Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Welelani Nganeno Nisisize’

‘Welelani Nganeno Nisisize’

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

‘Welelani Nganeno Nisisize’

NGO-JULY 2OOO, oFakazi abakhuluma isiJalimane base-Austria, eJalimane, nabaseSwitzerland bamenywa ukuba baye eBolivia. Ngani? Ngoba amaMennonite akhuluma isiJalimane ahlala ezindaweni zabalimi ezikude, eziqhele ngamakhilomitha angu-300 uma usuka eSanta Cruz, eBolivia, ayebonisa isithakazelo esijulile eBhayibhelini.

OFakazi abangaba ngu-140 basamukela leso simemo. Abanye bahlala khona amasonto ambalwa, kanti abanye bahlala unyaka noma ngaphezulu. Ngokwenza kanjalo, bábonisa umoya ofana nalowo owaboniswa izithunywa zevangeli zangekhulu lokuqala leminyaka ezamukela lesi simemo: “Welela eMakedoniya usisize.”—IzEnzo 16:9, 10.

Kunjani ukusebenza kuleyo nsimu? Umdala ebandleni lakuleyo ndawo uyachaza: “Ukuya kwenye yezindawo zamaMennonite ezingu-43 kungaba uhambo olude oluthatha amahora angaba ngu-8 emigwaqweni ewubhuqu ngemoto edonsa ngawo omane amasondo. Ukuya ezindaweni ezithe ukuqhela kakhudlwana ngokuvamile kuthatha izinsuku ezine uhambe ulala ematendeni ngobunye ubusuku. Kodwa yonke leyo mizamo ayisho lutho, ngoba akukho noyedwa kulaba bantu owake wazizwa izindaba ezinhle ngaphambili.”

Ekuqaleni, iningi lamaMennonite alizange likujabulele lokhu kuhanjelwa. Kodwa imizamo ephindaphindiwe iye yawasiza ukuba aqonde ukubaluleka kwalokho oFakazi abawaphathele kona. Ngokwesibonelo, omunye umlimi wathi sekuphele unyaka efunda i-Phaphama! Wabe esenezela: “Ngiyazi ukuthi abantu abaningi lapha abavumelani nalokho enikushoyo, kodwa mina ngiyakholwa ukuthi lokho enikushoyo kuyiqiniso.” Kwenye indawo, indoda ethile yathi: “Abanye bomakhelwane bami bathi nina ningabaprofethi bamanga, kanti abanye bathi nikhuluma iqiniso. Ngifuna ukuzitholela ngokwami amaqiniso.”

Manje sekunebandla lesiJalimane eBolivia, elinabamemezeli abangu-35, kuhlanganise nabashumayeli bevangeli besikhathi esigcwele abangu-14. Kuze kube manje, sekunabamemezeli boMbuso abangu-14 ababengamaMennonite, kanti amanye amaMennonite angu-9 eza njalo emihlanganweni. Enye indoda esikhulile eyayisanda kubhapathizwa yathi: “Sisibona ngokucacile isiqondiso sikaJehova. Uye wathumela abazalwane nodade abakhuluma isiJalimane abanolwazi oluhle ukuba bazosisiza. Asive sibonga.” Indodakazi yale ndoda eneminyaka engu-17 ubudala, nayo eyayisanda kubhapathizwa, yanezela: “Intshiseko yabazalwane nodade abasebasha abaye beza lapha iyathelelana. Abaningi babo bangamaphayona, futhi beza lapha ngemali yabo nangesikhathi sabo ukuze bazosiza abanye. Lokhu kungenza ngifune ukwenza okufanayo.”

Ngokuqinisekile, labo ábenza umzamo ‘bawelela nganeno’ ukuze bayosiza bathola umvuzo wenjabulo nokwaneliseka okukhulu.