Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwenziwe Noma Kungenziwa Kwabanye?

Kwenziwe Noma Kungenziwa Kwabanye?

Kwenziwe Noma Kungenziwa Kwabanye?

“ONGAFUNI kwenziwe kuwe, ungakwenzi kwabanye.” Lesi simiso sokuziphatha kuthiwa sashiwo uConfucius owayenguthisha odumile waseShayina futhi eyisazi sefilosofi. Nanamuhla, nakuba sekudlule cishe iminyaka engaba ngu-2 500, abaningi basanamathele emfundisweni yokuthi umuntu usuke esifezile isibopho sakhe uma emane nje wagwema ukwenza into engalimaza abanye.

Kuyavunywa, lesi simiso sokuziphatha sikaConfucius sinabo ubuhle obuthile. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli lembula esinye isici ekuziphatheni kwabantu nasekusebenzelaneni kwabo. Ngaphandle kwalokho okungase kubizwe ngokuthi ukona ngokwenza, okungukuthi, ukwenza okubi kwabanye abantu, iBhayibheli likhuluma ngokona ngokungenzi. Umfundi ongumKristu uJakobe wabhala: “Uma umuntu azi ukuthi angakwenza kanjani okuhle kodwa angakwenzi, kuyisono kuye.” (Jakobe 4:17) Kunokuba amane nje ayale amaKristu ukuba angakwenzi okubi kwabanye, uJesu Kristu wanikeza lesi seluleko: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12.

Ekuqaleni uNkulunkulu wayehlose ukuba wonke umuntu aphathe abanye ngendlela abengathanda ukuphathwa ngayo. Wabeka isibonelo esihle kakhulu ekuboniseni ukukhathalela inhlalakahle yabanye ngendlela adala ngayo abantu: “UNkulunkulu wabe esemdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala kwaba owesilisa nowesifazane.” (Genesise 1:27) Lokhu kusho ukuthi ngothando uNkulunkulu wadala kubantu unembeza, okwakuyothi uma uqeqeshwe kahle, ubaqondise ukuba baphathe abanye ngendlela ababengathanda ukuphathwa ngayo.

Abaningi namuhla bahlupheka ngendlela engenathemba futhi abanalusizo ngenxa yezenzo zabantu abangacabangi nabanobugovu. Ngokusobala, okudingekayo kungaphezu kokumane nje singakwenzi okubi nokulimaza abanye, kodwa kunalokho, senze okuhle nokuwusizo kubo. Ngenxa yalokhu, ngokuzithandela oFakazi BakaJehova bathatha isinyathelo sokusiza abanye bafunde ngethemba elimangalisayo elitholakala eZwini likaNkulunkulu. Lapho bevakashela omakhelwane babo nezindaba ezinhle ezivela eBhayibhelini, lokho bakwenza ngomoya wothando, benza kwabanye lokho abebengathanda ukuba kwenziwe kubo.