Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sasiphila Ngamandla KaJehova

Sasiphila Ngamandla KaJehova

Indaba Yokuphila

Sasiphila Ngamandla KaJehova

ILANDISWA U-ERZSÉBET HAFFNER

“Ngeke ngibavumele bakudingise,” kusho uTibor Haffner lapho ezwa ukuthi ngiyalwe ukuba ngihambe eCzechoslovakia. Wabe esenezela: “Uma uvuma, ngizoshada nawe, futhi uyohlala nami kuze kube phakade.”

NGO-JANUARY 29, 1938, ngemva kwamasonto ambalwa nje ngithole leso sicelo somshado esasingalindelekile, ngashada noTibor, umzalwane ongumKristu owaba ngowokuqala ukufakaza emkhayeni wakithi. Kwakuyisinqumo esinzima. Ngangisanda kuhlanganisa iminyaka engu-18 ubudala, futhi njengesikhonzi sesikhathi esigcwele esinguFakazi KaJehova, ngangifuna ukuchitha sonke isikhathi sami sobusha enkonzweni kaNkulunkulu. Ngakhala. Ngathandaza. Kungemva kokuba sengehlise umoya lapho ngaqaphela khona ukuthi uTibor wayengibonisa umusa ongavamile, futhi ngaba nomuzwa wokuthi ngifuna ukuhlala nayo le ndoda eyayingithanda ngobuqotho.

Kodwa kungani ngangisengozini yokudingiswa? Angithi ngangihlala ezweni eliqhosha ngombuso walo wentando yeningi kanye nenkululeko engokwenkolo. Ngicabanga ukuthi kuleli qophelo kudingeka ngikutshele okwengeziwe ngomlando wami.

Ngazalwa ngo-December 26, 1919, abazali abangamaKatolika aseGrisi, emzini waseSajószentpéter eHungary ongamakhilomitha acishe abe ngu-160 ukuya empumalanga yeBudapest. Okudabukisayo ukuthi ubaba washona ngingakazalwa. Ngokushesha umama wagana umfelwa owayenabantwana abane, futhi sathuthela eLučenec, idolobha elihle elalisendaweni eyayiyiCzechoslovakia ngaleso sikhathi. Ngaleso sikhathi, ukuhlala nomkhaya wokutholwa kwakungelula. Njengoba ngangiwuthumbu kubantwana abahlanu, ngangizizwa ngikhishwa inyumbazane. Isimo somnotho sasinzima, futhi ngangingancishwa izinto ezibonakalayo kuphela kodwa nesilinganiso esifanele sokunakwa ngabazali nesothando lwabo.

Ukhona Oyaziyo Impendulo?

Lapho ngineminyaka engu-16 ubudala, ngangikhathazwa imibuzo ejulile. Ngawufunda ngentshiseko umlando weMpi Yezwe 1, futhi ngashaqiswa yikho konke ukubulalana okwakwenzeka phakathi kwezizwe eziphucuzekile ezithi zingamaKristu. Ngaphezu kwalokho, kuyo yonke indawo ngangibona umoya okhulayo wokuvivela impi. Akukho okwakuvumelana nokuthanda umakhelwane engangikufunde esontweni.

Ngakho, ngaya kumfundisi wamaRoma Katolika, ngambuza: “Yimuphi umyalo okufanele usibophe njengamaKristu—ukuya empini sibulale omakhelwane bethu noma ukubathanda?” Ecasulwe umbuzo wami, waphendula wathi wayefundisa lokho ayekuthola emagunyeni aphakeme. Kwenzeka okufanayo lapho ngivakashela umfundisi wesonto labalandeli bakaCalvin norabi wesonto lamaJuda. Angitholanga mpendulo, kunalokho babemane bamangale nje ngenxa yombuzo wami ongavamile. Ekugcineni, ngaya kumfundisi wamaLuthela. Wacasuka, kodwa ngaphambi kokuba ngihambe, wathi: “Uma uyifuna ngempela impendulo, buza oFakazi BakaJehova.”

Ngazama ukubathola oFakazi kodwa ngahluleka. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva lapho ngifika ekhaya ngivela emsebenzini, ngabona umnyango uvuleke kancane. Kwakunensizwa ebukekayo eyayifundela umama iBhayibheli. Kwafika umqondo wokuthi, ‘Kumelwe kube nguye uFakazi KaJehova lo!’ Sayingenisa le nsizwa, uTibor Haffner, ngaphinda imibuzo yami. Esikhundleni sokungiphendula ngamazwi ayo, yangibonisa lokho okushiwo iBhayibheli ngophawu lwamaKristu eqiniso nangezikhathi esiphila kuzo.—Johane 13:34, 35; 2 Thimothewu 3:1-5.

Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokuba ngibe neminyaka engu-17 ubudala, ngabhapathizwa. Ngaba nomuzwa wokuthi wonke umuntu kufanele awezwe la maqiniso ayigugu engangiwathole kanzima kangaka. Ngaqala ukushumayela isikhathi esigcwele, okwakuyinselele ukukwenza eCzechoslovakia ekupheleni kwawo-1930. Nakuba umsebenzi wethu wawubhaliswe ngokomthetho, sasibhekene nokuphikiswa okukhulu okwakushoshozelwa abefundisi.

Ukubhekana Noshushiso Okokuqala

Ngolunye usuku ngasekupheleni kuka-1937, ngangishumayela nomunye udade ongumKristu emzini oseduze kwaseLučenec. Ngokushesha saboshwa sayiswa ejele. “Nizofela la,” kusho unogada, ebhaklaza umnyango wesitokisi sethu.

Kwathi kuhlwa, sase sivalelwe neziboshwa ezine esitokisini sethu. Saqala ukuziduduza lezi ziboshwa futhi safakaza kuzo. Zazola, futhi sazixoxela ubusuku bonke ngeqiniso eliseBhayibhelini.

Ngehora lesithupha ekuseni, unogada wangibiza esitokisini. Ngathi kumngane wami: “Siyohlangana futhi eMbusweni kaNkulunkulu.” Ngamcela ukuba atshele umkhaya wakithi okwakwenzekile uma yena ayesindile. Ngathandaza buthule ngase ngihamba nonogada. Wangiyisa egumbini lakhe elalikhona lapho ejele. “Nginemibuzo kuwe, ntombazane,” esho. “Izolo ebusuku uthe igama likaNkulunkulu nguJehova. Ungangibonisa lokho eBhayibhelini?” Yeka indlela engamangala ngayo futhi ngakhululeka ngayo. Walanda iBhayibheli lakhe, ngambonisa yena nomkakhe igama likaJehova. Wayeneminye futhi imibuzo eminingi maqondana nezindaba esasizixoxe ebusuku nalabaya besifazane abane. Enelisiwe izimpendulo, wacela umkakhe ukuba asilungiselele ukudla kwasekuseni, mina nomngane wami.

Ngemva kwezinsuku ezimbalwa sakhululwa, kodwa umahluleli wanquma ukuba ngihambe eCzechoslovakia, ngoba ngangiyisakhamuzi saseHungary. Kungemva kwalesi senzakalo lapho uTibor Haffner angicela khona ukuba ngibe umkakhe. Sashada, ngase ngithuthela kubo.

Ushushiso Luyakhula

Saqhubeka sifakaza njengombhanqwana, nakuba uTibor ayenomsebenzi wenhlangano okwakumelwe awenze. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba amasosha aseHungary angene edolobheni lakithi ngo-November 1938, kwazalwa indodana yethu, uTibor, Jr. EYurophu, iMpi Yezwe II yayisinuka emakhaleni. Ingxenye enkulu yeCzechoslovakia yathathwa iHungary, okwabangela ushushiso olwengeziwe koFakazi BakaJehova ababehlala kulezo zindawo ezazithathiwe.

Ngo-October 10, 1942, uTibor waya eDebrecen eyohlangana nabanye abazalwane. Nokho, kulokhu akabuyanga. Kamuva wangitshela okwenzeka. Esikhundleni sabazalwane, kwakunamaphoyisa ayegqoke izingubo ezivamile kulelo bhuloho okwakuzohlanganwa kulo. Ayelinde umyeni wami noPál Nagypál, abafika ekugcineni. Lawo maphoyisa abayisa esiteshini sawo futhi abashaya ezinyaweni ngezinduku baze baquleka ngenxa yezinhlungu.

Kwabe sekuthiwa abagqoke amabhuzu abo bame ngezinyawo. Naphezu kwalobo buhlungu, baphoqwa ukuba baye esiteshini sesitimela. Amaphoyisa eza nenye indoda eyayiboshwe ikhanda ngamabhandishi kunzima nokuba ibone. KwakunguMzalwan’ u-András Pilling, naye owayeye kulowo mhlangano. Umyeni wami wathathwa ngesitimela ukuze ayoboshwa e-Alag, eduze kwaseBudapest. Omunye wonogada owabona izinyawo zikaTibor ezazilimele wambhuqa wathi: “Abeve benonya abanye abantu! Ungakhathazeki, sizokwelapha.” Abanye onogada ababili baqala ukushaya uTibor ezinyaweni, igazi lachaphazeleka yonke indawo. Ngemva kwesikhashana nje, waquleka.

Ngenyanga elandelayo, uTibor nabanye abazalwane nodade abangaphezu kuka-60 baquliswa enkantolo. ABazalwane u-András Bartha, uDénes Faluvégi noJános Konrád bagwetshwa intambo. UMzalwan’ u-András Pilling wagwetshwa ukudilikelwa ijele, umyeni wami yena wagwetshwa iminyaka engu-12 ebhadla ejele. Icala labo? Umshushisi wayebabeke icala lokuvukela umbuso, ukwenqaba ukuya empini, ukuba yizinhloli nokugxeka isonto elingcwele. Kamuva izigwebo zentambo zashintshwa zaba ukudilikelwa ijele.

Ukulandela Umyeni Wami

Ngemva kwezinsuku ezimbili uTibor eye kulowo mhlangano eDebrecen, ngavuka ngaphambi kwehora lesithupha nga-ayina izingubo zethu. Kungazelelwe, ngezwa kungqongqozwa kakhulu emnyango. ‘Sebelapha,’ ngicabanga. Kwangena amaphoyisa ayisithupha angitshela ukuthi anemvume yokusesha. Saboshwa sonke ekhaya sayiswa esiteshini samaphoyisa, ngisho nendodana yethu eneminyaka emithathu. Ngalo lolo suku sayiswa ejele ePétervására, eHungary.

Uma sifika lapho, ngangenwa imfiva ngase ngihlukaniswa nezinye iziboshwa. Lapho ngilulama, kwakunamasosha amabili esitokisini sami, ephikisana ngami. “Kumelwe simdubule! Ngizomdubula mina!” kusho elinye. Kodwa elinye lalifuna ukuhlola isimo sempilo yami ngaphambi kokuba benze okuthile. Ngawancenga ukuba angangibulali. Ekugcineni aphuma esitokisini, ngabonga uJehova ngokungisiza.

Onogada babenendlela ekhethekile yokuphenya umuntu. Bathi angilale phansi ngesisu, bangifaka amasokisi emlonyeni, bangibopha izandla nezinyawo base bengibhaxabula ngesiswebhu ngaze ngopha. Baze bayeka lapho elinye lamasosha lithi selikhathele. Bangibuza ukuthi umyeni wami wayeyohlangana nobani ngosuku aboshwa ngalo. Angizange ngibatshele, ngakho ukushaywa kwaqhubeka izinsuku ezintathu. Ngosuku lwesine, ngavunyelwa ukuyisa indodana yami kumama wami. Lishubisa umnkantsha, ngateta umntwana wami emhlane owawunamanxeba futhi ngahamba amakhilomitha angu-13 ngiya esiteshini sesitimela. Ukusuka lapho, ngaqhubeka ngaya ekhaya ngesitimela, kodwa kwakumelwe ngibuyele ekamu ngalo kanye lolo suku.

Ngagwetshwa iminyaka eyisithupha ejele laseBudapest. Lapho ngifika, ngezwa ukuthi noTibor wayelapho. Yeka indlela esajabula ngayo lapho sivunyelwa ukuba sixoxe, nakuba kwakuyimizuzu embalwa, nakhona sihlukaniswe uthango lwensimbi! Saluzwa uthando lukaJehova futhi saqiniswa yilezi zikhathi eziyigugu. Ngaphambi kokuba sibuye sibonane, sobabili sabhekana nezilingo ezihlasimulisayo, ngokuphindaphindiwe sisinda ngokulambisa ekufeni.

Ukuphuma Ngingena Emajele

Sasingodade abacishe babe ngu-80, siminyene esitokisini esisodwa. Sasikulangazelela ukudla okungokomoya, kodwa kwakubonakala kungenakwenzeka ukungenisa noma yini ejele. Sasingakuthola yini okuthile ngaphakathi ejele? Ake ngikutshele lokho esakwenza. Ngacela ukuthunga amasokisi omabhalane basejele. Kwelinye lala masokisi, ngafaka isiqeshana sephepha elalinesicelo senombolo yeBhayibheli emtatsheni wezincwadi wasejele. Ukuze kungasoleki, nganezela nezinye izincwadi ezimbili.

Ngakusasa, ngathola esinye isijumba samasokisi sivela komabhalane. Kwelinye lawo kwakunempendulo. Ngabe senginika unogada lezi zinombolo ngacela izincwadi. Yeka injabulo esaba nayo lapho sizithola lezo zincwadi, kuhlanganise neBhayibheli! Zonke lezi ezinye izincwadi sasizishintsha masonto onke, kodwa iBhayibheli sasiligcina. Lapho unogada esibuza ngalo, njalo sasithi: “Liyincwadi enkulu, futhi wonke umuntu ufuna ukulifunda.” Ngaleyo ndlela sakwazi ukufunda iBhayibheli.

Ngolunye usuku, isikhulu sangibizela ehhovisi laso. Sabonakala sinenhlonipho engajwayelekile.

“Nkosikazi Haffner, ngikuphathele izindaba ezinhle,” sisho. “Ungahamba uye ekhaya. Mhlawumbe kusasa. Ungahamba nanamuhla, uma isitimela sikhona.”

“Kungaba kuhle kakhulu lokho,” ngiphendula.

“Ngempela, kungaba kuhle,” sisho. “Unomntwana, futhi ngikholelwa ukuthi ufuna ukumkhulisa.” Sabe sesenezela, “Mane nje usayine le ncwadi.”

“Incwadi yani leyo?” ngibuza.

“Ungakhathazeki ngayo,” siphikelela. “Sayina nje kuphela, bese uyahamba.” Sabe sesithi: “Uma ususekhaya, ungenza noma yini oyithandayo. Kodwa okwamanje kumelwe usayine ukuthi uyayeka ukuba omunye woFakazi BakaJehova.”

Ngahlehla futhi ngenqaba ngokuqinile.

“Ngakho-ke uzofela la!” sisho siklabalasa futhi singixosha.

Ngo-May 1943, ngayiswa kwelinye ijele eBudapest, kamuva ngayiswa edolobhaneni laseMárianosztra, lapho sahlala khona nezindelakazi ezingaba ngu-70 esigodlweni sazo. Naphezu kokulamba nobunye ubunzima, sasikulangazelela ukuhlanganyela nazo ithemba lethu. Enye yezindelakazi yabonisa isithakazelo esiqotho esigijimini sethu futhi yathi: “Zimnandi lezi zinto. Angikaze ngikuzwe okunje. Ngicela ningitshele okwengeziwe.” Samtshela ngezwe elisha nangokuphila okuyojatshulelwa kulo. Sisaxoxa, kwafika umama ophethe izindelakazi (mother superior). Ngokushesha le ndelakazi eyayinesithakazelo yathathwa, yakhunyuliswa izingubo zayo futhi yashaywa kabuhlungu ngesiswebhu. Lapho siphinda sihlangana nayo, yasincenga: “Ngicela ningithandazele ukuba uJehova angikhulule ngiphume kule ndawo. Ngifuna ukuba ngomunye wenu.”

Indawo elandelayo esayiswa kuyo kwakuyijele elidala eKomárom, idolobha elingaseMfuleni iDanube, elicishe libe ngamakhilomitha angu-80 entshonalanga yeBudapest. Izimo zokuphila zazizimbi kakhulu. Njengoba kwenzeka nakwabanye odade, ngaba nesifo sezintwala, ngiphalaza igazi futhi ngaba buthakathaka kakhulu. Sasingenayo imithi, futhi ngangicabanga ukuthi sengizofa. Kodwa ngaleso sikhathi izikhulu zazifuna umuntu ongasebenza ehhovisi. Odade bakhomba mina. Ngakho nganikezwa imithi futhi ngalulama.

Ukuhlangana Nomkhaya Wami Futhi

Njengoba ibutho laseSoviet lalingena ngasempumalanga, saphoqeleka ukuba siye entshonalanga. Kungaba indaba ende ukuchaza zonke izinto ezixhaphazelisa amathumbu esabhekana nazo. Kaningi ngangilengela egodini, kodwa ngesivikelo sikaJehova ngasinda. Lapho impi iphela, sasiseTábor, idolobha laseCzech, eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-80 ukusuka ePrague. Kwasithatha amasonto amathathu ukuba mina nodadewabo myeni wami, uMagdalena, sifike ekhaya eLučenec, ngo-May 30, 1945.

Ngisekude ngabona umamezala wami nendodana yami ethandekayo, uTibor, besegcekeni. Ngihlengezela izinyembezi, ngamemeza, “Tibike!” Wagijima eza kimi waziphonsa kimi. “Ngeke uphinde uhambe mama, angithi?” Lawo ngamazwi okuqala awasho kimi, futhi ngeke ngiwakhohlwe.

UJehova waba nomusa nakumyeni wami, uTibor. Esuka ejele laseBudapest, wathunyelwa ekamu lokuhlushwa eBor, kanye nabanye abazalwane abangaba ngu-160. Kaningi babelengela egodini, kodwa njengeqembu basinda. UTibor wabuya ekhaya ngo-April 8, 1945, sekusele inyanga eyodwa ukuba ngikhululwe.

Ngemva kwempi, sasisawadinga amandla kaJehova ukuze sisinde kuzo zonke izilingo ezaziseza ezathatha iminyaka engu-40 ngaphansi kobuKhomanisi eCzechoslovakia. UTibor wabuye wagwetshwa isikhathi eside ejele, futhi kwadingeka nginakekele indodana yethu ngaphandle kwakhe. Esekhululiwe, uTibor waba umbonisi ojikelezayo. Phakathi nokubusa kwamaKhomanisi okwathatha iminyaka engu-40, sasisebenzisa wonke amathuba ukuze sihlanganyele nabanye ukholo lwethu. Sasiza abaningi ukuba bafunde iqiniso. Ngenxa yalokho baba abantwana bethu abangokomoya.

Yeka injabulo okwaba yiyo lapho sithola inkululeko engokwenkolo ngo-1989! Ngonyaka olandelayo, ngemva kwesikhathi eside, saba khona emhlanganweni wokuqala wesigodi owawusezweni lakithi. Lapho sibona izinkulungwane zabafowethu nodadewethu abalondoloza ubuqotho babo amashumi eminyaka, sabona ukuthi uJehova wayengumthombo wamandla kubo bonke.

Umyeni wami othandekayo, uTibor, washona ngo-October 14, 1993, ethembekile kuNkulunkulu, futhi manje ngihlala eduze kwendodana yami eŽilina, eSlovakia. Angisenamandla, kodwa ngokomoya ngiqinile ngenxa yamandla kaJehova. Angingabazi ukuthi ngamandla akhe ngingakhuthazelela noma yiluphi uvivinyo kulesi simiso esidala sezinto. Ngaphezu kwalokho, ngibheke phambili, lapho ngomusa kaJehova ongafanelwe, ngiyophila khona phakade.

[Isithombe ekhasini 20]

Indodana yami uTibor, Jr., (ineminyaka engu-4) okwadingeka ngiyishiye

[Isithombe ekhasini 21]

UTibor, Sr., nabanye abazalwane eBor

[Isithombe ekhasini 22]

NginoTibor noMagdalena, udadewabo myeni wami, ngo-1947, eBrno

[Izithombe ekhasini 23]

Kaningi ngangilengela egodini, kodwa ngesivikelo sikaJehova ngasinda