Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Babusisiwe Abanika UNkulunkulu Inkazimulo

Babusisiwe Abanika UNkulunkulu Inkazimulo

Babusisiwe Abanika UNkulunkulu Inkazimulo

“Ziyokhothama phambi kwakho, Jehova, zinike igama lakho inkazimulo.”—IHUBO 86:9.

1. Kungani sikwazi ukukhazimulisa uNkulunkulu ngezindlela ezedlula indlela indalo engaphili emkhazimulisa ngayo?

 UJEHOVA ufanelwe ukudunyiswa yiyo yonke indalo yakhe. Njengoba indalo yakhe engaphili imkhazimulisa buthule, thina bantu sikwazi ukucabanga, ukuqonda, ukubonisa ukwazisa nokukhulekela. Ngakho umhubi usho kithi lapho ethi: “Memezani uNkulunkulu ngokunqoba, nonke nina bantu bomhlaba. Hubelani inkazimulo yegama lakhe. Khazimulisani udumo lwakhe.”—IHubo 66:1, 2.

2. Obani abaye bawulalela umyalo wokuba kukhazinyuliswe igama likaNkulunkulu, ngani?

2 Iningi labantu alifuni ukuvuma ukuthi uNkulunkulu ukhona noma ukumnika inkazimulo. Nokho, emazweni angu-235, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi eziyisithupha babonisa ukuthi bayazibona “izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali” ezintweni azenzile nokuthi ‘babuzwile’ubufakazi indalo ebunikeza buthule. (Roma 1:20; IHubo 19:2, 3) Ngokutadisha iBhayibheli, baye bamazi futhi bamthanda uJehova. IHubo 86:9, 10 labikezela: “Zonke izizwe ozenzile ziyofika, futhi ziyokhothama phambi kwakho, Jehova, zinike igama lakho inkazimulo. Ngoba wena umkhulu futhi wenza izinto ezimangalisayo; wena unguNkulunkulu, wena wedwa.”

3. “Isixuku esikhulu” siyinikela kanjani “inkonzo engcwele imini nobusuku”?

3 Ngokufanayo isAmbulo 7:9, 15 sichaza “isixuku esikhulu” sabantu abakhulekela uNkulunkulu sithi “banikela inkonzo engcwele kuye imini nobusuku ethempelini lakhe.” Akusho ukuthi uNkulunkulu ufuna izikhonzi zakhe zimdumise zingayeki ngomqondo ongokoqobo, kodwa kusho ukuthi abakhulekeli bakhe bayinhlangano esemhlabeni wonke. Ngakho uma kusebusuku kwamanye amazwe, izikhonzi zikaNkulunkulu kwenye ingxenye yomhlaba zisuke zimatasa zifakaza. Ngaleyo ndlela kungashiwo ukuthi uJehova ukhazinyuliswa ubusuku nemini. Ngokushesha, “konke okuphefumulayo” kuyophakamisa izwi lako kudumise uJehova. (IHubo 150:6) Nokho, okwamanje, yini thina ngabanye esingayenza ukuze sinike uNkulunkulu inkazimulo? Iziphi izinselele okungenzeka sibhekane nazo? Futhi yiziphi izibusiso ezilindele labo abanika uNkulunkulu inkazimulo? Ukuze sithole impendulo, ake sibheke indaba eseBhayibhelini ephathelene nesizwe sakwaGadi esingama-Israyeli.

Inselele Yasendulo

4. Iyiphi inselele isizwe sakwaGadi esasibhekene nayo?

4 Ngaphambi kokungena eZweni Lesithembiso, amalungu esizwe sakwaGadi esingama-Israyeli acela ukuba avunyelwe ahlale ezweni elinamadlelo empumalanga yeJordani. (Numeri 32:1-5) Ukuhlala kuleyo ndawo kwakuyosho ukubhekana nezinselele ezinzima. Izizwe ezisentshonalanga zazizovikelwa isiGodi SaseJordani—esasiyisivikelo esingokwemvelo ekuhlaselweni yizimpi. (Joshuwa 3:13-17) Nokho, ngokuphathelene namazwe asempumalanga, i-Historical Geography of the Holy Land, kaGeorge Adam Smith, ithi: “[Wonke] angudedangendlale wamathafa angavikelwe yilutho enkangala yase-Arabia. Ngenxa yalokho abelokhu eyizisulu zokuhlaselwa imihambuma elambile, eminye yayo eyayihlasela minyaka yonke ifuna amadlelo.”

5. UJakobe wakhuthaza inzalo kaGadi ukuba yenzenjani lapho ihlaselwa?

5 Sasizokwenzenjani isizwe sakwaGadi kulokhu kuhlaselwa okungapheli? Emakhulwini amaningi ngaphambili, esiprofethweni asisho esokhukhweni lokufa, ukhokho wabo uJakobe wayebikezele: “UGadi yena, iviyo labaphangi liyomthelekela, kodwa yena uyothelekela abangemuva impela.” (Genesise 49:19) Ekuqaleni lawo mazwi angase azwakale eqeda amandla. Kodwa eqinisweni ayengumyalo wokuba abakwaGadi balwe. UJakobe wayebaqinisekisa ngokuthi uma belwa, abaphangi babo babeyobuyela emuva behlazekile, abakwaGadi babaxoshe ngemuva.

Izinselele Ekukhulekeleni Kwethu Namuhla

6, 7. Isimo samaKristu namuhla sifana kanjani nesesizwe sakwaGadi?

6 Njengesizwe sakwaGadi, amaKristu namuhla abhekana nezingcindezi zesimiso sikaSathane; akukho sivikelo esiyisimangaliso esisisiza sibhekane nazo. (Jobe 1:10-12) Abaningi bethu kumelwe babhekane nezingcindezi zokuya esikoleni, ukusebenza nokukhulisa abantwana. Okungafanele sikushaye indiva izingcindezi zomuntu ngamunye. Abanye bakhuthazelela “iva enyameni” eliwukukhubazeka noma ukugula okukhulu. (2 Korinte 12:7-10) Abanye bahlushwa ukuzizwa bengelutho. “Izinsuku eziyinhlekelele” zokuguga zingavimbela amaKristu asekhulile angakwazi ukukhonza uJehova ngamandla ayenawo ngaphambili.—UmShumayeli 12:1.

7 Umphostoli uPawulu usikhumbuza nokuthi “sibambene . . . nebandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.” (Efesu 6:12) Njalo sibhekana ‘nomoya wezwe,’ umoya wokuvukela nokonakala ngokokuziphatha uSathane namademoni akhe abawukhuthazayo. (1 Korinte 2:12; Efesu 2:2, 3) NjengoLoti owayesaba uNkulunkulu, namuhla singacindezelwa izinto zokuziphatha okubi ezikhulunywa futhi zenziwe abantu abasizungezile. (2 Petru 2:7) USathane usihlasela nangokuqondile. USathane ulwa nensali yabagcotshiwe, “abagcina imiyalo kaNkulunkulu futhi benomsebenzi wokufakaza ngoJesu.” (IsAmbulo 12:17) ‘Ezinye izimvu’ zikaJesu nazo ziyahlaselwa uSathane ngokuvinjelwa nangokushushiswa.—Johane 10:16.

Siphonse Ithawula Noma Silwe?

8. Yini okufanele siyenze lapho sihlaselwa uSathane, futhi ngani?

8 Yini okufanele siyenze lapho uSathane esihlasela? Njengesizwe sakwaGadi sasendulo, kumelwe siqine ngokomoya silwe ngokuvumelana neziqondiso zikaNkulunkulu. Kuyadabukisa ukuthi abanye sebeqale ukuphelelwa amandla ngenxa yezingcindezi zokuphila, bayazidebeselela izibopho zabo ezingokomoya. (Mathewu 13:20-22) Omunye uFakazi washo lokhu mayelana nokuthi kungani liphansi inani lababa khona emihlanganweni ebandleni akulo: “Ngempela abazalwane bakhathele. Bacindezelekile.” Yiqiniso, ziningi izizathu ezenza abantu bakhathale namuhla. Ngakho kulula ukubona ukukhulekela uNkulunkulu kungenye nje ingcindezi, isibopho esingumthwalo. Kodwa ingabe lowo umbono ofanele—noma olungile?

9. Ukuthwala ijoka likaKristu kuyiletha kanjani impumuzo?

9 Cabanga ngalokho uJesu akusho ezixukwini nazo ezazicindezelwe izingcindezi zokuphila ngosuku lwakhe: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.” Ingabe uJesu wayebonisa ukuthi impumuzo izotholakala ngokuba umuntu anciphise inkonzo yakhe kuNkulunkulu? Kunalokho, uJesu wathi: “Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.” Ijoka uhlaka lokhuni noma lwensimbi olwenza umuntu noma isilwane sikwazi ukuthwala umthwalo onzima. Pho umuntu angafunelani ukuthwala ijoka? ‘Asesindwa’ yini kakade? Yebo, kodwa umbhalo wesiGreki ungafundeka nakanje: “Ngenani ejokeni lami kanye nami.” Cabanga nje: uJesu uthi uzosisiza sithwale imithwalo yethu! Akudingeki sikwenze ngamandla ethu.—Mathewu 9:36; 11:28, 29, umbhalo waphansi we-NW; 2 Korinte 4:7.

10. Uba yini umphumela uma sizama ukunika uNkulunkulu inkazimulo?

10 Uma samukela ijoka lokuba abafundi bakaJesu, silwa noSathane. UJakobe 4:7 uthembisa athi: “Melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.” Lokhu akusho ukuthi kulula ukwenza kanjalo. Ukukhonza uNkulunkulu kudinga umzamo omkhulu. (Luka 13:24) Kodwa iBhayibheli lenza lesi sithembiso kuyiHubo 126:5: “Labo abahlwanyela imbewu ngezinyembezi bayovuna ngokukhamuluka kwenjabulo.” Yebo, asikhulekeli uNkulunkulu ongabongi. ‘Ungumvuzi walabo abamfuna ngobuqotho,’ futhi uyababusisa labo abamnika inkazimulo.—Hebheru 11:6.

Ukukhazimulisa UNkulunkulu Njengabamemezeli BoMbuso

11. Inkonzo yasensimini isivikela kanjani ekuhlaseleni kukaSathane?

11 UJesu wayala: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” Umsebenzi wokushumayela uyindlela eyinhloko yokunikela kuNkulunkulu “umhlatshelo wokudumisa.” (Mathewu 28:19; Hebheru 13:15) Ukuba ‘nezinyawo ezigqokiswe ukuhlonyiselwa izindaba ezinhle zokuthula’ kuyingxenye yazo “zonke izembatho [zethu] zempi”—isivikelo sethu ekuhlaseleni kukaSathane. (Efesu 6:11-15) Ukudumisa uNkulunkulu enkonzweni yasensimini kuyindlela enhle kakhulu yokukhulisa ukholo lwethu. (2 Korinte 4:13) Kusisiza sisuse izingqondo zethu ezintweni ezimbi. (Filipi 4:8) Ukuba senkonzweni yasensimini kusenza sijabulele ubudlelwane obakhayo kanye nabanye esikhulekela nabo uNkulunkulu.

12, 13. Ukuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini kungayizuzisa kanjani imikhaya? Bonisa.

12 Umsebenzi wokushumayela ungaba futhi umsebenzi omuhle ongenziwa umkhaya wonke. Kuyiqiniso ukuthi izingane ziyakudinga ukuzijabulisa okufanele. Nokho, isikhathi esichithwa ensimini njengomkhaya akudingekile sibe isicefe. Abazali bangasenza sijabulise ngokuqeqesha izingane zabo ukuba zikwazi ukukhuluma enkonzweni. Izingane azikujabuleli yini ukwenza izinto ezizenza kahle? Uma abazali belinganisela, bengaziphoqi izingane ukuba zenze okungaphezu kwamandla azo, bayokwazi ukuzisiza ziyijabulele inkonzo.—Genesise 33:13, 14.

13 Ngaphezu kwalokho, umkhaya odumisa uNkulunkulu ndawonye uyasondelana. Cabanga ngomunye udade owashiywa umyeni wakhe ongakholwa nezingane ezinhlanu. Ngenxa yalokho wabhekana nenselele yokuba asebenze ondle izingane zakhe ngokwenyama. Ingabe waphela amandla kangangokuthi wakhohlwa ingokomoya lezingane zakhe? Uyakhumbula: “Ngangitadisha iBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli ngenkuthalo bese ngizama ukukwenza lokho engikufundayo. Ngangiya nazo njalo izingane emihlanganweni nasenkonzweni yendlu ngendlu. Umphumela wemizamo yami? Zonhlanu zibhapathiziwe.” Ukuhlanganyela ngokugcwele enkonzweni kungakusiza nawe emizamweni yakho yokukhulisa abantwana bakho “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efesu 6:4.

14. (a) Abasha bangamnika kanjani uNkulunkulu inkazimulo esikoleni? (b) Yini engasiza abasha ukuba bangabi ‘namahloni ngezindaba ezinhle’?

14 Bantwana, uma ezweni enihlala kulo kuvumelekile, ingabe niyamnika uNkulunkulu inkazimulo ngokufakaza esikoleni, noma nivumela ukwesaba abantu kunibambe? (IzAga 29:25) UFakazi wasePuerto Rico oneminyaka engu-13 ubhala athi: “Angikaze ngibe namahloni okushumayela esikoleni ngoba ngiyazi ukuthi yiqiniso leli. Ekilasini ngiphakamisa njalo ngisho lokho engikufunde eBhayibhelini. Uma ngithola isikhathi, ngiya emtatsheni wezincwadi ngifunde incwadi ethi Intsha Iyabuza.” * Ingabe uJehova uyibusisile imizamo yakhe? Uyabika: “Ngezinye izikhathi izingane engifunda nazo ekilasini zingibuza imibuzo zize zicele ngisho nanencwadi.” Uma ubumadolonzima kulesi sici, mhlawumbe kudingeka uzitholele ngokwakho “okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo” ngokukhuthalela isifundo somuntu siqu. (Roma 12:2) Lapho usukholisekile ukuthi lokho okufundile kuyiqiniso, awusoze waba ‘namahloni ngezindaba ezinhle.’—Roma 1:16.

‘Umnyango Ovulekile’ Wenkonzo

15, 16. Imuphi “umnyango omkhulu oholela emsebenzini” amanye amaKristu angene ngawo, athola ziphi izibusiso?

15 Umphostoli uPawulu wabhala wathi wayevulelwe “umnyango omkhulu oholela emsebenzini.” (1 Korinte 16:9) Kungenzeka yini izimo zakho zikuvumele ungene emnyango oholela emsebenzini? Ngokwesibonelo, ukuba yiphayona elivamile noma elisizayo kuhilela ukuchitha amahora angu-70 noma angu-50 ngenyanga emsebenzini wokushumayela. Njengokulindelekile, amaphayona ayaziswa amanye amaKristu ngenxa yenkonzo yawo yokwethembeka. Kodwa ukuthi achitha isikhathi esengeziwe enkonzweni akuwenzi azibone engcono kunabafowabo nodadewabo. Kunalokho, ahlakulela isimo sengqondo esakhuthazwa uJesu: “Siyizinceku ezingelusizo lwalutho. Lokho esikwenzile yilokho obekufanele sikwenze.”—Luka 17:10.

16 Ukuphayona kudinga ukuzithiba, ukuhleleka komuntu siqu nokuzimisela ukuzidela. Kodwa izibusiso zenza konke lokho kube yize. “Ukukwazi ukuphatha iZwi likaNkulunkulu leqiniso ngokufanele kuyisibusiso sangempela,” kusho iphayona eliselisha okuthiwa uTamika. “Uma uphayona, ulisebenzisa kakhulu iBhayibheli. Uma ngiya endlini ngendlu ngiyakwazi ukucabanga ngemiBhalo efanele umninikhaya ngamunye.” (2 Thimothewu 2:15) Iphayona okuthiwa uMica lithi: “Ukubona indlela iqiniso elikuthinta ngayo ukuphila kwabantu kungesinye isibusiso esimangalisayo.” Ibhungu okuthiwa uMatthew nalo ngokufanayo likhuluma ngenjabulo yokubona “umuntu amukela iqiniso. Ayikho injabulo engathatha isikhundla sale.”

17. Omunye umKristu wakunqoba kanjani ukungakuthandi ukuphayona?

17 Ungakucabangela yini ukungena ngomnyango oholela ekuphayoneni? Mhlawumbe uyafisa ukwenza kanjalo kodwa uzizwa ungafaneleki. “Ngangingakuthandi ukuphayona,” kuvuma udade osemusha okuthiwa uKenyatte. “Ngangicabanga ukuthi ngeke ngikwazi. Ngangingakwazi ukulungiselela izingeniso noma ukubonisana nabantu ngemiBhalo.” Nokho, abadala babela udade ovuthiwe oyiphayona ukuba asebenze naye. “Kwakumnandi ukusebenza naye,” kukhumbula uKenyatte. “Lokho kwangenza ngafuna ukuphayona.” Mhlawumbe nawe, ngesikhuthazo nangokuqeqeshwa, ungakufuna ukuphayona.

18. Iziphi izibusiso ezingatholwa ilabo abangenela inkonzo yezithunywa zevangeli?

18 Ukuphayona kungavula umnyango oholela kwamanye amalungelo enkonzo. Ngokwesibonelo, eminye imibhanqwana eshadile ingafanelekela ukuyoqeqeshelwa ukuba izithunywa zevangeli ithunyelwe ukuyoshumayela kwelinye izwe. Izithunywa zevangeli kumelwe zikwazi ukuzivumelanisa nezimo zakulelo zwe ezingalazi, mhlawumbe zifunde ulimi olusha, amasiko amasha nokudla ezingakwazi. Kodwa izibusiso zenza konke lokho kungasho lutho. UMildred, isithunywa sevangeli esesimkhantsh’ ubomvu eMexico, uthi: “Angikaze ngizisole ngesinqumo sami sokuba isithunywa sevangeli. Yinto engangiyifisa kusukela ngiseyintombazanyana.” Iziphi izibusiso azitholile? “Ezweni lakithi kwakunzima ukuthola isifundo seBhayibheli. La, ngike ngaba nabafundi abane abaqala ukuya enkonzweni yasensimini ngesikhathi esisodwa!”

19, 20. Iziphi izibusiso abaningi abaye bazithola ngokuba senkonzweni yaseBethel, yakwamanye amazwe nangokuya eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo?

19 Ziningi futhi izibusiso ezitholwa ilabo abasenkonzweni yaseBethel emahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova. USven, umzalwane osemusha okhonza eJalimane, usho lokhu ngomsebenzi wakhe eBethel: “Nginomuzwa wokuthi ngenza into enenzuzo yaphakade. Bengingawasebenzisa ezweni amakhono ami. Kodwa lokho bekuyofana nokufaka imali ebhange eselizowa.” Yiqiniso, ukukhonza njengesisebenzi sokuzithandela esingaholi kuhilela ukuzidela. Kodwa uSven uthi: “Uma ugoduka, uyazi ukuthi konke okwenzile ngalolo suku ukwenzele uJehova. Futhi lokho kukunika injabulo enkulu.”

20 Abanye abazalwane baye bathola izibusiso zokuba senkonzweni yakwamanye amazwe, bakha amagatsha kwamanye amazwe. Omunye umbhanqwana osukhonze ezabelweni ezingu-8 zakwamanye amazwe wabhala: “Abazalwane balapha bakahle kakhulu. Ziyoba buhlungu izinhliziyo zethu lapho sesihamba—ziyoba buhlungu okwesishiyagalombili. Siye sazijabulela kakhulu lezi zabelo!” Kukhona neSikole Sokuqeqeshelwa Inkonzo. Sinikeza abazalwane abafanelekayo abangashadile imfundo engokomoya. Omunye owathola khona iziqu wabhala: “Ngiphelelwa amazwi uma ngizama ukunibonga ngesikole esihle kangaka. Iyiphi enye inhlangano eyenza umzamo omkhulu kangaka wokuqeqesha abantu?”

21. Iyiphi inselele wonke amaKristu abhekene nayo enkonzweni yawo kuNkulunkulu?

21 Yebo, miningi iminyango yomsebenzi evulekile. Kuyiqiniso ukuthi iningi lethu alikwazi ukukhonza eBethel noma kwamanye amazwe. UJesu ngokwakhe wavuma ukuthi ngenxa yezimo ezingafani amaKristu ayeyothela amanani angalingani ‘ezithelo.’ (Mathewu 13:23) Ngakho, inselele esibhekene nayo njengamaKristu ukuzisebenzisa ngokugcwele izimo zethu—ukwenza konke izimo zethu ezisivumela ukukwenza enkonzweni kaJehova. Uma senza kanjalo, siyobe sinika uJehova inkazimulo, futhi singaqiniseka ukuthi uyojabula. Cabanga ngo-Ethel, udade osekhulile ohlala ekhaya labadala. Ufakaza njalo kwabanye ahlala nabo abuye afakaze nangocingo. Naphezu kokulinganiselwa kwakhe, inkonzo yakhe uyenza ngomphefumulo wonke.—Mathewu 22:37.

22. (a) Iziphi ezinye zezindlela esingamkhazimulisa ngazo uNkulunkulu? (b) Isiphi isikhathi esimangalisayo esisilindele?

22 Khumbula kodwa ukuthi ukushumayela kumane nje kungenye yezindlela esikhazimulisa ngazo uJehova. Senza inhliziyo kaJehova ijabule ngokuziphatha nangokubukeka ngendlela eyisibonelo emsebenzini, esikoleni nasekhaya. (IzAga 27:11) IzAga 28:20 ziyathembisa: “Umuntu wezenzo zokuthembeka uyothola izibusiso eziningi.” Ngakho kufanele ‘sihlwanyele kakhulu’ enkonzweni yethu kuNkulunkulu, sazi ukuthi siyovuna izibusiso eziningi. (2 Korinte 9:6) Uma senza kanjalo, siyoba nelungelo lokuphila ngaleso sikhathi esimangalisayo lapho “konke okuphefumulayo” kuyonikeza uJehova inkazimulo emfanele kangaka!—IHubo 150:6.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 14 Incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ikhishwa oFakazi BakaJehova.

Uyakhumbula?

• Abantu bakaNkulunkulu bamkhonza kanjani uJehova “ubusuku nemini”?

• Iyiphi inselele isizwe sakwaGadi esasibhekene nayo, futhi lokho kuwafundisani amaKristu namuhla?

• Inkonzo yasensimini iba kanjani isivikelo ekuhlaseleni kukaSathane?

• Imuphi ‘umnyango ovulekile’ abanye abaye bangena ngawo, futhi bathola ziphi izibusiso?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Njengoba abakwaGadi balwa namaviyo abaphangi, amaKristu kumelwe alwe nokuhlasela kukaSathane

[Isithombe ekhasini 17]

Sijabulela ubungane obakhayo enkonzweni yasensimini

[Izithombe ekhasini 18]

Ukuphayona kungavula umnyango oholela kwamanye amalungelo enkonzo, kuhlanganise:

1. Nenkonzo yakwamanye amazwe

2. Inkonzo yaseBethel

3. Nenkonzo yezithunywa zevangeli