Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ifa Eliyigugu Kunawo Wonke

Ifa Eliyigugu Kunawo Wonke

Ifa Eliyigugu Kunawo Wonke

NGASEKUPHELENI kokuphila kwakhe, umphostoli uJohane owayesekhulile wabhala: “Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezi zinto, ukuba ngizwe ukuthi abantwana bami bayaqhubeka behamba eqinisweni.”—3 Johane 4.

Lo mphostoli othembekile wayekhuluma ngabantwana bakhe ngomqondo ongokomoya. Nokho, abazali abaningi bangavumelana namazwi akhe. Baye basebenza kanzima bekhulisa abantwana babo “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova,” futhi manje kuyabajabulisa ukubona abantwana babo asebekhulile “behamba eqinisweni.” (Efesu 6:4) Empeleni, ukufundisa abantabakho indlela eya ekuphileni okuphakade kuwukubapha ifa eliyigugu kunawo wonke. Lokhu kungenxa yokuthi ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, okuhlanganisa ukuphila ngendlela uJehova afuna amaKristu aphile ngayo, “kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.”—1 Thimothewu 4:8.

UJehova, uBaba ophelele, ubazisa kakhulu abazali abesaba uNkulunkulu abazama kanzima ufundisa izingane zabo ngokomoya. Lapho izingane zilalela, zithola injabulo enkulu ekuphishekeleni ukukhulekela kweqiniso zikanye nabazali bazo. Njengoba ziya zivuthwa, ziqongelela izinkumbulo ezimnandi zezikhathi ezinjalo. Ezinye zisikhumbula ngenjabulo isikhathi ezabeka ngaso inkulumo yazo yokuqala eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. * Noma mhlawumbe zikhumbula isikhathi lapho ziqala ukufunda iBhayibheli enkonzweni yendlu ngendlu zihamba nomunye wabazali bazo. Zingazikhohlwa kanjani nje izikhathi lapho zazizwa abazali bazo bezifundela Incwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli noma ethi Ukulalela UMfundisi Omkhulu! * UGabriel ukhumbula into ayeyithanda kakhulu: “Lapho ngineminyaka emine kuphela ubudala, umama wayengiculela nsuku zonke lapho epheka. Kunengoma yoMbuso engisayikhumbula ngemizwa ejulile. Kamuva, yangisiza ukuba ngibone ukubaluleka kwenkonzo kaJehova.” Mhlawumbe nawe uyayikhumbula le ngoma emnandi uGabriel akhuluma ngayo. Yingoma 157 encwadini yamaculo ethi Hubani Izindumiso ZikaJehova, enesihloko esithi “Khonza UJehova Usemusha.”

Le ngoma iqala ithi: “Abasha badumis’ uJehova;/Bahalalisela iNdodana.” Ngempela, zikhona izingane ezaba nelungelo lokuba noJesu, futhi cishe kwamjabulisa ukuba kwazo eziqabulayo neziqotho. UJesu waze wasebenzisa nokufundiseka kwezingane ezincane njengesibonelo sokulingiswa abalandeli bakhe. (Mathewu 18:3, 4) Ngakho izingane zinendawo efanele ekukhulekeleni uJehova. Empeleni, amazwi engoma ayaqhubeka: “Bantwana dumisani iNkosi.”

Ngokuziphatha kwazo okuyisibonelo—ekhaya, esikoleni nakwezinye izindawo—izingane eziningi ziye zaletha udumo kuNkulunkulu nasemikhayeni yakubo. Yeka ukuthi kube isibusiso kanjani kuzo ukuba ‘nabazali abathand’ uJehova.’ (Duteronomi 6:7) Abazali abesaba uNkulunkulu benza lokho okushiwo uNkulunkulu, ofundisa izidalwa zakhe ukuhamba endleleni okufanele zihambe ngayo, njengoBaba onothando. Futhi yeka isibusiso esitholwa abazali! Njengoba nabo befundisa izingane emikhayeni yabo, yeka indlela okubajabulisa ngayo ukuba nezingane ezibalalelayo ‘nezibajabulisayo’! (Isaya 48:17, 18) U-Angélica, manje okhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico, uthi: “Abazali bami babezama njalo ukuphila ngokwezimiso zeBhayibheli. Lokho kwenza isikhathi sami sokuba ingane saba mnandi kakhulu. Ngangijabula.”

AmaKristu anjalo ayavuma ukuthi kuwufanele umzamo ukulinakekela kahle ifa lakho elingokomoya. Mhlawumbe ungosemusha okhulela emkhayeni onezindinganiso zamaKristu eqiniso. Uma kunjalo, yona le ngoma iyakuyala: “MaKristu amasha cocekani.” Sizofika isikhathi lapho uzozenzela khona izinqumo; okwamanje ‘funda uk’thembel’ eNkosini./Udumo lwezwe ungalulweni.’

Uma ngephutha ubeka udumo lwezwe kuqala ekuphileni kwakho, konke ukuqeqeshwa kwakho kungaba yize futhi ungonakalisa namathemba akho ekusasa. Isifiso sokuduma singaholela ekudebeseleleni ukuqapha. Abanye baye bagcina sebezihlanganisa nalabo ababonakala bengabantu abalungile nabanogazi, bebe bengenasithakazelo ezindinganisweni zobuKristu. Lokho kwabonakala kuTara, umlingiswa oyinhloko kuyi-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends? NjengoTara, noma imuphi umKristu osemusha ozihlanganisa nalabo abangakwazisi ukukhulekela kweqiniso uzothola kungakabiphi ukuthi “abangan’ ababi bayingozi,” njengoba le ngoma isho. Kuthatha iminyaka eminingi ukwakha imikhuba emihle, kodwa ingonakaliswa ngokushesha.

Kuyavunywa, ukuphila kokwesaba uNkulunkulu akulula. Noma kunjalo, njengoba ingoma iqhubeka ithi, “manikhumbul’ iNkosi nibasha,/Niy’khonze njalo ngokwethembeka,” niyozakhela isisekelo esiqinile sempumelelo yangempela. Futhi “niyothokoza senikhulile.” Niyoqonda nakakhulu ukuthi ngaphansi kokunakekelwa uJehova ngothando, akukho lutho olunganivimba ekwenzeni okulungile emehlweni akhe. Iyona ndlela leyo yokuba ngumuntu omdala ovuthiwe, owesaba uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ukukusebenzisa ngokuhlakanipha ukuqeqeshwa kobuKristu kukunika ithuba ‘lokwenz’ uNkulunkulu ajabule.’ Iliphi elinye ilungelo umuntu angaba nalo?—IzAga 27:11.

Ngakho-ke, basha, khumbulani njalo indlela okubaluleke ngayo ukuqeqeshwa enikuthola kuJehova nakubazali benu abangamaKristu. Kwangathi uthando lwabo olukhulu ngani lunganishukumisela ukuba nenze okujabulisayo phambi kukaJehova. NjengoJesu Kristu noThimothewu osemusha othembekile, niyojabulisa uYihlo osezulwini nabazali benu basemhlabeni. Futhi uma uyoke ube umzali nawe, cishe uyovumelana no-Angélica, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, owathi: “Uma kwenzeka ngiba nengane, ngiyozama kanzima ukufaka uthando ngoJehova enhliziyweni yayo isewusana, ngivumele lolo thando lube isibani esiyiqondisayo.” Ngokuqinisekile, indlela elungile eholela ekuphileni okuphakade iyifa eliyigugu kunawo wonke!

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Le ngxenye yesimiso semfundo yeBhayibheli eqhutshwa emabandleni oFakazi BakaJehova ingatholwa intsha nabantu abadala.

^ par. 4 Izincwadi okukhulunywa ngazo zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.