Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Sifuna Ukukwazi Ukuthi, ‘Yebo!’”

“Sifuna Ukukwazi Ukuthi, ‘Yebo!’”

“Sifuna Ukukwazi Ukuthi, ‘Yebo!’”

MUVA nje igatsha loFakazi BakaJehova eNigeria lithole incwadi enengxenye ethi:

“Indodana yethu, u-Anderson, yashona ineminyaka engu-14 ubudala. Ngaphambi kokuba u-Anderson ashone, wayekhulisa izinkukhu ezimbili. Wayefuna ukuzithengisa abese ethumela leyo mali ehhovisi legatsha anikelele umsebenzi wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke. Kodwa washona zingakathengiswa.

“Ngenxa yaleso sifiso sakhe, thina bazali bakhe, sazikhulisa lezi zinkukhu sazithengisa. Sinithumelela leyo mali njengomnikelo ka-Anderson. Ngenxa yesithembiso sikaJehova, siyaqiniseka ukuthi ngokushesha—ngokushesha kakhulu—sizombona futhi u-Anderson. Sifuna ukukwazi ukuthi, ‘Yebo!’ lapho esebuza ukuthi sakwenza yini lokho ayekufisa. Ngempela, akuyena u-Anderson kuphela esimagange ngokumbona, simagange nangokubona ‘ifu elikhulu lofakazi’ abazovuswa.”—Hebheru 12:1; Johane 5:28, 29.

Njengoba kubonakala ngokucacile kule ncwadi engenhla, ukukholelwa ovukweni yithemba elisekela amaKristu eqiniso. Yeka injabulo izigidi zemikhaya eziyoba nayo lapho, njengomkhaya wakubo ka-Anderson, zamukela izihlobo zazo ezazephucwa ukufa!—1 Korinte 15:24-26.

IZwi likaNkulunkulu lithi leli themba eliduduzayo lovuko lingenye yezinto ezimangalisayo ezizokwenzeka ngokushesha ezweni elisha ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. (2 Petru 3:13) Lapho likhuluma ngalokho uNkulunkulu azokwenzela abantu ngaleso sikhathi, iBhayibheli lithi: “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:4.