Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Hambani Niyokwenza Abafundi’

‘Hambani Niyokwenza Abafundi’

‘Hambani Niyokwenza Abafundi’

‘Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni. Ngakho-ke hambani niyokwenza abafundi.’—MATHEWU 28:18, 19.

1, 2. (a) Imuphi umsebenzi uJesu awunika abalandeli bakhe? (b) Imiphi imibuzo okuzoxoxwa ngayo mayelana nemiyalo kaJesu?

NGOLUNYE usuku entwasahlobo ka-33 C.E. kwa-Israyeli, abafundi bakaJesu babebuthene entabeni ethile eGalile. INkosi yabo evusiwe yayisizonyukela ezulwini, kodwa, ngaphambi kwalokho, kwakunokuthile okubalulekile eyayifuna ukubatshela kona. UJesu wayenomsebenzi ayefuna bawenze. Kwakungumsebenzi muni? Abafundi bakhe benze njani lapho bethunywa? Futhi lowo msebenzi usithinta kanjani thina namuhla?

2 Lokho uJesu akusho kubhalwe kuMathewu 28:18-20: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni. Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho. Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” UJesu wakhuluma ngalo “lonke igunya,” ngazo “zonke izizwe,” ngako “konke enginiyale ngakho” nangazo “zonke izinsuku.” Imiyalo yakhe enalezo zinkulumo ezine iphakamisa imibuzo ebalulekile, engafingqwa ngokuthi kungani? kuphi? ini? nangokuthi nini? Ake sixoxe ngombuzo owodwa ngesikhathi. *

“Nginikwe Lonke Igunya”

3. Kungani kufanele siwulalele umyalo wokwenza abafundi?

3 Okokuqala, kungani kufanele siwulalele umyalo wokwenza abafundi? UJesu wathi: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni. Ngakho-ke hambani niyokwenza . . . abafundi.” Igama elithi “ngakho-ke” libonisa isizathu esiyinhloko sokuthi kungani kufanele siwulalele lo myalo. Kungenxa yokuthi uJesu, okunguye okhipha lo myalo, unalo “lonke igunya.” Lingakanani igunya lakhe?

4. (a) Likhulu kangakanani igunya likaJesu? (b) Ukuqonda kwethu igunya likaJesu kufanele kuyithinte kanjani indlela esiwubheka ngayo umyalo wokwenza abafundi?

4 UJesu unegunya phezu kwebandla lakhe, futhi kusukela ngo-1914 waba negunya phezu koMbuso kaNkulunkulu owawusanda kumiswa. (Kolose 1:13; IsAmbulo 11:15) Uyingelosi enkulu, ngakho ulawula ibutho lasezulwini lezigidigidi zezingelosi. (1 Thesalonika 4:16; 1 Petru 3:22; IsAmbulo 19:14-16) UYise umnike igunya lokubhubhisa “bonke ohulumeni nalo lonke igunya namandla” aphikisa izimiso zokulunga. (1 Korinte 15:24-26; Efesu 1:20-23) Igunya likaJesu alipheleli kwabaphilayo. Ubuye abe “umahluleli wabaphilayo nabafileyo” futhi unamandla awanikwe uNkulunkulu okuvusa labo abalele ekufeni. (IzEnzo 10:42; Johane 5:26-28) Ngokuqinisekile, umyalo okhishwa yiLowo onikwe igunya elikhulu kangako kumelwe ubhekwe njengobaluleke kunayo yonke. Ngakho, siwulalela ngenhlonipho nangokuzithandela umyalo kaKristu wokuba ‘sihambe siyokwenza abafundi.’

5. (a) UPetru wawalalela ngokwenzani amazwi kaJesu? (b) Ukulalela kukaPetru umyalo kaJesu kwaletha siphi isibusiso?

5 Ekuqaleni kwenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wabafundisa ngendlela ephawulekayo abafundi bakhe ukuthi uma beqaphela igunya lakhe futhi belalela imiyalo yakhe babeyothola izibusiso. Ngesinye isikhathi watshela uPetru, owayengumdobi, wathi: “Sukani niye lapho kujule khona, nehlise amanetha enu ukuze nibambe.” UPetru wayeqiniseka ukuthi zazingekho izinhlanzi, ngakho wathi kuJesu: “Mfundisi, sikhandleke ubusuku bonke kodwa asibambanga lutho.” Nokho, ngokuthobeka uPetru wanezela: “Kodwa ngoba usho kanjalo ngizowehlisa amanetha.” Ngemva kokuba uPetru ewulalele umyalo kaKristu, wabamba “izinhlanzi eziningi kakhulu.” Emangele, uPetru “wawela emadolweni kaJesu, ethi: ‘Suka kimi, ngoba ngingumuntu onesono, Nkosi.’” Kodwa uJesu waphendula: “Yeka ukwesaba. Kusukela manje kuqhubeke uzobe udoba abantu bephila.” (Luka 5:1-10; Mathewu 4:18) Yini esiyifunda kuleyo ndaba?

6. (a) Indaba yezinhlanzi ezabanjwa ngokuyisimangaliso ibonisani ngohlobo lokulalela uJesu alufunayo? (b) Singamlingisa kanjani uJesu?

6 UJesu wanika uPetru, u-Andreya nabanye abaphostoli umsebenzi wokuba “abadobi babantu” ngemva kokuba bebambe izinhlanzi eziningi, hhayi ngaphambi kwalokho. (Marku 1:16, 17) Kusobala ukuthi uJesu wayengafuni ukuba balalele ngaphandle kwezizathu. Wabanika isizathu esikholisayo sokuthi kungani kufanele bamlalele. Njengoba nje ukulalela umyalo kaJesu wokuba behlise amanetha abo kwaba nemiphumela emangalisayo, kanjalo ukulalela umyalo kaJesu ‘wokudoba abantu’ kwakuzoletha izibusiso ezinkulu. Abaphostoli bakwenza lokho benokholo oluphelele. Indaba iphetha ngokuthi: “Babuyisela izikebhe ezweni, bashiya konke bamlandela.” (Luka 5:11) Namuhla, silingisa uJesu lapho sikhuthaza abanye ukuba benze umsebenzi wokwenza abafundi. Asifuni ukuba abantu bamane nje benze lokho esibatshela kona, kunalokho sibanika izizathu ezikholisayo zokuba balalele umyalo kaKristu.

Izizathu Ezikholisayo Nezisusa Ezifanele

7, 8. (a) Iziphi ezinye zezizathu ezingokomBhalo zokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi? (b) Imuphi umBhalo wena okukhuthaza ngokukhethekile ukuba uqhubeke wenza umsebenzi wokushumayela? (Bheka nombhalo waphansi.)

7 Ngenxa yokuthi siyaliqaphela igunya likaKristu, senza umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Iziphi ezinye izizathu ezingokomBhalo zokwenza lo msebenzi esingazinika labo esifisa ukubashukumisela ukuba benze imisebenzi emihle? Lalela lokhu okushiwo oFakazi abaningi abathembekile emazweni ahlukahlukene, uphawule indlela imiBhalo ekhonjiwe ewasekela ngayo amazwi abo.

8 URoy, owabhapathizwa ngo-1951: “Ngesikhathi ngizinikezela kuJehova, ngathembisa ukuthi ngiyomkhonza njalonjalo. Ngifuna ukuligcina izwi lami.” (IHubo 50:14; Mathewu 5:37) UHeather, owabhapathizwa ngo-1962: “Uma ngicabanga ngakho konke uJehova angenzele kona, ngifuna ukumbonisa ukubonga kwami ngokumkhonza ngokwethembeka.” (IHubo 9:1, 9-11; Kolose 3:15) UHannelore, owabhapathizwa ngo-1954: “Njalo uma sisenkonzweni, sisekelwa izingelosi—yeka ilungelo!” (IzEnzo 10:30-33; IsAmbulo 14:6, 7) UHonor, owabhapathizwa ngo-1969: “Uma kufika isikhathi sikaJehova sokwahlulela, angifuni kube khona muntu komakhelwane bami oyokwazi ukumangalela uJehova noFakazi bakhe ngokuthi abazange banake, athi: ‘Mina angizange ngisithole isixwayiso!’” (Hezekeli 2:5; 3:17-19; Roma 10:16, 18) UClaudio, owabhapathizwa ngo-1974: “Lapho sishumayela, ‘sibonwa uNkulunkulu,’ futhi ‘sikanye noKristu.’ Cabanga nje! Uma sisenkonzweni, sikanye nabaNgane bethu abakhulu.”—2 Korinte 2:17. *

9. (a) Indaba yokudoba kukaPetru nabanye abaphostoli ivezani ngesisusa esifanele sokulalela uKristu? (b) Siyini isisusa esifanele sokulalela uNkulunkulu noKristu namuhla, futhi ngani?

9 Le ndaba yezinhlanzi ezabanjwa ngokuyisimangaliso ibonisa nokubaluleka kokulalela uKristu ngesisusa esifanele—uthando. Lapho uPetru ethi, “Suka kimi, ngoba ngingumuntu onesono,” uJesu akazange asuke, futhi akazange amlahle ngasono uPetru. (Luka 5:8) UJesu akazange amgxeke nokumgxeka uPetru ngokumcela ukuba asuke. Kunalokho, uJesu wamphendula ngomusa, wathi: “Yeka ukwesaba.” Ukwesaba okukhwantabalisayo kwakuyoba isisusa esingafanele sokulalela uKristu. Esikhundleni salokho, uJesu watshela uPetru ukuthi yena nabangane bakhe babezoba abadobi babantu. Nathi namuhla asisebenzisi ukwesaba noma imizwa edikibalisayo, njengokwenza abantu bazizwe benecala noma benamahloni, ukuze sibenze balalele uKristu. Okwenza inhliziyo kaJehova ijabule ukulalela komphefumulo wonke okusekelwe othandweni ngoNkulunkulu noKristu.—Mathewu 22:37.

‘Nenze Abantu Bazo Zonke Izizwe Abafundi’

10. (a) Isiphi isici emyalweni kaJesu wokwenza abafundi esababekela inselele enkulu abafundi bakhe? (b) Basabela kanjani abafundi kulo myalo kaJesu?

10 Umbuzo wesibili ngokuqondene nomyalo kaKristu uthi, Kufanele wenziwe kuphi lo msebenzi wokwenza abafundi? UJesu wathi kubalandeli bakhe: ‘Nenze abantu bazo zonke izizwe abafundi.’ Ngaphambi kwesikhathi senkonzo kaJesu, abantu bezizwe babamukelekile uma beza kwa-Israyeli bezokhonza uJehova. (1 AmaKhosi 8:41-43) UJesu yena washumayela kakhulukazi kumaJuda, kodwa kulokhu watshela abalandeli bakhe ukuba baye kubantu bazo zonke izizwe. Eqinisweni indawo abafundi bakhe ababedoba kuyo, noma ababeshumayela kuyo, ‘kwakuyichibi’ elincane nje—amaJuda—kodwa yayisizokwanda ibe ‘ulwandle’ lwesintu. Nakuba lolu shintsho lwababekela inselele abafundi, bawulalela ngokunganqikazi umyalo kaJesu. Ingakapheli iminyaka engu-30 ngemva kokufa kukaJesu, umphostoli uPawulu wakwazi ukubhala athi izindaba ezinhle zase zishunyayelwe “kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu,” hhayi kumaJuda kuphela.—Kolose 1:23.

11. Yande kangakanani ‘indawo esidoba kuyo’ kusukela ekuqaleni kwekhulu lama-20?

11 Ezikhathini zamuva, kuye kwabonakala ukwanda okunjalo kwamasimu okushunyayelwa kuwo. Ekuqaleni kwekhulu lama-20 ‘bekudotshwa’ emazweni ambalwa. Nokho, ngaleso sikhathi abalandeli bakaKristu balingisa isibonelo samaKristu ekhulu lokuqala bayandisa ngentshiseko indawo ababeshumayela kuyo. (Roma 15:20) Kwathi kuqala iminyaka yawo-1930, base benza abafundi emazweni angaba yikhulu. Namuhla ‘indawo esidoba kuyo’ isiyandile, isisemazweni angu-235.—Marku 13:10.

“Kuzo Zonke Izilimi”

12. Iyiphi inselele evezwa isiprofetho esitholakala kuZakariya 8:23?

12 Ukwenza abafundi kuzo zonke izizwe akuyona nje inselele ngokwendawo kodwa futhi nangokwezilimi. Ngomprofethi uZakariya, uJehova wabikezela: “Kuyothi ngalezo zinsuku amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe abambe, yebo, impela abambe umphetho wengubo yendoda engumJuda, athi: ‘Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’” (Zakariya 8:23) Ekugcwalisekeni okukhulu kwalesi siprofetho, ‘indoda engumJuda’ imelela insali yamaKristu agcotshiwe, kanti “amadoda ayishumi” amelela “isixuku esikhulu.” * (IsAmbulo 7:9, 10; Galathiya 6:16) Lesi sixuku esikhulu sabafundi bakaKristu sasizotholakala ezizweni eziningi, futhi njengoba uZakariya asho, sasizobe sikhuluma izilimi eziningi. Ingabe umlando wanamuhla wabantu bakaNkulunkulu uyasibonisa leso sici sabafundi? Yebo, uyasibonisa.

13. (a) Yini eyenzekile maqondana nezilimi ezikhulunywa abantu bakaNkulunkulu banamuhla? (b) Isigaba senceku ethembekile sibhekane kanjani nesidingo esikhulayo sokudla okungokomoya ngezilimi ezihlukahlukene? (Hlanganisa nebhokisi elithi “Izincwadi Zezimpumputhe.”)

13 Ngo-1950 oFakazi BakaJehova abathathu kwabahlanu emhlabeni wonke kwakungabantu abakhuluma isiNgisi. Ngo-1980 leso silinganiso sase sishintshile kungababili kwabahlanu, kanti namuhla sekunguFakazi oyedwa kuphela kwabahlanu okhuluma isiNgisi. Isigaba senceku ethembekile neqondayo sibhekane kanjani nalolu shintsho ezilimini? Ngokuba sabe ukudla okungokomoya ngezilimi ezengeziwe. (Mathewu 24:45) Ngokwesibonelo, ngo-1950 izincwadi zethu zazikhishwa ngezilimi ezingu-90, kodwa namuhla lelo nani selikhuphuke lafika ku-400. Ingabe kube nayo imiphumela lokhu kunakwa kwabantu bezilimi ezihlukahlukene? Yebo! Ngokwesilinganiso, isonto ngalinye abantu abangaba ngu-5 000 ‘abaphuma kuzo zonke izilimi’ baba abafundi bakaKristu! (IsAmbulo 7:9) Futhi lokhu kwanda kuyaqhubeka. Kwamanye amazwe “amanetha” abamba izinhlanzi eziningi ngempela!—Luka 5:6; Johane 21:6.

Inkonzo Eyanelisayo—Ungayenza Yini Nawe?

14. Singabasiza kanjani abantu abasensimini yethu abakhuluma olunye ulimi? (Hlanganisa nebhokisi elithi “ULimi Lwezandla Nokwenza Abafundi.”)

14 Ukuthutha kwabantu emazweni akubo kwenze ukuba abantu basemazweni amaningi aseNtshonalanga babhekane nenselele yokwenza abafundi ‘bazo zonke izilimi’ besemazweni akubo. (IsAmbulo 14:6) Singabasiza kanjani abantu abasensimini yethu abakhuluma ulimi oluhlukile kolwethu? (1 Thimothewu 2:4) Ngolimi olungokomfanekiso, singasebenzisa izinto zokudoba ezifanele. Abantu abanjalo banike izincwadi zezilimi abazikhulumayo. Uma kungenzeka, hlela ukuba uFakazi okhuluma ulimi lwabo abavakashele. (IzEnzo 22:2) Sekulula manje ukwenza amalungiselelo anjalo, njengoba sebebaningi oFakazi asebefunde ezinye izilimi ukuze basize abantu bakwamanye amazwe babe abafundi bakaKristu. Imibiko ibonisa ukuthi ukunikeza usizo olunjalo kuyanelisa.

15, 16. (a) Iziphi izibonelo ezibonisa ukuthi kunemivuzo ukusiza abantu abakhuluma olunye ulimi? (b) Imiphi imibuzo esingayicabangela mayelana nokukhonza ensimini yolunye ulimi?

15 Cabanga ngezibonelo ezimbili zaseNetherlands, lapho umsebenzi wokushumayela ngoMbuso ohleliwe wenziwa khona ngezilimi ezingu-34. Umbhanqwana ongoFakazi wavuma ngokuzithandela ukuyokwenza abafundi kubantu abakhuluma isiPolish. Kwasabela abantu abaningi kangangokuthi indoda yaze yaba nomuzwa wokuthi kufanele inciphise isikhathi sayo sokusebenza ukuze ibe nolunye usuku phakathi nesonto ifunde iBhayibheli nalabo ababonisa isithakazelo. Ngesikhashana nje, lo mbhanqwana wawusuqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-20 isonto ngalinye. Uthi: “Ayive isijabulisa inkonzo yethu.” Labo abenza abafundi bajabula ngokukhethekile lapho labo abezwa amaqiniso eBhayibheli ngolimi lwabo beveza ukwazisa kwabo. Ngokwesibonelo, komunye umhlangano owawuqhutshwa ngolimi lwaseVietnam, kwasukuma indoda esikhulile yacela imvume yokukhuluma. Ihlengezela izinyembezi, yathi koFakazi: “Ngiyabonga ngemizamo eniyenzayo yokufunda ulimi lwami olulukhuni. Ngiyajabula ngokuthi ekugugeni kwami ngifunde izinto eziningi ezimangalisayo eBhayibhelini.”

16 Akumangalisi-ke ukuthi labo abakhonza emabandleni ezinye izilimi bazizwa baneliseke kakhulu. Omunye umbhanqwana waseBrithani wathi: “Inkonzo yokushumayela kubantu bezinye izilimi ingenye ethakazelisa kunazo zonke esike sayijabulela kule minyaka yethu engu-40 yenkonzo yoMbuso.” Zikhona yini izinguquko ongazenza ekuphileni kwakho ukuze nawe uhlanganyele kule nkonzo eqabulayo? Uma usafunda isikole, ungafunda yini olunye ulimi ulungiselele ukwenza lolu hlobo lwenkonzo? Ukwenza kanjalo kungakuholela endleleni yokuphila eyanelisayo negcwele izibusiso. (IzAga 10:22) Kunganjani uxoxe nabazali bakho ngale ndaba?

Ukushintshashintsha Izindlela Zethu

17. Singabafinyelela kanjani abantu abengeziwe ensimini yebandla esikulo?

17 Kuyaqondakala ukuthi izimo azibavumeli abaningi bethu ukuba baphonse “amanetha” abo emasimini ezinye izilimi. Nokho, singakwazi ukufinyelela abantu abangaphezu kwalabo esibafinyelela manje ensimini yebandla esikulo. Kanjani? Hhayi ngokushintshashintsha isigijimi sethu, kodwa izindlela zethu. Ezindaweni eziningi abantu abaningi bahlala ezakhiweni okungangeneki kalula kuzo. Abanye abaningi basuke bengekho emakhaya lapho sisenkonzweni yendlu ngendlu. Ngakho kungase kudingeke siphonse “amanetha” ethu ngezikhathi ezingafani nasezindaweni ezingafani. Ngaleyo ndlela siyobe silingisa uJesu. Wathola izindlela zokukhuluma nabantu ezimweni ezihlukahlukene.—Mathewu 9:9; Luka 19:1-10; Johane 4:6-15.

18. Kube kanjani yimpumelelo ukufakaza ezindaweni ezihlukahlukene? (Bheka nebhokisi elithi “Ukwenza Abafundi Kubantu Bamabhizinisi.”)

18 Kwezinye izingxenye zomhlaba, ukufakaza nomaphi lapho abantu bengatholakala khona kuyindlela ebalulekile yokwenza abafundi. Abenzi babafundi abangomakad’ ebona manje bagxila ekufakazeni ezindaweni ezihlukahlukene. Ngaphezu kokwenza inkonzo yendlu ngendlu, manje abamemezeli bafakaza ezikhumulweni zezindiza, emahhovisi, ezitolo, ezindaweni zokupaka, ezitobhini zamabhasi, emigwaqweni, emapaki, emabhishi nakwezinye izindawo. OFakazi abaningi abasanda kubhapathizwa eHawaii kwakhulunywa nabo okokuqala ezindaweni ezinjalo. Ukushintshashintsha izindlela zethu kusisiza sikwazi ukuwufeza ngokugcwele umyalo kaJesu wokwenza abafundi.—1 Korinte 9:22, 23.

19. Iziphi izici ezimbili zomsebenzi uJesu asithuma wona okuzoxoxwa ngazo esihlokweni esilandelayo?

19 Imininingwane yomsebenzi uJesu asinika wona ayigcinanga ngokuchaza ukuthi kungani kufanele siwenze lowo msebenzi nokuthi kufanele siwenze kuphi, kodwa yayihlanganisa nokuthi yini okufanele sishumayele ngayo futhi kufanele siqhubeke sishumayela kuze kube nini. Lezi zici ezimbili zomsebenzi uJesu asithuma wona kuzoxoxwa ngazo esihlokweni esilandelayo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 2 Kulesi sihloko sizoxoxa ngemibuzo emibili yokuqala. Eminye emibili kuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo.

^ par. 12 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokugcwaliseka kwalesi siprofetho, bheka INqabayokulinda, ka-May 15, 2001, ikhasi 12 nencwadi ethi Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu, Umqulu 2, ikhasi 408, ekhishwa oFakazi BakaJehova.

Uyakhumbula?

• Iziphi izizathu nezisusa ezisenza sishumayele ngoMbuso futhi senze abafundi?

• Izinceku zikaJehova namuhla ziwufeze ngezinga elingakanani umsebenzi uJesu asithuma wona wokwenza abantu bazo zonke izizwe abafundi?

• Singazishintshashintsha kanjani ‘izindlela zethu zokudoba,’ futhi kungani kufanele sizishintshashintshe?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 10]

Izincwadi Zezimpumputhe

U-Albert ungumdala ongumKristu futhi uyisikhonzi sesikhathi esigcwele esihlala e-United States. Uyimpumputhe. Ukusebenzisa izincwadi zeBhayibheli zeBraille kuyamsiza ukuba aphumelele kakhudlwana enkonzweni yakhe, nasemisebenzini yakhe njengombonisi wenkonzo. Usisingatha kanjani isabelo sakhe sasebandleni?

“Ebandleni lakithi asikaze sibe nombonisi wenkonzo ophumelela njengo-Albert,” kusho uJames, ongumbonisi owengamele. U-Albert ungomunye wabantu abangu-5 000 abayizimpumputhe e-United States, yonke le minyaka abebelokhu bethola izincwadi zeBhayibheli ezibhalwe ngeBraille yesiNgisi neyeSpanishi. Eqinisweni, kusukela ngo-1912, isigaba senceku ethembekile sesikhiphe izincwadi ezihlukahlukene zeBraille ezingaphezu kwekhulu. Ngokusebenzisa izindlela ezithuthukile, manje izindawo zoFakazi BakaJehova zokunyathelisa zikhiqiza izigidi zamakhasi eBraille unyaka ngamunye ngezilimi ezingaphezu kweshumi zithunyelwe emazweni angaphezu kuka-70. Ukhona omaziyo ongazuza ezincwadini zeBhayibheli ezibhalelwe abangaboni?

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 11]

ULimi Lwezandla Nokwenza Abafundi

Izinkulungwane zoFakazi emhlabeni wonke, kuhlanganise nentsha eningi eshisekayo, ziye zafunda ulimi lwezandla ukuze zisize abantu abayizithulu babe abafundi bakaKristu. Ngenxa yalokho, eBrazil nje kuphela, kuye kwabhapathizwa abantu abayizithulu abangu-63 onyakeni wamuva nje futhi manje oFakazi abayizithulu abangu-35 lapho bangabashumayeli besikhathi esigcwele. Emhlabeni wonke, kunamabandla namaqembu olimi lwezandla angaphezu kuka-1 200. Isifunda solimi lwezandla okuyiso sodwa eRussia, siyisifunda esikhulu kunazo zonke emhlabeni, njengoba sihlanganisa lonke izwe laseRussia!

[Ibhokisi ekhasini 12]

Ukwenza Abafundi Kubantu Bamabhizinisi

Ngesikhathi ehambele abantu bamabhizinisi emahhovisi abasebenza kuwo, uFakazi othile eHawaii waxoxa nomphathi wenkampani yezokuthutha. Nakuba le ndoda yayimatasa, nokho yavuma ukufunda iBhayibheli imizuzu engu-30 ngesonto ehhovisi layo. Njalo ngoLwesithathu ekuseni, itshela izisebenzi zayo ukuba zingayiphazamisi ngezingcingo bese igxilisa ingqondo esifundweni. Omunye uFakazi eHawaii ufunda iBhayibheli kanye ngesonto nomnini-sitolo esikhanda izicathulo. Isifundo siqhutshelwa khona lapho etafuleni lokuthengisela. Uma kungena ikhasimende, uFakazi ugudlukela eceleni, kuthi uma selihamba, siqhubeke futhi isifundo.

Bobabili, lo mphathi wenkampani nomnini-sitolo, bátholwa ngoba lab’ oFakazi bathatha isinyathelo sokuphonsa “amanetha” abo ezindaweni ezihlukile. Zikhona izindawo ensimini yebandla lakini ocabanga ukuthi ungathola kuzo abantu okunzima ukubathola emakhaya?

[Isithombe ekhasini 12]

Ungakhonza yini ensimini yolunye ulimi?