Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

UJesu wayesho ukuthini lapho ethi kubafundi bakhe: “Ngaqala ukubona uSathane esewile kakade njengombani uvela ezulwini”?

UJesu wayesanda kukhetha abafundi abangu-70, futhi ‘wabathuma ngababili ngaphambi kwakhe kuyo yonke imizi nezindawo yena ngokwakhe ayezofika kuzo.’ Lapho bebuya laba abangu-70, babejabula ngokuphumelela komsebenzi wabo. Bathi: “Nkosi, ngisho namademoni ayasithobela ngokusebenzisa igama lakho.” Kulokho, uJesu wathi: “Ngaqala ukubona uSathane esewile kakade njengombani uvela ezulwini.”—Luka 10:1, 17, 18.

Ekuqaleni kungase kubonakale sengathi uJesu wayekhuluma ngento esiyenzekile kakade. Kodwa, ngemva kweminyaka engu-60 uJesu asho la mazwi angenhla, umphostoli uJohane osegugile washo amazwi afanayo lapho ebhala: “Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.”—IsAmbulo 12:9.

Ngesikhathi uJohane ebhala lawo mazwi, uSathane wayesahlala ezulwini. Sazi ngani? Ngoba incwadi yesAmbulo iyincwadi yesiprofetho, ayiyona incwadi yomlando. (IsAmbulo 1:1) Ngakho, ngosuku lukaJohane uSathane wayengakaphonswa phansi emhlabeni. Eqinisweni, ubufakazi bubonisa ukuthi lokho kwaze kwenzeka ngemva nje kokubekwa kukaJesu esihlalweni sobukhosi njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ngo-1914. *IsAmbulo 12:1-10.

Pho kungani uJesu akhuluma ngokuxoshwa kukaSathane ezulwini njengokungathi kwase kwenzekile? Ezinye izazi zithi uJesu wayekhuza abafundi bakhe ngokubonisa ukuqhosha okungafanele. Zikholelwa ukuthi, eqinisweni, wayethi: ‘Yebo niwanqobile amademoni, kodwa ningaqhoshi. USathane waqhosha, wawa ngokushesha.’

Ngeke sagomela kule ndaba. Nokho, kubonakala sengathi uJesu wayejabula kanye nabafundi bakhe futhi ekhuluma ngokuwa kukaSathane esikhathini esizayo. UJesu nguye owayazi ubutha bukaDeveli obunonya ukwedlula noma imuphi kubafundi bakhe. Cabanga ngenjabulo kaJesu lapho ezwa ukuthi amademoni anamandla ayethobela abafundi bakhe abangabantu abangaphelele! Lokhu kuthotshiswa kwamademoni kwakumane nje kungumbono walokho okwakuzokwenzeka lapho uJesu, enguMikayeli ingelosi enkulu, elwa noSathane futhi emkhipha ezulwini emlahlela emhlabeni.

Kusobala ukuthi lapho uJesu ethi wabona uSathane “esewile kakade,” wayegcizelela ukuthi ukuwa kukaSathane kuyinto eqinisekile. Lokhu kuyafana nezinye iziprofetho zeBhayibheli ezisebenzisa inkathi edlule lapho zikhuluma ngezinto ezisazokwenzeka. Ngokwesibonelo, phawula ukuxutshwa kwenkathi edlule nenkathi ezayo esiprofethweni esiphathelene noMesiya ku-Isaya 52:13–53:12. Cishe uJesu wayeveza ukuqiniseka ngokuthi ukuxoshwa kukaSathane ezulwini kwakuzokwenzeka ngokuvumelana nentando kaYise. UJesu futhi wayeqiniseka ngokuthi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, uSathane namademoni akhe babezofakwa kwalasha kamuva babhujiswe unomphela.—Roma 16:20; Hebheru 2:14; IsAmbulo 20:1-3, 7-10.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 5 Bheka incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, isahluko 10 nethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! isahluko 27, ezikhishwa oFakazi BakaJehova.