Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Nibafundise Ukugcina Konke Enginiyale Ngakho”

“Nibafundise Ukugcina Konke Enginiyale Ngakho”

“Nibafundise Ukugcina Konke Enginiyale Ngakho”

“Ngakho-ke hambani niyokwenza . . . abafundi . . . , nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”—MATHEWU 28:19, 20.

1. Yayithini ingxoxo eyayiphakathi komfundi uFilipi nendoda yaseTopiya?

INDODA eyayisuka eTopiya yayihambe yaze yafika eJerusalema. Lapho, yakhulekela uNkulunkulu eyayimthanda, uJehova. Kusobala ukuthi yayilithanda neZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. UFilipi, umfundi kaKristu, wahlangana nayo lapho isenqoleni yayo isiphindela ekhaya, ifunda ikhophi yemibhalo yomprofethi u-Isaya. UFilipi wabuza lo mTopiya: “Empeleni, ingabe uyakwazi lokho okufundayo?” Le ndoda yaphendula yathi: “Ngingakwazi kanjani nje nempela, ngaphandle kokuba othile angiqondise?” UFilipi wabe esemsiza lo mfundi wemiBhalo oqotho ukuba abe umfundi kaKristu.—IzEnzo 8:26-39.

2. (a) Kungani yayiphawuleka impendulo yomTopiya? (b) Imiphi imibuzo ehlobene nomyalo kaKristu wokuba kwenziwe abafundi esizoxoxa ngawo?

2 Iyaphawuleka impendulo yomTopiya. Wathi: ‘Ngingakwazi kanjani, ngaphandle kokuba othile angiqondise.’ Yebo, wayedinga umqondisi, umuntu owayezomhola. Le mpendulo ngokwayo ibonisa ukubaluleka komyalo othile uJesu awusho lapho ethuma abalandeli bakhe ukuba bayokwenza abafundi. Imuphi lowo myalo? Ukuze sithole impendulo, masiqhubeke nengxoxo yethu yamazwi kaJesu atholakala kuMathewu isahluko 28. Isihloko esandulele siye sagxila embuzweni othi kungani? nothi kuphi? Manje sizoxoxa ngeminye imibuzo emibili ehlobene nomyalo kaKristu wokuba kwenziwe abafundi—othi ini? nothi nini?

“Nibafundise Ukugcina Konke”

3. (a) Umuntu uba kanjani umfundi kaJesu Kristu? (b) Ukwenza abafundi kuhilela ukufundisani?

3 Yini okumelwe siyifundise ukuze sisize abanye babe abafundi bakaKristu? UJesu wayala abalandeli bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) Ngakho, kumelwe sifundise izinto uKristu ayala ngazo. * Yini, kodwa, ezoqinisekisa ukuthi umuntu ofundiswa imiyalo kaJesu akagcini ngokuthatha isinyathelo sokuba umfundi kodwa uzoqhubeka enguye? Esinye isici sibonakala emazwini kaJesu akhethwe ngokucophelela. Phawula, akamanange nje wathi: ‘Nibafundise konke enginiyale ngakho.’ Kunalokho, wathi: “Nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 19:17) Kusho ukuthini lokho?

4. (a) Kusho ukuthini ukugcina umyalo? (b) Fanekisa indlela esifundisa ngayo umuntu ukugcina imiyalo kaKristu.

4 Ukugcina umyalo kusho ukuthi umuntu “uvumelanisa isenzo sakhe” nalowo myalo—uyawulalela, noma uyawenza. Simfundisa kanjani-ke umuntu ukuba agcine, noma alalele, izinto uKristu ayala ngazo? Cabanga ngendlela umuntu ofundisa ukushayela afundisa ngayo abafundi bakhe ukugcina imithetho yomgwaqo. Umfundisi angase afundise abafundi bakhe imithetho yomgwaqo besekilasini. Nokho, ukuze abafundise ukuthi isebenza kanjani leyo mithetho, kumelwe abaqondise abafundi lapho beshayela ngokoqobo emgwaqweni futhi bezama ukwenza lokho abakufundile. Ngokufanayo, lapho sifunda nabantu iBhayibheli, sibafundisa imiyalo kaKristu. Nokho, kudingeka futhi sibaqondise abafundi njengoba bezama ukusebenzisa imiyalo kaKristu ekuphileni kwabo kwansuku zonke nasenkonzweni. (Johane 14:15; 1 Johane 2:3) Ngakho, ukuwufeza ngokugcwele umyalo kaKristu wokwenza abafundi kudinga ukuba sibe yikho kokubili abafundisi nabaqondisi. Ngaleyo ndlela, siyobe silingisa isibonelo esabekwa uJesu noJehova ngokwakhe.—IHubo 48:14; IsAmbulo 7:17.

5. Yini engabangela umuntu esifunda naye iBhayibheli ukuba anqikaze ukulalela umyalo kaKristu wokwenza abafundi?

5 Ukufundisa abanye ukugcina imiyalo kaJesu kuhlanganisa nokubasiza balalele umyalo wokwenza abafundi. Kungase kwesabise lokho kwabanye esifunda nabo iBhayibheli. Ngisho noma esikhathini esidlule bebengamalungu akhuthele esonto elithile leLobukholwa, cishe abafundisi babo benkolo abazange babafundise ukuba bahambe bayokwenza abafundi. Abanye abaholi bamasonto bayavuma ukuthi uma kuziwa endabeni yokufundisa imihlambi yawo ukushumayela, amasonto eLobukholwa ahluleka ngokuphelele. Sikhuluma ngomyalo kaJesu wokuba kuyiwe ezweni kusizwe zonke izinhlobo zabantu zibe abafundi, isazi seBhayibheli uJohn R. W. Stott sathi: “Ukwehluleka kwethu ukulalela lokho okushiwo yilo myalo kuwubuthaka bamaKristu obukhulu kunabo bonke uma kuziwa ekushumayeleni ivangeli namuhla.” Sanezela: “Thina sivama ukumemezela isigijimi sethu sime kude. Ngezinye izikhathi sifana nabantu abami endaweni ephephile ogwini lolwandle bamemeze abantu abaminzayo babatshele ukuthi yini okumelwe bayenze. Asingeni emanzini sibahlenge. Siyesaba ukuba manzi.”

6. (a) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaFilipi lapho sisiza umfundi weBhayibheli? (b) Singakubonisa kanjani ukukhathalela kwethu lapho umfundi weBhayibheli eqala ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela?

6 Uma umuntu esifunda naye iBhayibheli ayekade eyilungu lenkolo ‘eyesabayo ukuba manzi,’ kungaba nzima ngaye ukunqoba ukwesaba amanzi, okungukuthi ukushumayela, alalele umyalo kaKristu wokwenza abafundi. Usuke ezodinga usizo. Ngakho kudingeka sibe nesineke lapho simnika uhlobo lwesiyalo nesiqondiso oluzojulisa ukuqonda kwakhe futhi lumenze athathe isinyathelo, njengoba nje imfundiso kaFilipi yamkhanyisela umTopiya yamenza wabhapathizwa. (Johane 16:13; IzEnzo 8:35-38) Ngaphezu kwalokho, isifiso sethu sokufundisa abafundi beBhayibheli ukuba bagcine umyalo wokwenza abafundi senza ukuba sisebenze nabo sibaqondise lapho bethatha izinyathelo zokuqala ekushumayeleni ngoMbuso.—UmShumayeli 4:9, 10; Luka 6:40.

“Konke Enginiyale Ngakho”

7. Ukufundisa abanye ‘ukugcina konke’ kuhlanganisa namiphi imiyalo?

7 Asigcini ngokumane nje sifundise abafundi abasha ukwenza abafundi. UJesu wasiyala ukuba sifundise abanye “ukugcina konke” ayale ngakho. Ngokuqinisekile lokho kuhlanganisa nemiyalo emibili emikhulu kunayo yonke—ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane. (Mathewu 22:37-39) Angafundiswa kanjani umfundi omusha ukugcina leyo miyalo?

8. Fanekisa indlela umfundi omusha angafundiswa ngayo umyalo wokubonisa uthando.

8 Cabanga futhi ngomfanekiso womuntu ofunda ukushayela. Njengoba eshayela phakathi kwezinye izimoto, umfundisi eseceleni kwakhe, umfundi akagcini ngokufunda ngokulalela umfundisi wakhe kodwa futhi nangokubheka abanye abashayeli. Ngokwesibonelo, umfundisi angase ambonise umshayeli ovumela omunye ngomusa ukuba angene phambi kwakhe; noma umshayeli ofiphaza izibani zakhe ukuze angabaxhophi abashayeli abeza ngakuye; noma umshayeli osiza umuntu amaziyo ophukelwe imoto. Izibonelo ezinjalo zifundisa umfundi izifundo ezibalulekile angazisebenzisa lapho eseshayela. Ngokufanayo, umfundi omusha ohamba emgwaqweni oya ekuphileni akafundi kumfundisi wakhe kuphela kodwa nasezibonelweni ezinhle azibona ebandleni.—Mathewu 7:13, 14.

9. Umfundi omusha ufunda kanjani ukuthi kusho ukuthi ukugcina umyalo wokubonisa uthando?

9 Ngokwesibonelo, umfundi weBhayibheli angase abone umzali ongayedwa owenza umzamo omkhulu wokuza eHholo LoMbuso nezingane zakhe ezincane. Angase abone othile odangele ongaphuthi emihlanganweni naphezu kokulwisana nokucindezeleka, umfelokazi osekhulile oletha ngemoto abanye asebekhulile emhlanganweni ngamunye webandla, noma osemusha ohlanganyela ekuhlanzweni kweHholo LoMbuso. Mhlawumbe umfundi weBhayibheli angase aqaphele umdala webandla ohola ngokwethembeka enkonzweni yasensimini naphezu kwemisebenzi yakhe eminingi yasebandleni. Kungenzeka afike ekhaya likaFakazi okhubazekile ongasaphumi endlini kodwa oyisikhuthazo esingokomoya kubo bonke abamvakashelayo. Noma, umfundi angase abone umbhanqwana owenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwawo ukuze unakekele abazali asebekhulile. Ngokubona amaKristu anjalo anomusa, asizayo nanokwethenjelwa, umfundi omusha ufunda ngezibonelo ukuthi kusho ukuthini ukulalela umyalo kaKristu wokuthanda uNkulunkulu nomakhelwane, ikakhulukazi labo akholwa nabo. (IzAga 24:32; Johane 13:35; Galathiya 6:10; 1 Thimothewu 5:4, 8; 1 Petru 5:2, 3) Ngale ndlela, ngalinye ilungu lebandla lobuKristu lingaba umfundisi nomqondisi—futhi kufanele libe nguye.—Mathewu 5:16.

“Kuze Kube Isiphelo Sesimiso Sezinto”

10. (a) Kuyoze kube nini senza abafundi? (b) UJesu wasibekela siphi isibonelo maqondana nokwenza lokho umuntu akuthunyiwe?

10 Kufanele sibenze kuze kube nini abafundi? Kuze kuphele inkathi yesiphelo sesimiso sezinto. (Mathewu 28:20) Ingabe sizokwazi yini ukusifeza lesi sici somsebenzi uJesu asithuma wona? Njengebandla lomhlaba wonke, sizimisele ukusifeza. Eminyakeni edlule siye sasebenzisa isikhathi sethu, amandla ethu nezimali zethu ukuze sithole labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ (IzEnzo 13:48) Kumanje oFakazi BakaJehova bachitha isilinganiso samahora angaphezu kwezigidi ezintathu usuku ngalunye beshumayela ngoMbuso futhi benza abafundi emhlabeni wonke. Senza kanjalo ngoba silandela isibonelo sikaJesu. Wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) Nathi yisifiso sethu leso. (Johane 20:21) Asifuni ukuwuqala nje kuphela lo msebenzi esiwunikeziwe; sifuna ukuwuqeda.—Mathewu 24:13; Johane 17:4.

11. Kwenzekeni kwabanye abafowethu nodadewethu abangamaKristu, futhi yini okufanele sizibuze yona?

11 Nokho, kuyasidabukisa ukuphawula ukuthi abanye esikholwa nabo sebebuthaka ngokomoya, futhi ngenxa yalokho sebehlise ijubane noma bayeka ukugcina umyalo kaKristu wokwenza abafundi. Ikhona yini indlela esingabasiza ngayo baphinde bahlanganyele nebandla futhi baqale kabusha ukwenza abafundi? (Roma 15:1; Hebheru 12:12) Indlela uJesu ásiza ngayo abaphostoli bakhe lapho bebuthaka okwesikhashana ibonisa lokho esingase sikwenze namuhla.

Bonisa Ukukhathalela

12. (a) Yini abaphostoli bakaJesu abayenza ngaphambi nje kokufa kwakhe? (b) UJesu wabaphatha kanjani abaphostoli bakhe naphezu kokuba babebonise ubuthaka obukhulu?

12 Ekupheleni kwenkonzo kaJesu yasemhlabeni, lapho ukufa kwakhe sekusondele, abaphostoli “bamshiya babaleka.” Njengoba uJesu ayebikezele, ‘bahlakazeka ngamunye waya endlini yakhe.’ (Marku 14:50; Johane 16:32) UJesu wakusingatha kanjani lokhu kuba buthaka ngokomoya kwabangane bakhe? Ngemva nje kokuvuswa kwakhe, uJesu wathi kwabanye babalandeli bakhe: “Ningesabi! Hambani niyobikela abafowethu, ukuze bahambe baye eGalile; bazongibona khona.” (Mathewu 28:10) Nakuba abaphostoli babebonise ubuthaka obukhulu, uJesu waqhubeka ebabiza ngokuthi “abafowethu.” (Mathewu 12:49) Wayengalilahlanga ithemba ngabo. Ngale ndlela, uJesu waba nomusa futhi wathethelela, njengoba nje noJehova enomusa futhi ethethelela. (2 AmaKhosi 13:23) Singamlingisa kanjani uJesu?

13. Kufanele sibabheke kanjani labo asebebuthaka ngokomoya?

13 Kufanele sibakhathalele ngokujulile labo abaye behlisa ijubane noma bayeka ukuhlanganyela enkonzweni. Sisayikhumbula imisebenzi yothando abayenza esikhathini esidlule laba esikholwa nabo—abanye babo abayenze mhlawumbe amashumi eminyaka. (Hebheru 6:10) Ngempela siyabakhumbula. (Luka 15:4-7; 1 Thesalonika 2:17) Nokho, singabonisa kanjani ukuthi siyabakhathalela?

14. Singamlingisa kanjani uJesu ekusizeni umuntu obuthaka?

14 UJesu watshela labo baphostoli ababedangele ukuthi kufanele baye eGalile nokuthi babezombona khona. Eqinisweni, uJesu wayebamemela emhlanganweni okhethekile. (Mathewu 28:10) Ngokufanayo namuhla, sikhuthaza labo ababuthaka ngokomoya ukuba beze emihlanganweni yebandla lobuKristu, futhi kungase kudingeke sibakhuthaze kaningana ukuba benze kanjalo. Kubaphostoli, saba nezithelo leso simemo, ngoba “abafundi abayishumi nanye baya eGalile entabeni lapho uJesu ayebahlelele khona.” (Mathewu 28:16) Asive sijabula lapho ababuthaka besabela ngendlela efanayo esimemweni sethu sothando futhi bephinde beqala ukuza emihlanganweni yobuKristu.—Luka 15:6.

15. Singasilandela kanjani isibonelo sikaJesu lapho samukela ababuthaka abeza emihlanganweni yethu?

15 Siyokwenze njani lapho umKristu obuthaka efika eHholo LoMbuso? UJesu yena wenze njani lapho ebona abaphostoli bakhe, abalukholo lwabo beluke lwaba buthaka okwesikhashana, besendaweni ababezohlangana kuyo? “UJesu wasondela wakhuluma nabo.” (Mathewu 28:18) Akazange abagqolozele ekude kodwa waya kubo. Cabanga nje ukuthi abaphostoli bazizwa bekhululeke kanjani lapho uJesu ethatha isinyathelo kuqala! Kwangathi nathi singathatha isinyathelo kuqala sibamukele ngemfudumalo labo ababuthaka ngokomoya abenza umzamo wokubuyela ebandleni lobuKristu.

16. (a) Yini esingayifunda endleleni uJesu abaphatha ngayo abalandeli bakhe? (b) Singaba kanjani nombono onjengokaJesu ngababuthaka? (Bheka umbhalo waphansi.)

16 Yini enye uJesu ayenza? Okokuqala, wenza isaziso: “Nginikwe lonke igunya.” Okwesibili, wabanika umsebenzi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza . . . abafundi.” Okwesithathu, wenza isithembiso: “Nginani izinsuku zonke.” Kodwa uyakuphawula yini lokho uJesu angazange akwenze? Akazange abathethise abafundi ngokwehluleka kwabo nangokungabaza kwabo. (Mathewu 28:17) Ingabe le ndlela yakhe yaphumelela? Yebo. Kungakapheli sikhathi esingakanani, abaphostoli bakhe base bebuyele emsebenzini, “befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle.” (IzEnzo 5:42) Ngokulandela isibonelo sikaJesu sendlela okufanele sibabheke ngayo futhi sibaphathe ngayo ababuthaka, singabona imiphumela ejabulisa ngendlela efanayo emabandleni esikuwo. *IzEnzo 20:35.

“Nginani Izinsuku Zonke”

17, 18. Yini esiqinisayo emazwini kaJesu athi, “nginani izinsuku zonke”?

17 Amazwi kaJesu okugcina lapho ethuma abafundi bakhe, athi, “nginani izinsuku zonke,” aqukethe isikhuthazo kubo bonke abalwela ukugcina umyalo kaKristu wokwenza abafundi. Kungakhathaliseki ukuthi izitha ziwuphikisa kangakanani umsebenzi wethu wokushumayela ngoMbuso nokuthi zisinyundela kanjani, akudingekile sesabe. Ngani? UJesu uMholi wethu, onalo “lonke igunya ezulwini nasemhlabeni,” unathi, uyasisekela!

18 Isithembiso sikaJesu sokuthi “nginani izinsuku zonke” sisinika induduzo enkulu futhi. Njengoba sizikhandla ukuze sigcine umyalo kaKristu wokwenza abafundi, ngezinye izinsuku siyajabula kodwa futhi ngezinye siyadabuka. (2 IziKronike 6:29) Abanye bethu bafikelwa izikhathi ezilusizi lapho kufa othandekayo. (Genesise 23:2; Johane 11:33-36) Abanye babhekene nokuguga, lapho impilo iwohloka namandla ephela. (UmShumayeli 12:1-6) Abanye futhi ngezinye izikhathi bayacindezeleka. (1 Thesalonika 5:14) Kanti bayanda phakathi kwethu abathwele kanzima kakhulu ngokwezomnotho. Nokho, naphezu kobunzima obunjalo, siyaphumelela enkonzweni yethu ngoba uJesu unathi “izinsuku zonke,” nangalezo ezinzima kakhulu ekuphileni kwethu.—Mathewu 11:28-30.

19. (a) Iziphi iziyalezo eziqukethwe umyalo kaJesu wokuba kwenziwe abafundi? (b) Yini eyenza sikwazi ukufeza umsebenzi uKristu asithume wona?

19 Njengoba sibonile kulesi sihloko nakwesandulele, amazwi kaJesu asithuma ukuba senze abafundi ahlanganisa zonke izici. UJesu wasitshela ukuthi kungani kufanele siwenze lo msebenzi nokuthi kufanele siwenze kuphi. Wasitshela nokuthi yini okufanele siyifundise nokuthi kufanele sifundise kuze kube nini. Kuyiqiniso ukuthi ukugcina lo myalo omkhulu akulula. Kodwa njengoba uKristu esisekela ngegunya lakhe futhi eseceleni kwethu, singawenza! Awuvumi wena?

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 3 Enye incwadi iveza ukuthi uJesu akashongo ukuthi, nibabhapathize bese niyabafundisa kodwa wathi “nibabhapathize . . . nibafundise.” Ngakho, umyalo wokuba babhapathizwe futhi bafundiswe ‘awuzona ngempela izenzo ezimbili ezilandelanayo.’ Kunalokho, “ukufundisa kuyinto eqhubekayo, eyandulela ubhapathizo ngezinga elithile . . . iphinde ilandele ubhapathizo ngezinga elithile.”

^ par. 16 Ukwaziswa okwengeziwe ngendlela okufanele sibabheke futhi sibasize ngayo ababuthaka kutholakala kuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, 2003, amakhasi 15-18.

Ungaphendula Uthini?

• Sibafundisa kanjani abanye ukuba bagcine lokho uJesu ayala ngakho?

• Iziphi izifundo umfundi omusha angazifunda kwabanye ebandleni?

• Yini esingayenza ukuze sisize labo asebebuthaka ngokomoya?

• Sisiqinisa futhi sisiduduze kanjani isithembiso sikaJesu esithi “nginani izinsuku zonke”?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 15]

Kudingeka sibe yikho kokubili abafundisi nabaqondisi

[Izithombe ekhasini 17]

Umfundi omusha ufunda izifundo ezibalulekile ezibonelweni ezibekwa abanye