Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Njengoba kuboniswe kweyoku-1 Samuweli 19:12,13, kungani uDavide, inceku kaJehova ethembekile, avumela umkakhe uMikhali ukuba abe nesithombe setherafi?

Okokuqala, ake sicabangele kafushane umongo wendaba. Lapho icebo leNkosi uSawule lokubulala uDavide lifika ezindlebeni zenkosikazi kaDavide, yasabela ngokushesha. IBhayibheli lithi: “UMikhali wehlisa uDavide ngefasitela, ukuze eqe futhi aphunyuke. Khona-ke uMikhali wathatha isithombe setherafi [ngokusobala esasilingana nomuntu futhi simé njengaye] wasibeka embhedeni, wabeka nenetha loboya bembuzi endaweni yekhanda lakhe, okwathi ngemva kwalokho wakwemboza ngengubo.” Lapho izithunywa zikaSawule zifika zizobamba uDavide, uMikhali wathi kuzo: “Uyagula.” Leli cebo lanika uDavide ithuba lokuba akwazi ukubaleka.—1 Samuweli 19:11-16.

Okwatholwa yisayensi yemivubukulo kusikisela ukuthi ezikhathini zasendulo, izithombe zamatherafi zazingagcinelwa injongo yokukhulekela kuphela kodwa nenjongo engokomthetho. Njengoba namuhla amatayitela noma izivumelwano ezibhaliwe kubonisa ukuthi umuntu unefa, nezithombe zamatherafi zazibonisa lokho kudala. Kusobala ukuthi ngaphansi kwezimo ezithile, ukuba nesithombe setherafi kwakungase kusho ukuthi umkhwenyana unelungelo elingokomthetho lokudla indawo yomukhwe wakhe ongasekho. Lokhu kungaba isizathu esenza ukuba uRaheli esikhathini esidlule, athathe izithombe zamatherafi zikayise, nokuba uyise afune kangaka ukuba zibuye. Kuleso senzakalo, umyeni kaRaheli, uJakobe, wayengazi ngalokho okwakwenziwe umkakhe.—Genesise 31:14-34.

Lapho ama-Israyeli eba isizwe, athola imiYalo Eyishumi, owesibili kuyo owawukwenqabela ngokuqondile ukwenza izithombe. (Eksodusi 20:4, 5) Kamuva, umprofethi uSamuweli wabhekisela kuwo lo mthetho lapho ekhuluma neNkosi uSawule. Wathi: “Ukudlubulunda kuyafana nesono sokubhula, nokuphikelela ngokugabadela kuyafana nokusebenzisa amandla angaqondakali namatherafi.” (1 Samuweli 15:23) Ngalesi sizathu, kubonakala kungenakwenzeka ukuthi kwa-Israyeli amatherafi ayengasasetshenziselwa amafa. Noma kunjalo, kusobala ukuthi le nkolelo-ze yamaJuda yasendulo yaqhubeka kweminye imikhaya yama-Israyeli. (AbaHluleli 17:5, 6; 2 AmaKhosi 23:24) Ukugcina kukaMikhali isithombe setherafi kusikisela ukuthi inhliziyo yakhe yayingaphelele kuJehova. Kungenzeka ukuthi uDavide wayengazi ngesithombe setherafi noma wayesishalazelela ngoba uMikhali eyindodakazi yeNkosi uSawule.

Umbono kaDavide ngokuzinikela okuphelele kuJehova ubonakala kula mazwi: “UJehova mkhulu futhi kumelwe adunyiswe kakhulu, kumelwe esatshwe ngaphezu kwabo bonke abanye onkulunkulu. Ngoba bonke onkulunkulu bezizwe bangonkulunkulu abangasizi ngalutho. Kepha uJehova, wenza amazulu.”—1 IziKronike 16:25, 26.

[Isithombe ekhasini 29]

Umyalo wesibili emiYalweni Eyishumi wawukwenqabela ukwenza izithombe njengaleli therafi eliboniswe lapha

[Umthombo]

From the book The Holy Land, Vol. II, 1859