Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe IBhayibheli Lingakusiza Uqeqeshe Izingane Zakho?

Ingabe IBhayibheli Lingakusiza Uqeqeshe Izingane Zakho?

Ingabe IBhayibheli Lingakusiza Uqeqeshe Izingane Zakho?

IMBALI i-orchid yimbali enhle kakhulu, kodwa kunzima ukuyikhulisa. Ukuze uyikhulise ngokuphumelelayo, kudingeka ulawule ukushisa, ukubanda nokukhanya ekutholayo, uqiniseke nangokuthi ubukhulu besitsha oyitshale kuso bufanelekile. I-orchid ingafa uma isemhlabathini ongafanele noma ithelwa umanyolo ongafanele, futhi iyashesha ukubulawa izifo nezinambuzane. Ngakho, lapho umuntu eqala ukutshala i-orchid, kuvamile ukuba ife.

Ukukhulisa izingane kunzima futhi kuyinkimbinkimbi nakakhulu, kudinga nokuqikelela. Ngakho kuvamile ngabazali ukuba bangazi ukuthi bathathe ini bayihlanganise nani lapho kuziwa endabeni yokukhulisa izingane. Abazali abaningi banomuzwa wokuthi badinga usizo, njengomuntu otshala i-orchid odinga ukusizwa umuntu oyazi kahle le mbali. Ngokusobala, wonke umzali ufuna ukuthola isiqondiso esingcono kakhulu. Singatholakalaphi isiqondiso esinjalo?

Nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yokukhulisa izingane, uMdali waphefumulela abalobi balo ukuba bahlanganise nezeluleko eziningi eziwusizo ngale ndaba. IBhayibheli ligcizelela ukwenza imizamo yokwakha izimfanelo ezifiselekayo, abaningi abanomuzwa wokuthi zivame ukunganakwa. (Efesu 4:22-24) Mayelana nale ndaba, iseluleko esingokomBhalo sinikeza isici esiyisihluthulelo semfundo enokulinganisela. Iseluleko esinjalo sesizuzise abantu abaningi abaye basisebenzisa, kungakhathaliseki ukuthi babephila kuyiphi inkathi noma bakhula kanjani. Ngakho, ukulandela iseluleko esingokomBhalo kungakusiza uphumelele ekuqeqesheni izingane zakho.

Isibonelo Sabazali—Imfundo Engcono Kakhulu

“Ingabe wena ofundisa omunye, awuzifundisi wena? Wena, oshumayela uthi ‘Ungebi,’ ingabe uyeba? Wena, othi ‘Ungaphingi,’ ingabe uyaphinga?”—Roma 2:21, 22.

Usihlalo weBhodi Yemfundo YaseSeoul wathi: “Isibonelo samazwi nezenzo yimfundo engcono kakhulu enganikwa izingane.” Uma abazali bengabeki isibonelo esihle ngamazwi nangokuziphatha bese benika izingane zabo isiqondiso esithile, ngokushesha izingane zingacabanga ukuthi bangabazenzisi. Amazwi abazali ayovele angasho lutho. Ngokwesibonelo, uma abazali befuna ukufundisa ingane yabo ukwethembeka, nabo ngokwabo kumelwe bathembeke. Kuvame kakhulu ngabanye abazali ukuthi lapho bengafuni ukukhuluma nomuntu othile ocingweni, bavele bathi ingane ayithi, “Ubaba (noma umama) akekho.” Ingane etshelwa ukuba yenze lokhu iyozizwa ibophekile futhi ididekile. Ngokuhamba kwesikhathi, uma izithola impintshekile, ingase iqale ukuqamba amanga ngaphandle kokuzizwa kabi. Ngakho-ke, uma ngempela abazali befuna ingane yabo ibe umuntu othembekile, nabo ngokwabo kumelwe bakhulume iqiniso futhi benze ngokwamazwi abo.

Ingabe ufuna ingane yakho ikhulume ngenhlonipho? Kufanele-ke ubeke isibonelo esihle. Ingane yakho iyosheshe ikulingise. USung-sik, ubaba wezingane ezine, uthi: “Mina nomkami sanquma ukungalusebenzisi ulimi olungenanhlonipho. Sasibonisana inhlonipho futhi singathethisani ngisho nalapho sicasukile noma sithukuthele. Ukubeka isibonelo esihle yikona okwaphumelela kakhulu kunokufundisa ngomlomo. Siyajabula ngokuthi izingane zethu zinenhlonipho lapho zikhuluma nabanye.” KweyabaseGalathiya 6:7, iBhayibheli lithi: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” Abazali abafuna izingane zabo zibe nezindinganiso zokuziphatha eziphakeme kumelwe bona kuqala babonise ukuthi baphila ngokuvumelana nalezo zindinganiso.

Gcinani Ukukhulumisana Kukuhle

‘Kumelwe ugxilise imiyalo kaNkulunkulu kubantwana bakho futhi ukhulume ngayo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.’—Duteronomi 6:7.

Ukuthambekela kokusebenza amahora engeziwe kuyanda. Lapho bobabili indoda nenkosikazi besebenza, kungazithinta kakhulu izingane. Siyancipha isikhathi abazali abaningi abasichitha nezingane zabo. Lapho abazali besekhaya, kufanele benze umsebenzi wasekhaya neminye imisebenzi, ngakho bayakhathala. Ezimweni ezinjalo, ungakugcina kanjani ukukhulumisana kukuhle nezingane zakho? Amathuba okuxoxa angavela uma wena nezingane zakho nenza imisebenzi yasekhaya ndawonye. Enye inhloko yomkhaya yaze yayikhipha kwayo i-TV, ngokuyinhloko ukuze ikwazi ukuba nesikhathi esengeziwe sokuxoxa nezingane zayo. Yaphawula: “Ekuqaleni izingane zaziba nesizungu, kodwa njengoba ngangidlala imidlalo yama-puzzle nazo futhi sixoxa ngezincwadi ezithakazelisayo, zahamba zahamba zalwamukela lolu shintsho.”

Kubalulekile ukuba izingane ziqale zisencane ukujwayela ukuxoxa nabazali bazo. Kungenjalo, lapho izingane sezeve eshumini nambili futhi mhlawumbe ziqala ukubhekana nezinkinga, ngeke zicabange ngabazali bazo njengabangane ezingaxoxa nabo. Ungazisiza kanjani ukuba zivule izifuba zazo? IzAga 20:5 zithi: “Inhloso enhliziyweni yomuntu injengamanzi ajulile, kodwa umuntu onokuqonda uyoyikhipha.” Abazali bangakhuthaza izingane zabo ukuba ziveze imibono nemizwa yazo ngokusebenzisa imibuzo edinga imibono yazo, njengokuthi, “Wena ubona kanjani?”

Yini oyoyenza lapho ingane yakho yenza iphutha elingathí sina? Leso yisikhathi lapho idinga khona umusa. Lawula imizwelo yakho lapho ulalele ingane yakho. Nakhu ubaba othile akushoyo mayelana nendlela asisingatha ngayo isimo esinjalo: “Lapho ingane yenza iphutha, ngiyazama ukuba ngingathathi ngamawala. Ngihlala phansi, ngizwe ukuthi ithini. Ngiyazama ukuzibeka esimweni sayo. Lapho ngikuthola kunzima ukubamba intukuthelo, ngiyalinda kancane futhi ngehlise umoya.” Uma uyilawula imizwelo yakho futhi ulalele, isiyalo ozosikhipha siyokwamukeleka ngokushesha.

Isiyalo Esisekelwe Othandweni Sibalulekile

“Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efesu 6:4.

Ukuze uphumelele, indlela yakho yokunikeza isiyalo esinothando ibalulekile. Abazali ‘bangabacasula kanjani abantwana babo’? Uma isiyalo singafanelani nobungako bephutha noma uma sikhishwa ngendlela ehlaba kakhulu, izingane ziyomelana naso. Kuzo zonke izimo, isiyalo kufanele sikhishwe ngothando. (IzAga 13:24) Uma ubonisana nezingane zakho, ziyobona ukuthi uziyala ngoba uzithanda.—IzAga 22:15; 29:19.

Ngakolunye uhlangothi, kuhle ukuba izingane zizizwele imiphumela engathandeki yokuziphatha ngendlela engafanele. Ngokwesibonelo, uma ingane yona omunye umuntu, ungase uthi ayixolise. Lapho iphula imithetho yasekhaya, ungase uyincishe amalungelo athile ukuze uyibonise kahle ukubaluleka kokugcina imithetho.

Kuyatuswa ukunika isiyalo ngesikhathi esifanele. UmShumayeli 8:11 uthi: “Ngenxa yokuthi isigwebo ngomsebenzi omubi asizange sikhishwe ngokushesha, yingakho inhliziyo yamadodana abantu iye yaqina ngokugcwele ukuba enze okubi.” Ngokufanayo, izingane eziningi ziyozama ukubona ukuthi zingakwazi yini ukubalekela isijeziso ngemva kokuba zenze okubi. Ngakho, uma nje uthe ziyojeziswa lapho zenza isenzo esithile esingalungile, qiniseka ukuthi uyasikhipha leso sijeziso.

Ukuzijabulisa Okuhle Kubalulekile

“Kukhona isikhathi . . . sokuhleka . . . nesikhathi sokutshakadula.”—UmShumayeli 3:1, 4.

Isikhathi sokuphumula nokuzilibazisa okuhle okusesilinganisweni kubalulekile ukuze ingqondo nomzimba wengane kukhule kahle. Lapho abazali bedlala ndawonye nezingane zabo, ziyaqina izibopho zomkhaya futhi izingane ziba nomuzwa wokulondeka. Ukuzijabulisa okunjani amalungu omkhaya angakujabulela ndawonye? Uma nizinika isikhathi sokucabanga ngako, ningathola izinto eziningi ezimnandi eningazenza. Kunemidlalo edlalwa ngaphandle, njengokugibela amabhayisikili, nemidlalo edlalwa ngebhola, efana nebhola lomphebezo, ibhola likanobhutshuzwayo, ne-volleyball. Futhi ake uzibone ngamehlo engqondo izikhathi ezijabulisayo ezingaba khona lapho umkhaya udlala izinsimbi zomculo ndawonye. Ningaba nezinkumbulo ezinhle ngokuvakashela izindawo eziseduze ukuze nibuke indalo.

Ezimweni ezinjalo, abazali bangagxilisa umbono olinganiselayo ngokuzijabulisa ezinganeni zabo. Indoda engumKristu enamadodana amathathu yathi: “Ngiyahlanganyela ekuzijabuliseni kwezingane zami uma kungenzeka. Ngokwesibonelo, lapho zidlala imidlalo yama-computer, ngiye ngizibuze ukuthi idlalwa kanjani. Lapho zingichazela yona ngomdlandla, ngisebenzisa lelo thuba ngizitshele ngengozi yokuzijabulisa okubi. Ngiye ngaphawula ukuthi ziyakwenqaba ukuzijabulisa okungafaneleki.” Yebo, izingane ezikujabulelayo ukuzijabulisa komkhaya mancane amathuba okuba zifune ukubuka izinhlelo zethelevishini, ama-video, amabhayisikobho, nemidlalo ye-Internet ebonisa ubudlova, ukuziphatha okubi, nokusebenzisa kabi izidakamizwa.

Siza Izingane Zakho Zenze Abangane Abahle

“Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IzAga 13:20.

Ubaba ongumKristu owakhulisa izingane ezine ngokuphumelelayo wathi: “Akuve kubalulekile ukukhetha kwazo abangane. Umngane oyedwa omubi angawubhidliza wonke umsebenzi owenzile.” Ukuze asize izingane zakhe zibe nabangane abahle, wayezibuza ngokuhlakanipha imibuzo enje: Ubani umngane wakho omkhulu? Kungani umthanda? Yini othanda ukuyilingisa kuye? Omunye umzali wenza amalungiselelo okuba izingane zakhe zimeme abangane bazo abakhulu ekhaya. Ube esebabhekisisa abese enika izingane zakhe isiqondiso esifanelekile.

Kubalulekile ukufundisa izingane ukuthi zingaba abangane nabantu abadala kanye nontanga yazo. UBum-sun, ubaba wabafana abathathu, uthi: “Ngisiza izingane zami zazi ukuthi akudingeki ukuba abangane bazo kube yilabo abangontanga yazo kuphela, njengasendabeni eseBhayibhelini kaDavide noJonathani. Empeleni, ngiyaye ngimeme amaKristu obudala obungafani ukuba ajabulele ubudlelwane nezingane zami. Ngenxa yalokho, izingane zichitha isikhathi nabantu abaningi abangebona ontanga yazo.” Ubudlelwane nabantu abadala bunika izingane ithuba elihle lokufunda izinto eziningi.

Ungaphumelela Ekuqeqesheni Izingane

Ngokokuhlola okwenziwa e-United States, abazali abaningi abazama ukugxilisa ezinganeni zabo izimfanelo ezifana nokuzithiba, ukuzikhuza, ukwethembeka, abazange baphumelele kangako. Kungani kunzima kangaka ukwenza lokho? Umama owaphendula lowo mbuzo wokuhlola wathi: ‘Okubuhlungu nje ukuthi ukuphela kwendlela yokuvikela izingane zakho ukuzivalela endlini zingaphumeli ngaphandle.’ Into ayekhuluma ngayo ukuthi isimo sezwe izingane ezikhulela kuso manje sibi kunanini ngaphambili. Kungenzeka ngempela yini ukukhulisa izingane ngokuphumelelayo esimweni esinjalo?

Uma ufuna ukukhulisa imbali i-orchid kodwa ukhathazwa ukuthi ingase ibune, ungase udumazeke uyeke. Yeka indlela obungakhululeka ngayo ukube bekungeza kuwe umuntu onolwazi lokutshalwa nokunakekelwa kwe-orchid, akunike amacebiso amahle futhi akuqinisekise ngokuthi, “Uzophumelela uma uyinakekela ngale ndlela”! UJehova, iSazi eSikhulu ngomuntu, unikeza iseluleko esingcono kakhulu sokukhulisa izingane. Uthi: “Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.” (IzAga 22:6) Uma uqeqesha izingane zakho ngokweseluleko seBhayibheli, cishe uyoba nenjabulo yokubona izingane zakho zikhula ziba abantu abadala abathwala imithwalo yabo yemfanelo kahle, abacabangela abanye, nabaziphatha kahle. Khona-ke, ziyothandwa abantu, kodwa ngaphezu kwakho konke, ziyothandwa uJehova, uBaba wethu osezulwini.