Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Iyiphi Inkolo Okufanele Uyikhethe?

Iyiphi Inkolo Okufanele Uyikhethe?

Iyiphi Inkolo Okufanele Uyikhethe?

‘IZINKOLO ezihlukahlukene zimane ziyizindlela ezihlukahlukene eziya endaweni eyodwa. Iqiniso liwukuthi munye kuphela uNkulunkulu, akunjalo?’ Abantu abaningi abanalowo mbono yilabo abakholelwa ukuthi akubalulekile ngempela ukuthi iyiphi inkolo umuntu ayikhethayo, nakuba kubalulekile ukuba ilungu lenkolo ethile.

Ekuqaleni, lokhu kungase kuzwakale kunengqondo, njengoba kuyiqiniso ukuthi munye kuphela uNkulunkulu, uMninimandla Onke. (Isaya 44:6; Johane 17:3; 1 Korinte 8:5, 6) Nokho, singekushalazelele ukungefani okusobala—ngisho nokuphikisana—emaqenjini amaningi enkolo athi akhonza uNkulunkulu weqiniso. Inqubo yawo, izinkolelo, izimfundiso nezimfuneko zawo kuhlukene kakhulu. Umehluko mkhulu kangangokuthi amalungu enye inkolo noma elinye iqembu akuthola kunzima ukuqonda noma ukwamukela okufundiswa noma okukholelwa amanye.

Ngakolunye uhlangothi, uJesu wathi: “UNkulunkulu unguMoya, futhi abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Ingabe ukukhulekela uNkulunkulu ngeqiniso kuyakuvumela ukuba kube nohide lwemibono ephikisanayo mayelana nokuthi uNkulunkulu ungubani, ukuthi ziyini izinjongo zakhe nokuthi ufuna ukukhulekelwa kanjani? Ingabe kunengqondo ukukholelwa ukuthi akusho lutho kuNkulunkulu uMninimandla Onke ukuthi simkhulekela kanjani?

AmaKristu Eqiniso Endulo Namanje

Ngezinye izikhathi amaKristu ekhulu lokuqala ayeba nemibono engafani ngezinto. Ngokwesibonelo, ekhuluma ngamaKristu aseKorinte, umphostoli uPawulu wathi: “Ngabikelwa ngani, bazalwane, yilabo bendlu kaKlowe, ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwenu. Engikushoyo yilokhu, ukuthi yilowo nalowo kini uthi: ‘Mina ngingokaPawulu,’ ‘Mina ngingoka-Apholo,’ ‘Mina ngingokaKhefase,’ ‘Mina ngingokaKristu.’”—1 Korinte 1:11, 12.

Ingabe uPawulu wabheka lokhu kwahlukana njengokungasho lutho? Ingabe yilowo nalowo wayemane nje ezenzela ngendlela yakhe ukuze asindiswe? Lutho neze! UPawulu weluleka: “Ngiyanikhuthaza, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nonke nikhulume ngokuvumelana, nokuba kungabi nakuhlukana phakathi kwenu, kodwa ukuba nihlangane ngokufanele emqondweni ofanayo nasendleleni efanayo yokucabanga.”—1 Korinte 1:10.

Kuyiqiniso ukuthi ukuba nezinkolelo ezifanayo ngeke kwenzeke ngokuphoqelelwa. Kwenzeka kuphela uma abantu bezihlolisisa izinto bese befinyelela iziphetho ezifanayo futhi bazamukele. Ngakho, isifundo somuntu siqu seZwi likaNkulunkulu nesifiso esiqotho sokusebenzisa okufundiwe kuyizinyathelo ezibalulekile ukuze kube nobunye uPawulu akhuluma ngabo. Bungatholakala yini lobo bunye? Njengoba sesibonile, sekuyisikhathi eside uNkulunkulu esebenzelana nabantu bakhe beyiqembu. Ungakwazi yini ukulibona lelo qembu namuhla?

Izinzuzo Zokuzihlanganisa Neqembu Elifanele

Umhubi uDavide wake wabuza: “O Jehova, ngubani oyoba yisimenywa etendeni lakho? Ngubani oyohlala entabeni yakho engcwele?” Lowo ngempela umbuzo okwenza ucabangisise. UDavide waphendula: “Yilowo ohamba ngokungenaphutha futhi okwenza umkhuba ukulunga futhi okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe.” (IHubo 15:1, 2) Ukuliqonda kahle iBhayibheli kuyokwenza umuntu akwazi ukubona inkolo ehambisana nalezo zimfuneko zikaNkulunkulu. Khona-ke, ngokuzihlanganisa nalelo qembu, umuntu uyojabulela ubudlelwane nabantu abakhulekela uNkulunkulu ngobunye, “ngomoya nangeqiniso.”

OFakazi BakaJehova baye babonisa ukuthi ngisho nakuleli zwe lanamuhla elinokwahlukana kungenzeka ukuba abantu babe nezinkolelo ezifanayo nokuba benze izinto ngobunye. Phakathi kwabo kukhona abaningi ababengamalungu ezinkolo nezinhlanga ezihlukahlukene. Ngaphambi kokuba babe oFakazi, abanye babekholelwa ukuthi uNkulunkulu akaziwa noma akekho. Abanye babengenandaba nenkolo. Kuzo zonke lezi zinkolo, amasiko namafilosofi angefani, kuye kwavela abantu manje abasenkolweni enobunye obungekho kwenye indawo emhlabeni.

Isisekelo salobo bunye iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Yiqiniso, oFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi abanakubatshela abanye ukuthi benzeni. Kodwa bayalazisa ilungelo lokukhuthaza abanye ukuba bafunde iBhayibheli ukuze izinqumo abazenzayo ngezindaba zokukhulekela bazisekele kulesi sisekelo esiqinile. Ngale ndlela, abaningi bangathola izinzuzo zokukhonza uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso.”

Namuhla, ingozi yokuthola amathonya nezihibe ezilimazayo inkulu. Kubalulekile ukukhetha uhlobo olufanele lwabantu. IBhayibheli lithi “ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha” libuye lithi “ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33) Ukuzihlanganisa nabakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso kuyisivikelo. Ngakho, iBhayibheli liyasikhumbuza: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.” (Hebheru 10:24, 25) Yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani lapho abangane beqiniso, odade nabazalwane besizana ngothando benza lokho okufanele bakwenze phambi kukaNkulunkulu!

U-Ottmar uyakufakazela lokhu. Wakhulela emkhayeni ongamaKatolika eJalimane, kodwa wayeka ukuya esontweni. Uyachaza: “Njalo lapho ngiye esontweni, ngangingena ngingazi lutho ngiphume ngingazi lutho.” Noma kunjalo, akazange aphelelwe ukholo kuNkulunkulu. Kamuva wahlangana noFakazi BakaJehova futhi waqiniseka ukuthi bayizikhonzi zikaNkulunkulu zeqiniso. Wabona kudingekile ukuba azihlanganise nabo. Manje uthi: “Ngenxa yokuba senhlanganweni yomhlaba wonke, ngijabulela ukuthula kwengqondo nokwenhliziyo. Ngiyasizwa ngokuqhubekayo ukuba ngibe nolwazi lweBhayibheli olunembe kakhudlwana. Lokho kuyinto engiyazisa kakhulu.”

Isimemo Kwabathungathayo

Abantu ababambisene abasebenza ngokuvumelana njengeqembu bangenza umsebenzi kahle kakhulu kunabantu abasebenza ngokwahlukana yilowo nalowo ngendlela yakhe. Ngokwesibonelo, lapho ehamba uJesu wayala abalandeli bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) Ubungenziwa kanjani ngokuphumelelayo lo msebenzi ukube besingekho isiqondiso noma inhlangano? Umuntu ubengawulalela kanjani lo myalo ongokomBhalo uma ubezama ukukhonza uNkulunkulu eyedwa?

Ngonyaka odlule, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bahambisa izincwadi nezincwajana ezisekelwe eBhayibhelini ezingu-91 933 280, kanye nomagazini abangu-697 603 247, ngaleyo ndlela bazisa izigidi zabantu ngomyalezo ovela eZwini likaNkulunkulu emazweni angu-235. Ngempela lokhu kuwubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi imizamo yeqembu ebumbene, ehlelekile ifeza okukhulu kakhulu kunemizamo yomuntu oyedwa ongabambisene namuntu.

Ngaphezu kokuhambisa izincwadi zeBhayibheli, oFakazi BakaJehova baqhuba izifundo zeBhayibheli mahhala ukuze basize abantu ukuba bakuqonde kahle lokho uNkulunkulu akufunayo. Ngonyaka odlule, kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-5 726 509 isonto ngalinye, ziqhutshelwa abantu noma amaqembu. Lo myalo weBhayibheli usize izigidi zabantu ukuba zithole isisekelo esiqinile ezingenza ngaso izinqumo ezindabeni zokukhulekela. Uyamenywa ukuba ufunde ngezimfuneko zikaNkulunkulu eziseBhayibhelini. Khona-ke, ungazikhethela.—Efesu 4:13; Filipi 1:9; 1 Thimothewu 6:20; 2 Petru 3:18.

Uma ufuna ukujabulisa uNkulunkulu, ukuzihlanganisa nenkolo kubalulekile—kodwa hhayi nanoma iyiphi inkolo noma ihlelo. Ukukhetha kwakho inkolo kudingeka kusekelwe olwazini lweBhayibheli olunembile, hhayi ezimfundisweni ezingenabufakazi noma inzwa bethi. (IzAga 16:25) Funda ukuthi ziyini izimfuneko zenkolo yeqiniso. Ziqhathanise nezinkolelo zakho, bese ukhetha ngokuvumelana nazo.—Duteronomi 30:19.

[Izithombe ekhasini 7]

OFakazi BakaJehova bajabulela ubunye ezweni elinokwahlukana