Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Wasifundisa Ukuhlonipha Inkolo Yakhe’

‘Wasifundisa Ukuhlonipha Inkolo Yakhe’

‘Wasifundisa Ukuhlonipha Inkolo Yakhe’

OMUNYE woFakazi BakaJehova esifundazweni saseRovigo, e-Italy, wathola ukuthi unesimila nokuthi isimo sakhe sasisibi kakhulu. Ngemva kokulaliswa esibhedlela izikhathi eziningana, njalo ecela ukuba elashwe ngaphandle kokumpontshelwa igazi, abahlengikazi benkonzo yokunakekela iziguli ezinomdlavuza bamnakekela kwakhe.

Ukholo oluqinile lwalesi siguli esineminyaka engu-36 ubudala nokuzimisela kwaso ukubambisana, kwazihlaba umxhwele ngokujulile izisebenzi zezokwelapha ezazisinakekela. Ngaphambi nje kokuba umdlavuza usibulale lesi siguli, omunye wabahlengi ababesinakekela wabhala kumagazini wobuhlengikazi ngokusebenzelana kwakhe nalesi siguli asibiza ngokuthi u-Angela.

“U-Angela unobungqabavu futhi uzimisele ngokuphila. Uyasazi isimo sakhe nokuba kubi kokugula kwakhe, futhi ufuna ikhambi noma umuthi, njengoba noma ubani kithi ebengakufuna. . . . Thina bahlengi nabahlengikazi siye ngokuya simjwayela. Ubengalwenqabi usizo lwethu. Kunalokho, ukuba kwakhe umuntu oxoxayo kwenza zonke izinto zaba lula. Bekujabulisa ukuya komnakekela, njengoba besazi ukuthi leso kuzoba isikhathi sokuxoxa nomuntu oqotho nesizoba inzuzo kithi nakuye. . . . Ngokushesha sabona ukuthi inkolo yakhe yayizoba isithiyo ekwelashweni kwakhe.” Lowo kwakungumbono walowo mhlengi ngoba wayenomuzwa wokuthi u-Angela kufanele ampontshelwe igazi, okuyinto ayenqaba.—IzEnzo 15:28, 29.

“Njengezisebenzi zezokwelapha eziqeqeshiwe, samtshela u-Angela ukuthi sasingavumelani nesinqumo sakhe, kodwa ngosizo lwakhe, saqonda ukuthi ukuphila kwakubaluleke kangakanani kuye. Saqonda nokubaluleka kwenkolo yakhe kuye nasemkhayeni wakhe. U-Angela akakadeli. Akakakuvumeli ukunqotshwa ukugula. Uqinile. Ufuna ukuphila, ufuna ukukulwela futhi ufuna ukuqhubeka ephila. Uye wakuveza ukuzimisela kwakhe, ukholo lwakhe. Thina asivamile ukuba nokuzimisela okufana nokwakhe, futhi asinalo ukholo oluqine njengolwakhe. . . . U-Angela usifundise ukubaluleka kokuhlonipha inkolo yakhe, okuyinto ehluke kakhulu ezimisweni zokuziphatha emsebenzini wethu. . . . Sikholelwa ukuthi lokho u-Angela asifundise kona kubaluleke kakhulu ngoba sihlangana nazo zonke izinhlobo zabantu, izimo, nezinkolo, futhi singafunda kuwo wonke umuntu esihlangana naye, nathi singabanika okuthile.”

Lesi sihloko sikamagazini sabe sesigxila eSimisweni Sokuziphatha Somsebenzi Sabahlengikazi Base-Italy, esagunyazwa ngo-1999, esithi: “Umhlengi noma umhlengikazi wenza umsebenzi wakhe ecabangela izindinganiso zesiguli zenkolo, ukuziphatha, amasiko, kanye nohlanga nobulili.” Ngezinye izikhathi, kungase kube nzima ngodokotela nabahlengikazi ukuhlonipha izinkolelo zenkolo yesiguli, kodwa ngokuqinisekile siyabazisa labo abazimisele ukukwenza lokho.

Izinqumo oFakazi BakaJehova abazenzayo ngempilo yabo nangendlela yokwelashwa, zisuke zicatshangisiswe kahle. Bacabanga ngokungathí sina ngalokho okushiwo imiBhalo, futhi njengoba indaba ka-Angela ibonisa, abashiseki ngokweqile. (Filipi 4:5) Emhlabeni wonke, inani elandayo lezisebenzi zezokwelapha lizimisele ukuhlonipha onembeza beziguli zazo ezingoFakazi.