, isAmbulo sikhuluma ngabalandeli abangu-144 000 beWundlu, uJesu Kristu, ababhalwe igama lakhe negama likaYise, uJehova, emabunzini abo. La magama abhalwe kulaba bantu abonisa ukuthi bangabakaJehova neNdodana yakhe, abafakaza ngabo ngeqholo. Ngokufanayo, labo abanophawu lwesilo babonisa ukuthi bakhonza isilo. Ngakho, uphawu, kungakhathaliseki ukuthi lusesandleni sokudla noma lusebunzini, ngomqondo ongokomfanekiso, luyisibonakaliso sokuthi lowo onalo usekela izimiso zezwe zezombusazwe ezinjengesilo njengokungathi uyazikhulekela. Labo abanophawu banika ‘uKhesari’ lokho okufanele kunikwe uNkulunkulu. (Luka 20:25; IsAmbulo 13:4, 8; 14:1) Kanjani? Ngokudumisa sakukhulekela ohulumeni bezombusazwe, amafulege abo namandla abo kwezempi, okuyiwona abathembele kuwo ukuthi azobasindisa. Noma ikuphi ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso abakwenzayo kumane nje kungokomlomo.

Ngokuphambene nalokho, iBhayibheli liyasikhuthaza: “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa. Umoya wayo uyaphuma, iphindela emhlabathini wayo; ngalolo suku imicabango yayo iyashabalala.” (IHubo 146:3, 4) Labo abalalela leso seluleko esihlakaniphile abadangali lapho ohulumeni behluleka ukufeza izithembiso zabo noma lapho abaholi abanogazi sebephelelwa udumo.—IzAga 1:33.

Lokhu akusho ukuthi amaKristu eqiniso asonge izandla awenzi lutho ngesimo sesintu. Ngokuphambene nalokho, amemezela ngentshiseko ngombuso okuwukuphela kwawo oyoxazulula izinkinga zesintu—uMbuso kaNkulunkulu, awumelelayo.—Mathewu 24:14.

UMbuso KaNkulunkulu—Ukuphela Kwethemba Lesintu

Lapho esemhlabeni, uJesu washumayela ngokuyinhloko ngoMbuso kaNkulunkulu. (Luka 4:43) Emthandazweni wakhe oyisibonelo, ngesinye isikhathi obizwa ngokuthi uMthandazo WeNkosi, uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele lo Mbuso ukuba ufike nokuba intando kaNkulunkulu yenziwe lapha emhlabeni. (Mathewu 6:9, 10) UMbuso unguhulumeni oyobusa umhlaba wonke usezulwini, hhayi enhlokodolobha ethile esemhlabeni. Yingakho uJesu awubiza ngokuthi “umbuso wamazulu.”—Mathewu 11:12.

Ubani obengakufanelekela kangcono ukuba iNkosi yalowo Mbuso ngaphandle kukaJesu Kristu, owafela labo ababezoba izikhonzi zakhe? (Isaya 9:6, 7; Johane 3:16) Ngokushesha lo Mbusi ophelele, manje ongumuntu womoya onamandla, uzojikijela isilo, imibuso yaso namabutho aso ‘echibini lomlilo ovutha isibabule,’ elifanekisela ukubhujiswa ngokuphelele. Kodwa akupheleli lapho. UJesu uzosusa noSathane, okuyinto okungekho muntu ongayenza.—IsAmbulo 11:15; 19:16, 19-21; 20:2, 10.

UMbuso kaNkulunkulu uyoletha ukuthula kuzo zonke izikhonzi zawo ezilalelayo. (IHubo 37:11, 29; 46:8, 9) Ngisho nosizi, ubuhlungu nokufa ngeke kusaba khona. Yeka ukuthi lokho kuyithemba elihle kanjani kulabo abalugwemayo uphawu lwesilo!—IsAmbulo 21:3, 4.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 9 Ukuze uthole imininingwane ngala mavesi, bheka isahluko 28 sencwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 11 Nakuba eqaphela ukuthi ngokuvamile ukubusa kwabantu kunjengesilo, amaKristu eqiniso ayazithoba “emagunyeni aphakeme” ohulumeni, njengoba iBhayibheli liyala. (Roma 13:1) Nokho, lapho lawo magunya ewayala ukuba aphule umthetho kaNkulunkulu, ‘alalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’—IzEnzo 5:29.

[Ibhokisi ekhasini 5]

Izinkomba Zokuthola Incazelo Ka-666

1. Ngokuvamile amagama eBhayibheli aveza okuthile ngezimfanelo noma ngokuphila komuntu oqanjwe ngalelo gama, njengo-Abrahama, uJesu nabanye abaningi. Ngokufanayo, isibalo sesilo esiyigama sifanekisela izimfanelo zaso.

2. Encwadini yeBhayibheli kaDaniyeli, izilo ezihlukahlukene zimelela imibuso yabantu ngokulandelana kwayo. Isilo sesAmbulo 13:1, 2 esihlanganisa zonke lezi zilo sifanekisela isimiso somhlaba wonke sezombusazwe, esilawulwa nguSathane osinika namandla.

3. Ukuba kwesilo ‘nesibalo somuntu,’ kubonisa ukuthi singumuntu, hhayi idemoni. Ngakho, sibonisa ukushiyeka komuntu okubangelwa isono nokungapheleli.

4. Ngokubheka kukaNkulunkulu, u-6 ubonisa ukungapheleli, njengoba engaphansi kuka-7 ophelele ngokweBhayibheli. Uphawu u-666 lukugcizelela lokho kushiyeka ngokuphinda u-6 kathathu.

[Izithombe ekhasini 6]

Ukubusa kwabantu kuhlulekile, futhi kufanekiselwa kahle isibalo u-666

[Umthombo]

Starving child: UNITED NATIONS/Photo by F. GRIFFING

[Izithombe ekhasini 7]

UJesu Kristu uyoletha ukubusa okuphelele emhlabeni