Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abathweswa Iziqu EGileyadi Baya Kovuna Njengezisebenzi Ezishisekayo!

Abathweswa Iziqu EGileyadi Baya Kovuna Njengezisebenzi Ezishisekayo!

Abathweswa Iziqu EGileyadi Baya Kovuna Njengezisebenzi Ezishisekayo!

“UKUVUNA kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Mathewu 9:37, 38) Lawo mazwi aba nencazelo ekhethekile kubafundi ababethweswa iziqu ekilasini le-116 le-Watchtower Bible School of Gilead njengoba babelungiselela ukuya ezabelweni zabo zezithunywa zevangeli.

NgoMgqibelo, ngo-March 13, 2004, kwakunabantu abangu-6 684 ababebuthene e-Watchtower Educational Center ePatterson, eNew York, nasezindaweni ezazixhunywe nge-satellite, beze esimisweni sokuthweswa iziqu, lapho ikilasi lathola khona isiyalo nesikhuthazo sokuvalelisa. Sonke singazuza eselulekweni esanikezwa lapho, njengoba nathi sisebenza ngentshiseko ekuvuneni okungokomoya.

Emazwini akhe okuvula, uTheodore Jaracz, oyilungu leNdikimba Ebusayo nowathweswa iziqu ekilasini lesikhombisa laseGileyadi, waqokomisa amazwi kaJesu: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” (Mathewu 28:19, 20) Yeka indlela okwakufaneleka ngayo lokho njengoba abafundi babethunyelwa emazweni angu-20 ahlukahlukene! Wakhumbuza abafundi ukuthi imfundo evela eZwini likaNkulunkulu ibahlomisé ngokuphelele ukuba babe izisebenzi ezishisekayo ekuvuneni okungokomoya okubaluleke kunakho konke.—Mathewu 5:16.

Indlela Yokuba Yizisebenzi Zokuvuna Ezikhiqizayo

Isikhulumi sokuqala esimisweni kwakunguRobert Wallen, oseneminyaka eminingi esebenzelana eduze neSikole SaseGileyadi. Ekhulumela isihloko esithi “Ubuhle Bemfanelo Yesihawu,” watshela abafundi: “Isihawu siwulimi olungazwiwa ngisho nayisithulu, olungabonwa ngisho nayimpumputhe.” UJesu wayekwazi kahle ukucindezeleka kwabanye futhi wayefuna ukukudambisa. (Mathewu 9:36) Abafundi bazothola amathuba amaningi okwenza njengoJesu—emsebenzini wokushumayela, ebandleni, ekhaya lezithunywa zevangeli, nasemishadweni yabo siqu. Isikhulumi sabanxusa: “Vumelani ubuhle bemfanelo yesihawu buzibonakalise ekuphileni kwenu njengoba nikhonza abanye. Ukuziphatha kwenu okuhle kuwukuphela kwento efaneleka kakhulu ekuphileni kwansuku zonke ekhaya lezithunywa zevangeli. Ngakho-ke, zimiseleni ukugqoka isihawu.”—Kolose 3:12.

Kwabe sekulandela uGerrit Lösch, oyilungu leNdikimba Ebusayo nowathweswa iziqu ekilasini lama-41 laseGileyadi, wakhuluma ngesihloko esithi “Abamemezeli Bensindiso.” (Isaya 52:7) Ukuze abantu basinde lapho isimiso sezinto samanje sibhujiswa, kumelwe bangenise ulwazi olunembile oluseZwini likaNkulunkulu, bavume obala ukholo lwabo, bese bebhapathizwa. (Roma 10:10; 2 Thimothewu 3:15; 1 Petru 3:21) Nokho, isizathu esiyinhloko sokumemezela insindiso siwukuletha udumo kuNkulunkulu, hhayi ukusindisa abantu. Ngakho, uMfoweth’ uLösch wayala labo ababezoba izithunywa zevangeli: “Hambisani isigijimi soMbuso emikhawulweni yomhlaba, nibe abamemezeli bensindiso abashisekayo, kube udumo kuJehova.”—Roma 10:18.

ULawrence Bowen, ofundisa eGileyadi, waphakamisa umbuzo: “Ukhanya Kangakanani?” Wabhekisela emazwini kaJesu alotshwe kuMathewu 6:22 wabe esekhuthaza abafundi ababethweswa iziqu ukuba bagcine iso labo “lilihle” ukuze “babonise ukukhanya okungokomoya okukhazimulisa uJehova nokuzuzisa abanye abantu.” Kusukela ekuqaleni kwenkonzo yakhe, uJesu wabeka isibonelo esiphelele kulokhu ngokuhlala njalo egxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Ukuzindla ngezinto ezimangalisayo ayezifundiswe uYise ezulwini kwamsiza ukuba akhuthazelele ukuvivinywa uSathane ehlane. (Mathewu 3:16; 4:1-11) UJesu wabonisa ukuthi wayethembele kuJehova ngokuphelele lapho efeza lokho uNkulunkulu ayemthume ukuba akwenze. Ngokufanayo, ukuze zikwazi ukubhekana nezinselele ezingaphambili, izithunywa zevangeli kumelwe ziqhubeke nemikhuba emihle yokutadisha iBhayibheli futhi zithembele ngokugcwele kuJehova.

UMark Noumair, ofundisa eGileyadi nowathweswa iziqu ekilasini lama-77, waphetha lolu chungechunge lwezinkulumo ngenkulumo enesihloko esithi “Yithi Laba Sisesandleni Sakho.” (Joshuwa 9:25) Wakhuthaza abafundi ukuba balingise isimo sengqondo sabaseGibheyoni lasendulo. Nakuba iGibheyoni “laliwumuzi omkhulu . . . futhi wonke amadoda akhona ayengabantu abanamandla,” abaseGibheyoni abazange bafune udumo noma balindele ukuba izinto zenzeke ngendlela yabo. (Joshuwa 10:2) Bakhonza ngokuzimisela ‘njengabathezi bezinkuni nabakhi bamanzi’ ngaphansi kwamaLevi ekusekeleni ukukhulekelwa kukaJehova. (Joshuwa 9:27) Namalungu ekilasi elithweswa iziqu kunjengokungathi aye athi kuJoshuwa Omkhulu, uJesu Kristu, “Yithi laba sisesandleni sakho.” Manje, njengoba ezoqala izabelo zawo kwamanye amazwe, kudingeka amukele noma yimuphi umsebenzi uJoshuwa Omkhulu awanika wona.

Okuhlangenwe Nakho Nezingxoxo

UWallace Liverance, owathweswa iziqu ekilasini lama-61 laseGileyadi nongomunye wabafundisayo, waba nengxoxo neqembu labafundi ngesihloko esithi “Ukuyikhanyisa Ngokugcwele ImiBhalo.” Balandisa futhi babonisa okuhlangenwe nakho ababekujabulele enkonzweni yasensimini phakathi nesikole. Kwaba sobala ukuthi ukuyitadisha ngokujulile imiBhalo ezinyangeni ezinhlanu zokuqeqeshwa kwabo, kwakufinyelele inhliziyo yabo futhi kwabashukumisela ukuba bakuhlanganyele nabanye lokho ababekufundile. (Luka 24:32) Phakathi nalezo zinyanga ezinhlanu, omunye umfundi wakwazi ukukuhlanganyela nomfowabo wenyama lokho ayekade ekufunda. Lokho kwamkhuthaza umfowabo ukuba afune ibandla lendawo, aqale nokutadisha iBhayibheli. Manje useye wafanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe.

Ngemva kwalokho okuhlangenwe nakho, uRichard Ashe noJohn Gibbard baxoxa nabambalwa asebekhonze uJehova ngokwethembeka isikhathi eside, okwakukhona kubo ababonisi abajikelezayo ababethola ukuqeqeshwa okukhethekile e-Watchtower Educational Center. Babethweswe iziqu emakilasini angaphambili eSikole SaseGileyadi. Omunye wakhumbula ukuthi uMfoweth’ uKnorr wayeke washo lokhu phakathi nesikole: “Kuningi enizokufunda eGileyadi. Kodwa uma niphuma lapha nikhukhumele, siyobe sihlulekile. Sifuna ukuba niphume ninenhliziyo enothando.” Laba bazalwane abajikelezayo beluleka leli kilasi ukuba libakhathalele abantu nezidingo zabo, liphathe abanye ngendlela uKristu abaphatha ngayo, futhi liwamukele ngokuthobeka noma imuphi umsebenzi eliwunikwayo. Akungabazeki ukuthi ukusebenzisa lesi seluleko kuyozisiza izithunywa zevangeli ezintsha ukuba zikhiqize ezabelweni zazo.

Hambani Niyovuna Njengezisebenzi Ezishisekayo!

Izilaleli zaba nethuba lokuzwa uStephen Lett, elinye ilungu leNdikimba Ebusayo. Wabeka inkulumo eyinhloko esimisweni, eyayinesihloko esithi “Hambani Niyovuna Njengezisebenzi Ezishisekayo!” (Mathewu 9:38) Ekuvuneni okungokoqobo, isikhathi sokuvuna sisuke silinganiselwe. Kuba nesidingo sokuba abavuni basebenze kanzima. Yeka indlela okubaluleke kakhulu ngayo lokho phakathi nesiphelo salesi simiso sezinto! Ekuvuneni okukhulu okungokomoya, ukuphila kusengozini. (Mathewu 13:39) UMfoweth’ uLett wakhuthaza abafundi ukuba ‘bangavilaphi emsebenzini wabo,’ kunalokho ‘bavuthe emoyeni,’ babe “izigqila zikaJehova” kulokhu kuvuna okungasoze kwaphindwa. (Roma 12:11) Isikhulumi sacaphuna amazwi kaJesu: “Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa.” (Johane 4:35) Sabe sesikhuthaza abafundi ukuba babonise ukuwushisekela kwabo lo msebenzi wokuvuna ngokwenza umzamo oqotho wokufinyelela abantu ngesikhathi abatholakala ngaso nalapho betholakala khona, nangokusebenzisa wonke amathuba okushumayela ngokwethukela. Ukuphaphamela ukwakha amathuba okushumayela kungasiza ekufakazeni ngokuphumelelayo. UJehova unguNkulunkulu oshisekayo, futhi ulindele ukuba sonke simlingise, sisebenze kanzima kulokhu kuvuna okungokomoya.—2 AmaKhosi 19:31; Johane 5:17.

Ekuphetheni isimiso, usihlalo, uMfoweth’ uJaracz, wafunda imikhonzo evela emahhovisi amagatsha ahlukahlukene, wabe esenika abafundi ama-diploma abo. Omunye wabafundi wafunda incwadi evela ekilasini, eyayibonisa ukwazisa okujulile ngokuqeqeshwa elalikutholile. Ngokusobala, isimiso sokuthweswa iziqu kwekilasi le-116 sabangela bonke ababekhona ukuba bazimisele kakhudlwana ukuya kovuna njengezisebenzi ezishisekayo.

[Ibhokisi ekhasini 25]

IMINININGWANE YEKILASI

Inani lamazwe amelelwe: 6

Inani lamazwe ababelwe kuwo: 20

Inani labafundi: 46

Isilinganiso seminyaka yobudala: 34,2

Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 17,2

Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 13,9

[Isithombe ekhasini 26]

Ikilasi Le-116 Elithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead

Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Ceansu, R.; Sparks, T.; Piña, C.; Turner, P.; Cheney, L. (2) Suardy, M.; Sjöqvist, Å.; Amadori, L.; Smith, N.; Jordan, A.; Boissonneault, L. (3) Matlock, J.; Ruiz, C.; Dular, L.; Vigneron, M.; Henry, K. (4) Sjöqvist, H.; Laux, J.; Ruzzo, J.; Gustafsson, K.; Boissonneault, R.; Jordan, M. (5) Henry, D.; Turner, D.; Kirwin, S.; Florit, K.; Ceansu, S. (6) Amadori, S.; Cheney, J.; Ross, R.; Nelson, J.; Ruiz, J.; Vigneron, M. (7) Florit, J.; Matlock, D.; Ross, B.; Laux, C.; Ruzzo, T.; Dular, D.; Kirwin, N. (8) Gustafsson, A.; Nelson, D.; Suardy, W.; Piña, M.; Smith, C.; Sparks, T.