Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe NguNkulunkulu Okumelwe Asolwe Ngezinkinga Zethu?

Ingabe NguNkulunkulu Okumelwe Asolwe Ngezinkinga Zethu?

Ingabe NguNkulunkulu Okumelwe Asolwe Ngezinkinga Zethu?

LAPHO indodakazi kaMarion esikhulile ilimala kabi ebuchosheni, uMarion wenza lokho iningi lethu elingakwenza. * Wathandaza kuNkulunkulu ecela usizo. “Angikhumbuli nesisodwa isikhathi lapho ngazizwa ngingenalusizo futhi ngishiyiwe njengaleso sikhathi,” kusho uMarion. Kamuva, isimo sendodakazi yakhe saba sibi kakhulu, futhi uMarion waqala ukuba nokungabaza ngoNkulunkulu. Wabuza, “Kungani lokhu kwakwenzeka?” Wayengaqondi ukuthi uNkulunkulu onothando nonakekelayo wayengamshiya kanjani dengwane.

Ubuhlungu obazwiwa uMarion buvame kakhulu. Emhlabeni wonke abantu abaningi baye baba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wabashiya ngezikhathi zobunzima. “Ngikhathazwa umbuzo othi ‘kungani UNKULUNKULU evumela izinto ezimbi ukuba zenzeke,’” kusho uLisa ngemva kokushonelwa umzukulu wakhe. “Angikaphelelwa ukholo kuNkulunkulu, kodwa alusaqinile njengakuqala.” Ngokufanayo, omunye wesifazane, ngemva kokushonelwa indodana yakhe esewusana enhlekeleleni engenangqondo, wathi: “UNkulunkulu akazange angiduduze kulokhu okungehlele. Akazange angibonise luphawu lokuthi unendaba noma isihawu.” Wanezela: “Angisoze ngimxolele uNkulunkulu.”

Abanye bathukuthelela uNkulunkulu lapho bebheka umhlaba. Babona amazwe akhungethwe ubumpofu nendlala, ababaleki abangenathemba, izintandane ezingenakubalwa ezibangelwa ingculaza nezigidi zabantu ezihlushwa ezinye izifo. Lapho lezi zinto nolunye usizi olufanayo kugadla, abaningi basola uNkulunkulu ngoba kubonakala sengathi akathathi sinyathelo.

Nokho, iqiniso liwukuthi, uNkulunkulu akufanele asolwe ngezinkinga ezihlupha isintu. Empeleni, kunezizathu ezizwakalayo zokukholelwa ukuthi ngokushesha uNkulunkulu uzowulungisa umonakalo owenziwe kubantu. Sikumema ukuba ufunde isihloko esilandelayo, ubone ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela ngempela.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Amagama ashintshiwe.