Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sazise Ngokufanele Isipho Sakho Sokuphila

Sazise Ngokufanele Isipho Sakho Sokuphila

Sazise Ngokufanele Isipho Sakho Sokuphila

“Igazi likaKristu . . . liyobahlanza . . . onembeza bethu emisebenzini efile ukuze sinikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu ophilayo.”—HEBHERU 9:14.

1. Iziphi izinto ezifakazela ukuthi sikwazisa kakhulu ukuphila?

UMA bekungathiwa yisho inani lokuphila kwakho, ubungathi lingakanani? Sikwazisa kakhulu ukuphila—okwethu nokwabanye. Okufakazela lokho ukuthi singase siye kudokotela siyothola ukwelashwa lapho sigula, noma singase siye kuye njalo siyohlolwa. Sifuna ukuhlala siphilile, sinempilo. Ngisho nabantu asebegugile noma abakhubazekile, iningi labo alifuni ukufa; bafuna ukuhlala bephila.

2, 3. (a) IzAga 23:22 ziqokomisa siphi isibopho? (b) UNkulunkulu uhileleke kanjani esibophweni esikuzAga 23:22?

2 Izinga okwazisa ngalo ukuphila lithinta ubuhlobo bakho nabanye. Ngokwesibonelo, iZwi likaNkulunkulu liyayala: “Lalela uyihlo owakuzala, futhi ungamedeleli unyoko ngoba nje esegugile.” (IzAga 23:22) ‘Ukulalela’ kusho okungaphezu nje kokuzwa amazwi; lesi saga sisho ukuzwa bese wenza. (Eksodusi 15:26; Duteronomi 7:12; 13:18; 15:5; Joshuwa 22:2; IHubo 81:13) IZwi likaNkulunkulu lithi kungani kufanele ulalele? Akungoba nje uyihlo nonyoko bebadala noma beboné okuningi ekuphileni kunawe. Isizathu esinikeziwe ukuthi ‘bakuzala.’ Ezinye izinguqulo zilihumusha kanje leli vesi: “Lalela uyihlo owakunika ukuphila.” Kuyaqondakala ukuthi uma ukwazisa ukuphila kwakho, uzizwa unesibopho kulowo ongumthombo walokho kuphila.

3 Yebo, uma ungumKristu weqiniso, uqaphela uJehova njengoMthombo oyinhloko wokuphila kwakho. Ngaye ‘uyaphila’; ‘uyanyakaza,’ wenze njengesidalwa esinemizwa; futhi manje ‘ukhona,’ ukwazi ukucabanga noma ukuhlelela ikusasa, kuhlanganise nokuphila okuphakade. (IzEnzo 17:28; IHubo 36:9; UmShumayeli 3:11) Ngokuvumelana nezAga 23:22, kuyafaneleka ‘ukulalela’ uNkulunkulu ngokuthobeka, ufise ukuqonda nokuqondiswa umbono wakhe ngokuphila, kunokukhetha enye indlela yokubheka ukuphila.

Bonisa Inhlonipho Ngokuphila

4. Ekuqaleni komlando wabantu, yavela kanjani inkinga endabeni yokuhlonishwa kokuphila?

4 Ekuqaleni komlando wabantu, uJehova wakwenza kwacaca ukuthi akakushiyeli kubantu ukuba bakusebenzisele noma isiphi nje isizathu ukuphila, noma badlale ngako. Enentukuthelo ebangelwa umona, uKhayini wanqamula ukuphila okungenacala, komfowabo u-Abela. Ucabanga ukuthi uKhayini wayenelungelo lokwenza isinqumo esinjalo ngokuphila? UNkulunkulu wayengacabangi kanjalo. Wamqulisa uKhayini: “Wenzeni? Lalela! Igazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.” (Genesise 4:10) Phawula ukuthi igazi lika-Abela elisemhlabathini lalifanekisela ukuphila kwakhe, okwakunqanyulwe ngesihluku, futhi lalikhalela impindiselo kuNkulunkulu.—Hebheru 12:24.

5. (a) Imuphi umyalo owenqabelayo uNkulunkulu awubeka osukwini lukaNowa, futhi wawusebenza kobani? (b) Lo myalo wawuyisinyathelo esibaluleke kakhulu ngamuphi umqondo?

5 Ngemva kukaZamcolo, isintu saqala kabusha ngemiphefumulo engu-8 kuphela. Emyalweni osebenza kubo bonke abantu, uNkulunkulu waveza okwengeziwe mayelana nendlela akwazisa ngayo ukuphila negazi. Wathi abantu bangayidla inyama yezilwane, kodwa wabeka lo mngcele: “Zonke izilwane ezihambayo eziphilayo zingaba ukudla kini. Njengezimila eziluhlaza, ngininika zona zonke. Kuphela inyama enomphefumulo wayo—igazi layo—akumelwe niyidle.” (Genesise 9:3, 4) Amanye amaJuda athi lokhu kusho ukuthi abantu akufanele badle inyama noma igazi lesilwane esisaphila. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwacaca ukuthi uNkulunkulu lapha wayenqabela ukudliwa kwegazi ngenjongo yokusekela ukuphila. Ngaphezu kwalokho, umyalo kaNkulunkulu owadluliselwa ngoNowa wawuyisinyathelo esibalulekile ekufezeni injongo yaKhe ephakeme ehilela igazi—injongo eyayiyovumela abantu ukuba bathole ukuphila okuphakade.

6. UNkulunkulu wawugcizelela kanjani umbono waKhe kuNowa nasemkhayeni wesintu ngokubaluleka kwegazi?

6 UNkulunkulu waqhubeka: “Igazi lemiphefumulo yenu ngiyolibiza. Ngiyolibiza esandleni sazo zonke izidalwa eziphilayo; futhi esandleni somuntu, esandleni somuntu ngamunye ongumfowabo, ngiyobiza umphefumulo womuntu. Noma ngubani ochitha igazi lomuntu, nelakhe igazi liyochithwa umuntu, ngoba uNkulunkulu wenza umuntu ngomfanekiso wakhe.” (Genesise 9:5, 6) Kula mazwi ayebhekiswe kuwo wonke umkhaya wesintu ungabona ukuthi uNkulunkulu ubheka igazi lomuntu njengelimelela ukuphila kwakhe. NguMdali onika umuntu ukuphila, futhi akekho okufanele akuthathe lokho kuphila, okumelelwa igazi. Uma umuntu ebulala, njengoKhayini, uMdali unelungelo ‘lokubiza’ ukuphila kombulali.

7. Kungani kufanele sibe nesithakazelo kulokho uNkulunkulu akusho kuNowa ngegazi?

7 Ngalokho akusho, uNkulunkulu wayeyala abantu ukuba bangalisebenzisi kabi igazi. Wake wazibuza ukuthi kungani akhipha lowo myalo? Yebo, kungani uNkulunkulu ayelibheka ngale ndlela igazi? Empeleni, impendulo ihlobene nenye yezimfundiso ezibaluleke kakhulu eBhayibhelini. Iwumgogodla esigijimini sobuKristu, yize amasonto amaningi ekhetha ukuyishalazela. Iyiphi leyo mfundiso, futhi kuhileleke kanjani ukuphila kwakho, izinqumo zakho nezenzo zakho?

Igazi—Lalingasetshenziswa Kanjani?

8. EMthethweni, imuphi umngcele uJehova awubeka mayelana nokusetshenziswa kwegazi?

8 UJehova wanikeza imininingwane eyengeziwe ngokuphila nangegazi lapho enika u-Israyeli isimiso soMthetho. Ngokwenza kanjalo, wathatha isinyathelo esiqhubekayo ekufezeni injongo yakhe. Cishe uyazi ukuthi uMthetho wawufuna ukuba kwenziwe iminikelo kuNkulunkulu, njengowokusanhlamvu, amafutha, newayini. (Levitikusi 2:1-4; 23:13; Numeri 15:1-5) Kwakukhona nemihlatshelo yezilwane. UNkulunkulu wathi ngalena: “Umphefumulo wenyama usegazini, futhi mina ngi[li]bekele nina phezu kwe-altare ukuze nenzele imiphefumulo yenu isihlawulelo, ngoba yigazi elenza isihlawulelo ngomphefumulo okulo. Yingakho ngiye ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: ‘Akukho mphefumulo kini okumelwe udle igazi.’” UJehova wanezela ukuthi uma umuntu, njengomzingeli noma umlimi, ebulala isilwane ukuze sidliwe, kwakudingeka asophise agqibe igazi. Umhlaba uyisenabelo sezinyawo zikaNkulunkulu, futhi ngokuthulula igazi emhlabathini, umuntu wayesuke evuma ukuthi lokho kuphila kwakubuyiselwa kuMniki-kuphila.—Levitikusi 17:11-13; Isaya 66:1.

9. Iyiphi indlela yokusebenzisa igazi okwakuwukuphela kwayo eshiwo uMthetho, futhi yayiyini injongo yalokhu?

9 Lowo mthetho wawungelona nje isiko elingokwenkolo elingasho lutho kithi. Uphawulile yini ukuthi kungani ama-Israyeli kwakungafanele alidle igazi? UNkulunkulu wathi: “Yingakho ngiye ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: ‘Akukho mphefumulo kini okumelwe udle igazi.’” Sasiyini isizathu? “Mina [igazi ngilibekele] nina phezu kwe-altare ukuze nenzele imiphefumulo yenu isihlawulelo.” Uyabona yini ukuthi lokhu kusenza siqonde isizathu sokutshela kukaNkulunkulu uNowa ukuthi akumelwe abantu badle igazi? UMdali wakhetha ukubheka igazi njengelinencazelo ebalulekile, waligcinela ukulisebenzisa ngokukhethekile ekusindiseni ukuphila kwabaningi. Lalizoba nendima ebalulekile ekusibekeleni izono (ekuhlawuleleni). Ngakho, ngaphansi koMthetho, ukuphela kwendlela egunyazwe nguNkulunkulu yokusebenzisa igazi kwakuwukulisebenzisa e-altare ekuhlawuleleni ukuphila kwama-Israyeli, ayefuna intethelelo kaJehova.

10. Kungani igazi lezilwane lalingenakuholela ekuthethelelweni okuphelele, kodwa imihlatshelo eyayifunwa uMthetho yayikhumbuzani?

10 Lo mqondo awuphambani nobuKristu. Ebhekisele kulesi sici soMthetho esasihlelwe nguNkulunkulu, umphostoli uPawulu ongumKristu wabhala: “Cishe izinto zonke zihlanzwa ngegazi ngokoMthetho, futhi ngaphandle kokuba kuthululwe igazi akukho ukuthethelelwa okuba khona.” (Hebheru 9:22) UPawulu wakwenza kwacaca ukuthi imihlatshelo eyayidingeka yayingawenzi ama-Israyeli abe abantu abaphelele nabangenasono. Wabhala: “Le mihlatshelo ikhumbuza ngezono unyaka nonyaka, ngoba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkomo nelezimbuzi lisuse izono.” (Hebheru 10:1-4) Nokho, leyo mihlatshelo yayisiza. Yayikhumbuza ama-Israyeli ukuthi ayenesono futhi ayedinga okuthile okwengeziwe ukuze athethelelwe ngokuphelele. Kodwa uma igazi elalimelela ukuphila kwezilwane lalingenakuzisibekela ngokuphelele izono zabantu, lalikhona yini igazi elalingakwenza lokho?

Ikhambi LoMniki-kuphila

11. Sazi kanjani ukuthi imihlatshelo yegazi lezilwane yayikhomba kokuthile?

11 Empeleni uMthetho wawukhomba kokuthile okuphumelela kangcono kakhulu ekufezeni intando kaNkulunkulu. UPawulu wabuza: “Khona-ke, kungani kwaba khona uMthetho?” Waphendula: “Wanezelwa ukuze wenze izeqo zibonakale, kuze kufike inzalo okwakwenziwe kuyo isithembiso; futhi wadluliselwa ngezingelosi ngesandla somlamuleli [uMose].” (Galathiya 3:19) Ngokufanayo, uPawulu wabhala: “UMthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, kodwa kungezona lezo zinto uqobo.”—Hebheru 10:1.

12. Ngokuphathelene negazi, singakubona kanjani ukwembuleka kwenjongo kaNkulunkulu?

12 Singafingqa ngokukhumbula ukuthi osukwini lukaNowa uNkulunkulu wathi abantu bangayidla inyama yezilwane ukuze baqhubeke bephila, kodwa kwakungamelwe badle igazi. Kamuva, uNkulunkulu wathi “umphefumulo wenyama usegazini.” Yebo, wakhetha ukubheka igazi njengelimelela ukuphila futhi wathi: “Mina [igazi ngilibekele] nina phezu kwe-altare ukuze nenzele imiphefumulo yenu isihlawulelo.” Nokho, injongo kaNkulunkulu yayisazoqhubeka yembuleka ngokumangalisayo. UMthetho wawufuzisela izinto ezinhle ezaziseza. Zinto zini?

13. Kungani ukufa kukaJesu kwakubalulekile?

13 Okwakufuziselwa kugxile ekufeni kukaJesu Kristu. Uyazi ukuthi uJesu wahlushwa futhi wabethelwa. Wafa njengesigelekeqe. UPawulu wabhala: “Ngesikhathi sisebuthakathaka, ngesikhathi esimisiwe uKristu wafela abantu abangamhloniphi uNkulunkulu. . . . UNkulunkulu utusa uthando lwakhe siqu kithi ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.” (Roma 5:6, 8) Ngokusifela, uKristu wanikeza isihlengo sokusibekela izono zethu. Leso sihlengo siwumgogodla esigijimini sobuKristu. (Mathewu 20:28; Johane 3:16; 1 Korinte 15:3; 1 Thimothewu 2:6) Lokhu kuhlobene kanjani negazi nokuphila, futhi ukuphila kwakho kuhileleke kanjani?

14, 15. (a) Ezinye izinguqulo zigcizelela kanjani ukufa kukaJesu kweyabase-Efesu 1:7? (b) Yini engase ingaqapheleki kweyabase-Efesu 1:7?

14 Amanye amasonto agcizelela ukufa kukaJesu, abalandeli bawo baze basho izinto ezinjengokuthi “uJesu wangifela.” Bheka izindlela ezinye izinguqulo zeBhayibheli ezihumusha ngazo eyabase-Efesu 1:7: “Sikutholé kuye nangokufa kwakhe ukukhululwa, okungukuthi, ukususwa kwamacala ethu.” (The American Bible, kaFrank Scheil Ballentine, 1902) “Ngokufa kukaKristu sikhululiwe, futhi izono zethu zithethelelwe.” (Today’s English Version, 1966) “KuKristu, ngaye, nangomhlatshelo wokuphila kwakhe sikhululiwe, ukukhululwa okusho ukuthethelelwa kwezono.” (The New Testament, kaWilliam Barclay, 1969) “Ngokufa kukaKristu izono zethu ziyathethelelwa futhi siyakhululwa.” (The Translator’s New Testament, 1973) Kulezi zinguqulo uyayibona indlela okugcizelelwa ngayo ukufa kukaJesu. Abanye bangase bathi, ‘Impela, kubalulekile ukufa kukaJesu. Yini entulekayo kula mavesi?’

15 Empeleni, ukube ubunezinguqulo ezinjengalezi kuphela, ubungase ugejwe iphuzu elibaluleke kakhulu, futhi lokho bekungakwenza ulinganiselwe ekuqondeni isigijimi seBhayibheli. Izinguqulo ezinjengalezi zenza kungabonakali ukuthi umbhalo wokuqala weyabase-Efesu 1:7 unegama lesiGreki elisho “igazi.” Ngakho, amaBhayibheli amaningi, njenge-Nguqulo Yezwe Elisha, asondela kakhudlwana embhalweni wokuqala: “Ngaye sitholé ukukhululwa ngesihlengo esingegazi lakhe lowo, yebo, ukuthethelelwa kweziphambeko zethu, ngokwengcebo yomusa wakhe ongafanelwe.”

16. Amazwi athi “ngegazi lakhe lowo” kufanele asikhumbuzeni?

16 Amazwi athi “ngegazi lakhe lowo” amumethe lukhulu futhi kuningi okufanele asikhumbuze kona. Kwakudingeka okungaphezu kokufa, ngisho nokomuntu ophelele uJesu. UJesu wagcwalisa lokho okwakufuziselwa eMthethweni, ikakhulu ngoSuku Lokuhlawulela. Ngalolo suku olukhethekile, kwakwenziwa imihlatshelo ngezilwane ezithile. Umpristi ophakeme wayebe esengena negazi lazo eNgcwelengcwele yetabernakele, noma ithempeli, eliletha kuNkulunkulu, njengokungathi uNkulunkulu ukhona lapho.—Eksodusi 25:22; Levitikusi 16:2-19.

17. UJesu wakugcwalisa kanjani lokho okwakufuziselwa uSuku Lokuhlawulela?

17 UJesu wagcwalisa lokho okwakubikezelwa uSuku Lokuhlawulela, njengoba uPawulu achaza. Okokuqala, wathi umpristi ophakeme kwa-Israyeli wayengena eNgcwelengcwele kanye ngonyaka negazi alinikela “ngenxa yakhe nangenxa yezono zabantu zokungazi.” (Hebheru 9:6, 7) Ngokuvumelana nalowo mfuziselo, ngemva kokuvuswa njengesidalwa somoya, uJesu waya ezulwini uqobo. Ewumoya, engenamzimba wenyama negazi, wavela phambi “kukaNkulunkulu ngenxa yethu.” Walethani kuNkulunkulu? Hhayi into ethile ephathekayo, kodwa okuthile okubaluleke kakhulu. UPawulu waqhubeka: “Lapho uKristu efika njengompristi ophakeme . . . , akangenanga negazi lezimbuzi nelamathole eduna, cha, kodwa wangena endaweni engcwele negazi lakhe, kwaba kanye kuphela futhi wasitholela ukukhululwa okuphakade. Ngoba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi . . . kungcwelisa kube ukuhlanzeka kwenyama, igazi likaKristu, owathi ngomoya waphakade wazinikela engenasici kuNkulunkulu, liyobahlanza kakhulu kangakanani onembeza bethu emisebenzini efile ukuze sinikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu ophilayo?” Yebo, uJesu waletha kuNkulunkulu inani legazi lokuphila kwakhe.—Hebheru 9:11-14, 24, 28; 10:11-14; 1 Petru 3:18.

18. Kungani lokho okushiwo iBhayibheli ngegazi kufanele kubaluleke kumaKristu namuhla?

18 Leli qiniso elivela kuNkulunkulu lisenza siqonde izici ezimangalisayo zalokho iBhayibheli elikushoyo ngegazi—isizathu sombono kaNkulunkulu ngalo, indlela okufanele silibheke ngayo, nesizathu esenza kudingeke siyihloniphe imingcele uNkulunkulu ayibekela ukusetshenziswa kwalo. Lapho ufunda izincwadi zemiBhalo YamaKristu YesiGreki, uyothola izindawo eziningi ezikhuluma ngegazi likaKristu. (Bheka ibhokisi.) Lezi zindawo zenza kucace ukuthi umKristu ngamunye kufanele abe nokholo “egazini [likaJesu].” (Roma 3:25) Ukuthola kwethu intethelelo nokuba nokuthula noNkulunkulu kungenzeka kuphela “ngegazi [uJesu alithulula].” (Kolose 1:20) Lokhu kuyiqiniso impela ngalabo uJesu enza nabo isivumelwano esikhethekile sokubusa nabo ezulwini. (Luka 22:20, 28-30; 1 Korinte 11:25; Hebheru 13:20) Kuyiqiniso nangalabo ‘abayisixuku esikhulu’ namuhla, abayosinda ‘osizini olukhulu’ oluzayo bajabulele ukuphila okuphakade epharadesi emhlabeni. Ngokomfanekiso, ‘bahlanza izembatho zabo egazini leWundlu.’—IsAmbulo 7:9, 14.

19, 20. (a) Kungani uNkulunkulu eye wakhetha ukubeka imingcele endleleni igazi elingase lisetshenziswe ngayo, futhi kufanele sizizwe kanjani ngalokho? (b) Yini okufanele sibe nesithakazelo sokuyazi?

19 Kucacile ukuthi igazi likhethekile kuNkulunkulu. Kufanele libe njalo nakithi. UMdali, okhathalela ukuphila, unelungelo lokubekela abantu imingcele kulokho abangakwenza ngalo. Njengoba ekukhathalela kakhulu ukuphila kwethu, wanquma ukugcinela igazi indlela eyodwa kuphela yokulisebenzisa, indlela ebaluleke kakhulu nokuwukuphela kwayo eyenza ukuphila phakade kwenzeke. Leyo ndlela ihilela igazi likaJesu eliyigugu. Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi uJehova uNkulunkulu wasisiza ngokusebenzisa igazi—igazi likaJesu—ngale ndlela esindisa ukuphila! Yeka nendlela okufanele sibonge ngayo kuJesu ngokuthulula igazi lakhe emhlatshelweni ngenxa yethu! Ngempela, singayiqonda imizwa eyavezwa umphostoli uJohane: “Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe siqu—wasenza saba ngumbuso, abapristi kuNkulunkulu wakhe noYise—yebo, inkazimulo namandla makube kuye kuze kube phakade. Amen.”—IsAmbulo 1:5, 6.

20 UNkulunkulu wethu ohlakaniphe kakhulu nonguMniki-kuphila kudala ayicabanga le ndima esindisa ukuphila. Khona-ke singase sibuze, ‘Kufanele kube naliphi ithonya ezinqumweni nasezenzweni zethu lokhu?’ Isihloko esilandelayo sizokhuluma ngale ndaba.

Ungaphendula Kanjani?

• Indaba ka-Abela nekaNowa zingasifundisani ngombono kaNkulunkulu ngegazi?

• EMthethweni, imuphi umngcele uNkulunkulu awubeka ekusetshenzisweni kwegazi, futhi ngani?

• UJesu wakugcwalisa kanjani lokho okwakufuziselwa uSuku Lokuhlawulela?

• Igazi likaJesu lingakusindisa kanjani ukuphila kwethu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 18]

ILIPHI IGAZI ELISINDISA UKUPHILA?

“Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi umoya ongcwele onimise phakathi kwawo ukuba nibe ngababonisi, ukuze neluse ibandla likaNkulunkulu, alithenga ngegazi leNdodana yakhe.”—IzEnzo 20:28.

“Ngakho-ke, njengoba kuye kwathiwa silungile ngegazi lakhe manje, siyosindiswa nakakhulu ngaye olakeni.”—Roma 5:9.

“Naningenathemba ningenaye uNkulunkulu ezweni. Kodwa manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude seniye naba seduze ngegazi likaKristu.”—Efesu 2:12, 13.

“UNkulunkulu wabona kukuhle ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo, nokuba aphinde abuyisele ngayo kuye zonke ezinye izinto ngokwenza ukuthula ngegazi eyalithulula esigxotsheni sokuhlushwa.”—Kolose 1:19, 20.

“Ngakho-ke, bazalwane, . . . sinesibindi ngokuqondene nendlela engena endaweni engcwele ngegazi likaJesu.”—Hebheru 10:19.

“Anikhululwanga ngezinto ezonakalayo . . . ohlotsheni lwenu lokuziphatha olungenazithelo enalwamukela ngesiko kokhokho benu. Kodwa kwakungegazi eliyigugu, njengalelo lewundlu elingenasici nelingenabala, yebo likaKristu.”—1 Petru 1:18, 19.

“Uma sihamba ekukhanyeni njengoba naye ngokwakhe esekukhanyeni, sinaso isabelo esisihlanganyelayo, futhi igazi likaJesu iNdodana yakhe lisihlanza kuso sonke isono.”—1 Johane 1:7.

“Uyakufanelekela ukuthatha umqulu uvule izimpawu zawo, ngoba wena wahlatshwa futhi ngegazi lakho wathengela uNkulunkulu abantu kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe.”—IsAmbulo 5:9.

“Ummangaleli wabafowethu uphonswe phansi . . . Bamnqoba ngenxa yegazi leWundlu nangenxa yezwi lokufakaza kwabo.”—IsAmbulo 12:10, 11.

[Isithombe ekhasini 16]

NgoMthetho, uNkulunkulu wakwenza kwacaca ukuthi igazi lingafeza indima ekuthetheleleni izono

[Isithombe ekhasini 17]

Ngegazi likaJesu, kwakungasindiswa ukuphila kwabaningi