Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Imithandazo Yakho Ingawenza Umehluko?

Ingabe Imithandazo Yakho Ingawenza Umehluko?

Ingabe Imithandazo Yakho Ingawenza Umehluko?

UBANI kithi ongakaze abhekane nobunzima obungaphezu kwamandla akhe? IBhayibheli libonisa ukuthi umphostoli uPawulu wayazi ukuthi umthandazo ungawushintsha umphumela wesimo esinjalo.

Lapho uPawulu eboshwe eRoma ngokungafanele, wacela ayekholwa nabo ukuba bamthandazele, wanezela: “Nginikhuthaza ikakhulukazi ukuba nenze lokhu ukuze ngibuyiselwe kini ngokushesha.” (Hebheru 13:18, 19) Kwesinye isenzakalo, uPawulu wabonisa ukuqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzoyiphendula imithandazo yokuba akhululwe ngokushesha. (Filemoni 22) UPawulu wakhululwa ngokushesha futhi waqhubeka nomsebenzi wakhe wezithunywa zevangeli.

Kodwa ingabe umthandazo ungawushintsha ngempela umphumela wezinkinga zakho? Mhlawumbe. Nokho, khumbula ukuthi umthandazo awukona nje ukugcina isiko lenkolo. Uwukukhuluma noBaba wethu osezulwini onothando namandla. Kufanele sizizwe sikhululekile ukuzisho ngokuqondile izicelo zethu, kodwa bese silinda ngesineke sibone indlela uJehova aphendula ngayo.

UNkulunkulu angase angayiphenduli ngokuqondile yonke imithandazo, noma njalo ayiphendule ngendlela noma ngesikhathi esisilindele. Ngokwesibonelo, uPawulu wathandaza ngokuphindaphindiwe ‘ngeva elalisenyameni’ yakhe. Kungakhathaliseki ukuthi yayiyini inkinga kaPawulu, uNkulunkulu akazange ayisuse, kodwa wamduduza ngala mazwi aqinisayo: “Umusa wami ongafanelwe ukwanele; ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.”—2 Korinte 12:7-9.

Nathi singaqiniseka ukuthi ngisho noma uNkulunkulu engayisusi inkinga ethile, kodwa ‘angayenza indlela yokuphuma ukuze sikwazi ukuyikhuthazela.’ (1 Korinte 10:13) Ngokushesha, uNkulunkulu uzoqeda konke ukuhlupheka kwesintu. Okwamanje, ukukhuluma ‘noMuzwi womthandazo’ kungawenza umehluko.—IHubo 65:2.