Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuzidela Okuncane Kwasilethela Izibusiso Ezinkulu

Ukuzidela Okuncane Kwasilethela Izibusiso Ezinkulu

Indaba Yokuphila

Ukuzidela Okuncane Kwasilethela Izibusiso Ezinkulu

ILANDISWA UGEORGE NO-ANN ALJIAN

Mina nomkami sasingakaze sicabange ukuthi ngelinye ilanga siyophambanisa igama elithi “umfundisi” nelithi “igundwane.” Asikaze sicabange ukuthi lapho sesineminyaka engaphezu kwengu-60 ubudala siyobe sizama ukufunda izinhlamvu zokubhala ezibukeka ziyinqaba ngenjongo yokuzama ukukhuluma nabantu baseMpumalanga Ekude. Nokho, yilokho mina no-Ann esakwenza ngasekupheleni kwawo-1980. Ake sikuxoxele ukuthi ukuzidela okuncane esakwenza eminyakeni edlule kuye kwasilethela kanjani izibusiso eziningi.

NGAZALELWA emkhayeni ongama-Armenia futhi ngangisonta eSontweni Lase-Armenia. U-Ann wayengumRoma Katolika. Lapho sishada ngo-1950, sobabili sawayeka amasonto ethu. Ngangineminyaka engu-27 ubudala, kanti u-Ann wayenengu-24. Sahlala endlini eyayingaphezu kwesitolo sami sokuhlanza izingubo eJersey City, eNew Jersey, e-U.S.A. Kwase kuphele iminyaka emine nginaleli bhizinisi.

Ngo-1955 sathenga indlu enhle enamakamelo okulala amathathu eMiddletown, eNew Jersey. Leyo ndlu yayiqhelelene ngamakhilomitha angu-60 nebhizinisi lami, lapho ngangisebenza khona izinsuku eziyisithupha ngesonto. Njalo ngangibuya ebusuku ekhaya. OFakazi BakaJehova babefika njalo esitolo sami bangishiyele izincwadi zeBhayibheli futhi leso kwakuwukuphela kwesikhathi engangikhuluma nabo ngaso. Ngangizifunda ngelukuluku lezi zincwadi. Nakuba ibhizinisi lami lalidinga ngilinake kakhulu futhi lithatha isikhathi sami esiningi, ngaqala ukuba nenhlonipho ejulile ngeBhayibheli.

Ngokushesha ngathola ukuthi isiteshi somsakazo se-Watchtower, i-WBBR, sasisakaza izintshumayelo zeBhayibheli ngesikhathi ngisemotweni ngiya nalapho ngibuya esitolo sami. Ngangizilalelisisa lezi zintshumayelo, futhi isithakazelo sami sakhula kangangokuthi ngacela oFakazi ukuba bangivakashele. Ngo-November 1957, uGeorge Blanton wafika kwami wabe eseqala ukungifundisa iBhayibheli.

Umkhaya Wethu Uba Munye Ekukhulekeleni Okumsulwa

U-Ann wayezizwa kanjani ngakho konke lokhu? Aké anixoxele.

“Ekuqaleni, ngangiphikisa kakhulu. Ngangiphazamisa kakhulu ngesikhathi uGeorge eqhutshelwa isifundo seBhayibheli kangangokuthi wanquma ukufundela kwenye indawo, futhi lokho wakwenza izinyanga ezingu-8. Ngaleso sikhathi, uGeorge waqala ukuya njalo emihlanganweni eHholo LoMbuso ngeSonto. Ngaqala ukubona lapho ukuthi wayezimisele ngesifundo sakhe seBhayibheli ngoba lolu kwakuwukuphela kosuku ayengasebenzi ngalo. Nokho, wayesalokhu engumyeni nobaba okahle—empeleni wayesekahle nakakhulu—futhi isimo sami sengqondo saqala ukushintsha. Eqinisweni, ngezinye izikhathi lapho ngisula itafula elincane kungekho muntu ongibonayo, ngangiye ngithathe i-Phaphama! uGeorge ayejwayele ukuyishiya lapho, ngiyifunde. Ngezinye izikhathi uGeorge wayengifundela izihloko ze-Phaphama! ezazingakhulumi ngokuqondile ngezimfundiso kodwa ezazikhuluma kakhulu ngoMdali.

“Ngelinye ilanga kusihlwa ngesikhathi uGeorge engekho eyofunda noMzalwan’ uBlanton, ngathatha incwadi eyayibekwe indodana yethu eneminyaka emibili, uGeorge, etafuleni elaliseceleni kombhede wami. Yayikhuluma ngethemba ngabafileyo. Nakuba ngangikhathele, ngaqala ukuyifunda ngoba ngangidangele kakhulu ngenxa yokuthi ngangisanda kushonelwa ugogo. Ngokushesha ngalibona futhi ngaliqonda iqiniso leBhayibheli lokuthi abafileyo abahlupheki ndawana-thile nelokuthi bayophinde baphile futhi lapho bevuswa esikhathini esizayo. Masinyane ngase ngihlezi ngiqondile embhedeni, ngifunda ngokulangazelela futhi ngidwebela amaphuzu engangifuna ukuwabonisa uGeorge uma esebuya ekhaya evela ukuyofunda.

“Umyeni wami wayengakholwa ukuthi yimi lowaya muntu. Ngesikhathi ehamba endlini, ngangiphikisa, kodwa manje ngase ngiphuphuma injabulo ngamaqiniso amangalisayo eBhayibheli engangiwafundile! Sahlala kwaze kwaba phakathi kwamabili sixoxa ngeBhayibheli. UGeorge wachaza injongo kaNkulunkulu ngomhlaba. Ngabo lobo busuku ngamcela ukuba afundele ekhaya ukuze ngifunde nami.

“UMzalwan’ uBlanton wasikisela ukuba izingane zibe khona lapho sifunda. Sasicabanga ukuthi zazisencane kakhulu, njengoba enye yayineminyaka emibili enye inemine nje kuphela. Nokho, uMzalwan’ uBlanton wasibonisa uDuteronomi 31:12, othi: ‘Butha abantu, amadoda nabesifazane nabancane . . . , ukuze balalele futhi bafunde.’ Sasazisa leso siqondiso saze sahlela nokuba izingane ziphendule esifundweni seBhayibheli. Sasizilungiselela ndawonye izimpendulo, kodwa sasingalokothi sizitshele ukuthi ziphendule kanjani. Sicabanga ukuthi lokhu kwazisiza izingane zethu ukuba zenze iqiniso libe elazo. Siyohlala simbonga uMzalwan’ uBlanton ngesiqondiso asinikeza sona ukuze sisize umkhaya wethu ukhule ngokomoya.”

Izinselele Ezidinga Ukuzidela

Njengoba sasesifunda iBhayibheli ndawonye, saba nezinye izinselele okwakudingeka sibhekane nazo. Njengoba isitolo sami sasikude kakhulu, kwakuqabukela ngifika ekhaya engakashayi u-9:00 ebusuku. Ngenxa yalokhu, ngangingakwazi ukuya emihlanganweni phakathi nezinsuku, nokho ngangiya ngamaSonto. Ngaleso sikhathi, u-Ann wayeya kuyo yonke imihlangano futhi ethuthuka ngokushesha. Nami ngangifuna ukuba khona kuyo yonke imihlangano ngiqhube nesifundo somkhaya esizuzisayo. Ngangazi ukuthi kwakudingeka ngizidele ngandlela-thile. Ngakho nganquma ukunciphisa isikhathi sokusebenza, ngisho noma lokho kwakungibeka engozini yokulahlekelwa amakhasimende athile.

Lelo cebo lahamba kahle kakhulu. Isifundo somkhaya sasisibheka njengesibaluleke njengemihlangano emihlanu yamasonto onke eHholo LoMbuso. Sasisibiza ngokuthi umhlangano wesithupha. Ngakho samisa isikhathi nosuku oluqondile—uLwesithathu esontweni ngalinye ngo-8:00 kusihlwa. Ngezinye izikhathi ngemva kokudla kwakusihlwa, lapho siqeda ukuwasha izitsha, omunye wethu wayethi, “Usuzoqala ‘umhlangano’!” Uma ngisabambezelekile u-Ann wayesiqala isifundo, bese kuthi ngokushesha lapho ngifika ngiqhubeke.

Enye into eyayisigcina siwumkhaya oqinile futhi obumbene ukufunda ndawonye umBhalo wosuku nsuku zonke ekuseni. Nokho, kwakunenkinga ekuhleleni lokhu. Sasivuka ngezikhathi ezingefani. Saxoxa ngakho sabe sesinquma ukuthi sonke sizovuka ngesikhathi esisodwa, sidle ukudla kwasekuseni ngo-6:30, bese sifunda ndawonye umBhalo wosuku. Lokhu kwasizuzisa kakhulu. Lapho amadodana ethu ekhula, akhetha ukuyokhonza eBethel. Sasinomuzwa wokuthi lezi zingxoxo esasiba nazo nsuku zonke zawasiza ngokomoya.

Amalungelo Ngemva Kokubhapathizwa Adinga Ukuzidela Okuthe Xaxa

Ngabhapathizwa ngo-1962, kwathi ngemva kweminyaka engu-21 nginaleli bhizinisi lami, ngalidayisa ngase ngithola umsebenzi ngasekhaya ukuze ngibe seduze kakhudlwana nomkhaya wami, sikwazi nokukhonza uJehova ndawonye. Lokho kwangilethela izibusiso eziningi. Sazibekela umgomo wokuthi sonke sizoba senkonzweni yesikhathi esigcwele. Lokho kwaqala ekuqaleni kuka-1970 ngesikhathi indodana yethu endala, u-Edward, iba isikhonzi sesikhathi esigcwele, noma iphayona elivamile, lapho nje iqeda esikoleni esiphakeme. Ngemva kwesikhashana, indodana yethu uGeorge yaqala ukuphayona, ngokushesha yalandelwa u-Ann. Bobathathu bangikhuthaza kakhulu njengoba babengixoxela izinto ababehlangabezana nazo enkonzweni yasensimini. Njengomkhaya, saxoxa ngendlela esasingenza ngayo ukuphila kwethu kube lula ukuze sonke sibe senkonzweni yesikhathi esigcwele. Sanquma ukuthengisa umuzi. Sase sineminyaka engu-18 sihlala kulo muzi, nezingane zethu sasizikhulisele kuwo. Sasiwuthanda ngempela umuzi wethu, kodwa uJehova wasibusisa isinqumo sethu sokuwudayisa.

Ngo-1972 u-Edward wabizwa eBethel, uGeorge yena wabizwa ngo-1974. Nakuba mina no-Ann sasibakhumbula, sasingacabangi kakhulu ngokuthi kwakuyoba mnandi kangakanani ukube bebehlala eduzane nathi, bashade futhi babe nabantwana. Kunalokho, sasijabula ngokuthi amadodana ethu akhonza uJehova eBethel. * Sivumelana namazwi ezAga 23:15, athi: “Ndodana yami, uma inhliziyo yakho iye yahlakanipha, inhliziyo yami iyojabula, yebo eyami.”

Siba Amaphayona Akhethekile

Saqhubeka nokuphayona, amadodana ethu amabili eseBethel. Kwathi ngelinye ilanga ngo-1975, sathola incwadi esicela ukuba sibe amaphayona akhethekile ensimini engabelwe eseClinton County, e-Illinois. Yeka ukuthi samangala kanjani! Lokho kwakusho ukuthi kwakudingeka sihambe eNew Jersey, indawo eyayiseduze neNew York lapho amadodana ethu ayehlala khona nalapho sasinabangane nezihlobo zethu khona. Nokho, sakubheka njengesabelo esivela kuJehova sabe sesenza ukuzidela okwasilethela ezinye izibusiso.

Ngemva kwezinyanga ezimbalwa sisebenza insimu engabelwe, saqala ukuba nemihlangano ehholo lomphakathi eliseCarlyle, e-Illinois. Kodwa sasifuna indawo eqondile esasizohlangana kuyo. Umzalwane wakuleyo ndawo nomkakhe bathola indawo enendlu encanyana esakwazi ukuyiqasha. Sayihlanza yonke kanye nendlu yayo yangasese engaphandle—sayenza indawo encane yokuhlangana. Siyaye sijabule lapho sikhumbula ihhashi elalifuna ukwazi ngathi. Lalivame ukulunguza ngekhanda efasiteleni ukuze libone ukuthi kwenzekani emhlanganweni!

Ngokuhamba kwesikhathi, kwamiswa iBandla LaseCarlyle, futhi kwasijabulisa ukuthi nathi sasifake isandla kulokhu. Sasisizwa umbhanqwana osemusha ongamaphayona, uSteve noKaril Thompson, nawo owawuzosebenza insimu engabelwe. AbakwaThompson bahlala lapho iminyaka ethile kwathi kamuva baya e-Watchtower Bible School of Gilead base bethola isabelo sokuba izithunywa zevangeli eMpumalanga ye-Afrika, lapho bekhonza khona emsebenzini wokujikeleza.

Ngokushesha indawo yethu yokuhlangana encane yayisiqala ukugcwala, futhi sase sidinga ihholo elikhudlwana. Sasizwa nguye futhi lo mzalwane wakuleyo ndawo nomkakhe ngokusitholela indawo eyayililungele kahle kakhulu iHholo LoMbuso. Yeka ukuthi sajabula kanjani eminyakeni embalwa kamuva, lapho simenywa ekunikezelweni kwaleli Hholo LoMbuso elalisanda kwakhiwa eCarlyle! Ngaba nelungelo lokunikeza inkulumo yokulinikezela. Isabelo sethu lapho saba yinto enhle kakhulu ekuphileni kwethu, isibusiso esivela kuJehova.

Sivulekelwa Insimu Entsha

Ngo-1979 sathola isabelo esisha, eHarrison, eNew Jersey. Sakhonza lapho iminyaka engaba ngu-12. Ngaleso sikhathi saqala isifundo seBhayibheli nowesifazane ongumShayina, futhi lokhu kwenza ukuba sifunde nabantu abaningi abangamaShayina. Ngaleso sikhathi, sezwa ukuthi kwakunezinkulungwane zabafundi nemikhaya engamaShayina ehlala endaweni esasihlala kuyo. Lokhu kwasikhuthaza ukuba sifunde ulimi lwesiShayina. Nakuba lokhu kwakusho ukuzinika isikhathi usuku ngalunye sifunda lolu limi, kwasenza saba nezifundo zeBhayibheli eziningi ezijabulisayo nabantu baseShayina endaweni esasihlala kuyo.

Ngaleyo minyaka, sasizithola sisezimweni eziningi ezihlekisayo, ikakhulukazi lapho sizama ukukhuluma isiShayina. Ngelinye ilanga u-Ann wazethula ngokuthi ‘uyigundwane’ leBhayibheli esikhundleni sokuthi ‘ungumfundisi’ weBhayibheli. La magama ayefana kakhulu. Umninikhaya wamamatheka wayesethi: “Ngicela ungene. Angikaze ngikhulume nengundwane leBhayibheli.” Namanje sisalubhidilisha lolu limi.

Sabe sesabelwa kwenye indawo eNew Jersey lapho sakwazi ukuqhubeka nokusebenza insimu yamaShayina. Kamuva sacelwa ukuba sithuthele eBoston, eMassachusetts, lapho kwakuneqembu lamaShayina elase lineminyaka ecishe ibe mithathu lakhiwa. Kuye kwaba yilungelo kithi ukusekela leli qembu eminyakeni engu-7 edlule nokuba nenjabulo yokulibona liba ibandla ngo-January 1, 2003.

Izibusiso Zokuphila Kokuzidela

KuMalaki 3:10, sifunda isimemo sikaJehova sokuba abantu bakhe balethe iminikelo nemihlatshelo yabo ukuze abathululele izibusiso zakhe kuze kungabikho ukuswela. Sayeka ibhizinisi engangilithanda kakhulu. Sadayisa umuzi wethu, esasiwuthanda kakhulu. Sadela nezinye izinto futhi. Nokho, uma kuqhathaniswa nezibusiso, ukuzidela kwakukuncane.

Yeka ukuthi zinkulu kangakanani izibusiso uJehova aye wasithululela zona! Siye saba nenjabulo yokubona izingane zethu zamukela iqiniso, neyokuba senkonzweni yesikhathi esigcwele okuyinkonzo esindisa ukuphila, futhi siye sabona uJehova enakekela izidingo zethu. Ngempela, ukuzidela kwethu okuncane kuye kwaletha izibusiso ezinkulu!

[Umbhalo waphansi]

^ par. 20 Basakhonza ngokwethembeka eBethel—u-Edward nomkakhe, uConnie, basePatterson kanti uGeorge nomkakhe, uGrace, baseBrooklyn.

[Isithombe ekhasini 25]

ULouise noGeorge Blanton beno-Ann, ngo-1991

[Isithombe ekhasini 26]

IHholo LoMbuso eCarlyle, elanikezelwa ngo-June 4, 1983

[Isithombe ekhasini 27]

Sinebandla lesiShayina laseBoston elisanda kumiswa

[Isithombe ekhasini 28]

Sino-Edward, uConnie, uGeorge noGrace